Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 1/15 kk. 9-13
  • Umsebenzi Oqabulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsebenzi Oqabulayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindonga Sezimile Ngemizuzu
  • “Kubonakala Njengesiduli Esinomsebenzi Omningi!”
  • Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ukuhlangabezana Ngenjabulo Nezidingo Zesivuno
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukubonakalisa Ukholo Ngemisebenzi Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 1/15 kk. 9-13

Umsebenzi Oqabulayo

UPHAWU lwasendaweni yokwakha eAtlanta, eGeorgia, emaphethelweni eDunwoody lwamemezela usuku lokwakhiwa kweHholo LoMbuso: “23 no-24.” Izinsuku ezimbili zabangela lokhu kuphawula: “Sebehluleka nje ukunquma ukuthi bayoqala ngomhla ka-23 noma ka-24?” Abantu abakwazanga ukuqonda okwakushiwo uphawu: IHholo LoMbuso liyoqala ngomhla ka-23 liqedwe ngomhla ka-24. Nokho, lokho okubizwa ngokuthi izimangaliso zezinsuku ezimbili kwenzeka cishe zonke izinyanga kuzo zonke izingxenye zeUnited States.

Entathakusa ngoMgqibelo eDunwoody, izinqwaba zezinto zokwakha zazibekwe ngesu endaweni engamamitha skwele kakhonkolo angama-391 owawuthelwe ngaphambili. UBen Kelley, owayeqondise ukuthelwa kwalokhonkolo, waphawula ukuthi yonke into yayibekwe ngononina ukuze isetshenziswe masinyane lapho idingeka. Wathi: “Bheka izingcwecwe ezimelela ukupulastela.” “Zibekwe inqwaba phakathi nendawo lapho kuzoba yindawo yezilaleli. Sizokwakha emaceleni nangaphezu kwazo, kodwa lapho isikhathi sifika ziyoba lapho kanye abafaka izingcwecwe ezimelele ukupulastela bezidinga khona.”

Lapho esakhuluma abasekhishini babephakela izisebenzi zokuzithandela ezingamakhulu amathathu ukudla kwasekuseni—ngo-6 ekuseni.

Izindonga Sezimile Ngemizuzu

Ngemizuzu emihlanu ngaphambi kwelesikhombisa umsebenzi waqala. Zonke izisebenzi sezizungeze isisekelo sikakhonkolo njengeqembu elilodwa eliqinile, bonke abakhi bezindonga. Izando zaqala ukushayela. Izindonga zamiswa zigaxwa ezinsikeni zensimbi ezase zilinganisiwe. Ngemizuzu emibalwa Udonga Lokuqala lwamiswa. Khona-ke Udonga Lwesibili. Khona-ke Udonga Lwesithathu. NoLwesine. Ubude nobubanzi behholo base buphakeme ngemizuzu nje, futhi izinsika zalo ezibanzi ngamamitha angu-0,6 nobude obungamamitha ama-3 zambozwa ngokushesha ngamapulangwe ayiziqeshana namabhodi amnyama avikelayo. Ukushaya kwezando kwancipha njengoba iqembu lezisebenzi lihlukana ekumiseni udonga ukuba lakhe amaqembu amancane—asebenza ngogesi, ababazi, abafaka amapayipi, omeselandi, abalungisi bendawo yangaphandle kwehholo nabanye. Iqembu ngalinye laliqondiswa umholi womsebenzi ababekhulumisana naye ngomshini ongena ephaketheni.

Iqembu elivala izikhala, labesifazane, lalifaka phakathi kwezindonga ezingaphakathi okusazitini okwenziwe ngengilazi. Amadoda aqinile ayekhweza uphahla olusindayo. Izindonga ezihlukanisayo zazikhula. Ikamelo elikhulu, amakamelo okuhlala, indlu yomtapo wezincwadi, indawo yezincwadi, isiteji nendawo yezilaleli enkulu esamhubhe—konke kwase kubonakala ukuma kwakho. Ngandlela-thile amaqembu ahlukene ayechusha kwamanye njengoba ayenza imisebenzi yawo, alikho elalilibazisa kakhulu emsebenzini wabanye.

“Kulapha lapho sasungula khona okwenza isimiso sisebenze,” kuchaza uStanley Peck. UPeck, umakhi nesikhonzi esiwuFakazi kaJehova, wayeqalise lendlela ngosizo lweqembu labakhi abangoFakazi eNtshonalanga ePhakathi. “Okokuqala,” esho, “isimiso sisebenza kahle ngosizo lwezisebenzi eziningi nezingcweti ezanele ezinekhono nabaphathi ukuze kusetshenziswe lolusizo olungapheliyo.” Kodwa, nizihlela kanjani izisebenzi ezingama-300 endaweni eyodwa yomsebenzi? “Abantu abaningi ngaso sonke isikhathi basibuza lokho,” kuphendula uPeck. “Mhlawumbe iqulo lezinyosi lingakwenza lokho. Noma ihele lezintuthwane. Kodwa abantu? Ngaphandle uma kuyizisebenzi zikaJehova ezizinikezele. Izingcweti zangempela ziqondisa iqembu ngalinye futhi wonke amaqembu aqondiswa abaqondisi bawo. Kunjengasebandleni lobuKristu, lapho uNkulunkulu ehlomisa abanye ‘ngamakhono okuqondisa futhi abanye ngamakhono okwenza izinkonzo ezilusizo.’”—1 Korinte 12:28, NW.

Kumelwe kushiwo ukuthi ukumisa ihholo elinjalo lokuhlanganyela ngokushesha akunakwenziwa noma kuyiphi indawo. Njengoba ningabona, kufuna okungaphezu kwezandla zokuzithandela. Kufuneka kutholakale ochwepheshe bemisebenzi ethile nabanokuhlangenwe nakho ekwenzeni amapulani, ukulungiselela nokuqondisa okudingekile ngesakhiwo esinjalo ukuba sime. Futhi kudingeka ukubambisana okuhle nezikhulu zendawo nabahloli bezokwakha.

“Kubonakala Njengesiduli Esinomsebenzi Omningi!”

Uhlaka lwehholo lwalwenyuka ngokushesha okukhulu endaweni yalo engama-eka amabili kangangokuba emini yasekuseni abantu abadlulayo babemangele baqala ukuqonda okwakushiwo izinsuku zokwakha ezimbili. Omeselandi babemisa izikafula; amaqembu alekelelayo ayelungisa isitini nodaka. Ababazayo nabafulelayo babephithizela eceleni kwabo. Omeselandi baziphenyela indawo yokusebenza eceleni nangaphansi kwabo, futhi ngezinye izikhathi phakathi kwemilenze yababevala ngamapulangwe izingxenye zophahla eziphuma odongeni ngaphandle. Ngesikhathi esifanayo izisebenzi zazifaka okushayisa umoya zazichushisa izintambo zikagesi phakathi kwawo wonke amanye amaqembu. Cishe izisebenzi eziyikhulu zazisophahleni, zilungiselela ukufulela, zithwele futhi zifaka inqwaba yamapulangwe asindayo okufulela.

Phansi kwakunabaningi ngokwengeziwe ababephithiza nakhona. Abanye babethwala izinto zokwakha beziyisa lapho zidingeka khona. Namaqembu abiyayo ayematasatasa. Abalungisa ngaphandle babetshala utshani nezihlahla egcekeni, futhi benza imibhede yezimbali. Amahele abasebasha nasebebadala ayeya lena nalena ecosha noma iyiphi imfucumfucu—izipikili ezigobile, izitsha esezilahliwe, izinto ezingasenamsebenzi. Yayingekho into eyayiyekelwe ukuba ingcolise noma ilibazise intuthuko yanoma ubani. Futhi kusukela ekuqaleni umnyango ohambayo weziphuzo—amantombazane nabafana ngababili—bazungeza sonke isakhiwo neziphuzo ezibandayo nokudla okululana. Enye ingqapheli yaphawula: “Kubukeka njengesiduli esinomsebenzi omningi!”

Usuku Lokuqala lucatshangelwa njengolunempumelelo uma, ekushoneni kwelanga, abafaka izingcwecwe ezimelela ukupulasitela nabomisi bezindonga sekuyibo abangenayo. Lezisebenzi kumelwe zilindele izindonga ezinezinsimbi nezifakwe okokuvimbela ugesi nosilingi owawufakwa imishayo. Ngakho zasebenza kwaze kwaba sebusuku zishayela izingcwecwe ezisindayo. Lezizindawo kumelwe zigcotshwe ngomuthi othile owoma ngokushesha, zikhuhlwe, futhi zipendwe noma zifakwe iphepha ngaphambi kwemini yoSuku Lwesibili. Ngalesosikhathi wonke umsebenzi uyama futhi ibandla liqhuba umhlangano walo wokuqala eHholo LoMbuso elisha. EDunwoody ukhaphethi wawungakafakwa, ngakho abantu abangamakhulu amathathu bahlala phansi kukhonkolo nabanye abangamakhulu amabili bahlala phansi ngaphandle kwesakhiwo ukuze bahlanganyele esifundweni seNqabayokulinda samasonto onke.

“Sinezivakashi ezivela eVirginia naseFlorida,” kuphawula uCharles Leibensperger, unobhala wekomiti yokwakha. “Abanye babo bahlela ukwakha amahholo. Bafuna ukubona indlela okwenziwa ngayo. Manje njengoba uStan Peck eye weza futhi wasihlela kahle, singaqala ukuceba ukubasiza.” UPeck wachaza: “Sinelungiselelo lapho noma obani abanokuhlangenwe nakho behlola amapulani abo namalungiselelo eqembu lezisebenzi. Khona-ke amalungiselelo ayenziwa okuba ababili noma abengeziwe abanokuhlangenwe nakho emsebenzini basebenze nekomiti yabo yokwakha ukuze bahlele yonke into futhi bahlole uhide lwezinto zokwakha; futhi oyedwa noma abangaphezulu bethu bahlela ukuba khona phakathi nezinsuku ezimbili zokwakha.” Akekho okhokhelwayo nganoma yimuphi walomsebenzi.

Njengoba uSuku Lwesibili lwaluphela eDunwoody iqembu lama ngaphandle libuka ihholo lapho kwakukade kungekho lutho ngayizolo ekuseni, omunye uFakazi wathi: “Lena indlela umoya kaJehova osebenza ngayo ukuze kufezwe umsebenzi onjengalona. Kulula. Abantu bakhe bayasabela emoyeni wakhe. Bayabambisana ngenxa yomgomo ofanayo. Akukho abakwenzela inzuzo yabo siqu kodwa ngothando ngabazalwane babo nangoNkulunkulu wabo. Ingabe lena akuyona imiyalo emibili emikhulu ekuMarku 12:28-31, uku‘thanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho,’ noku‘thanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena’?”

[Isithombe ekhasini 10]

Ngeqembu elinjengaleli iHholo LoMbuso lingakhiwa ngezinsuku ezimbili

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela