Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 7/1 kk. 5-8
  • “Ukuphela Kwezwe”—Kuyinto Yokulangazelelwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuphela Kwezwe”—Kuyinto Yokulangazelelwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISIZATHU SOKUBA “IZWE” ELIDALA KUMELWE LISUSWE
  • UKWESABA OKUNGOKWESAYENSI AKUNASISEKELO
  • “UMHLABA OMUSHA” OLUNGILEYO—KANJANI?
  • INDLELA YOKUSINDA
  • Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izigidi Eziphila Manje Azisoze Zafa Emhlabeni Wethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Lo Mhlaba Uzophela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Umhlaba
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 7/1 kk. 5-8

“Ukuphela Kwezwe”—Kuyinto Yokulangazelelwa

“UBUNZIMA bezomnotho nobokuziphatha, izimpi, imizamo yokubulala ngokuzuma, ukubanjwa kwabathunjwa, ukuncintisana ngezikhali, indlala esabekayo nababaleki—isintu ngempela siyagula. . . . Kodwa ukuphela kwezwe akuyikhona ngempela ukuphela kwalelizwe.” Kwasho kanjalo iphephandaba laseParis iLe Monde ngaphansi kwesihloko (ngesiZulu) “IsAmbulo Manje?”

Ngokwazi noma ngokungazi, umbhali walemisho waveza umbono weBhayibheli ngezinto. Imibhalo ibonisa ukuthi izwe (ngomqondo we“simiso sezinto”) lingafinyelela ekupheleni kwalo ngaphandle kokuba lelizwe (ngomqondo womhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo) libhujiswe. Ngakho-ke, njengoba sizobona, zona kanye izimo ezithintwe ileliphepha laseFrance njengobufakazi bokuthi “isintu ngempela siyagula” zabikezelwa eBhayibhelini njengengxenye yesibonakaliso esibonisa ukuthi manje siphila “esiphelweni” se“simiso sezinto” esikhona esonakele nokuthi sisentathakusa yesinye “isikhathi” esiyokwehluka ngokuphawulekayo—“isimiso sezinto” esisha.

ISIZATHU SOKUBA “IZWE” ELIDALA KUMELWE LISUSWE

Izwi elihlasimulisa umzimba “ukuphela kwezwe” ngempela liyizwi elingafanele eliye lasetshenziswa abashumayeli beLobukholwa ukuze basabise abantu ukuba basekele izimiso zabo zesonto. NgokwesiGreki sakuqala lisho “ukuphela kwesimiso sezinto.” Ngakho-ke, umuntu angase abuze: Kungani lesisimiso samanje kumelwe sishatshalaliswe?

Isizathu esiyinhloko siwukuthi lokhu kuyinjongo kaNkulunkulu. Ngani? Selokhu saba khona, ngokushesha ngemva kukazamcolo kaNowa, isimiso sezinto esikhona siya ngokuya ekonakaleni. (Genesise 10:8-12; 11:1-9) Asidalwanga uJehova uNkulunkulu. Ngokuphambene, izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso ngaso sonke isikhathi ziye zahlushwa futhi zashushiswa nga‘babusi balesisimiso sezinto.’ (1 Korinte 2:6) Akumangalisi, ngoba umphostoli uPawulu ubiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walesisimiso sezinto.” (2 Korinte 4:4, NW) Uma kuphela kungenxa yokuthi kwakunga‘babusi balesisimiso sezinto’ aba“bethela iNkosi ekhazimulayo,” uKristu Jesu, isimiso esinjalo sikufanele ukubhujiswa.—1 Korinte 2:8.

Ilungiselelo lezwe lamanje liye lazihlukanisa ngokwalo ngesono esiqhubekayo, ukungalungi nokuhlubuka kuNkulunkulu nasentandweni yakhe. Liye lakhulisa ukungabi namthetho, ukucindezela nobudlova—phakathi kwabantu ngabanye naphakathi kwezizwe. IBhayibheli lisibiza ngokuthi “esamanje isimiso esibi sezinto.” (Galathiya 1:4, NW) Asinakulungiseka. Ngakho-ke, kumelwe sisuswe!

UKWESABA OKUNGOKWESAYENSI AKUNASISEKELO

Kodwa lokhu akuyikusho ukuphela kukanozungezilanga onguMhlaba. Njengoba sesiye sabona esihlokweni esandulelayo, abantu besayensi baye babonisa ukwesaba “izingozi zendawo yonke ezisongela umhlaba.” Ukwesaba okunjalo nokho, kumane nje kuyimicabango evela ngokuqondene nezinto ezingase zenzeke, kodwa okungazicabangeli izici ezibaluleke kakhulu zendawo yonke: UNkulunkulu nenjongo yakhe ngomhlaba.

UPierre-Paul Grassé, ilungu leSikole Semfundo Ephakeme Sesayensi eFrance, wathi:

“Ukuhleleka kwemvelo akusungulwanga ingqondo yomuntu noma kwalungiswa ngamandla athile okuqonda. Cha, kuyiqiniso elaqondwa ngokuphelele yizazi zesayensi yemvelo nezezibalo njengoPlack noEinstein. Ubukhona bokuhleleka bucabangela ngaphambili ubukhona bokuhlakanipha okuhlelayo. Ukuhlakanipha okunjalo ngeke kube okomunye ngaphandle kukaNkulunkulu.”

Yebo, izazi zesayensi eziningi kakhulu ziye zafinyelela esiphethweni sokuthi kunengqondo ngokwengeziwe ukuvuma ubukhona boMdali ohlakaniphile kunokuchaza izulu nomhlaba ngezwi elithi “inhlanhla.”

Njengoba uNkulunkulu ukhona, umbuzo manje uwukuthi: Iyini injongo yakhe ngomhlaba? IZwi lakhe, iBhayibheli, liyaphendula: “Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: NginguJehova, akakho omunye.” (Isaya 45:18) UJehova uNkulunkulu akawudalanga umhlaba ngenjongo yokuthi ekugcineni uyowubhubhisa. (IHubo 104:5) Injongo kaNkulunkulu ngomhlaba iwukuba “kuhlalwe kuwo” isizwe esilungileyo samadoda nabesifazane abazinikezele ekwenzeni intando yakhe. Lokho kuchaza ukuthi kungani uJesu afundisa amaKristu ukuba athandaze athi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

“UMHLABA OMUSHA” OLUNGILEYO—KANJANI?

Njengoba sesibonisile ukuthi uJehova uNkulunkulu, “owawubumba umhlaba,” “wawumisa,” unenjongo echazwe kahle ngonozungezilanga esihlala kuwo, kukuthina ukuba siqonde lokho iBhayibheli elikushoyo uma likhuluma ngo“mhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.”—2 Petru 3:13.

Ngokusobala, “umhlaba omusha” othenjisiwe awunakusho unozungezilanga omusha. Lokho okuchazwayo kungase kuthathwe ngokunengqondo emongweni wencwadi yesibili kaPetru. Njengesibonelo salokho okumelwe kwenzeke ngaphambi kokuba “umhlaba omusha” umiswe, uPetru ukhuluma ngozamcolo wosuku lukaNowa. Uthinta “umhlaba, [ngesiGreki, ge] owavela emanzini nangawo amanzi, umi ngezwi likaNkulunkulu, okwathi ngawo izwe [ngesiGreki, koʹsmos] elalikhona labhubha ngokukhukhula kwamanzi.”—2 Petru 3:5, 6.

Iliphi “izwe” elabhujiswa ngozamcolo? Ngaphambili kuyo lencwadi efanayo, uPetru uyabhala: “Nezwe [koʹsmos], lamandulo engaliyekanga [uNkulunkulu], kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni [koʹsmos] elingamesabi uNkulunkulu.” (2 Petru 2:5) Ngakho ‘izwe labantu abangamesabi uNkulunkulu’ lapheliswa ngoZamcolo. Kodwa umhlaba nesigejana sabantu abakuwo wasinda.a Kwakuwumphakathi wabantu ababi, umphakathi ongamesabi uNkulunkulu owabhujiswa, kwakungesiyo imbulunga enguMhlaba.

Ngokufanayo, kungokuqondene no“mhlaba” ongokomfanekiso, omelele umphakathi wabantu abonakele oye wakhula kusukela ngozamcolo, lowo uPetru aqhubeka athi ngawo: “Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona lelizwi, kulindele usuku lokwahlulela nelokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.” (2 Petru 3:7) Yebo, njengoba unozungezilanga onguMhlaba wasinda ekupheleni “kwezwe elingamesabi uNkulunkulu,” elingaphambi kukazamcolo ngakho uyosinda ‘emlilweni’ noma ‘ekubhujisweni’ “kwabantu abangamesabi uNkulunkulu” nohulumeni babo. Labohulumeni nomphakathi wabantu abonakele abawubusayo, benza “izulu nomhlaba okukhona manje” okungokomfanekiso.—Qhathanisa nesAmbulo 21:8.

UPetru uyenezela: “Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe [uNkulunkulu] amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” Ngokunengqondo, ngalamazwi ubhekisela kuhulumeni omusha wokulunga (umbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu) nomphakathi wabantu owenziwa busha.—2 Petru 3:13.

INDLELA YOKUSINDA

Nakuba abantu abaningi bathemba ukuthi imiqondo yabo iyokwemukelwa ekudalweni kwesikhathi esizayo ngokudabukisayo bethemba ifu elinomnyama ngesikhathi esizayo ngomhlaba nangomphakathi wesintu, amaKristu akholwa ngempela futhi alandela iBhayibheli athemba okuhle njalo. Abona ubunzima obaqala emhlabeni kusukela ngo-1914 njenge“sibonakaliso” uJesu asitshela abalandeli bakhe ukuba basilindele. UJesu wanezela: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu. . . . Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka.”—Luka 21:10, 11, 25, 26, 28, 31, 36; Mathewu 24:3, 7-13.

Ngokungafani neze na“baprofethi bembubhiso,” oFakazi BakaJehova bamemezela izindaba ezinhle, okungukuthi, umbuso kaNkulunkulu usuzothatha ukubusa umhlaba. Bagcwalisa amazwi kaJesu esiprofetho: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela [telos].” (Mathewu 24:14) Lokho “kuphela” kuyosho ukubhujiswa kwesimiso sezinto esikhona manje esonakele, ukuphela kokungabi namthetho, ukucindezela, ubudlova, izimpi, indlala, izifo—yebo, ukuphela kokuhlupheka nokufa uqobo!—IsAmbulo 21:1-5.

Ngokuqinisekile, “ukuphela kwezwe” akuyona into yokwesatshwa. Kunalokho, kuyinto yokuthenjwa, njengoba kuyongeniswa isimiso esisha sezinto sokulunga kulomhlaba omuhle lowo uNkulunkulu aye ‘wawumisa ezisekelweni zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.’—IHubo 104:5.

“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe.”—Luka 21:34, 35.

[Umbhalo waphansi]

a Ngobufakazi bukazamcolo wembulunga, bheka isahluko 3 sencwadi Ingabe IBhayibheli Ngempela Liyizwi LikaNkulunkulu?, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 7]

Umbuso kaNkulunkulu usuzothatha ukubusa emhlabeni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela