Ingabe Uzizwa Ulondekile?
Ikusasa Elilondekile Lisondele!
“NINGAETHEMBI ezikhulwini, noma kumuntu ofayo—akakwazi ukusindisa.” (IHubo 146:3, The Jerusalem Bible) Lesoseluleko esiqondile esanikezwa eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezimbili edlule singesifaneleke ngokwengeziwe namuhla lapho abezombangazwe, ososayensi, abefundisi nabaholi bezempi bezama lonke uhlobo lwekhambi ezinkingeni zesintu.
Kungani kungamelwe sithembele “ezikhulwini”? Ngoba, ngisho nakuba zingase zikholwe ngenye indlela, isiphetho somhlaba nesintu asikho ezandleni zazo. IBhayibheli lichaza ngokusobala: “Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.” (IHubo 24:1) Yebo, umhlaba uyimpahla kaJehova, isenabelo sezinyawo zakhe, kodwa uwunikeze isintu ukuba siwusebenzise kahle.—Genesise 1:28; Isaya 66:1.
Ingabe umuntu uye wanikeza ukunakekela okufanelekile nokuqaphela impahla ahlala kuyo nayiphathisiwe? Ingabe uye wazibonisa ekufanele ukuqhubeka engumqashi kulento eyigugu endaweni yonke? Ingubo yokonakalisa nokungcola endlalwe umuntu kuwo wonke umhlaba iwubufakazi obukhulu bokwehluleka kwakhe. Imfuhlumfuhlu nodoti olahlwe emigwaqweni yasemadolobheni, okuthululelwa emifuleni futhi kusakazwe ezingwini kuwubufakazi obusobala bokuthi izakhamuzi eziningi zomhlaba azibona abaqashi abafanelekile. Izenzo zazo zobugovu zisongela ikusasa nokulondeka kwalabo abafuna ukuphila emhlabeni ohlanzekile.
Manje iziphi izinyathelo izikhulu ezingabantu ezizithathayo lapho impahla ingahlonishwa futhi irenti ingakhokhwa? Isenzo esingokomthetho sokuxosha isoni siyathathwa. Ingabe iNkosi enkulu uJehova inelungelo lokuxosha labo abasongela ukulondeka kwesikhathi esizayo komhlaba? Yebo, unalo, ngoba ‘uyena owawubumba umhlaba, wawenza, . . . engawudalelanga ize.’—Isaya 45:18.
Ingabe Sikhona Isandulela?
Lapho uJehova enikeza uIsrayeli amalungelo eZwe leSithembiso eminyakeni engama-3 500 edlule, wabuye futhi wawabekela iziqondiso ezicacile: “Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; . . . aniyikungcolisa izwe enakhé kulo.” (Numeri 35:33, 34) Lapho sibheka ngalé kukaIsrayeli wasendulo, umlando wesintu maqondana nalokhu mubi kakhulu. Emakhulwini amaningi eminyaka umhlaba uye wangcoliswa ngegazi lezisulu zezimpi eziyizigidi noma ukubulala okungokwenkolo, okufinyelela iqophelo eliphezulu kwelethu ikhulu lamashumi amabili elinezelayo ekufeni kwabantu ngenxa yobugebengu nokukhishwa kwezisu.
UIsrayeli wasendulo ekugcineni akayinakanga imithetho kaJehova futhi wakhokha inani—ukuxoshwa ezweni lakubo. Isizwe esihlukene kabili sakwaJuda salandela umkhondo ofanayo futhi sathola ukukhuzwa okulandelayo: “Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.” (Isaya 24:5) Ngenxa yalokho, bathola ukudingiswa okwathatha iminyaka engamashumi ayisikhombisa. Ngendlela efanayo uJehova uyothatha isinyathelo kulesizukulwane esidlula ngokushesha.—Luka 21:25-36.
Isiphi isinyathelo esiyothathwa uJehova? IBhayibheli liprofetha ukuthi ukuhlanzwa kwendawo yonke okumiswe uNkulunkulu kuseduze. Kuyimpi okudala yabikezelwa iHarmagedoni. Akunakuba yimpi phakathi kobushiqela nobuKhomanisi. Impikiswano enkulu ngokombono kaNkulunkulu ingaphezulu kakhulu kwezombangazwe zomuntu ezingcolile. Impikiswano imaqondana nokubusa ngokulunga kukaJehova phezu komhlaba. Abamelene naye, omoya bobubi emkhathini nabantu ababambisana nabo, bacabanga ukuthi bangaqhubeka behlala emhlabeni futhi baphike ngokuphelele ukukholelwa kunoma isiphi isenzo saphezulu. (Efesu 6:12; IHubo 14:1-3) IHarmagedoni, ukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova, iyosusa bonke abangcolisi bomhlaba abangabantu nabonakalisi balembulunga enhle. Indlela kaJehova yokuhlanza iyosusa futhi ibangele ukungasebenzi kwe‘mimoya yobubi’ eye yathonya isikhathi eside abantu abanobugovu abalambele ukubusa.—IsAmbulo 16:14, 16; 20:1-3.
Yini eyolandela imbubhiso yeHarmagedoni? UJehova uye wathembisa: “Bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha.” Nakuba kwagcwaliseka ngokwezinga elincane lapho amaJuda ebuya ekuthunjweni eBabiloni eya eJerusalema ngo-537 B.C.E., ukugcwaliseka kokugcina okuphelele kusazokwenzeka. Umphostoli owumKristu uPetru wagcizelela lelithemba eliqinisekile ngesikhathi esizayo lapho eloba: “Siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” Lesosimiso esisha esimiswe uNkulunkulu siyoqinisekisa ikusasa elilondekile emhlabeni wesintu esithembekile nesilalelayo.—Isaya 65:17; 2 Petru 3:13; Thithu 1:2.
Uma ungase uthande ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngalelikusasa elilondekile ngaphansi kokubusa kombuso kaNkulunkulu ngoKristu, siza uzizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini.