Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe ukujabulele ukufunda omagazini bamuva nje beNqabayokulinda? Ake uzihlole ukuthi usawakhumbula yini amaphuzu alandelayo:
◼ Izigidi zamaKatolika namaProtestandi ngokufanayo ziphucwe kanjani ithemba leBhayibheli leminyaka eyinkulungwane?
Ngokungena kwemfundiso yamaGreki yokungafi komphefumulo, amaKristu ahlubukayo ashintsha “ipharadesi” ekubeni indawo yasemhlabeni alenza indawo yasezulwini kanjalo alahla ithemba leminyaka eyinkulungwane. Ukuhlubuka okufanayo kwenzeka phakathi kwamaJuda ngaphambi kweSikhathi Sethu Esivamile. Ithemba lawo lovuko lathathelwa isikhundla ukucabanga kokungafi komphefumulo kwamaGreki.—10/1, kk. 12, 13.
◼ Izinkinga ekuphileni komKristu zingaba kanjani isikhuthazo kuye?
Lapho umKristu ebhekene nezinjalo izinkinga zansuku zonke njengokwenyuka kwamanani, ukungcola nokugula futhi esebenzisa iseluleko seBhayibheli esingenakulinganiswa nalutho, ubona indlela esisebenza ngayo ngempela. Lona umthombo omkhulu wokukhathazeka kuye futhi kumfundisa ukuthembela njalo ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu kunokwakhe. (IHu. 119:105)—10/15, k. 8
◼ Kukanjani umsebenzi wendlu ngendlu uyisibusiso esivela kuJehova?
Ukuchitha isikhathi ushumayela endlini ngendlu kusebenzela ukuvikela uFakazi kaJehova owumKristu ekulingweni yizwe. (1 Joh. 2:15, 16) Ngokuhlanganyela kulomsebenzi wenza okuhle kwabanye futhi ufunda ukuba nozwela ngokwengeziwe nokuba nesihawu. Futhi uzibekela ingcebo ezulwini, enza uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abangane bakhe. (Math. 6:19-21; Luka 16:9) Uhlakulela intobeko.—5/15, kk. 10, 11.
◼ Imiphi imibuzo yomuntu siqu engase ihlole ukholo lwethu kuhulumeni woMbuso kaNkulunkulu?
Thina siqu silibheka kanjani lelizwe? Ingabe sizibona sinjengaba‘fokazi’ ne‘zihambi’ kulona? Ingabe abanye emphakathini wethu basibheka njengabahlukile? Ingabe singazibona yini ngokwethu sinjengezikhonzi zesikhathi esizayo zikahulumeni kaNkulunkulu? Ingabe siwutshela abanye ngokwethembeka?—11/1, kk. 12, 23.
◼ Kungani kuwukuhlakanipha ukuziphatha njengabancinyane?
IBhayibheli libonisa ukuthi inkambo enjalo yokuhlakanipha ibangela ubuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu, amaKristu esikanye nawo namalungu omkhaya wethu siqu. Futhi, ukunikeza abanye ilungelo lokukhetha izinzuzo kwenezele enjabulweni yethu ekuphileni. (IzE. 20:35)—11/15, k. 27.
◼ Ngokungafani nabaningi, kungani oFakazi bakaJehova bengalahlekelwa ukholo lapho besemakamu okuhlushwa?
Ukwethembela kwabo okuphelele kuNkulunkulu naseZwini lakhe kwabanikeza izindinganiso zokuba baphile ngazo, usuku ngalunye. Kwabasiza ukuze bagcine ukulinganisela okungokwengqondo nokungokomzwelo, kanjalo bavikele impilo yabo ekubeni inqotshwe ukukhathazeka namandla abo aqedwe usizi.—12/1, k. 12.
◼ UNkulunkulu angaba kanjani semshadweni wakho?
Imfihlakalo ikumngane ngamunye nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu, ibonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezinjengomusa, ukuthethelela nokubekezela.—12/15, kk. 12-16
◼ Kungani umprofethi uMika eyisibonelo esihle koFakazi BakaJehova namuhla?
UMika wayengebuthakathaka ngokomoya. Wayegcwele amandla angokomoya, ekhomba isono njengesono. Igama lakhe, elisho ukuthi “Ngubani onjengoJah?” lalivumelana nesigijimi sakhe esibeka inselele yokwahlulela bonke onkulunkulu bamanga. (Mika 3:8)—1/1, kk. 9-11.