“Ungaba Naso Isikhashana?”
Ngokuvamile umbuzo onjengalona usho ukuphazamisa. Nakuba ungase uzimisele ukunikela ngesikhashana esikhathini sakho esiyigugu ukuba ulalele noma usize othile, siqotho kangakanani isipho sakho? Ingabe uyazinikela kanye nesikhathi sakho?
Lokho umfana ochwensayo akusho ngothisha owamhlaba umxhwele kulibonisa kahle leliphuzu. “Unabantwana abaningi abalindele ukumbona,” kwasho umfana, “kodwa uma usuphakathi kuye, uzizwa sengathi nguwe kuphela emhlabeni okunakekelayo.”
Kulapho lapho kukhona isihluthulelo sokufinyelela abantu—ukuzimisela ukuzinikela ngokuphelele. Umphostoli uPawulu wabonisa ukuzinikela okunjalo emizamweni yakhe yokusiza abanye lapho ethi: “KubaJuda ngaba-njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba-njengophansi komthetho, . . . kwabangenamthetho ngaba-njengongenamthetho, . . . kwababuthakathaka ngaba-buthakathaka . . . sengaba-yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.”—1 Korinte 9:20-22.
Uma uzinika isikhathi sokusiza othile, ingabe uyacabanga ngobunjalo kanye nobungako balo?