Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/1 kk. 3-4
  • Isikhathi—Siyini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhathi—Siyini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaqiniso Ngesikhathi
  • Iwashi Lasendulo
    I-Phaphama!—2011
  • Kungani Singekho Kangaka Isikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Woza Uzobona Futhi Uzwe “INkosi Yamawashi”
    I-Phaphama!—2010
  • Iwashi LasePrague Eliyinqaba
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/1 kk. 3-4

Isikhathi—Siyini?

ISIKHATHI sini? Kukaningi kangakanani ubuza lowombuzo? Mhlawumbe njengoba ufunda lelikhasi uzizwa uphishekele ukujeqeza iwashi lakho noma ukubheka iwashi elisodongeni. Kungani? Kungoba umuntu ukuphaphamele ngokujulile ukuhamba kwesikhathi, njengokungathi akakwazi ukuphila ngaphandle kolwazi oluthile ngaso.—IHubo 90:12; UmShumayeli 3:11.

Zonke izinsuku iningi lethu liqondiswa iwashi. Silala, sivuke, sidle, sisebenze noma sizithokozise, hhayi ngaso sonke isikhathi uma sizwa sithanda, kodwa uma sishukunyiswa yizinti zewashi. Futhi, ngokulangazelela, uma sibheka iwashi singase singanaki ukuthi isikhathi sini kodwa sikhathalele ukwazi ukuthi sisalelwe yisikhathi esingakanani ngaphambi kokuba kwenziwe lokhu noma lokhuya.

Zonke izinto eziphilayo kubonakala sengathi zinewashi elingaphakathi. Ngokwesibonelo, imithi eminingi nezilwane ngaphakathi kwazo zinokuthile kokubala isikhathi esiqondile sokuqhakaza nokuthuthela kwelinye izwe, ngokwezimo zazo. Ngaphandle kokuba siqaphele, amakhemikhali ayavuleleka ngaphakathi kithi futhi ukusebenza komzimba kuqondiswa ukuncencetha kwamawashi ezempilo. Ingabe lokho akukukhumbuzi yini ngesisho esithi, “Konke kunesikhathi sakho”?—UmShumayeli 3:1.

Ubungachaza kanjani ukuthi isikhathi siyini? Abanye bebengathi isikhathi siyindlela yokubheka izinto noma ubude phakathi kwezenzakalo. Ngakho-ke, ukuba akukho lutho olwake lwenzeka ngabe asikho isikhathi. Kodwa ukuchaza ukuthi isikhathi siyini ngempela kuba ngokuxakayo njengokuchaza ukuthi uyini umkhathi wendawo yonke. Kodwa izici ezithile zesikhathi ziyaziwa.

Amaqiniso Ngesikhathi

Siyayazi indlela isikhathi esihamba ngayo—siya phambili. Siya endaweni eyodwa. Okokuqala sekudlulile, akusenakubuye kuphindwe. Amaphutha ethu aye ashiya izimpawu ezihlabathini zesikhathi, njengemisebenzi yethu emihle. Ngaso sonke isikhathi siphila esikhathini samanje futhi siqhubekela esikhathini esizayo, kodwa asinakuphindela emuva futhi siguqule amaphutha ethu. Kungakho kubalulekile ukwenza kwethu izinqumo ezinhle manje ukuze sijabulele isikhathi esizayo esingcono kunokuba kube esokuzisola.—IzAga 3:1, 2.

Siyakwazi ukulinganisa isikhathi. Esikhathini esidlule umuntu wayeneliswa ukuba ilanga, inyanga nezinkanyezi kuphawule ukuhamba kwesikhathi. Ngabaningi, uma ilanga liphuma ekuseni kwakuyisikhathi sokusebenza, kuthi lapho ilanga lishona ntambama kube yisikhathi sokulala.

Njengoba umphakathi wanda futhi uhamba kakhulu, umuntu wakukhathalela kakhulu ukulinganisa isikhathi. Ngokuhlakanipha komuntu izinto ezasungulwa zokwenza lokhu zatheleka ngamandla—insimbi ekhombisa isikhathi ngethunzi lelanga, ukushiswa kwamakhandlela, ingilazi enesihlabathi phakathi elinganisa ihora, amawashi azihambelayo, futhi namuhla, amawashi ahamba ngogesi. Konke lokhu kunjengabaqondisi ekulinganiseni ukuhamba kwento engabonakali ebizwa ngokuthi yisikhathi. Ngenxa yokukhathazeka komuntu ngokugcina isikhathi esiqondile, abantu abaningi baye basuka ekubeni umphakathi okhathalela umsebenzi baba umphakathi okhathalela isikhathi.

Kodwa kungani isikhathi sibonakala sishesha ngesinye isikhathi kwesinye sidonse? Lokhu kungenxa yokuthi isikhathi singalinganiswa ngezenzakalo. Inkathi yokungenzi lutho ibonakala iyinde kunenkathi yomsebenzi, futhi uma sinesithakazelo esikhulu kwesikwenzayo isikhathi sibonakala sishesha ukudlula. Uma umsebenzi uyisicefe, isikhathi sibonakala sihamba kancane. Ingabe kwake kwenzeka kwafuneka uhlale ulinde othile? Ihora elingenalutho elichithwa ngaleyondlela libonakala lilide kakhulu—isenzakalo esisodwa. Kodwa ake sithi kulelohora elifanayo ubunemisebenzi eminingana elandelanayo okumelwe uyenze, njengokulungisa ukudla kwezivakashi ebezingalindelwe (ukucwecwa amazambane, ukufaka inyama kuhhavini, ukupheka imifino, ukulungisa itafula, ukulungilungisa ngokushesha indlu nokuzilungisela ukuba ubukeke phakathi kwabanye)? Khona-ke lelohora liyobonakala ligijima ngesivinini esikhulu, ngoba bekunezinto eziningi zokuligcwalisa.

Ukuqaphela kwethu isikhathi esidlule, isikhathi samanje nesizayo kuyasihlukanisa ezilwaneni. Izilwane ziphila esikhathini samanje esiqhubekayo, kodwa abantu, nakuba bephila esikhathini samanje, bangase bakhumbule okuhlangenwe nakho okudlule ukuze bacabangele izidingo zesikhathi esizayo. Futhi njengoba iminyaka ihamba futhi sinqwabelanisa okuhlangenwe nakho okuningi kokuphila, isikhathi sibonakala sidlula ngokushesha. Ngakho-ke, njengoba siba badala futhi siqaphela kabuhlungu ukuthi siyafa, ingabe akumelwe sicabangisise ngokuphila nokuthi sikuphila kanjani?—IHubo 90:10.

Ukuphawula kwembongi uHenry Austin Dobson ngesikhathi kuyiqiniso kakhulu:

“Uthi, isikhathi siyahamba? Oh qha!

Hha, Isikhathi siyasala, thina siyahamba.

Kodwa ingabe lokho kufanele kube njalo ngaso sonke isikhathi? Akunjalo uma sazi ngempela ukuthi “isikhathi” sini. Umuntu angasibala isikhathi, aveze imibono ngesikhathi, asilinganise ngokuqondile isikhathi, kodwa ingabe uyazi ukuthi isikhathi sini ngokubheka kukaNkulunkulu? Sikuphi ngokuhlobene nesimiso saKhe sezenzakalo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela