Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 1/15 kk. 14-15
  • Luyoba Njani Usuku Lokwahlulela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Luyoba Njani Usuku Lokwahlulela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • USuku Lokwahlulela Nangemva Kwalo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Luyini Usuku Lokwahlulela?
    I-Phaphama!—2010
  • Usuku Lokwahlulela—Luyini?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Usuku Lokwahlulela—Isikhathi Sethemba!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 1/15 kk. 14-15

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Luyoba Njani Usuku Lokwahlulela?

IBHAYIBHELI linikeza umfanekiso wosuku lokwahlulela owehluke kakhulu endleleni abantu abaningi abalucabangela ngayo. Lolusuku akulona olokwesatshwa. Bheka lezizithombe. Zinikeza umqondo wokuthi luyoba yisimangaliso kanjani uSuku Lokwahlulela kubantu.

ImiBhalo ibonisa ukuthi uNkulunkulu uye wakhetha uJesu Kristu ukuba abe uMahluleli phakathi naloloSuku Lokwahlulela. (IzEnzo 17:31) Futhi singaqiniseka ukuthi uyoba ongakhethi futhi abe qotho ekwahluleleni kwakhe.—Isaya 11:3-5.

Ngokuphambene nokucabanga kweningi, uKristu ngeke ahlulele labo abavusiwe ngesisekelo sezono zabo zesikhathi esidlule, eziningi zazo okungenzeka bazenza ngenxa yokungazi. IBhayibheli libonisa ukuthi ekufeni umuntu ukhululiwe kunoma iziphi izono azenza. Lithi: “Ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.” (Roma 6:7) Lokhu kusho ukuthi uma umuntu evuswa uyokwahlulelwa ngalokho akwenza phakathi noSuku Lokwahlulela, hhayi ngezisekelo zalokho akwenza ngaphambi kokuba avuswe.

Ngakho-ke, uSuku Lokwahlulelwa alulona usuku olungokoqobo lwamahora angama-24. Luyoba yiminyaka eyi-1 000 ubude. Luyisikhathi esifanayo seminyaka eyi-1 000 leso uKristu namakhosi akanye naye abayobusa ngaso isintu esihlengiwe. (IsAmbulo 20:4, 6) Phakathi nalesisikhathi abantu bayosebenza ngobunye ekwenzeni umhlaba ube ipharadesi. Ngesikhathi esifanele abafileyo bayokwahlulelwa bephila emhlabeni.—Luka 23:43.

Yeka injabulo eyoba khona lapho imikhaya eyahlukaniswa ukufa isikhathi eside isihlangana futhi! Yebo, yeka ubumnandi bokuhlala ngokuthula, ukujabulela impilo enhle nokwamukela iziyalo ngokuphathelene nezinjongo zikaNkulunkulu! Phakathi noSuku Lokwahlulela bonke abaphilayo emhlabeni bayobe befunda ngoJehova uNkulunkulu nangezindlela zakhe. Bayoba nethuba lokumlalela futhi bamkhonze.

Labo abakhetha ukukhonza uJehova phakathi noSuku Lokwahlulela bayofaneleka ukwamukela ukuphila okuphakade. Kodwa ngisho nangaphansi kwalezozimo ezinhle kangaka abanye bayokwenqaba ukukhonza uNkulunkulu baphendukele ebubini. Njengoba umbhalo usho: “Uma omubi ephiwa umusa, akafundi ukulunga; ezweni labaqotho uyakwenza ukonakala.” (Isaya 26:10) Kanjalo abantu ababi abangafuni ukuguqula izindlela zabo bayobhujiswa. Abalungileyo kuphela abayovunyelwa ukujabulela umhlaba oyipharadesi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela