Inkathi Yenhlamba
EFEKTRI eCleveland, eOhio, eU.S.A., lapho uInez ayeqashwe khona, wayengovelele ‘eqenjini elithukayo.’ Ngolunye usuku uAlice washayisana noInez ngengozi. Empikiswaneni eyalandela uAlice wathuka esethuka uInez. Izibukeli zashaqiswa ilamawala.
UInez waphendula ngethala lezinhlamba. Wezwakala eqandula ngenhlamba enengekayo, kwankeneneza izindonga ziphindaphinda, zidonsa ezinye izisebenzi ezeza zigijima ukuba zizobongela ezimthandayo. Ekuqaleni, kwabonakala zibambene uthuli njengoba inhlamba emva kwenye yayindiza emoyeni.
Ekugcineni okuhlangenwe nakho okukhulu kukaInez, ekuxubeni nasekuhlanganiseni izinhlamba, kwaqala ukudlulela. Kulokho okwabonakala kuwulwazi olungenasiphelo lwamazwi okuchapha ngenhlamba, wamehlula uAlice, owahamba ethele umzimba phansi ethule futhi ethukuthele. Umsindo wokujabula wezwakala njengoba izisebenzi zase zibuyela emuva emishinini yazo. UInez, ekuthatha njengento evamile, waqalisa umsebenzi wakhe ngokuthula.
Izenzakalo ezinjalo zivamile namuhla. Ulimi olwake lwacatshangelwa njengento elahliwe engenangqondo luye lwaba indlela evamile. Ukuthuka kwabesifazane ngisho nokwabantwana manje “kuyemukeleka.” Abancane basebenzisa inkulumo ngokuvamile ababejeziselwa yona ngaphambili. Futhi nakuba, esikhathini esidlule, amazwi ayinhlamba ayemelelwa embhalweni inkanyezi noma umudwa, manje asevame ukubhalwa phansi ukuze uwafunde.
Ushintsho lombono ngenhlamba lubonakala obala nasemabhayisikobho. Manje ngokuvamile agcwele izingxoxo ezingcolile nenhlamba. Abenzi bamabhayisikobho ngokuvamile bafaka ulimi olunjalo ukuze ibukwe “abadala” kuphela. Ngokwesibonelo, ekuqaleni ibhayisikobho iAnnie yayilungiselwe ukuba yamukeleke kuzo zonke izilaleli, kodwa umqambi wayo wasola ukuthi ukuhlelwa okunjalo ngeke kulidonse iningi. Ngakho wafaka inhlamba kuleyofilimu.
Ukukhula Kwenhlamba
Kuwo wonke umlando ukuthuka bekungokuvamile. Kubhekisela kunoma iluphi uhlobo lolimi olubhinayo. Ulimi olunjalo lubonisa ukungavumelani nezinto ezingcwele, kuhlanganisa uNkulunkulu nakho konke okuphathelene nezimfanelo nezindlela zakhe. Ngokuvamile kusesimweni sokucela uNkulunkulu ukuba ‘aqalekise’ omunye. Noma umuntu angase, ngenkulumo ebhinayo, ahlambalaze futhi athuke abantu noma izinto uNkulunkulu azicabangela njengezingcwele. Kodwa iBhayibheli lithi: “UJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.”—Eksodusi 20:7.
Nokho, eminyakeni yamuva ushintsho oluphawulekayo luye lwenzeka ekubhineni. Luye Iwaba ukugagulwa kwemininingwane engokobulili—inhlamba—ukufaka engqondweni izitho zangasese nokusetshenziswa kwazo. Ukungalaleli, nendelelo, ngokuvamile kuye kwaboniswa esikhundleni sobungcwele bomshado nobuzali. “Ukubongela emidlalweni clshe kuwo wonke amazinga kuye kwashintsha,” kuchaza iU.S. News & World Report, “kwaba ukuthuka izitha okungenakuzikhuza okugagula izitho zangasese.”
Lamahlazo ahlanganisa ukuthukana ngezitho zangasese. Umoya namuhla ugcwele ukungcola okunjalo kwenkulumo. Ngokukamagazini iTime, imenenja yebaseball uTommy Lasorda “wakhuluma izinhlamba eziyi-144 enkulumweni yakhe emfushane enomdlandla eqenjini lakhe labadlali.” Abaholi abaningi bezwe bezombangazwe nabo basebenzisa inhlamba. Eqinisweni, ngokukhululwa kwamathephu eWhite House, uRichard Nixon wakwenza kwaze kwajwayeleka ukuthi “izwi eliyinhlamba lisusiwe.” Futhi owayekade ewuMongameli waseU.S. uJimmy Cárter, nakuba aziwa ngokukholwa kwakhe, wasebenzisa igama elithambekele ebulilini lelo iThe New York Times eyenqaba ukulibhala. Yamane yabhekisela kulo njenge“nhlamba yaseMelika.”
Abanye bangase bakhumbule lapho abantu abadlokovulayo besebenzisa amazwi anjengathi “hell,” “fokofo” nokuthi “usangene.” Kodwa endaweni yawo, izinhlamba ezikhulunywayo nezibhalwayo sezaba yinto yansuku zonke, esihlasela kuzo zonke izinhlangothi. Eminyakeni ethile edlule umbhali wenhlamba wabhala ngezindlela eziyi-14 igama elithi “hell” elalisetshenziswa ngayo ekuthukeni. Kodwa manje amagama ayinhlamba achaza umsebenzi wobulili angena cishe kunoma imuphi umusho wabantu abaningi, asetshenziswa cishe kunoma iyiphi into ecatshangwayo. Futhi lamazwi awashiwo nje ngenxa yolaka noma ngokuqondene nobuhlungu, kodwa manje abantu bayathuka ngoba bezithukela nje.
Kusukela emakhadini emikhonzo kuya emibhalweni esezindongeni ukusakazeka kolimi olungcolile kusobala. AmaTshirt, izithombe ezinamathiselwa ezindongeni, amabhampa emoto nezinkinobho okubhalwe izinhlamba cishe kungabonwa noma kuphi. Ulimi olunjalo luye lwaba yinto “esegazini” kubantu abaningi. “Ukuthuka kweningi kuye kwamukelwa kabanzi,” kuphawula iU.S. News & World Report, “ukushintshwa kwalezizimo kuyoba nzima uma kungekhona ukuthi akunakwenzeka.” Akumangalisi ukuthi kuye kwathiwa sise’Nkathini Yenhlamba!”
Siyini Isizathu?
Ukwanda kokuthuka kuhlobene ngokuqondile nokuwohloka kwezimfundiso zesizwe nezindinganiso zokuziphatha. “Kuwuphawu lwezikhathi,” kwasho omunye umkhulumeli wenkolo. Ukuwohloka komkhaya, ukungahloniphi igunya nokuthi noma ikuphi ukuziphatha okusha kuvumelekile konke kuye kwanezela ezinhlambeni ezingenakuzikhuza ezigagula izitho zangasese. Ulimi olunjalo lubonisa indlela yokuphila kwanamuhla evamile yokuziphatha okubi.
Ofundisa ngesifo sengqondo eHarvard uThomas Cottle waphawula: “Abantu bathola ukuphila kwabo kuyize, kungenelisi, futhi banolaka. . . . Okungemuva kwalolulaka ubumpi.” Kuye kwathiwa ukuthuka kuyindlela yokubohlisa ulaka nokukhungatheka. “Uma othile enqamula ngaphambi kwami emgwaqweni omkhulu ngase ngimthuka,” kusho uChaytor Mason, isazi sengqondo sasemtholampilo, “kubonisa ukuthi ngingumuntu ongcono kunaye futhi ngilondoloza isithunzi sami.”
Lokho esikubona kwenzeka ngendlela abantu abathuka ngayo abanye kusho okuthile. IBhayibheli likhomba kulokhu njengobufakazi bokuthi ukuphela kwesimiso esibi kuseduze. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi, “kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, . . . nabahlambalazayo, . . . nabahlazisayo, . . . nabangazithibi.”—2 Thimothewu 3:1-5.