Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 11/15 k. 30
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukuzimisela Ukuphila Ngezindinganiso Zokuziphatha ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 11/15 k. 30

Ukuxazulula Izinkinga Zentsha

Okulandelayo kukhishwe encwadini eyamukelwa eSão Paulo, eBrazil, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Yayibhalwe unina wabantwana abane onendoda engakholwayo. Ngokuqondene nendodakazi yakhe eneminyaka eyi-13 ubudala, wabhala:

“Ngimelwe ngivume ukuthi angizange ngiyinakekele ngokwanele . . .

“Ngaqala ukuphawula ukuthi indodakazi yami yayiphola ngokuqondene nokuba khona emihlanganweni, ezingxoxweni zomkhaya zeBhayibheli nasenkonzweni yasensimini. Lapho ngiyibuza ukuthi kwakwenzenjani, impendulo yayiwukuthi, ‘O, akukho lutho.’ Khona-ke ngolunye usuku yangitshela ukuthi yayihlanganyela kulemisebenzi yobuKristu ngenxa yokuba yayibophekile, hhayi ngoba yayithanda. Yathi ayifuni ukuba njengodadewabo, ibe nomunye woFakazi BakaJehova njengesoka layo futhi ishade ‘eqinisweni.’ Yayifuna uhlobo lokuphila olujatshulelwa yiwo wonke umuntu. Kwakunzima ukukholelwa engangikuzwa, njengoba siba naso isikhathi esijabulisayo ndawonye njengomkhaya.

“Ekuyigubheni kwami, yathi ezinkulumweni zayo nabangane bayo besikole yayingabona lokho izwe elingakunikeza. Futhi, ngokwabo, ngangincishana futhi ngingumama obophanayo. Ngakho yacela ukuba ngiyinike izinyanga ezinhlanu ngaphandle kwanoma imuphi umsebenzi wobuKristu ukuze ingazibonela ekufunayo ekuphileni.

“Ngemva kokucabanga ngalokhu isikhathi esithile, ngasikisela okulandelayo: Ukuthi esikhundleni sokuyinikeza izinyanga ezinhlanu ngaphandle kwanoma imuphi umsebenzi wobuKristu, kumelwe inginikeze izinyanga ezinhlanu zokusondelana nayo. Ngangizohamba nayo uma iya esikoleni noma ibuya futhi yayizohamba nami ezifundweni zami zeBhayibheli nasezimpindelweni. Ngamanye amazwi, yayizohlanganyela nami ngokugcwele emisebenzini yobuKristu.

“Wavuma, futhi manje izinyanga ezimbili sezedlule futhi imiphumela iye yaba mihle kakhulu. Yona ngokwayo iyavuma ukuthi isimo sayo sasiwubuphukuphuku bobungane. Ngiyasibona futhi isandla sikaJehova kubo bonke abantwana bami abane. Ngempela ngibusisiwe. Emithandazweni yami ngiye nganikela abantwana bami kuJehova, kodwa yimi engithola isipho.”

Ngemuva kwezinyanga ezine intombazane encane yayihlanganyela futhi ngokugcwele nangokuzithandela kuyo yonke imisebenzi yobuKristu, futhi unina wayehlakaniphile futhi ebonisa ukwazisa okukhulu. Kungase kube ukuthi ukusikisela kwakhe kungasiza ekuxazululeni izinkinga abanye abanazo ekukhuliseni abantwana babo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela