Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 12/15 kk. 3-4
  • Kungani Injabulo Ibekwe Endaweni KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Injabulo Ibekwe Endaweni KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuwashiya
  • Kwenzekani Emasontweni?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Inkolo Iyaphela?
    I-Phaphama!—1988
  • Amathemba Esikhathi Esizayo ObuProthestani—Nawakho!
    I-Phaphama!—1987
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 12/15 kk. 3-4

Kungani Injabulo Ibekwe Endaweni KaNkulunkulu?

“AWUWEDWA,” kusho isimemezelo esibhalwe ngezinhlamvu ezinkulu, ezigqamile. “KuleliSonto, izigidi ezingama-61 zabanye abantu abadala baseMelika nazo zikhethe ukungayi esontweni.” Isimemezelo ngokwaso siwumzamo wokwenza abathile balezizigidi, abamelele amaphesenti angama-41 abo bonke abaseMelika abaneminyaka eyi-18 noma ngaphezulu, ukuba baye esontweni.

Kwenye indawo, ngokuphawulekayo eNtshonalanga Yurophu, isimo singesifanayo, ngaphandle kokuthi inani liphakeme kakhulu. Ngokwesibonelo, kunoma iliphi isonto eBrithani, abangamaphesenti angama-98 bezigidi ezingama-28 ezingamalungu aseSheshi azizikhathazi ngokuya esontweni. Naphezu kwezinzuzo ezithile lapha nalaphaya, ukwehla kwezinga kuwo wonke umhlaba kuyaphawuleka.

Isizathu Sokuwashiya

Yini ebangela ukuba izixuku zabantu zishiye amasonto? Ngokusobala, lona umbuzo odidayo. Ukungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, izinto ezibonakalayo, ukwehluleka kwamasonto ukwanelisa kanye nezinye izici eziningi ziye zaba nengxenye kulokhu. Kodwa ingabe bonke labo abaye bawashiya bakwenza lokho ngoba bengasenalo ukholo kuNkulunkulu ngakho bengasenamsebenzi nenkolo? Ngokusobala akunjalo.

Encwadini yabo ethi The Search for America’s Faith, abalobi abasizanayo uGeorge Gallup, Jr., noDavid Poling bezwakalisa ukumangala lapho bethola ukuthi “abantu abangayi esontweni bangabakholwa kakhulu; nokuthi akusikho ukulahlekelwa ukholo, ezikhathini eziningi, okuye kwabangela ukuba abantu bangayi esontweni.” Ngakho-ke, yini eyenza bawashiye?

UGallup noPoling baphawula izici ezine eziyisihluthulelo ezenza abantu bangayi esontweni:

“1. Imidlalo, imicimbi yokuzijabulisa, nezinto zokuzilibazisa

2. Imibuthano nabangane

3. Isimiso somsebenzi senza kube nzima ukuya esontweni

4. Isimiso sokuba ‘nesikhathi sakho esengeziwe kanye/noma somkhaya.’”

Akulona yini iqiniso ukuthi abantu abaningi manje bacabanga futhi babheke phambili osukwini lwangeSonto ngokuyinhloko njengesikhathi sokuphumula nokuphumuza umqondo? Kwabaningi abangakwazi ukukwenza, ukuya emaphandleni, emaphikinikini, noma ukushaywa umoya kungokuqabula ngokungenakulinganiswa kunezinkonzo zesonto. Ukugijigijima, ukushelela eqhweni, ukudlala igalofu, ukudoba noma ikuphi okunye kweminye imidlalo eminingana kuye kwanika umdlandla ngaphezulu kakhulu kunentshumayelo ebanga isithukuthezi. Futhi, ngokuvamile, imidlalo enjalo yenziwa ngokuzinikela nangentshiseko engahlazisa umuntu ovamile osontayo.

Uyini umphumela? Ngokusobala, lombono wokuthanda injabulo uye waqeda ukusekelwa kwamasonto. Kodwa, ngokungathi sína ngaphezulu kubantu ngabanye, kuye kwaphumela ekuthini uthando lwenjabulo luthathe indawo yothando ngoNkulunkulu. Inkolo, noma lokho okusele kwayo, kuye kwagcinelwa izehlakalo ezimbalwa ezikhethekile ekuphileni, ezifana nemishado nemingcwabo, lapho imisebenzi yenkolo icatshangelwa njengebalulekile. Injabulo yezwe iye yathatha indawo yokuzinikela ngokomoya.

Lesisimo esikhulayo sokunaka izinto zalokhu-kuphila phakathi kwabantu abathi bakholelwa kuNkulunkulu siyafana nalokho umphostoli uPawulu ayecabanga ngakho lapho ekhuluma ngabantu ababeyoba “abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” Futhi, ngokukhuluma ngabantu abanjena, wayebasebenzisa njengesixwayiso nophawu, lokubonakalisa isiqalo ‘sezinsuku zokugcina’ lapho “izikhathi ezinzima,” ziyakufika. (2 Thimothewu 3:1, 2, 4) Iqiniso lokuthi izixuku namhlanje zibeka injabulo endaweni kaNkulunkulu, njengoba uPawulu abikezela, lingobunye bobufakazi obuningi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina.—The New English Bible.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela