Ikusasa Lentsha Yanamuhla
UGEORGE, ngemva kokusebenzela inkampane yomshuwalense isikhathi esithile, kwafuneka ayeke ngezizathu zakhe siqu ezithile. Wayeneminyaka engama-20 ubudala ngalesosikhathi, okusho ukuthi wayeyintanga yabe“sizukulwane esilahlekile.” Nokho lapho eyeka, owesifazane oneminyaka engama-40 ubudala owayesebenza naye wambhalela lencwadi elandelayo:
“Ngingathanda ukusebenzisa lelithuba ngikufisela inhlanhla, impilo enhle, injabulo nempumelelo ngekusasa lakho. Kube injabulo ukukwazi nokusebenza nawe. Uyinsizwa enhle, futhi uludumo emkhayeni wakini. Kulolusuku nesikhathi lapho umhlaba usangana kangaka, futhi nentsha yanamuhla ibonakala ingelahlekile, kunjengokuphephetha komoya oqabulayo ukubonana nomuntu onesizotha nohlonipheka njengawe. Kwangathi uNkulunkulu angakubusisa njalo.”
Ngokusobala uGeorge uhluke kakhulu entsheni eningi yanamuhla. Akabonakali “engolahlekile.” Kungani kungenjalo? Encwadini, wachaza: “Abazali bami, ngosizo lweBhayibheli baye bangiqondisa ekuphileni ukuze ngibe yilokho engiyikho manje.”
Yebo, abazali bakaGeorge basibona isidingo soku“mqondisa” angaweli ogibeni lokukhula. Kodwa kungani baphumelela lapho abanye abazali beye bahluleka? Kungoba, njengoba asho, bancika “osizweni lweBhayibheli.” Yiqiniso ukuthi, akuwona umkhuba wanamuhla ukuhlola isiqondiso eBhayibhelini. Nokho nasi isibonelo lapho ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kwasebenza khona.
Uma ungumzali, ungathanda yini ukwazi ezinye zezinto abazali bakaGeorge abamfundisa zona njengoba ayekhula lezo ezaba nomphumela omuhle kanjalo ebusheni bakhe? Noma uma usemusha, kungani ungacabangeli ezinye zalezozinto ngokwakho. Zasiza uGeorge ukuba agweme ukungabi nanhloso nokungenami okuyizinto ezivamile emhlabeni namuhla. Zingakusiza ngendlela efanayo.
Isiqalo Esihle
Njengesiqalo, abazali bakaGeorge ngokusobala baqonda ukuthi ukumkhulisa kwakungumthwalo wabo, hhayi owomunye. Babazi ukuthi lamazwi alandelayo eBhayibheli awaqondisiwe kunoma ubani omunye kodwa kubazali: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” (IzAga 22:6) Futhi, eqinisweni, uGeorge wayezimisele ukwamukela ukuqeqeshwa abazali bakhe ababezama ukumnikeza khona.
IBhayibheli lifanisa abantwana no“mcibisholo esandleni seqhawe.” (AmaHubo 127:4) Uma umcibisholo uzoba ngolusizo futhi uphumelele ngesikhathi usetshenziswa, ufanele wenziwe ngekhono, izimpaphe zifakwa emsileni womcibisholo bese zithi ukutsheka kancane, ukuze umcibisholo uphenduphenduke ngenkathi uphezulu. Ngaphandle kwalokho uzophambukiswa kalula ekuqondeni emgomweni.
Ngokufanayo, ngaphandle kokuba abasha banikezwe injongo eqinile ekuphileni bazophambukiswa kalula enkambweni eqondile. Lokhu kubonakala uma kuhlolwa abasha abacishe babe yizi-5 000 abaphakathi kweminyaka eyi-10 neyi-18 ubudala ezikoleni eziyi-160 kulolonke laseNgilandi. Kwabaneminyaka eyi-10 ubudala, abangamaphesenti angama-71 bacabanga ukuthi wonke umuntu kumelwe athandaze kuNkulunkulu, kuyilapho kwabaneminyaka eyi-18 ubudala bangamaphesenti angama-34 kuphela abakucabangayo.
Kungani kunomehluko phakathi kwabantwana abadadlana nabancane? Ngokusobala, njengoba bekhula, abasha bathonywa ukungabi nathemba nokungabaza kwezwe elibazungezile. Noma mhlawumbe baye babuza imibuzo okungekho namunye oye wakwazi ukuyiphendula.
Okuthile Okungaphilelwa
Kungani uGeorge ngokuhlukile engazange athonywe yilokho kungabaza? Uthi wafunda kubazali bakhe “izindlela ezinhle nezimfanelo zothando” zikaJehova uNkulunkulu. Ngakho, wathola umuzwa wobuhlobo noNkulunkulu, umuzwa wokumazi nokwaziwa nguye. Lokhu kwanikeza uGeorge injongo, umgomo ekuphileni. Futhi kwamsiza ukuba alondoloze izinga eliphakeme lokuziphatha okuhle.
Kodwa kusiza ngani ukuba nezinga eliphakeme lokuziphatha okuhle nemigomo uma ikusasa lifiphele kangaka futhi sonke lesisimiso sezinto sibonakala siwohloka?
Ukonakala kwalesimiso sezinto akuyona into emangalisayo kubafundi abazimisele beBhayibheli. Bayazi ukuthi iBhayibheli lixwayisa ukuthi ezinsukwini zethu abantu bazakuba “ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando . . . ,” njalo njalo. Futhi, eqinisweni, lezi yizo kanye izinto ezenza ukuthi izwe liguquguquke kangaka.—2 Thimothewu 3:1-5.
Kodwa, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uye waphawula ukuziphatha okubi komuntu futhi angeke akuyekele kuqhubeke njalo. Kunalokho, uzo“bhubhisa ababhubhisa umhlaba.” (IsAmbulo 11:18) Kodwa lokho akuyikuba isiphetho sakho konke. IBhayibheli lithembisa futhi ‘amazulu amasha nomhlaba omusha esiwulindeleyo ngokwesithembiso sakhe, okukhona kuwo ukulunga.’—2 Petru 3:13.
Labo ababusayo kulesimiso esisha abayikuba abashisekeli bezombangazwe abaphambukile noma osozimboni abangenasihawu. Kunalokho, siyathenjiswa: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba . . . Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—AmaHubo 37:9, 11.
Mhlawumbe, ekufundeni lokhu abanye bangathi: ‘Angeke kwenzeke!’ Kodwa uGeorge uyakholwa ukuthi kungenzeka. Njengoba abayizinkulungwane bekholelwa njengaye. Abasibo abathathekayo noma abakhohlisekayo. Qha, njengentsha yanamuhla kuyo yonke indawo, baye bafuna ubufakazi ngaphambi kokuba bakholelwe ezintweni. Futhi uma sebecabangele ubufakazi bokuthi lezozithembiso zinokwethenjwa, bayazikholelwa.
Situsa ukuba ungazenqabi lezizithembiso ngaphambi kokuba uzihlole ngokwakho. Empeleni, yiliphi elinye ithemba lesikhathi esizayo?
Ukuphila Okuphumelelayo Manje
Mhlawumbe ungabona ukuthi kungani intsha njengoGeorge ihluke kangaka kwabanye abaningi bentsha yanamuhla. Bayintsha evamile, ngoba nabo babhekana nokucindezeleka okufanayo nobunzima lobo bonke abanye abasha ababhekana nabo njengoba bekhula. Kodwa bazibekele ngaphambi kwabo ikusasa elihle. Banenjongo ekuphileni, futhi, ngakho-ke, aba“lahlekile.” Ngokwengeziwe, ngoba bakholelwa eBhayibhelini baye bafinyelela komangalisayo umthombo nokuqondiswa obasiza ukuba bagweme izihibe futhi benze ukuphila kwabo kuphumelele manje.
Ngokwesibonelo, kuvame ukwenzeka ukuthi intsha, icasulwe yilelizwe, izame ukuba ehlukile. Nokho, uma yenza lokhu, ingabe inokuthile okungcono engakunikela? Akulona yini iqiniso ukuthi abasha abaningi bangabaziphethe kabi ngokweqile, nabeqisayo, bangabagcwele ubudlova kakhulu noma banobugovu ukwedlula isimiso abasisolayo?
Kuyiqiniso, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibe ngabahlukile. Lithi: “Ningalingisi lelizwe.” Kodwa bese lisibonisa ukuthi singakwenza kanjani lokhu ngokuphumelelayo. “Niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.” (Roma 12:2) Ngakho, umKristu woqobo uba ngowehlukile ngokuzama ukulondoloza izindinganiso eziphakeme kulezo ezivamile kulelizwe. Uzama ukuba aphile ukuphila uNkulunkulu athi makuphilwe, futhi ngaleyondlela akonakalisiwe yizwe.
Futhi, uJesu wathi: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” (IzEnzo 20:35) Lesi akusona isimo esivamile. Namuhla abantu banomuzwa “wokufuna ukuba ngabokuqala.” Kodwa ingabe lesosimo siye saletha injabulo? Eqinisweni akunjalo. Ngakho-ke, umKristu olandela iseluleko seBhayibheli futhi enze ngokungenabugovu ubonisa indlela enhle yokwenziwa. Awuphawulanga yini ukuthi kukanjani ‘ukuphana kuzala okunye ukuphana’? Umuntu ophanayo wenza isimo esimzungezile sibe ngesijabulisayo ukuhlala kuso. Naye uyajabula ngoba uhlakulela izimfanelo lezo uNkulunkulu ekuqaleni azifaka kumuntu.—Luka 6:38.
IBhayibheli futhi lisiyala ukuba sisebenze kanzima, singabi abavilaphayo noma abadla ngandoda. (Efesu 4:28; 2 Thesalonika 3:12) Lokhu kuwusizo kithi. Sadalelwa ukusebenza, futhi kukhona ukwaneliseka nenjabulo ekufezeni izinto. (UmShumayeli 2:24) Labo abagwema umsebenzi bayonakala ekuziphatheni nangokomzimba.
Ngokufanayo, siyaxwayiswa ukuba singenzi imali ibe unkulunkulu wethu. Simelwe sisebenze, kodwa ukwenza ukuzuza imali kube umgomo wethu wokuqala ekuphileni kungaba nemiphumela edabukisayo. IBhayibheli lithi: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Mhlawumbe uye wafunda ngabantu abaye basebenza kanzima ukuze bacebe kakhulu. Baye bajabula yini ngokwenza kanjalo? Kaningi baye banikela ngempilo, injabulo, imikhaya nabangane ekufinyeleleni umgomo wabo.
Cha, uNkulunkulu unikeza izinto eziningi ezibalulekile esingazisebenzela. Abantu abahlakaniphile balandela iseluleko: “Benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.”—1 Thimothewu 6:18, 19.
Ingabe lokhu kunengqondo kuwe? Ngokuqinisekile, indlela engenasimiso izinto ezenziwa ngayo kulelizwe ayinangqondo. Kodwa abayizigidi namuhla bathola ukuthi indlela yokuphila esekelwe ekukhonzeni uNkulunkulu nomakhelwane wethu, futhi esekelwe ethembeni elilindelwe lokujabulela ikusasa elihle uNkulunkulu alibeke phambi kwethu, ingephumelelayo neqondakalayo. Iyasebenza.
Manje, uma ungumzali, kungenzeka unomuzwa wokuthi: “Angifaneleki ukunikeza abantwana bami ukuqiniseka okuqine kangako ngesikhathi esizayo, nalezimiso ezinamandla zokuphila. Anginalo nje ulwazi olwanele.” Noma abasha bangazibuza: “Ngingaluthola kuphi lolohlobo lolwazi?” Nokho, ulwazi oluyisisekelo luseBhayibhelini. Kodwa abazali bakaGeorge basizwa oFakazi BakaJehova ukuba bafinyelele kulololwazi. Labafundi beBhayibheli bazimisele ukusiza bonke—abancane nabadala—ukuba bathole lololwazi olufanayo futhi bazibonele ngokwabo ukusebenza kwalo.
Kungani ungalwamukeli usizo lwabo? Ukuphila akufuneki kube okudumazayo nokungenanjongo. Uma umncane—noma ungemncane kangako—kungani ungalandeli isibonelo sabayizinkulungwane, labo njengoGeorge, abaye banikeza ukuphila kwabo injongo. Jabulela ukuphila okwanelisayo manje, futhi yiba nokuqiniseka ngesikhathi esizayo lokho okuyophumelela.
[Isithombe ekhasini 5]
Ngaphandle kokuba intsha ibe nomgomo oqinile ekuphileni, iphambukiswa kalula enkambweni eqondile
[Isithombe ekhasini 6]
Ngeshwa, izihlubuki eziningi ezisezincane namuhla zinobudlova kakhulu noma zinobugovu kakhulu kunesimiso sezinto ezisisolayo
[Isithombe ekhasini 7]
Lapho sebecabangele ubufakazi bokuthi lezozithembiso zinokwethenjwa, bazikholelwa