Ingabe Ngempela Liyaziphikisa?
‘UADAMU noEva babenamadodana amabili, uKayini noAbela. UKayini wabulala uAbela futhi kamuva wathatha umfazi. Wamtholaphi umkakhe?’ Ingabe wake wawuzwa lombuzo? Kungenzeka ukuthi uvame kakhulu ukuphakanyiswa abantu abathi iBhayibheli liyaziphikisa. Uyayazi impendulo?
IBhayibheli lisitshela ukuthi uAdamu noEva babenabantwana abaningi, bengebabili nje kuphela. “Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.” (Gen. 5:4) Unalokho kwaziswa, ubungathi uKayini wamthola kuphi umkakhe? Yebo, kumelwe ukuba washada nomunye wodadewabo. Namuhla lokhu kungase kube ingozi kunoma ibaphi abantwana abazalwe abazali abahlobene eduze kanjalo. Kodwa eduze nasekuqaleni komlando womuntu, lapho isintu sasisasondele kakhulu ekupheleleni, kwakungeyona inkinga.
Lombuzo ubonisa esinye isizathu sokuba aba nye bacabange ukuthi iBhayibheli liyaziphikisa: abanawo onke amaqiniso. Uma benokuqonda okuphelele, lokhu okubonakala sengathi kuwukuziphikisa kuyanyamalala.
Abanye abantu bakhomba izindaba ezihlukene zeBhayibheli zesehlakalo esifanayo bese bethi kunokuphikisana. Ngokwesibonelo, kuMathewu 8:5, 6 siyatshelwa: “Kwathi [uJesu] esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufé uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ubuhlungu.” Khona-ke yacela usizo lukaJesu. Nokho, indaba efanayo kuLuka ithi: “Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye [uJesu], imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.” (Luka 7:3) Enye indaba ithi induna uqobo lwayo yamcela, kanti enye ithi yayimelelwe amalunga amaJuda.
Ingabe lokhu kubonakala kuphikisana? Uma kunjalo, khona-ke cabanga okushiwo kuzEnzo 7:47. Lapho sitshelwa ukuthi iNkosi uSolomoni yakhela uJehova ithempeli eJerusalema. Manje-ke, ingabe umbhali wayesho ukuthi uSolomoni walakha ithempeli ngokwakhe? Noma umsebenzi ngokwawo wawenziwa abantu abaningi, kodwa uSolomoni engumgunyazi nomhleli wawo? Ngempela, okwamuva yikhona okuqondile. Ngokufanayo, lendoda yempi yakhuluma noJesu, kodwa yakwenza lokho ngezithunywa ezingamaJuda. Akukho kuphikisana kulezindaba ezimbili. Kuphela nje zinikeza isehlakalo esifanayo ngendlela ehlukene.
Kuningi okubizwa ngokuthi ukuphikisana okufana nalokhu. Kodwa eqinisweni kuyizibonelo zokubika isehlakalo esifanayo ngezindlela ezihlukene. Uma bonke ababhali beBhayibheli babesho into efana nsé, kwakungabonisa ngokuqinisekile ukuthi omunye wayebonele komunye. Iqiniso lokuthi babhala ngezindlela ezihlukene lifakazela ukuthi kwakungekho buqili, kanti iqiniso lokuthi bonke babelandisa indaba efanayo ngokwesisekelo libonisa ukuthi bakhuluma iqiniso.
INGABE IBHAYIBHELI LINGOKWESAYENSI?
Ngezinye izikhathi inkinga iba kulokho abantu abacabanga ukuthi iBhayibheli liyakusho. Ngokwesibonelo, ngo-1633 iSonto lamaKatolika lajezisa uGalileo ngoba ethi umhlaba uzungeza ilanga. Ngokukamagazini iNewsweek, manje lokhu bakubheka njengephutha elibangela amahloni. Kungani benza iphutha. Isizathu esisodwa esinikezwe kuNew Catholic Encyclopedia sithi imfundiso entsha kaGalileo yaphikisa iBhayibheli. Ngamanye amazwi, hhayi kuphela iSonto lamaKatolika kodwa iBhayibheli, nalo lalidukile. Ingabe lokhu kuqondile?
Impendulo inguQha. IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi. Injongo yalo eyinhloko iwukusitshela ngoNkulunkulu, izinjongo zakhe nokuphatha kwakhe isintu. Kodwa akusikho ukuthi alilona elingokwesayensi. Ngesinye isikhathi lisho izinto eziphathelene nemithetho yemvelo, futhi ngokuvamile elikushoyo kuyafana nesikutshelwa ososayensi namuhla. Pho, kungani iSonto lamaKatolika lalinomuzwa wokuthi izimfundiso zikaGalileo zaziphikisa iBhayibheli?
NgokweNew Catholic Encyclopedia, indaba eyodwa engokomBhalo abakhomba kuyo isencwadini kaJoshuwa. Lapho sifunda ukuthi kwesinye isehlakalo amaIsrayeli ayelwa futhi ahlula izitha zawo, kodwa ukuhlwa kwabonakala kuzowaphazamisa ekunqobeni ngokuphelele. Ngakho uJehova, ngesimangaliso esikhulu, walwelula usuku ukuze aqede ukunqoba kwawo. Umbiko uthi: “Lase lima ilanga, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindisela ezitheni zabo.”—Josh. 10:13.
Ingabe lombhalo uthi umhlaba awulizungezi ilanga? Noma abathethi becala babeqisa ekuwusebenziseni kwabo? Ngokuqinisekile, umbhali weBhayibheli lapha wayengahlosile ukunikeza indaba engokwesayenzi ngokuhamba kwamaplanethi. Kunalokho, usitshela lokho amaIsrayeli akubona. Abona ilanga limi ezulwini—kungenzeka lokhu kwenziwa ukuphazamisa kukaJehova ukujikeleza komhlaba noma ngenye indlela ethile.
Ngokufanayo nanamuhla, sithi ilanga liphuma ekuseni lishone ntambama. Ingabe lokhu kusho ukuthi asikholelwa ukuthi umhlaba uzungeza ilanga? Ngempela akunjalo? Simane sichaza izinto ezenzekayo njengoba zibonakala kithi.
Ngakho-ke, izinkinga zikaGalileo azibangelwanga okwashiwo iBhayibheli. Kunalokho, zivela kulokho abantu abakwenezela eBhayibhelini.
Okunye ukungaqondisisi kubonakala encwadini iWorld Without End, kaRoger Pilkington. Umlobi uthi: “Bonke ababhali beTestamente Elidala babheka uMhlaba njengesicaba.” Nalapha futhi, iBhayibheli lenziwe labonakala liphikisa isayensi. Ingabe kunjalo?
Cabanga ngemibhalo emibili ephethe izincazelo ngomhlaba. Omunye uthi: “[UNkulunkulu] welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.” (Jobe 26:7) Omunye uthi: “[UNkulunkulu] nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba.”—Isaya 40:22.
Lemibhalo ayibhalelwanga ukuze kwenziwe isifundo sesayensi. Injongo yayo kwakuwukusisiza ukuba sazise ubukhulu bobuNkulunkulu bukaJehova. Kodwa ubungathi umqondo ewunikayo—womhlaba oyisiyingelezi ophanyekwe ezeni—awusiwo owesayensi. Kunalokho, kuwukuchaza okumangalisayo lokho kanye abaya enyangeni abakubonayo uma behamba emkhathini. UMnu. Pilkington ngokusobala wayenephutha lapho ethi: “Bonke ababhali beTestamente Elidala babheka uMhlaba njengesicaba.”
KUTHIWANI NGEZINGANEKWANE?
Abanye abantu banezinkinga ngoba ezinye izindaba zeBhayibheli zibonakala zingajwayelekile kulelikhulu lama-20 lezesayensi. Namuhla, akukho muntu ohamba phezu kwamanzi, osuthisa izinkulungwane ngezinkwa nezinhlanzi ezimbalwa, ovusa abafileyo noma ophilisa iziguli ngokushesha. Ngakho-ke, labantu banomuzwa wokuthi izindaba zezinto ezinje eBhayibhelini kumelwe ukuba ziyizinganekwane.
Nokho, iBhayibheli alisho ukuthi izimangaliso zazenzeka usuku nosuku kulezozinsuku. ‘Zaziyizimangaliso nezibonakaliso’ ezethusayo futhi zingalindelwe zibonisa ukuthi uNkulunkulu wayeyisekela ngempela inceku yakhe uJesu. (IzE. 2:22) Abantu abaningi kulesosikhathi babeyizifundiswa, futhi benza njengoba nathi singenza lapho bebona uJesu enza isimangaliso noma omunye wabalandeli bakhe ngamandla omoya oyingcwele kaNkulunkulu. Be“thuka” noma “behlelwa ukwesaba.”—Math. 9:8; IzE. 3:10.
Kuyaphawuleka ukuthi ngisho nezitha zikaJesu aziphikanga ukuthi wenza izimangaliso. Zazingabaza umthombo wamandla akhe. Zayixosha ebandleni indoda eyayiyimpumputhe eyavulwa amehlo uJesu. Kanti futhi zazama ukubulala indoda ayeyivusile. Kodwa zazimelwe zivume ukuthi izimangaliso zona zenzeka.—Math. 12:24; Joh. 9:30-34; 11:43-53; 12:9, 10.
Ngokungaphezulu, amakhulu abantu abona uJesu ephilile emva kokuba ebulewe phambi kwabantu bonke ngababulali ababeqeqeshiwe bamaRoma. Abanye babhala ngemizwa yabo emibhalweni esingayifunda namuhla. Kwathinta abaningi babo kangangokuba ukuphila kwabo kwashintsha ngokuphelele. Manje babezimisele ukuba bafele ukholo lwabo. Ingabe inganekwane, noma into eqanjiweyo, yayingaba nomphumela onjalo?
Iqiniso, izinto ezinjalo azenzeki namuhla. Kodwa ake ucabange uma wawungakwazi ukukhuluma nabantu ababephila osukwini lukaJesu, futhi ubatshele ukuthi ubone umuntu ehamba enyangeni, nokuthi ungakhuluma nabantu abaphila kwenye ingxenye yomhlaba, nokuthi wena noma abangane bakho baye bandiza emoyeni, nokuthi kunemishini ekhona ekwazi ukuthwebula izinto yenze ukubala okuxakile kwezibalo. Babengathini? Babengathi uwumxoxi wezinsumansumane! Izinto ezinjalo azizange zenzeke osukwini lukaJesu.
Kodwa ulwazi lwanamuhla lwenza izimangaliso ezinjalo zenzeke. Futhi ngokuqinisekile, ukuba-khona kukaMninimandla onke uNkulunkulu kwenza zonke izimangaliso ezilotshwe eBhayibhelini zibe yinto engenzeka ngokufanayo.
UNGALIKHOLELWA
Umbhali owahlola okuningi okuthiwa ukuphikisana ne“zinkinga” zeBhayibheli wafinyelela kulesisiphetho: “Uma sicabanga ngobucwazicwazi boqobo beBhayibheli namandla ethonya lalo eminyakeni eminingi, ‘amaphutha’ okumbangcaza lawo abangabazayo abathemba ukuwaveza kulo aphelela ezeni.” (Does Inspiration Demand Inerrancy? nguStewart Custer) Lokhu kuyiqiniso. Ngokungaphezulu, uma onke amaqiniso etholakala, “amaphutha” abonakala engewona amaphutha.
Umbhali wezindatshana waseAustralia wavuma ukuthi “wayenengqondo enenzondo ngenkolo” uma kuziwa eBhayibhelini. Khona-ke wathi: “Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami ngenza lokho ngokuvamile okungumsebenzi wokuqala wombiki: ngahlola amaqiniso ami. . . . Futhi ngangenwa ingebhe, ngoba engangikufunda [ezindabeni zeVangeli] kwakungeyona inganekwane futhi kwakungeyona indaba eqanjiweyo. Kwakulandiswa iqiniso indaba yokuzibonela nokuzwa ngezehlakalo ezingavamile, futhi ngezinye izikhathi—njengakuLuka—ukuqoqelwa ndawonye kobufakazi bemibhalo yeqiniso nemiphumela yokuxoxa nofakazi bokuzibonela. Ukulandisa kuyanambitheka, futhi lokho kunambitheka kuseVangelini.”
Sikukhuthaza ukuba ulandele isibonelo salendoda futhi ‘uhlole amaqiniso.’ Funda iNcwadi futhi uziyise “ebuhleni boqobo beBhayibheli.” Uyothola ukuthi iBhayibheli akusikho ukuthi ‘alivumelani, alinakuhlakanipha noma alihlabi mxhwele.’ Liwukulandisa okuhlaba umxhwele kokusebenzelana kukaNkulunkulu nesintu kusukela ekuqaleni. Lithinta izinkinga zanamuhla futhi linikeza iseluleko esisizayo kwabaningi ukuba baphumelele ekuphileni. Ngokungaphezulu, linesigijimi sekhulu lama-20 esingenakuhlala singanakwa abafuna ithemba leqiniso nenjongo ekuphileni.
Uma uthola kunzima ukuqonda iBhayibheli, oFakazi BakaJehova bayojabulela ukukusiza ukuba uthole ulwazi eliluqukethe. Yebo, amazwi kaJohn Quincy Adams aseyiqiniso: “IBhayibheli liyincwadi yabo bonke, ukuba ifundwe kuzo zonke izinkathi.” Liseyincwadi yokuba ikholelwe futhi ilandelwe, futhi ikakhulukazi kulelikhulu lama-20 labangabazayo.
[Isithombe ekhasini 4]
UKAYINI WAMTHOLAPHI UMKAKHE?
[Isithombe ekhasini 5]
INGABE IBHAYIBHELI LITHI ILANGA LIZUNGEZA UMHLABA?
[Isithombe ekhasini 6]
INGABE IZIMANGALISO ZENZEKA NGEMPELA—NOMA KWAKUMANE KUYIZINGANEKWANE?
[Isithombe ekhasini 7]
UMUNTU UYE WENZA LOKHU. OKUKHULU KANGAKANANI-KE UNKULUNKULU ANGAKWENZA!