Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 4/15 kk. 3-4
  • Ukuzala Kwencasakazi—Kuyiqiniso Noma Inganekwane:

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzala Kwencasakazi—Kuyiqiniso Noma Inganekwane:
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okushiwo IBhayibheli Ngokoqobo
  • Lithini IBhayibheli NgoMariya?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UMariya (Unina KaJesu)
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • UJehova Wamupha Umusa Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 4/15 kk. 3-4

Ukuzala Kwencasakazi—Kuyiqiniso Noma Inganekwane:

ABANTU abaningi bayazi ngomlando weBhayibheli wokuzalwa kukaJesu yincasakazi. Kodwa akubona bonke abakwamukela njengeqiniso. Ingabe ucabangela ukuzala kwencasakazi njengokunengqondo? Ingabe kunendaba ukuthi uyakukholelwa noma cha?

Phakathi kwabantu abawenqabayo lomlando weBhayibheli kunalabo ababheka ukuzala kwencasakazi njengokungamukeleki ngokwesayensi yezinto eziphilayo. Kodwa abanye balabobantu abanjalo kungenzeka manje bacabanga ngenye indlela ngesimo sabo ngenxa yezenzakalo zanamuhla ezingokwesayensi ekuqondiseni izakhi zenzalo. Kungenzeka yini ukuthi okuthile okufana nalokho kwakuhilelekile ekuzalweni kukaJesu yincasakazi?

Abanye abantu baye badunyazwa ukuhlobisa kwamaSonto obuRoma Katolika nobuOrthodox umlando olula weBhayibheli wokuzala kwencasakazi. Ngokwesibonelo, ukuphakanyiswa kokukhulekelwa kwencasakazi uMariya kuye kwabangela ukuba ingamukeleki yonke lendaba kwabanye.

Abanye futhi bathola umqondo wokuzala kwencasakazi ungathandeki. Bacabanga ngalendlela, ‘Ngokuqinisekile uma uNkulunkulu enguMninimandla akadingi icebo elinjalo ukuze afeze injongo yakhe.’ Bangase babheke indaba yokuzala kwencasakazi njengendaba nje yemifanekiso, umzekeliso.

Sizocabangela ngamunye walemibono sibone ukuthi lendaba ingakuthinta kanjani ukuphila kwethu nezinkolelo. Kodwa okokuqala kuzosizuzisa ukucabangela kafushane lokho iBhayibheli elikusho ngokoqobo ngokuzala kwencasakazi.

Lokho Okushiwo IBhayibheli Ngokoqobo

Kukhona imibiko emibili, yomibili eyabhalwa ngamadoda ahlakaniphile ayekhona ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Ngokufanelekile, omunye wabhalwa udokotela, uLuka. Omunye wabhalwa uMathewu, indoda eyayijwayelene nokusebenza ngezimali neyakhethwa uJesu njengomunye wabaphostoli abayi-12.

Ukulandisa kukaMathewu kugxila endimeni kaJosefa, “indoda kaMariya, azalwa nguye UJESU.” (Mathewu 1:16) Math Isahluko 1, ivesi le-18, siyachaza ukuthi uMariya, incasakazi, yatholakala ikhulelwe ngaphambi kokuba ihlanganiswe noJosefa, eyayimmiselwe. Lapho ezwa ngalokhu, uJosefa, umuntu “olungileyo,” wazimisela ukubuqeda ngasese ubuhlobo babo bokuthembisana ukuze uMariya angangeni ehlazweni. Nokho, uNkulunkulu wamazisa ukuthi ukukhulelwa kwakungenxa yamandla omoya ongcwele nokuthi wayekhethe uMariya ukuba afeze indima ekhethekile njengonina woMsindisi. Ngalokho kuqinisekiswa, uJosefa wamthatha uMariya waba ngumkakhe, kodwa “akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana.”—Mathewu 1:25.

Ngakolunye uhlangothi, uLuka uveza umlando ngasohlangothini lukaMariya. Amaqiniso abalulekile ayefana, kodwa unikeza imininingwane yengxoxo phakathi kukaMariya nengelosi eyembula kuye ilungelo lokuba ngumama ayelinikezwa. Emangele, uMariya wathi: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?” Kuyena kwabonakala kungenakukholeka, njengoba kungaba njalo nakuwena. Ingelosi yabe isimchazela ukuthi ukukhulelwa kwakuzoba okuyisimangaliso, ngomoya ongcwele, ngamandla oPhezukonke, lowo umntwana ayoba indodana yakhe. UMariya walamukela lelolungelo futhi ngesikhathi esifanele wazala indodana, uJesu.—Luka 1:26-38.

IBhayibheli alisho lutho kangako ngoMariya ngemva kokuzalwa kukaJesu. Kukhulunywa ngaye ngokuqondene noJesu izikhathi ezimbalwa, kodwa akukho okusikisela ukuthi wayengovelele phakathi kwabafundi. Ngokuqinisekile akukho thonya ayenalo kuJesu lapho esedlule ebuntwaneni. Ngezinye izikhathi kwakudingeka uJesu amkhumbuze yena nabanye ngalokhu. (Johane 2:4; Mathewu 12:46-50) Nakuba kunjalo, wayemthanda unina. Ngisho nalapho efa, uJesu wayala umphostoli uJohane ukuba anakekele unina.—Johane 19:26, 27.

UMariya futhi wayephakathi kwabafundi ngemva kokuvuswa kukaJesu kwabafileyo futhi cishe wayekhona ngePentekoste lapho abacishe babe yi-120 begcwaliswa ngomoya ongcwele. (IzEnzo 1:13, 14; 2:1-4) Ngokusobala, indima kaMariya eminyakeni eyalandela lapho yayingeyomfundi othembekile, ozithobile, kungekho nokuncane ukuzithwala, ukuba negunya noma ukuvelela okuthile okukhethekile.

Ngemva kokuba sesicabangele lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuzala kwencasakazi, manje singase sicabangele umbuzo ophakama ezingqondweni zabaningi wokuthi ingabe kuyamukeleka yini ngokwesayensi noma kuyakholeka.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela