Ukwesaba Kuyisibonakaliso Sokuphela?
INGABE siphila phakathi nenkathi yokukhungatheka nokukhathazeka lapho ‘abantu bephela amandla ngenxa yokwesaba nokubheka okuvelela umhlaba’? Ukubukeza nje kafushane izenzakalo zezwe nezimbangela zokwesaba kusukela ngo-1914 kuyovuselela inkumbulo futhi kusisize ukuba sibone noma sisondela ‘ekupheleni’ okwabikezelwa.—Luka 21:9, 25, 26.
Ukwesaba Nempi
Amatshe ezikhumbuzo zabafa eMpini Yezwe I eFrance analamazwi “la Grande Guerre.” Yebo, lokho manje esikubiza ngokuthi impi yezwe yokuqala (1914-18) ekuqaleni kwakubizwa ngokuthi iMpi Enkulu. Yayiyinkulu kakhulu futhi imangaza ngokufa nangokubhubhisa kangangokuba abantu ngethemba bayibiza ngokuthi impi yokuqeda izimpi. Ngemva kwalesosifundo esesabekayo, ngokuqinisekile kwacatshangwa ukuthi umuntu ophucuzekile akaseyi‘kufunda ukulwa.’ (Isaya 2:4) Iminyaka eyi-18 kuphela eyadingeka ukuze kususwe leyonkolelo ngokugqashuka kwempi eyesabekayo yamaqembu aseSpain (1936-39) okwafa kuyo abantu baseSpain abangaphezu kwengxenye yesigidi. AmaJalimane namaNtaliyane ahlanganyela kuleyompi, eyaba sengathi ihlinzekela eyayizobizwa ngokuthi impi yezwe yesibili (1939-45). Leyonhlekelele yezwe yaphela ngembubhiso eHiroshima naseNagasaki.
Ngalokho kuqhuma kwebhomu ye-athomu eJapani umthombo omusha wokwesaba nokukhathazeka wasakazeka emhlabeni—ukwesaba impi ye-athomu. Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi kaProfesa Albert Einstein awasho ngoDecember 1945: “Izwe lathenjiswa inkululeko ekwesabeni, kodwa eqinisweni ukwesaba kuye kwanda ngokumangalisayo kusukela ekupheleni kwempi”! Khona-ke wanezela, “Umbono ngezwe lethu elingemva kwempi awukhanyi kahle.”
Lokho kwesaba okukhulayo kuboniswa namuhla izigidi zabantu kuwo wonke umhlaba abamelene nezikhali zenyukliya. Ngisho nabefundisi bayahileleka kulendaba. Yebo, izikhali zenyukliya ziye zashintsha ezombangazwe namasu ezempi. Njengoba isazi sezomlando uE. P. Thompson asho encwadini yakhe yamuva iBeyond the Cold War: “Lezizikhali zisebenza kwezombangazwe, kwezesayensi yezenhlalo namasu okulwa; zibhekwa njengezicuphile futhi zihloselwe lokho; zifaka ukwesaba futhi ngesikhathi esifanayo zikhulisa futhi zivusa ukukhungatheka kwemizwa yokucasuka.”—Omalukeke abethu.
Lokhu kwesaba impi yenyukliya kusendaweni yonke. Incwajana yamuva yaseSoviet yathi: “ISoviet Union ithemba ukuthi impi yenyukliya iyoba inhlekelele yendawo yonke, futhi kunokwenzeka ukuthi iyosho ukuphela kwempucuko. Ingase iholele ekubhujisweni kwaso sonke isintu.” Manje imibuso emibili eyinhloko yokuphathwa kwezwe ibhekene ngezikhali ngesimo esaziwa ngokuthi Ukubhubhisa Okulinganayo Ngokuqinisekile. Akumangalisi ukuthi isintu ‘sinokwesaba nokubheka izinto ezivelela umhlaba’—njengoba nje uJesu aprofetha.
Ukwesaba Nobugebengu
Kunolunye uhlobo lokwesaba olusondelene kakhulu nekhaya. Luyini? Ukwesaba ubugebengu endaweni yakini. Kwakunesikhathi lapho abagqekezi, noma izinswelaboya, zazithatha kuphela izinto ezingamagugu. Manje zithatha nanokuphila. Awusesatshwa umthetho, futhi ubugebengu bukhokhela kahle kwabaningi. Kanjalo ukwesaba okungokoqobo kukhulu emadolobheni amakhulu nasezindaweni ezinothile. Ngokwesibonelo, inani labantu abasebenzisa indlela ephuma ngaphansi eNew York lincane kusukela ngo-1917. Kungani? Esinye sezizathu eziyinhloko ukwesaba ukukhuthuzwa noma ukubulawa. Umbiko ovela eBrithani uthi: “Umoya odingeka kakhulu womphakathi ubulawa ukwesaba ubugebengu obugcina abantu abaningi ekhaya.” Ngisho nasemadolobheni ayelondekile ngaphambili njengeBarcelona, eSpain, ukuthengiswa kweminyango enezinsimbi kuye kwanda, futhi amakhaya amaningi manje anezikhiye ezimbili noma ezintathu namabhawoti eminyangweni yawo. EUnited States abesifazane abaningi bafunda ukusebenzisa izibhamu ukuze bazivikele. Okunye ukuhlola kubonisa ukuthi imikhaya yabaseMelika engamaphesenti angama-52 inezibhamu! Umbiko ofanayo uyaxwayisa, “Ukwesaba ubugebengu kuyaqhubeka kuwuqeda amandla umphakathi waseMelika.”
Ababhali abaphefumlelwe beBhayibheli babazi ukuthi izimo ezinjalo ezingejwayelekile zaziyoba sesikhathini sokugcina. Kanjalo umphostoli uPawulu waxwayisa: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle.” (2 Thimothewu 3:1-3) Yeka ukuthi bungakanani ubugebengu obuye bashukunyiswa yilokho okubhalwe umphostoli uPawulu lapha! Futhi yeka ukuthi kukhulu kangakanani ukwesaba okusakazwe ukwanda kwezigebengu ezandayo!
Ukwesaba Kokuswelakala Komsebenzi
Esinye isici esitshala ukwesaba nokukhathazeka ekhulwini lama-20 kuwukuntengantenga komnotho wezwe, ophumela ebunzimeni bokuchuma nokucindezeleka okuye kwashiya izigidi zingenamsebenzi. Ngisho nalabo abanomsebenzi ngokuvamile bazizwa bengalondekile. ‘Ubani ozolandela ekwehleni enyuka emgwaqweni?’ Kuwumbuzo okhathazayo. Ngabantu abaningi abaphila ngezikweletu, lokhu kusongela okungokoqobo kubangela ukukhathazeka kwansuku zonke. Kunabangaphezu kwezigidi ezingama-30 abangenamsebenzi ezizweni zaseNtshonalanga kuphela. Omunye umkhulumeli waze wanikeza isixwayiso esiqeda amandla sokuthi abaningi abangasebenzi bangase bangaphinde basebenze!
Abaphathi bamabhange ezwe lonke amaphaphu abo aphezulu njengoba bebheka izwe nezwe libampofu ngokuphelele. Njengoba kwabikwa kuThe Guardian, “Esehlangene wonke eminyakeni emithathu edlule amazwe angama-25 kuye kwadingeka ukuba acele amabhange nohulumeni ukuba bakhokhele izikweletu zawo ngokwengeziwe, amaningi awo aye abuya ngaphezu kwesikhathi esisodwa.” Ngakho isimo sezomnotho singesinye sezici ezengeziwe ekugcwalisekeni kwamazwi kaJesu okuthi ‘abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.’
Ukwesaba Nomkhathi
Ukwesaba komuntu nokukhathazeka akuveli nje ezinkingeni zakhe ngokuphathelene nomhlaba. Kusukela ngo-1914 amabutho ayingozi nabhubhisayo aye ehla njengemvula esuka esibhakabhakeni ezimpini ezimbili zezwe nakweziningi ezinye izimpi ezinkulu. Kodwa manje ukusongela kuvela endaweni engaphezulu kakhulu kunesibhakabhaka—kucashe emkhathini. IEl País yaseSpain ephuma nsuku zonke muva yayinesihloko esithi “Umkhathi, Usuzoshintshwa Ube Inkundla Yezempi.” Isihloko saqhubeka: “Kokubili iUnited States neSoviet Union kanjalo zithathe isinyathelo esengeziwe emncintiswaneni womkhathi, ngokombono wezempi oye wavezwa kakhulu ngendlela ethusayo ezinyangeni zamuva. Kungashiwo ukuthi isikhathi sokulungiselela impi emkhathini sesiqalile.”
Ingozi engavela emkhathini iqinisekiswa inkulumo eyashiwo umHoli weqembu lamasosha uJenene Richard C. Henry, isekela lomphathi weU.S. Space Command, owathi: “Umkhathi awuyona indlela, uyindawo. Uyinkundla. Manje sekuyisikhathi sokuba siwuphathe njengenkundla.” Futhi uJenene uRobert T. Marsh, umphathi weZindlela Zokulwa Emkhathini, wagomela: “Ukuhamba emkhathini kuzoshintsha indlela esenza ngayo umsebenzi. Sizokwencika kuwo ekucebeni cishe zonke izikhali zethu zempi.” Lamazwi abonisa ukuthi umkhathi awusenakubhekwa njengendawo engenalutho engenangozi. Njengoba unobhala-jikelele weUN axwayisa: “Kumelwe simelane kakhulu nokwanda kokulungiselela impi emkhathini. Sinaso isikhathi—kodwa sincane kakhulu.” Sekuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi iziphi izimpawu ezengeziwe ezibonakala “elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini” ezibangela ukwesaba nangokubheka okuzayo.—Luka 21:25.
Ingabe Kwehlukile Ezizukulwaneni Zangaphambili?
Abanye bathambekele ekungazikholwini izixwayiso zeBhayibheli, bethi izizukulwane zangaphambili ziye zabona usizi olufanayo nokuthi ukwesaba kwanamuhla nokukhathazeka akusona isibonakaliso sokuphela njengoba uJesu akubikezela. Ngokuqinisekile kuyiqiniso ukuthi izizukulwane zangaphambili ziye zahlangabezana nezinhlekelele. Ikhulu lama-14 laliyiNkathi Yenkathazo lapho abantu kulo lonke elaseYurobhu babehlala ngokwesaba izifo, indlala nezimpi. Kodwa qhathanisa izinga lezinto ekhulwini lethu.
Usosayensi uRené Dubos muva nje wabhala: “Ngikhathazeke ngokwengeziwe njenganoma ubani ngenxa yokononakala okukhulu kwezenhlalo, kwezolwazi lwemisebenzi nosizi olusendaweni esizungezile. . . . Ngiyaqaphela futhi ukuthi lezici eziningana zezinkinga zanamuhla zezwe zenza ukuba zibe ziningi futhi zibe nesimo esihlukile kulezo zakudala. Ngokwesibonelo: . . . Izinkinga zanamuhla akuseyona into ethuka ivela futhi zigcine emaqenjini amancane abantu.” (Omalukeke abethu.) Wabuye wabhala imiphumela eyingozi embulungeni yonke ngezinto ezithile ezinjengemisebe ethile, imvula ene-esidi nezibulala zinambuzane. Esinye isici siwukwethemba okukhulu kwesizwe kwesinye okwenza zonke ukuba zonke zithintwe usizi olwaphakama ngo-1973 ngokukhula kwentengo kawoyela. Lokhu kwakungenjalo ezizukulwaneni ezedlule.
Ngakho-ke akulona iqiniso ukuthi izizukulwane zangaphambili ziye zakhathazwa ngokufanayo ukwesaba nokukhathazeka, futhi ngezizathu ezifanayo nalezo uJesu azisho kuLuka isahluko 21. Akukho sizukulwane ngaphambi kuka-1914 esake sabona impi yomhlaba, kungasaphathwa ezimbili. Akukho sizukulwane ngaphambili esake sabhekana nokuhlanya koku“bhubhisana okuqinisekisiwe” ngezikhali zenyukliya. Akukho sizukulwane ngaphambili esake sabhubhisa imbulunga yomhlaba ngokusakazekile ukonakala nokungcola.—IsAmbulo 11:18.
Futhi esinye isici esibalulekile esengeziwe—akukho sizukulwane ngaphambili esake sashumayela kakhulu ‘lelivangeli lombuso kuwo wonke umhlaba njengobufakazi.’ (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova benza lokho ngokuphumelelayo manje emazweni angaphezu kwama-200, kuzo zonke izizwe lapho uNkulunkulu eye wenza kwaba nokuphumelela khona. Leso esinye sezizathu zokufunda kwakho lomagazini manje. Isigijimi sikaNkulunkulu sethemba nokwahlulela siyamenyezelwa ngesikhathi esifanele. Leso isibonakaliso esiqinisekile sokuthi ukuphela kumelwe ukuba sekuseduze kakhulu. Khona-ke yini esele? UJesu uyaphendula: “Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:29-33.
Uma ubungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngalendaba ethakazelisayo, khululeka ukuba ubhalele abanyathelisi balomagazini noma uthintane nebandla elisendaweni yakini loFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso labo. Ngaphandle kwanoma isiphi isibopho kuwe, imibuzo yakho iyophendulwa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Isikhathi sokulungiselela impi emkhathini sesiqalile”
[Isithombe ekhasini 5]
Ngokokunye ukuhlolwa, imikhaya yaseMelika engamaphesenti angama-52 inezibhamu
[Isithombe ekhasini 7]
‘Umkhathi awuyona indlela—uyinkundla’