Gcina Ukulinganisela Kwakho KobuKristu
UBANI ongakaze ababone abanye bewa noma ongakaze awe ngokwakhe? Ngenxa yokuntula okuhlangenwe nakho nokubambisana kwezicubu, abantwana abancane bayawa. Abantu abadala bangase babe buthakathaka kakhulu ukuba bame endaweni eshelelayo noma enyukelayo. Ukuwa kungase kubangelwe ukwehluleka ukuqaphela ngokufanelekile noma ukubukela phansi izimo eziyingozi. Yebo, ukulinganisela komzimba kungalahleka ngokushesha futhi ngokungalindelekile. Ngokufanayo, amaKristu angase alahlekelwe ukulinganisela kwawo okungokomoya.
Phakathi kwezici ezinganciphisa ukuqina okungokomoya, ukungakhathali, ukuziphatha okubi, ukuzijabulisa ngokweqile ukuhileleka okungafanelekile emsebenzini wokuziphilisa. Ingabe noma isiphi salezi singalimaza ukulinganisela kwakho kobuKristu noma lokho komkhaya wakho?
Ukugwema Ukungakhathali
Ukungakhathali kwande kakhulu namuhla. Amadoda angase angazikhathaleli izidingo ezingokomzwelo nezingokomoya zabafazi bawo nabantwana. Abafazi bangase babonise ukukhathalela okuncane lapho amadoda ephendukela kubo ukuze athole ukuqonda, ukusekela nothando olunengqondo. Abaqashi bakhathazwa yizisebenzi ezingayikhathaleli imigomo enengqondo yokukhiqiza nenhlalakahle yenkampane nezithakazelo zayo. Lapho ebhekene nokungakhathali okwandile ngemithwalo yemfanelo nemisebenzi, umKristu udinga ukuzilinda ekuthonyweni umoya onjalo wokungakhathali.
Ukuze sigweme ukuwela ekungakhathalini, senza kahle ngokukhumbula iseluleko esilandelayo esiphefumlelwe: “Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyokwamukela umvuzo wefa eNkosini.” (Kolose 3:23, 24) Uma sikhathalela ngobuqotho ukuthokozisa uMdali wethu neNdodana yakhe lokhu kuyobonakaliswa ekwenzeni kwethu umsebenzi omuhle futhi singachithi isikhathi.
Zihlomisele Ukulwa Nokuziphatha Okubi
Ukungazikhathaleli izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli okwandile kungase kuphakamise ukusongela koqobo ekugcineni komKristu ukulinganisela kwakhe okungokomoya. Umphostoli uPawulu wayala ayekholwa nabo eKorinte: “Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye [amalsrayeli] kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.” (1 Korinte 10:8) Umphostoli ubhekisela esehlakalweni esenzeka lapho amalsrayeli ekanise emathafeni akwaMowabi ngaphambi nje kokungena eZweni leSithembiso. Ngalesosikhathi awela esilingweni ngokwamukela isimemo sokuyojabulela isidlo nabesifazane abakhulekela izithixo. (Numeri 25:1-9) Yeka indlela imiphumela eyesabisayo egcizelela ngayo ingozi yokuhlanganyela nabantu abangayikhathaleli intando yaphezulu!
Ngakho-ke, ukuze sigcine izindinganiso ezihlanzekile zokuziphatha, ngokuhlakanipha “siyojonga ukulunga, nokukholwa, nothando kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.” (2 Thimothewu 2:22) Ukugwema kwethu abangani ababi kuyohlanganisa ukugwema izincwadi zobulili, amabhayisikobho nezinhlelso zethelevishini ezingase zivuse izifiso ezimbi. Futhi, senza kahle ukuqinisa izingqondo zethu nokuzigcwalisa ngemiqondo eyakhayo evela eZwini likaNkulunkulu.—Filipi 4:8.
Linganisela Ukuzijabulisa
INdodana kaNkulunkulu uqobo yabonisa ukuthi ‘izinjabulo zalokhukuphila’ zazingaminyanisa ukwazisa izinto ezingokomoya. (Luka 8:14) Yingakho amaKristu eqiniso elwela ukuba aqaphile ukuze ukuzijabulisa kungabi yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwawo. Akumelwe kuvunyelwe kudle ngokungafanele sonke isikhathi esisichitha sifunda futhi sizindla ngeZwi likaNkulunkulu, ukumemezela “izindaba ezinhle,” ukusabela ezidingweni zabanye nokuhlangana nabantu bokholo olufanayo oluyigugu.
Ngisho nalapho ivumelana nezimiso ezilungileyo, imisebenzi yokuzijabulisa ayinakuletha ukwaneliseka koqobo uma yenziwa ngokweqile. Izinjabulo ezikhanga imizwa zifana kakhulu nezinongo ekudleni. Uma kusesilinganisweni, ukuzilibazisa, ukuziphumuza noma injabulo kungajabulisa. Kodwa uma kwenziwa ngokweqile kungagulisa, ngoba kushiya umuntu enomzwelo wokungabi nalutho ngenxa yokungafezi lutho oluhle ngempela.
Futhi, ekuzijabuliseni umKristu wenza kahle ukukhumbula ukuthi okokuqala nokubaluleke kakhulu, uyinceku kaNkulunkulu. Lokho kungamsiza ukuba agweme ukubonisa umoya wokuncintisana nokuhlanganyela emdlalweni ngokungathi sina kakhulu, mhlawumbe kuze kube seqophelweni lokuzilimaza ngokwakhe noma abanye.—Galathiya 5:26.
Ukulinganisela Emsebenzini Wokuziphilisa
Nasemsebenzini wokuziphilisa, kukhona isidingo sokulinganisela. Kubalulekile ngezinceku zikaNkulunkulu ukuba zisebenze ukuze zizisekele ngokwazo nabathandekayo bazo ukuze ‘zinakekele okuhle, hhayi emehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.’ (2 Korinte 8:21) Ngokwenza umsebenzi ngokwethembeka, umKristu angasekela imizamo yakhe yokusiza abanye ngokomoya nangokwenyama. Lapho umsebenzi wokuziphilisa ufuna okuningi kuye kangangokuba abe nesikhathi esincane namandla okulungiselela abanye ngenduduzo engokomoya, ngokuhlakanipha uhlela izindaba zakhe.
Ngempela kuyakhuthaza ukubona abantu abalinganisela umsebenzi wabo wokuziphilisa ukuze babe nesikhathi esengeziwe emsebenzini obalulekile ongokomoya. Ngokwesibonelo, komunye umkhaya, amadodakazi amabili ahlukaniselana umsebenzi ogcwele ehhovisini, ngayinye isebenza izinsuku ezimbili nengxenye ngesonto esikhundleni sezinhlanu. Lokhu kwenza ukuba ngayinye ikwazi ukuhlanganyela amahora ayikhulu ngenyanga emzamweni wokusiza abantu emphakathini wakubo ukuba bazuze ulwazi lweBhayibheli.
Njengoba ukuwa okungokwenyama kungagwenywa, ukulahlekelwa ukulinganisela ngokomoya kungagwenywa ngokuzakha ngokwethu ngokomoya ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nokuhlanganyela nabanye esikholwa nabo. Futhi, njengoba sizinikezela ukuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabanye, sithola injabulo enkulu evela ekupheni futhi sisizwa ekugcineni amehlo ethu esezintweni ezibaluleke ngempela ekuphileni. (IzEnzo 20:35) Ngokugcina kanjalo ukulinganisela okungokomoya, singabheka ngokuqiniseka esikhathini esizayo, “ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe.”—Heberu 6:10.