Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lmd isif. 10
  • Zimisele Ukusiza Abantu Babe Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zimisele Ukusiza Abantu Babe Abafundi
  • Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho UJesu Akwenza
  • Sifundani KuJesu?
  • Lingisa UJesu
  • Funda Isifundo KuNikodemu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ufundisa UNikhodemu Ebusuku
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukufundisa UNikodemu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indlela Yokusiza Omfundela IBhayibheli Athuthuke Aze Abhapathizwe​—Ingxenye 1
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
Thanda Abantu—Wenze Abafundi
lmd isif. 10

UKWENZA ABAFUNDI

Jesus and Nicodemus conversing at night in a courtyard.

Joh. 3:1, 2

ISIFUNDO 10

Zimisele Ukusiza Abantu Babe Abafundi

Isimiso: “Sasizimisele ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa nathi uqobo, ngoba nathandeka kakhulu kithi.”—1 Thes. 2:8.

Lokho UJesu Akwenza

UJesu noNikhodemu bayaxoxa ebusuku egcekeni.

IVIDIYO: UJesu Ufundisa UNikhodemu

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 3:1, 2. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1. Yini okungenzeka yenza uNikhodemu wakhetha ukuya kuJesu ebusuku?—Bheka uJohane 12:42, 43.

  2. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uzimisele ukwenza abafundi?

Sifundani KuJesu?

2. Ngokuzimisela ukusiza abantu babe abafundi, sibonisa ukuthi siyabathanda.

Lingisa UJesu

3. Fundani ngesikhathi nasendaweni evumelana nomfundi. Angase athande ukufunda ngosuku oluthile noma ngesikhathi esithile. Ingabe angathanda ukufundela emsebenzini, ekhaya noma endaweni yomphakathi? Uma izimo zivuma, shintsha izinhlelo zakho zivumelane nesikhathi nendawo ayikhethile.

4. Fundani njalo. Uma uzobe ungekho, akusho ukuthi kufanele singaqhutshwa isifundo. Cabanga ngale mibuzo:

  1. Ningafunda yini ngolunye usuku kulelo viki?

  2. Ningafunda yini ngefoni noma ngevidiyo?

  3. Ungamcela yini omunye ummemezeli ukuba afunde naye?

5. Thandazela ukuba nombono omuhle. Cela uJehova akusize uhlale uzimisele ukufundela umfundi, ngisho noma ekuthola kunzima ukufunda njalo noma ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. (Fil. 2:13) Cishe umuntu ofunda naye unezimfanelo eziningi ezinhle, cela uJehova akusize ugxile kuzo.

BHEKA NALE MIBHALO

IzAga 3:27; IzE. 20:35; 2 Kor. 12:15

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela