Ukudalula Amacebo Obuqili KaDeveli
“Isitha senu siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.”—1 PETRU 5:8.
1, 2. (a) Yini engaba isimo esesabekayo njengaleso uJesu abhekana naso? (b) Kungani abantu babezama ukubulala uJesu?
AKE SITHI uzwa ukuthi othile uqashelwe ukukubulala. Kuthiwani uma bewazi ukuthi njengamanje uyakucathamela, ulindele nje ithuba elikahle lokuba ahlasele. Lokho bekungesabisa kakhulu! Ingabe bewazi ukuthi uJesu Kristu wayebhekene nesimo esifanayo?
2 IBhayibheli lithi: “UJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala.” Nokho, kungakhathaliseki ingozi ekuphileni kwakhe, ngo-32 C.E. uJesu waya eJerusalema eMkhosini wamaDokodo. Ngaleso sikhathi, “base bethi abanye kwabaseJerusalema: Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?” (Johane 7:1, 25) Kungani abantu babezama ukubulala uJesu? Kungoba babebangelwa uDeveli! UJesu ngokwakhe wathi, njengokuba kubhalwe kuJohane 8:44: “USathane . . . wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni.”
3. Kungani isixwayiso somphostoli uPetru ngoDeveli sifaneleke kakhulu namuhla?
3 Ngakho, akumelwe simangale ukuthi uDeveli uphumele ukuthola abantu abesaba uNkulunkulu namuhla, ikakhulu kusukela axoshwa ezulwini. IBhayibheli liyachaza: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” (IsAmbulo 12:7-12) Lokhu kusho ukuthi uSathane namademoni akhe balwa ngokusemandleni abo nathi! Khona-ke sifaneleke kakhulu lesixwayiso: “Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.” Lowo esimfunayo uhlanganisa wena, uma ungomunye woFakazi BakaJehova. Kungakho uPetru futhi athi: “Qondani, nilinde.”—1 Petru 5:8.
4. (a) Iyini injongo kaDeveli ebuqilini asihlasela ngabo? (b) UDeveli angaphumelela kanjani kuphela ekuhlaseleni kwakhe?
4 Kodwa iyini injongo kaDeveli ekusihlaseleni kwakhe ngobuqili? Akukhona ukusibangela ukuba sife masinya. Ekukhulumeni kwakhe kobuqili noJesu, injongo kaSathane yayiwukumthola ukuba alahle ukukhulekela kwakhe uJehova. (Mathewu 4:3-10) Lapho imizamo yakhe yokulinga uJesu ukuba angalaleli uNkulunkulu ihluleka, injongo kaSathane yayiwukumbangela ukuba afune ukukhululeka ekusongeleni kokufa ngokulahla ubuqotho bakhe kuNkulunkulu. Ngokufanayo namuhla, injongo yoqobo yendlela kaSathane yokuhlasela iwukuba achithe ubuhlobo bethu obuhle noNkulunkulu. Ingabe uyophumelela? Kukhona indlela eyodwa kuphela angaphumelela ngayo. IBhayibheli liyabonisa ukuthi iyini leyondlela uma lithi: “UJehova unani, uma ninaye, . . . kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.”—2 IziKronike 15:2.
5. (a) Yini engashiwo ngokuphumelela kwezindlela zikaSathane? (b) Ukuze sime siqinile, yini okumelwe siyiqaphele njalo?
5 Ngokudabukisayo, unyaka ngamunye abanye bahlulwa izindlela zikaSathane. Bayamshiya uJehova. Abaningi babo, eqinisweni, kumelwe basuswe ebandleni lobuKristu ngezenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu. (1 Korinte 5:13) Abanye, baba ‘iziboshwa zempi, ngokomfanekiso ngokubambeka esimisweni sikaDeveli. Ingabe uyoma uqinile kuyo yonke imizamo kaSathane yokukubangela ukuba ushiye uJehova? Uma uzokwenza kanjalo, udinga ukuba uqaphele njalo amacebo obuqili kaDeveli.
Indlela USathane Asebenza Ngayo
6. Kungani singadingi ukuba sebumnyameni mayelana namacebo kaSathane?
6 Asishiyiwe ebumnyameni ngokuqondene nendlela uSathane asebenza ngayo. “Ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe,” kuchaza umphostoli uPawulu. (2 Korinte 2:11) Lokhu kusho ukuthi ukunaka kukaSathane kukithi—ucabanga ngathi, esebenzisa konke ukucabanga kwakhe kobuqili ukuba asenze siyeke ukukhonza uNkulunkulu. Ingabe lona akuwona umcabango ongathi sína? Kodwa eBhayibhelini sinomlando ophelele wamacebo kaSathane, okungukuthi ubuqili bakhe, amaqhinga namasu, ukuze angabibikho ongazi ngalendaba. Isosha elikahle litadisha izimpi ezingokomlando zesikhathi esidlule bese lisebenzisa ngokunenzuzo lokho elikufundayo. Ngokufanayo, ‘njengebutho elihle likaKristu Jesu,’ singatadisha amasu ahlukahlukene kaSathane kanjalo sigweme ukubanjwa singaqaphile yinoma iziphi zezindlela zakhe zokusebenza.—2 Thimothewu 2:3.
7. (a) Yikuphi ukuhlasela okuqondile uSathane akusebenzisayo ngezinye izikhathi? (b) Yiziphi ezinye izindlela azisebenzisayo, futhi ngani?
7 Ekugcineni amanxusa kaSathane amlimaza futhi ambulala uJesu. (Johane 19:1; Mathewu 27:49, 50) Futhi uJesu wabikezela ngokuqondene nabalandeli bakhe: “Bayakunikhaphela osizini, banibulale.” (Mathewu 24:9) Nokho, ukuhlasela okunjalo okuqondile ngokuvamile kuyabaphendukela abahlaseli, kuphu melé ekubeni izinceku zikaNkulunkulu ezihlushwayo zibe nentshiseko enkulu ngenkonzo yakhe. (IzEnzo 5:41, 42) Ngakho, uSathane ngokuvamile uzama ezinye izindlela—amacebo obuqili—ukuba aphule ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu.
8. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uSathane uzosebenzisa amacebo obuqili?
8 IBhayibheli likhomba emacebweni obuqili anjalo uma likhuthaza: “Nibe-namandla okumelana namaqhinga kaSathane.” (Efesu 6:11) Igama lesiGreki lapha elisho “amaqhinga” lisho “izenzo zobuqili.” (Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures) Ukuthi uSathane uyingcweti yokukhohlisa, njengoba enamaqhinga nobuqili, kuyaboniswa futhi uma iBhayibheli lithi: “USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.”—2 Korinte 11:14.
9, 10. (a) Yini esingayifunda ngokuhlola amaqhinga okuqala kaSathane aphumelelayo? (b) Yini ebonisa ukuthi uyaqhubeka esebenzisa amaqhinga nobuqili obufanayo?
9 Cabangela amaqhinga okuqala kaSathane aphumelelayo. Lapho ekhuluma noEva akazange azame ukuphikisa ngokuthi uNkulunkulu uyovuma uma edla isithelo esenqatshelwe. UEva wayazi kangcono kunalokho. Ngakho uSathane wenza isithelo sibonakale sifiseleka kakhulu kuEva. Wamtshela ukuthi ukusidla ngempela kwakuzosithuthukisa isimo sakhe, kumnikeze amathemba akhangayo. Wathi, “Nibe-njengoNkulunkulu.” (Genesise 3:5) UEva wawela ekuyengeni kukaSathane. Wahlakulela isifiso esingalungile, esamholela esonweni.—Jakobe 1:14, 15.
10 USathane uyaqhubeka esebenzisa amaqhinga nobuqili, njengoba umphostoli uPawulu abhala: “Nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.” (2 Korinte 11:3) Uma ukweshela kukaSathane kwakungekhona okobuqili kangaka kwakungenakwenzeka ukuba abantu abaningi kangaka babe izisulu zempi. Njalo uveza izihibe ezilingayo, ngobuqili ezama ukusenza ukuba sithakazelele izinto ekugcineni eziyophazamisa ubumoya bethu. Injongo yakhe iwukuba asiqede amandla ukuze kancane kancane simshiye uJehova, noma ukuze ukuhlasela kwakhe okuqondile kuphumelele ekuphuleni ubuqotho bethu kuNkulunkulu.
11. (a) Kungayiphi indlela amasu kaSathane angaqhathaniswa ngayo nalawo omdobi wezinhlanzi? (b) Yini okungafanele siyikhohlwe?
11 Amasu kaSathane angaqhathaniswa nalawo omdobi wezinhlanzi osebenzisa okuyengayo ukuze abambe izinhlanzi. Umdobi wezinhlanzi uyalinga ukuze athole ukuthi isiphi isiyengo esizokhanga ezinhlanzini. Ngempela, lapho izinhlanzi zidla aziqapheli ukuthi kukhona udobo ngemva kwesiyengo. Kuthiwani ngathi? Ingabe siyaziqaphela iziyengo uSathane azisebenzisayo? Ingabe siyiqaphele ngokuphelele imiphumela “yokudobeka?” Ungakhohliswa! USathane namademoni akhe bayizitha zoqobo eziphumele ukusithola! Ngakho ungakhohlwa ukuthi “izwe lonke limi ebubini.” Uye waphuphuthekisa izingqondo zabantu abaningi ukuze bangaliboni leliqiniso. Ungamvumeli ukuba aphuphuthekise eyakho.—1 Johane 5:19; 2 Korinte 4:4.
Izindlela Zobuqili Zokuthanda Izinto Ezibonakalayo
12. (a) Yisiphi isiyengo esiyinhloko uSathane asisebenzisayo? (b) Yiziphi izinto iso elingazifisa?
12 Isiyengo esiyinhloko uSathane asisebenzisayo uthando lwezinto ezibonakalayo nokuzijabulisa. (1 Thimothewu 6:10) IBhayibheli libhekisela ‘enkanukweni yamehlo,’ lixwayisa ukuthi inkanuko enjalo “ayiveli kuYise, kodwa ivela ezweni.” (1 Johane 2:16) Ezweni lethu lanamuhla kunezinto eziningi kunangaphambili amehlo angazifisa. Kukhona ezamuva izindlu, izimoto, amaveni, imikhumbi, izingubo, amathelevishini, imisakazo, amawashi, amacomputer, imidlalo yethelevishini nezinye izinto ezincane zamaelectronic zazo zonke izinhlobo. Futhi, kukhona izindlela eziningi zokuzijabulisa ngomculo, umdanso, amabhayisikobho, imidlalo, ukubukela i-TV, izinhlobo ezingapheli zemidlalo, nokunye.
13. (a) USathane angazisebenzisa kanjani izinto ezingaba yinzuzo ukuba adonsele amaKristu kude nokukhonza uNkulunkulu? (b) Kungani kungamelwe simeye uSathane njengesitha?
13 Yebo, izinto ezibonakalayo nokuzijabulisa akukhona ukuthi akulungile. UJehova wadala indawo yonke ebonakalayo nejabulisayo, kuhlanganise nomhlaba wethu nobuhle bawo bonke, ukuba enelise amehlo ethu nezinye izinzwa. Ngokusobala, izinhlobo ezihlukahlukene zokuzilibazisa nokuzijabulisa zingaba ezinenzuzo uma zigcinwa esilinganisweni esifanelekile. (1 Thimothewu 4:8) Nokho, ngesikhathi esifanayo, sidinga ukuqaphela ukuthi uSathane ngokuvamile usebenzisa zona kanye lezinto ukuba ayenge amaKristu abe kude nokukhonza uNkulunkulu. Akungabazeki ukuthi uSathane ngokwakhe uye waba nengxenye enkulu ekuthuthukisweni nasekusetshenzisweni kwalezizinto zanamuhla ezibonakalayo nokuzijabulisa okuye kwasebenzela ukuvimbela abantu abaningi kangaka ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu. Uye waba ingcweti ekuhlaseleni ngokunyenya.
14. (a) Yiziphi izimpawu ezibonisayo uma umuntu esethonywa izindlela zobuqili zokuthanda izinto ezibonakalayo? (b) Kungani ukusundukela kude noNkulunkulu kucishe kungabonakali?
14 Ungazi kanjani lapho ubanjwa isiyengo sikaSathane sobuqili sokuthanda izinto ezibonakalayo? Ungazi uma noma yiluphi uhlobo lokuzilibazisa noma lokunaka izinto ezibonakalayo luphazamisa ukutadisha kwakho iBhayibheli, ukuhlanganyela njalo emihlanganweni yamaKristu noma umsebenzi wamasonto onke wenkonzo yasensimini. Ngempela, sikhona isidingo sokuba abaqaphayo. Isiyengo sokuthanda izinto ezibonakalayo singakubangela wemuke kalula njengokuthatha kakhulu isikhathi sakho, isithakazelo namandla. (Heberu 2:1) Lapho isikebhe semuka ungase ungaboni ukuthi siyahamba. Ungase uthi asinyakazi nakancane. Kodwa ubufakazi bokuthi siyemuka bubonakala ngokushintsha kancane kancane indawo. Kungokufanayo nangomuntu osundukela kude noNkulunkulu nenhlangano yaKhe.
15, 16. (a) Yikuphi ukuzihlola okungaba ukuhlakanipha ngathi ukukwenza? (b) Yisiphi isimo esibonisa ukuthi kuwukuhlakanipha ukwenza ukuzihlola okunjalo?
15 Ngakho-ke, ngokuhlakanipha, kufanele sihlole njalo imisebenzi yethu yobuKristu, sizibuze: “Ingabe ngitadisha iBhayibheli njalo njengoba ngangenza? Ingabe ngiya njalo emihlanganweni njengoba kwakunjalo ngaphambili? Ingabe ngichitha isikhathi esiningi enkonzweni yasensimini njengakuqala?” Mhlawumbe uthi: “Phela, sengimatasatasa kakhulu manje.” Kodwa umatasatasa wenzani? Ingabe kungaba ukuthi uchitha isikhathi esiningi ulandelela injabulo, mhlawumbe ubuka ithelevishini? Ingabe kuwukuthi ukuqongelela kwakho izinto ezibonakalayo nokuzinakekela kuyakuvimbela esikhundleni sokukusiza enkonzweni yakho kuNkulunkulu? Ingabe ngempela uyasinaka iseluleko sikaJesu sokuthi singakhathaleli izinto ezibonakalayo kodwa sifune uMbuso kaNkulunkulu kuqala?—Mathewu 6:31-33.
16 Kuwo wonke umhlaba kukhona izinkubela zempi—amaKristu aye abanjwa izindlela zobuqili zikaDeveli zokuthanda izinto futhi awela ngaphandle kwenkonzo kaNkulunkulu. Mhlawumbe ebandleni lakini ungacabanga ngalabo abake baba izisebenzi ezithembekile, kodwa abangasashiseki enkonzweni kaNkulunkulu ngenxa yokwehlulwa ubuqili besiyengo sokuthanda izinto ezibonakalayo lezo ezibabangela ukuba kancane kancane bahlubuke. (Filipi 3:18) Ngakho “qondani, nilinde.” Ningavumeli uDeveli anishwabadele.—1 Petru 5:8.
Uhlobo Lobuqili Lokukhonza Imimoya Emibi
17. (a) Kungani izingelosi zashiya izikhundla zazo ezulwini, futhi yini eyenzeka kuzo lapho imvula kaZamcolo ina? (b) Lezi zingelosi zinecala lani?
17 Uyakhumbula lapho ezinye izingelosi zihlanganyela noSathane ekuhlubukeni uJehova? Kwakungaphambi nje kukaZamcolo. IBhayibheli lembula ukuthi amadodakazi abantu akhangayo asebenza njengesiyengo ezingelosini. Ezinye zazo zashiya izikhundla zazo zenkonzo ezulwini ukuba zize emhlabeni zibe nobuhlobo bobulili nalabo besifazane abahle. Lokho ezakwenza kwakungalungile ngokufanayo nezenzo zobungqingili ezazenziwa abantu baseSodoma neGomora. (Genesise 6:1, 2; Juda 6, 7) Lapho imvula kaZamcolo ina, izingelosi zashiya imizimba yazo yenyama zaphindela ezulwini. Nakuba zaphucwa amandla okubuyela emizimbeni yobuntu ukuba zanelise izinkanuko zazo eziphendukezelwe, lezi zingelosi bezimatasa kakhulu zonakalisa umkhaya wesintu ngokuziphatha okubi. Ukwanda okukhulu namuhla kokuziphatha okubi kobulili kwazo zonke izinhlobo kuwumphumela oqondile wokuxoshwa kwazo ezulwini futhi zihlale endaweni yasemhlabeni.—1 Thimothewu 4:1; IsAmbulo 12:9, 10.
18. Yibuphi ubufakazi, bakudala nobanamuhla, obubonisa ukuthi ukuziphatha okubi kobulili kuye kwaba indlela eyinhloko kaSathane yokonakalisa izinceku zikaJehova?
18 Ithonya lokuziphatha kabi kobulili ngaso sonke isikhathi liye laba indlela eyinhloko kaDeveli yokonakalisa izinceku zikaJehova. Ngaphambi nje kokuba abantu bakaNkulunkulu amaIsrayeli bangene eZweni leSithembiso, uSathane wasebenzisa abesifazane bakwaMowabi ababukekayo ukuba ayenge amaIsrayeli ahlubuke enkonzweni kaJehova. Izinkulungwane zamaIsrayeli “zadobeka” ukuba zihlobonge, futhi, ngenxa yalokho, abulawa ngenxa yokona kwawo. (Numeri 25:1-3) Ngokuqondene naleso sikhathi, amaKristu ayaxwayiswa: “Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benze ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.” (1 Korinte 10:7, 8, 11) Lelocebo lobuqili likaSathane lasebenza ngaleso sikhathi, futhi liyasebenza nanamuhla. Abaningi basuswa ngenxa yokuziphatha okubi kobulili kunazo zonke ezinye izizathu zihlanganisiwe.
19. (a) Kungani izinceku eziningi zikaJehova zihileleka ekuziphatheni okubi kobulili lapho zazi ukuthi akumjabulisi uNkulunkulu? (b) Yini engakusiza ukuba ugweme ukuhileleka ekuziphatheni okubi kobulili?
19 Kodwa njengoba izinceku zikaJehova ziyazi ukuthi ukuhlobonga nokuphinga kumelene nemithetho kaNkulunkulu, kungani eziningi zazo zihileleka ekuziphatheni okunjalo? Nokho, kungani uEva engazange awulalele umthetho kaNkulunkulu? Kungoba uSathane wenza ukuba ukwenza kanjalo kubonakale kukhanga kakhulu: kwakuyithuba acabanga ukuthi kwakungamelwe limedlule. Ngokufanayo namuhla, ngamasu akhe ayiwawa—amathelevishini, amabhayisikobho, amaphephandaba, nokunye—ubufebe nokuphinga akwenziwa kubonakale kujabulisa kuphela kodwa futhi kwamukeleka. Ngakho uma unambitha izilingo ezinikezwa ngezindlela eziyiwawa zikaDeveli, yini ezokwenzeka? Nawe, ngokufanayo, ungase “udobeke.”
Gwema Ukucabanga Kokuzibusa
20. (a) Yiliphi elinye icebo lobuqili likaDeveli? (b) USathane ubelisebenzisa kanjani lelicebo eminyakeni eyizi-6 000?
20 Kusukela ekuqaleni nje kokuhlubuka kwakhe uSathane wangabaza indlela kaNkulunkulu yokwenza izinto. Wakhuthaza ukucabanga kokuzibusa. ‘Ungazinqumela ngokwakho ukuthi yikuphi okuhle nokubi,’ uSathane etshela uEva. ‘Akudingeki ukuba nilalele uNkulunkulu. Akanitsheli iqiniso ngempela.’ (Genesise 3:1-5) Kuze kube namuhla, kuye kwaba amacebo obuqili kaSathane ukuthonya abantu bakaNkulunkulu ngalendlela yokucabanga.—2 Thimothewu 3:1, 13.
21. Yiziphi izibonelo zomcabango wokuzibusa ezikhathini zanamuhla, futhi ibe yini imiphumela?
21 Ibonakaliswa kanjani lendlela yokucabanga? Indlela evamile iwukungabaza iseluleko esinikezwa inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo. Ngokwesibonelo, ngezikhathi ezithile inhlangano kaNkulunkulu iye yanikeza izixwayiso ngokulalela izinhlobo zemiculo eyonakele nengafanelekile, nangokuvakashela amadisco nezinye izinhlobo zamahholo emidanso yezwe lapho imiculo enjalo idlalwa khona futhi kwaziwa ukuthi abantu bahileleka ekuziphatheni okubi. (1 Korinte 15:33) Nokho abanye baye bazenza sengathi bazi kangcono. Baye bahlubuka esilulekweni esinjalo futhi benza lokho okubukeka kulungile emehlweni abo. Ibe yini imiphumela? Ezikhathini eziningi baye bahileleka ekuziphatheni okubi kobulili futhi bathola ukulimala ngokomoya. Kodwa ngisho bengathintekanga kanjalo, ingabe ababona abangenakusolwa uma abanye belandela isibonelo sabo bathole imiphumela ebuhlungu?—Mathewu 18:6.
22. (a) Yikuphi okufanele sikuqaphele njalo? (b) Yikuphi okuyocatshangelwa ngokufanelekile esifundweni sethu esilandelayo?
22 Leliqiniso alinakugcizelelwa ngokweqile: Silwa nezitha ezinamandla angaphezu kwawomuntu, futhi njalo sidinga ukukuqaphela lokhu. USathane namademoni akhe bangokoqobo; abayona nje into ecatshangelwayo. Banga“babusi bezwe balobubumnyama,” futhi silwa ngokomoya nabo. (Efesu 6:12) Kusemqoka ngempela ukuba siqaphele amacebo abo obuqili futhi singazivumeli ukuba sikhohliswe yiwo. Kufaneleke ngempela ukuba ngokulandelayo sikhulumele ukuthi singazihlomisa kanjani ukuba silwe nalemimoya emibi.
Ingabe Ungayiphendula Lemibuzo?
□ Iyini injongo kaDeveli ngobuqili ahlasela ngabo abantu bakaJehova?
□ Kungani uDeveli esebenzisa amacebo obuqili?
□ Yiziphi izinhlobo zamacebo obuqili uSathane azisebenzisayo?
□ Yini engasisiza ukuba sigweme ukwehlulwa yilamacebo obuqili?
[Isithombe ekhasini 17]
Ukwemuka kwesikebhe esihamba kancane cishe akubonakali. Kungokufanayo nangomKristu oqhelela kude noNkulunkulu nenhlangano yaKhe