IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Qaphela Uthando Olusekelwe Enkanukweni Kuphela
UNKULUNKULU UMNINIMANDLA ONKE wafaka endodeni nakowesifazane ukukhangana okumangalisayo. Kodwa lapho lokhu kukhangana kunganqandwa, ngokuvamile kuba khona izinhlekelele zangempela. Lokhu kuboniswa endabeni ka-Amnoni, indodana yeNkosi uDavide.
UAmnoni waba nothando olujulile ngodadewabo ngamzali munye uTamari. Imizwa yakhe yayinamandla kangangokuba lwalumgulisa. Kodwa wakhathazeka ngoba wayengakwazi ukusondela kuTamari. Lapho umfowabo ka-Amnoni uJonadaba (kayise omkhulu) ezwa ukuthi uAmnoni wayemthanda kangakanani uTamari, wamtshela ukuthi: “Zishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise.”
Nokho uDavide, wenza njengokucela kuka-Amnoni. UTamari, futhi njengoba ubona, walungisela uAmnoni ukudla okuthile. Nokho, lapho ekuyisa kuyena, wenqaba ukukudla. Wathi: ‘Khipha bonke abantu.’ Abantu endlini kungenzeka bacabanga ukuthi uAmnoni wayegula kangangokuba wayengafuni-bantu, futhi bonke baphuma kwasala yena noTamari.
Manje uAmnoni wathi: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” Njengoba ekuletha, uAmnoni wambamba futhi wathi: “Woza ulale nami.” Kodwa uTamari wazama ukubaleka. Nokho, uAmnoni wayenamandla kunaye, wamphoqelela. Kwase kwenzekani? Ingabe lokhu kwenza uthando luka-Amnoni ngoTamari lube namandla kakhulu?
Cha, umphumela wawungokuphambene nje. UAmnoni waqala ukuzonda uTamari ngaphezu kokuba ayemthanda. Ngakho wathi kuye: “Vuka uhambe.” Lapho enqaba ukuhamba, wabiza inceku yakhe eyayisebenza kuye wathi: “Khiphela phandle lowesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.” Kodwa indaba yayingapheleli lapho.
UTamari waklebhula ingubo yakhe, wazithela ngomlotha ekhanda, wahamba ekhala. Lapho umfowabo endlini yinye uAbisalomu embona, wezwa ukuthi uAmnoni wayenzeni. Lokhu kwabangela ukuba uAbisalomu amzonde uAmnoni, futhi walinda ukuze aphindisele kuAmnoni ngokuphoqa uTamari.
Eminyakeni emibili kamuva uAbisalomu wamemela onke amadodana eNkosi uDavide edilini. Kodwa uAbisalomu watshela izinceku zakhe: ‘Lapho uAmnoni esephuze kakhulu, nimbulale.’ Futhi ilokho kanye abakwenza ngokuyalwa uAbisalomu. Ngemva kwalokho uAbisalomu weqa ezweni. Ngakho-ke, uyabona yini ukuthi inkathazo engakanani eyaba khona ngenxa yokuba uAmnoni engazange athibe inkanuko yakhe yokuthatheka ngoTamari omuhle?—2 Samuweli 13:1-38.
Ukukhanga okumangalisayo phakathi kobulili obuhlukene yisibusiso sangempela, sinezela injabulo ekushelaneni nasemshadweni. Nokho, lapho isifiso sobulili singathitshwa, ukuzala okungemthetho, ukukhishwa kwezisu nesifo sokubhajwa, kungasaphathwa ezinye izinkinga eziningi, kuvamise ukwenzeka. Uyozuza yini emlandweni weBhayibheli onjengalona ngokufuna usizo lukaNkulunkulu lokuba uthibe izifiso ezinjalo zenkanuko?—Galathiya 5:22, 23; Kolose 3:8; 1 Thesalonika 4:3-7.