Izidingo Zethu—Ingabe Ohulumeni Bangazigcwalisa?
UKUDLA okwanele, amanzi okuphuza ahlanzekile, izembatho ezifanelekile nendlu yokuhlala—lezi izimfuneko eziyisisekelo zokuphila. Kulo lonke izwe, ngaphansi kwalo lonke uhlobo lwesimiso sezomnotho, abantu bashikashikekela lezidingo eziyisisekelo.
Ingabe uchitha esiningi sesikhathi sakho uzama ukuzithola? Ingabe uhulumeni wezwe ohlala kulo uzilungiselela ngokwanele izindlela zokuzithola? Liyini irekhodi lohulumeni ezweni lonke, maqondana nalokhu?
Ukudla
“Okungenani abantu abayizigidi ezingama-450—mhlawumbe abayizigidi eziyinkulungwane—banokudla okuncane kunokudingeka ngokuyinhloko ukuze umuntu aphile.”—Scientific American.
“Izinguquko esilinganisweni sokudla kwaseU.S. phakathi nalelikhulu leminyaka ziye zabangela ukuphakama okukhulu kokungondleki . . . okungalimaza impilo ngokuba yisici esinganakiwe esibangela ukufutheka okweqile kwegazi nezifo ezixhwalisayo.”—Ubufakazi bodokotela, izazi zokudla nososayensi be-US Senate Select Committee.
Amanzi Okuphuza
“Abantu abangaphezu kwengxenye baMazwe Ampofu abanawo amanzi okuphuza ahlanzekile.”—Earthscan, njengoba icashunwe kuWorld Press Review.
“Umfula [iRhine, ewumthombo wamanzi okuphuza wabantu baseYurophu abayizigidi eziyi-18] uthwala ukungcola kwabantu abayizigidi ezingama-60 . . . Ngo-1973, amaphesenti angama-55 amanzi angcolile awahlanzwanga noma ahlanzwa ngokuyingxenye kuphela ngaphambi kokuba afakwe emfuleni.”—World Health (umagazini weNhlangano Yezwe Yempilo).
“Amanzi avela phansi ezingxenyeni eziningi [zaseUnited States] asongelwa ukonakaliswa okusakazeke yonke indawo okuvela emithini ethakiweyo enobuthi nebolayo.”—The New York Times.
Izembatho Nezindlu
Kulo lonke izwe “izigidi ezingama-800 azinazo izindlu.”—El Tiempo, Colombia.
“Kwelinye izwe laseNingizimu Melika elimi kahle uma kuqhathaniswa “abangaphezu kwesigamu [senani labantu bakhona] abanazo izembatho ezifanelekile, bahlala ezindlini ezesabekayo futhi bantula amanzi okuphuza.”—El Espectador, Colombia.
Kungani Lokhu Kuntula Kuphikelela?
Ohulumeni banikeza izizathu eziningi zalokhu kuntuleka. Ake ubone ukuthi ucabanga ukuthi ziyiqiniso yini.
1. Kuthiwa ukungondleki okuningi kubangelwa ukungazi. Abantu bamane nje abakwazi ukudla okufanelekile kokudliwa.
2. Abanye bathi kunokudla okwanele emhlabeni, kodwa, njengoba umbiko wezindaba ubonisa, “ukuntuleka kwezinto zokuthutha, hhayi ukudla, kungesinye sezizathu eziyinhloko zendlala nokungondleki eMazweni Ampofu.”
3. Inhlangano Yezolimo Nokudla (FAO) ithi ukukhulumisana okuthatha kancane nemithetho yokuvikela ivimbela ukungena kwamazwe asathuthuka ezimakethe zamazwe athuthukile.
4. Izizwe eziningi zizithola kufuneka zikhethe phakathi kokuthenga izikhali nokulungiselela ukudla okudingekayo kwabampofu. Imali echithwa minyaka yonke ezikhalini zezwe “ingaba ngeyanele ukuze yanelise izidingo eziyisisekelo zaMazwe Ampofu kuze kube unyaka ka-2000 . . . Ukonga okuncane ezindlekweni zokuzivikela kungenza kube nokwenzeka ukulungiselela amanzi okuphuza, ayisici esidingekayo sokuphila—kubantu abayizigidi eziyi-1 200. Ngemali esetshenziswayo ekwakheni nasekusebenziseni owodwa umkhumbi-ngwenya wesimanje, kungakhiwa amakhaya afanelekayo ayizi-450 000.”—El Tiempo.
Isizathu Esiyinhloko
Ungase uvume ukuthi izinkinga ezingenhla zibangela ubunzima ekulungiseleleni izidingo zesintu. Kodwa ngemva kwazo kukhona okuthile okuyisisekelo ngokwengeziwe: Lesi simiso sezinto sikhuthaza wonke umuntu ukuba abe yigovu ngokuphelele. Abantu ngabanye ‘bafuna kube yibo kuqala.’ Izithakazelo zezentengiselwano zonakalisa umphakathi ngeminako yokufuna inzuzo. Amaqembu ezenhlalo avikela ngomona amalungelo awo futhi awazimisele ukudela okuthile ukuze asize abahluphekile. Imibuso ilwela ngonya ubukhosi bayo futhi ithuthukisa izithakazelo zayo, kungakhathaliseki ukuthi ubani omunye olimalayo.
Kusobala ukuthi ubambiswano lwezwe lonke lweqophelo eliphakeme luyadingeka uma izidingo eziyisisekelo zaso sonke isintu zizolungiselelwa. Kwesanamuhla isimiso sezinto akukho noyedwa ngaphandle kwabantu othemba okuhle kakhulu ocabanga ukuthi ubambiswano olunjalo luyoke lwenzeke. Ingabe ngobuqotho ucabanga kanjalo?
Likhona Yini Ikhambi?
Yebo, likhona. Kodwa livela emthonjeni ongaqashelwa abantu abaningi. Lingase likumangalise.