Kungani Kumelwe Uthembeke?
IBHAYIBHELI limchaza ngokufanelekile uJehova njengo“Nkulunkulu othembekayo,” futhi njengo“Nkulunkulu ongaqambi amanga.” (IHubo 31:5; Thithu 1:2) Kusukela ekudalweni komuntu, uJehova ulokhu engaguquki ezimfunekweni zakhe zokuthi abakhulekeli bakhe beqiniso bathembeke kuzo zonke izinto.—Zakariya 8:16, 17.
Uma umuntu ezoba ngothembekile, kubalulekile ukuba angaqondiswa izimo zomphakathi kodwa aqondiswe izindinganiso zikaJehova uNkulunkulu ngokwakhe. Lezi zibhalwe eBhayibheli.
Indlela UNkulunkulu Asebenzelana Ngayo NoIsrayeli
Emthethweni wakhe owanikezwa isizwe samaIsrayeli, uJehova wayala: “Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga. Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.”—Levitikusi 19:11, 12.
Amasela ayengakwazi ukuphunyuka kalula. Kodwa kwakumelwe akhokhele umuntu amebele. Uma ayengenalo inani elalifunwa umthetho, ayeba yizigqila ukuze akhokhele isikweletu ngokusebenza.—Eksodusi 22:1-4.
UJehova wacacisa ngokuthé ngqó imininingwane ukuze kungabibikho ukungaqondisisi iqiniso lokuthi wayezilahla zonke izinhlobo zokungathembeki. Waxwayisa kakhulu ngokumelene ‘nolimi lwenkohliso,’ amazwi abushelelezi kodwa enkohliso, kokubili ukweba ngobudlova noma ngokungabonakali, ngokufanayo nezikali zokukhohlisa kwezebhizinisi.—IzAga 1:10-19; Daniyeli 11:32; Mika 6:11, 12.
Imfuneko YobuKristu
Ingabe isimiso saphezulu sokwethembeka saguquka yini ngokuqanjwa kwebandla lobuKristu? Phinde neze!
Ngokuphathelene nokuqamba amanga nokweba, iBhayibheli liyala amaKristu: “Ningaqambelani amanga.” “Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe . . . owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe-nokokwabela osweleyo.” “Makungabikho kini ohlupheka ngokuba . . . eyisela, noma engowenzokubi.”—Kolose 3:9; Efesu 4:25, 28; 1 Petru 4:15.
Ukungathi sína kwalendaba kugcizelelwa yilelizwi lesixwayiso: “Ningadukiswa. Nazifebe, . . . namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini.”—1 Korinte 6:9-11.
Phawula ukuthi phakathi kwalawomaKristu akuqala kwakukhona ababengamasela nabaphangi, kodwa bashintsha indlela yabo yokuphila. Ngokuphathelene nedumela labantu baseKrethe, umphostoli uPawulu ucaphuna umuntu waseKrethe, ngokunokwenzeka umbhali wezinkondlo uEpimenides, njengothi: “AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, iziminzi ezivilaphayo.” (Thithu 1:12) KumaGreki igama elithi “Krethe” linomqondo ofana nothi “umqambi-manga.” Kodwa abathile phakathi kwezakhamuzi zaseKrethe baziguqula izindlela zabo futhi baba amaKristu aqotho. Phakathi kwabo kwakukhona abadala abangamaKristu abaye baba nedumela lokuba ‘abangasolekiyo, abangahaheli inzuzo embi, abaqondileyo, abalungileyo, abangcwele, abazithibayo.’—Thithu 1:7, 8.
Yini Eyabaguqula?
Ukwazi kwabo uJehova, “uNkulunkulu othembekayo,” nokufunda lokho akufunayo ezincekwini zakhe kwabangela inguquko. Isibonelo sabo saba nguJesu Kristu, owaba‘shiyela isibonelo sokuba balandele ezinyathelweni zakhe.’ Ngokufunda indlela kaJesu yokuphila, bathola ukuthi kwakungekho‘nkohliso emlonyeni wakhe.’ Ezimfundisweni zakhe, bafunda ngokuthi: “Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo kubo.”—1 Petru 2:21, 22; Luka 6:31.
Yebo, akunakwenzeka ukuthi benza inguquko ngokushesha nje. Kungalesosizathu, ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu abhalela uThithu ukuthi ‘awakhumbuze njalo’ amaKristu aseKrethe ngezindaba ezithile ezihlobene nenkambo yokumesaba uNkulunkulu. (Thithu 3:1-3) Ekuqaleni kungenzeka ayenomuzwa wokuthi ukwembatha ubuntu obusha akunakwenzeka. Lapho ebhekana nokudumazeka kungenzeka azizwa ephelelwa amandla. Kodwa ukwazisa ilungiselelo elimangalisayo uNkulunkulu alenzile lokuthethelela inkambo yawo yesono yesikhathi esedlule ngesisekelo sokukholelwa emhlatshelweni kaJesu Kristu kwabangela amandla ashukumisayo. Futhi, njengoba efunda ukwencika kuJehova nokufuna usizo lomoya wakhe, athola ukuthi kwenzeka izinguquko ayengakwazi ukuzenza ngamandla awo.—Qhathanisa no-1 Korinte 6:11.
Kungani Kwenziwa?
Kodwa kungani kubhekwana nomzabalazo ongaka? Kungani kuphikelelwa ekwethembekeni kuzo zonke izinto?
Nokho, make siqale ekhaya. Uba yini umphumela lapho abangane bomshado bethola ukuthi abakwazi ukwethembana? Kungase kuqale ngezinto ezibhekwa njengezincane, kodwa ngokushesha bonke ubuhlobo buyawohloka. Ngakulonye uhlangothi, ukwethembeka kuzo zonke izinto kuqinisa isibopho somshado. Futhi kuyithonya elinamandla lokuhle nasekuphileni kwabantwana.
Ngaphandle kwasekhaya, ukwethembeka kwabo kwabanye kuyobonisa indlela obheka ngayo abantu okanye nabo. Lapho yisijeziso kuphela esivimbela abanye ekoneni. Kodwa kukhona amandla anethonya elikhudlwana. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ungebi, ungafisi, kuyahlanganiswa kulelizwi elithi wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Roma 13:9) Ukuze sithandeke kumelwe sithande kuqala. Umuntu othembekile ujabulela ubuhlobo obuhle nabanye. Futhi uba nokuthula. Akukho nembeza omkhathazayo omqedela ubuthongo. Akuyena umuntu olokhu ebheka emuva, esaba ukuthi angase abanjwe.—Roma 13:3-5.
Nokho, okubaluleke kunakho konke ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Uthando oluqotho ngoJehova nesifiso sokuba nokuvunyelwa kwaKhe okuyoshukumisela umuntu ukuba alwisane nokungapheleli kwakhe ukuze athembeke ngisho nalapho abanye bengathembeki.—IHubo 15:1-5.
Ingabe bakhona yini abantu abakwenza ngempela lokhu namuhla? Make sibone.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ukwethembeka kwakha ukwethembana emkhayeni
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Umuntu othembekile unonembeza ohlanzekile futhi uyakwazi ukulala ebusuku
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Ubuhlobo obuhle noNkulunkulu budinga inkambo yokwethembeka