Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMose No-Aroni Baya KuFaro
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Izinhlupho Zokuqala Ezintathu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ungubani UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Izinhlupho Eziyisithupha Ezalandela
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Kungani uNkulunkulu atshela uMose ukuba acele kuFaro imvume ‘yokuhamba izinsuku ezintathu aye ehlane,’ njengoba ayejonge ukuba amaIsrayeli aphume eGibithe ngokuphelele?

Esihlahleni esivuthayo, uNkulunkulu wathi wayezosebenzisa uMose ukuba akhiphe amaIsrayeli eGibithe futhi awaholele ezweni eligeleza ubisi nezinyosi. UNkulunkulu watshela uMose ukuthi uFaro kwakumelwe atshelwe ukuthi: “UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangane nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu.”​—Eksodusi 3:18.

Njengoba uNkulunkulu wayesanda nje kutshela uMose ukuthi amaIsrayeli ayeya eZweni leSithembiso, kungase kubonakale ukuthi wayengamnikezi uFaro wonke amaqiniso. Kodwa kuba sobala ngendlela izinto ezenzeka ngayo ukuthi indlela kaNkulunkulu yokusingatha izindaba yayilungile futhi yafeza injongo yakhe.

AmaIsrayeli ayeseGibithe iminyaka engaphezu kwama-200 futhi ayephathwa njengesizwe esiyizigqila. Nokho uNkulunkulu, ngokuvumelana nesithembiso sakhe esingaguquki kuAbrahama, wayezokwenza uIsrayeli abe yisizwe esikhulu. Ayezohlala ngenkululeko ezweni uNkulunkulu ayelibonise uAbrahama, izwe laseKhanani. (Genesise 12:1, 2, 7; 18:18; 22:17, 18) Ingabe uFaro ngokuzithandela wayezobambisana nenjongo kaNkulunkulu?

Cha, uJehova wayekwazi kusengaphambili ukuthi uFaro wayezokwenqaba ngenkani ukuvumela amaIsrayeli ukuba aphume eGibithe, ngisho isikhashana nje. Ukuba uNkulunkulu ngoMose nangoAroni, wayebonise ukuthi injongo yaKhe ngoIsrayeli kwakuwukuhamba ngokuphelele, uFaro wayengase aphakamise ukumelana okwakungase kubonakale sengathi kufanelekile, njengokuthi izwe lalingaphazamiseka uma abantu abangaphezu kwesigidi belishiya ngesikhathi esisodwa futhi bengasenakubuya. Futhi abanye babengase bathande ukuthethelela isimo sikaFaro noma bazwelane naye. Ukushiya kwamaIsrayeli izwe laseGosheni izinsuku ezimbalwa nje kwakuyosho ukulahlekelwa okuncane kwabaseGibithe.

Lapho uFaro enqaba ngenkani ukuvumela ukuba amaIsrayeli ahambe, ngisho izinsuku ezintathu, kwaba sobala ngokungenakuphikwa ukuthi inhliziyo yakhe yayilukhuni. Lapho-ke kwakungekho zaba zesinjalo isimo esilukhuni, ngisho nesokwandisa ukucindezela uFaro akukhipha njengendlela yokusabela.—Eksodusi 5:1-9.

Ngisho nangemva kochungechunge lwezinhlupho, uFaro onenkani wayengenakuwavumela amaIsrayeli ukuba aphume eGibithe. Ekugcineni, uhlupho lweshumi lwabangela usizi kakhulu kwabaseGibithe kangangokuba uFaro watshela uMose ukuba athathe abantu bahambe—kungekho sivumelwano senkathi yezinsuku ezintathu. Naphezu kwalokho, ngenkathi esahamba, uFaro wazama ukuwabamba futhi abuye awathumbe amaIsrayeli. Lokho kwehluleka, ngoba ngisho noFaro ngokwakhe wafa oLwandle Olubomvu.—Eksodusi 12:31-39; 14:5-9, 21-28; IHubo 136:15.

Ngakho-ke ukutshela kukaNkulunkulu uMose ukuba enze isicelo esinengqondo sokuhamba izinsuku ezintathu kwasebenza njengovivinyo kuFaro. Kwembula okwakusenhliziyweni yakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela