Kungani Kukhona Ukungethembeki Okungaka?
ISAGA sesiNgisi sakudala sithi “ithuba lenza kube nesela.” Ngokuphambene, kukhona abanye abaphikelela ngokuthi “isela lenza ithuba.”
Kungakhathaliseki ukuthi kuqala kanjani, ukungethembeki ngezinhlobo zakho eziningi kuye kwafinyelela izinga elethusayo. Nokho, okuningi kwakho sekuyinto ejwayelekile kangangokuba abantu abaningi abasakubheki njengokungathembeki.
Ake ucabangele ezinye zezimo ezingokoqobo. Umqashi utshela umabhalane ukuthi anciphise imali yentengo eboniswa kuma-akhawundi njengoba itholakala ngezinto ezithengiswayo. Umabhalane umane akubheke njengento engenakuphikiswa ngoba wenza nje lokho ubasi amtshela khona. Owesifazane ukhohlisa ngemali yomkhaya eziqinisekisa ngokuthi naye unelungelo lokuthola okuthile okuncane komuntu siqu. Indoda itshela umkayo ukuthi kumelwe isebenze amahora engeziwe, kodwa iye kophola nabangane, kumbe nomunye owesifazane.
Omunye umnini-sitolo muva nje wathi abasha bangena esitolo sakhe bengamaqembu. Ngenkathi omunye ethenga, bonke abanye bagcwala etafuleni lokuthenga. “Ngenkathi ngisengumfana,” uyasho, “abafana babesaba uma bebanjiwe. Into edabukisayo manje iwukuthi, abasakushayi mkhuba. Kwezinye izindawo, uma ubathethisa, bayabuya baphahlaze amafasitela akho.”
Futhi akuwona amaqembu abantu abaphansi abenza lokho. Esikhathini esingeside esedlule, isalukazi esiyisikhulu eNgilandi salahlwa icala lokweba esitolo. Futhi ubani ongakaze afunde ngokukhwabanisa, okunye okuhilela imali encane kodwa okunye izigidigidi?
Ziyini izimbangela zalokhukuthambekela okwedlulele kokungathembeki? Ziningi. Kusukela ebuntwaneni abantwana abaningi baba ngaphansi kwamathonya akho afihlekile. Izinganekwane zezindaba ezaziwa kakhulu ezinjengethi “Ali Baba and the Forty Thieves,” amabhayisikobho, nezinhlelo zeTV nezincwadi eziningi zidumisa ukungathembeki ngandlela-thile.
Lapho kuxoxwa nomuntu waseSão Paulo, eBrazil, wabeka icala ithonya lemikhuba yenkolo efana nokuthethelelwa kalula, izono eziningi ezenziwayo, ngokumane nje zivunywe. Omunye owesifazane wavuma ukuthi ukwethembeka kwakhe kwaphela lapho kutholakala ukuthi u“Father Christmas” wayeyisihlobo. Kusukela endabeni kanogolantethe okuthiwa uletha umntwana, kuye kwabezombangazwe abanezithembiso abangazifezi—kuzo zonke izingxenye zokuphila sizungezwe amathonya anamandla athambekele ukulolongela ingqondo ekungathembekini.
Abanye abantu abayiboni ingozi kulokho abakubiza ngokuthi “amanga amancane,” kodwa umqambi wobuKristu wathi: “Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu.” Futhi waphawula uDeveli njengo‘yise wamanga’ futhi njengalowo isintu ngokuvamile esizithoba ngaphansi kwakhe njengombusi. Ngokuqinisekile lokhu okuthile kokucabanga ngakho, futhi kusisiza ukuba siqondisise isizathu sokuba ukungethembeki kusakazeke kangaka.—Luka 16:10; bheka futhi noJohane 8:44; 14:30.