Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 6/15 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkulungwane Enhle Yeminyaka Iyasondela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Lapho Ulwazi NgoNkulunkulu Lugcwala Emhlabeni
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuchoboza Ikhanda Lenyoka
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 6/15 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ IsAmbulo 20:5 sithi “abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane.” Ingabe lokhu kuyoba ngaphambi kovivinyo lokugcina noma ngemva kwalo?

Lamazwi ngokusobala asebenza esikhathini lapho abantu befinyelela ekupheleleni ekupheleni kokubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane, kodwa ngaphambi kokuba uSathane akhululwe kwalasha futhi alethe uvivinyo olunqumayo esintwini.

Umongo wesAmbulo 20:5 umaqondana namaKristu agcotshiwe uNkulunkulu awavusa ukuba abe izindlalifa noKristu. (Roma 8:17) Laba ‘bafinyelela ekuphileni futhi babuse njengamakhosi noKristu iminyaka eyinkulungwane.’ (IsAmbulo 20:4) Ngemva kokuveza lelophuzu, kodwa ngaphambi kokukhuluma okwengeziwe ngalaba babusi, isAmbulo 20:5 sikhuluma ngalabo abayophila emhlabeni, sithi: “Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane.”

Labo abafile ngokwenyama futhi abayovuswa emhlabeni phakathi nokubusa kweminyaka eyinkulungwane bayobe besengabantu abangaphelele. Futhi, labo abayosinda empini kaNkulunkulu ngeke benziwe baphelele futhi bangabi nasono ngokushesha. Njengoba beqhubeka ngokwethembeka kuNkulunkulu phakathi nokubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane labo abayobe besindile emhlabeni ngokusobala kancane kancane bayoqhubekela ekupheleleni. Ngakho-ke, uma abantu ezigabeni zombili bengakakhululeki esonweni esazuzwa njengefa, ngomqondo othile bayobe ‘befile’ (futhi abanakukwazi ukuphila ngokugcwele) ngokubheka kukaNkulunkulu.—Luka 9:60; Efesu 2:1.

Kungakhathaliseki ukuthi abantu bavusiwe, basinde “osizini olukhulu” noma bazalwe phakathi nokubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane, amathemba abo angaba akhanyayo. (IsAmbulo 7:14) Uma bethembeka kuNkulunkulu futhi bamukela izinzuzo zesihlengo sikaKristu, ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane abayikukhathazwa isono nokungapheleli; ‘ukufa okuzuzwe njengefa akusayikubusa njengenkosi’ kubo. (Roma 5:14) Ngokuphambene bayoba sesimweni esifanayo nesika-Adamu noEva lapho bengakoni.

Ngakho-ke, ngasekupheleni kokubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane abantu abakhonza uNkulunkulu, “abafileyo ababesele,” ‘bayobe sebefinyelele ekuphileni okuphelele kobuntu.’ Ngokuphumelelayo uJesu uyokwazi ukubuyisela kuYise uhlanga lwabantu abaphelele. (1 Korinte 15:28; IsAmbulo 20:14) Njengoba isAmbulo 20:7-10 siqhubeka nokubonisa, uSathane uyokhululwa ngenxa yovivinyo olunqumayo lwesintu. Labo abayozibonakalisa bethembekile kuJehova ngaphansi kwalolovivinyo bayofanelekela ukuphila okuphakade ePharadesi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela