Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lmd isif. 5
  • Ikhono Lokungacasuli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhono Lokungacasuli
  • Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho UPawulu Akwenza
  • Sifundani KuPawulu?
  • Lingisa UPawulu
  • ‘Funani UNkulunkulu, Nimthole Ngempela’
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Thobeka
    Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Ubabheka Kanjani Abantu Abasensimini Okuyo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ubani Esingamlindela Ukuba Alethe Ukulunga Kweqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
Thanda Abantu—Wenze Abafundi
lmd isif. 5

UKUQALA INGXOXO

The apostle Paul reasoning with people of Athens.

IzEnzo 17:22, 23

ISIFUNDO 5

Ikhono Lokungacasuli

Isimiso: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa.”—Kol. 4:6.

Lokho UPawulu Akwenza

Umphostoli uPawulu ubonisana nabantu base-Athene.

IVIDIYO: UPawulu Ushumayeza Abase-Athene

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde izEnzo 17:22, 23. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1. Wazizwa kanjani uPawulu ngemikhuba yenkolo yamanga ayibona e-Athene?—Bheka izEnzo 17:16.

  2. Kunokuba abahlulele njengabantu ababi abase-Athene, uPawulu wazisebenzisa kanjani izinkolelo zabo ngendlela engeke ibacasule ukuze abaxoxele izindaba ezinhle?

Sifundani KuPawulu?

2. Maningi amathuba okuba abantu basilalele uma sikukhetha kahle esikushoyo nokuthi sikusho nini futhi kanjani.

Lingisa UPawulu

3. Kucabange kahle ozokusho. Ngokwesibonelo, lapho uxoxa nomuntu ongeyena umKristu, kungase kudingeke ushintshe indlela owethula ngayo iBhayibheli noma kungase kudingeke uJesu umbize ngesinye isiqu.

4. Ungajahi ukukulungisa akushoyo umuntu. Myeke umuntu akhulume ngokukhululekile. Uma esho okuthile okuphambene nokufundiswa iBhayibheli, ungaphikisani naye. (Jak. 1:19) Uma umlalela, uzothola ukuthi yini ayikholelwayo nokuthi kungani eyikholelwa.—IzAga 20:5.

5. Lapho kufaneleka, vumelana naye futhi umncome. Kungenzeka ukuthi yena uqiniseka ngempela ukuthi akukholelwayo kuyiqiniso. Zama ukuba nixoxe ngento enivumelana ngayo kuqala, ngemva kwalokho umsize kancane kancane ukuba aqonde lokho okufundiswa iBhayibheli.

BHEKA NALE MIBHALO

IzAga 25:15; 2 Thim. 2:23-26; 1 Pet. 3:15

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela