Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 2/15 kk. 4-8
  • Kungani Kumelwe Ubonge UMdali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kumelwe Ubonge UMdali?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izipho Ezimangalisayo ZoMdali
  • Ukuhlakulela Ukwazisa NgoMdali
  • Ukwazana Kangcono NoMdali Wethu
  • Ukubonisa UNkulunkulu Ukwazisa Kwethu
  • UMdali Wakho—Funda Ukuthi Unjani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Qinisa Ukholo Lwakho KuMdali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • UMdali Angenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ukufunda Indlela Yothando Ezedlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 2/15 kk. 4-8

Kungani Kumelwe Ubonge UMdali?

NOMA ubani ohluleka ukubonisa ukwazisa ngomusa awubonisiwe ngokuvamile ubhekwa njengongenamzwelo noma ongakhuliswanga kahle. Ngokwemvelo, kubo bonke abantu esifanele sibabonge ngokusibonisa umusa, abazali bethu baphakathi kwabaphambili kakhulu. Kuqashelwa emhlabeni wonke ukuthi abantwana kumelwe babonge kubazali babo ngokubaletha emhlabeni nokubalungiselela ukudla, izembatho, ikhaya, imfundo, nokunye.

Nokho, nakuba kumelwe sibabonge abazali bethu, uMdali wethu kumelwe simbonge nangaphezulu. Ngani? Ngoba siye samukela izinzuzo eziningi ngokwengeziwe kuye.

Ngokwesibonelo: Siyabonga kubazali bethu ngokusiletha emhlabeni. Kodwa ukuphila kwethu eqinisweni akuvelanga kubona ekuqaleni. Bamane badlulisela nje ukuphila kithina, ngoba umthombo wangempela wokuphila ukuMdali. (IHubo 36:9) Siyabazisa futhi abazali bethu ngokuthi baye balungiselela izidingo zokuphila. Nokho, nakuba lezizidingo zatholakala ngemali yabo noma ngomsebenzi wabo, abazange bazidale lezizinto ezidingekayo. Ngakho-ke sinesizathu esikhudlwana sokuzizwa sifanele simbonge uMdali wethu.

Uma kwakungeyena owadala umhlaba futhi wenza wonke amalungiselelo awo okusekela ukuphila komuntu, akukho nani lemali noma umzamo onzima obungasigcina siphila. Njengoba umphostoli uPawulu ongumKristu akuveza kumaGreki eAthene lasendulo: “Yena [uMdali] obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke. Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye.”—IzEnzo 17:25, 28.

Naphezu kwakho konke lokho uMdali aye wakwenzela nasakwenzela isintu, izigidi namuhla zimfulathela ngokuphelele futhi ngempela azimbongi ngezinzuzo eziningi eziye zazamukela. Abanye, noma bevuma kalukhuni ukuthi kumelwe kube khona uMdali, benza umzamo omncane wokufunda okwengeziwe ngaye noma ngentando yakhe. Abanye, abayizigidi, baphika ngisho nokuthi ukhona uMdali, bezisholo ukuthi zonke izinto zamane zaba khona ngokwazo. Yeka ukungabongi okwethusayo! Ukuntula ukwazisa kanjalo kungesinye sezibonakaliso eziningi zokuthi ‘sisezinsukwini zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Nokho, thina ngabanye singabonga futhi simelwe sibonge kuMdali wethu.

Izipho Ezimangalisayo ZoMdali

Lapho sijwayelana kangcono naLowo owenza zonke izinto, kulapho sibona ngokwengeziwe ukuthi unguMniki we“zipho zonke ezinhle.” (Jakobe 1:17; IsAmbulo 4:11) Njengoba kunjalo, abaningi balabo abangabonisi ukubonga kuMdali bazama ukuthethelela inkambo yabo ngokuzisholo ukuthi njengoba kungekho muntu owake wambona, ngeke siqiniseke ukuthi ukhona. Iqiniso, uMdali omkhulu akabonakali kithina ngoba unguMoya, futhi amehlo ethu awakwazi ukubona abantu noma izinto endaweni yomoya. (Johane 4:24) Kodwa ukungabi-namandla komuntu okubona uMdali ngempela akusona isizathu esiqinile sokuthatha amalungiselelo aKhe okuphana kalula nokwenqaba ukuqaphela isikweletu sethu kuYe.

Ake sithi ufika ekhaya ngolunye usuku futhi uthola ukuthi othile uye wakushiyela isaka elikhulu lezithelo ezimnandi. Ngosuku olulandelayo kushiywa ubhasikidi wemifino eluhlaza yasengadini, futhi ngosuku olungemva kwalokho unikwe inyama esikwe kahle. Lokhu kuqhubeke isonto lonke, kodwa kungekho ncwadi eshiywayo ekutshela okuphileyo. Ingabe ubungaphetha ngokuthi zonke lezizipho zize “ngokwemvelo” ngenxa nje yokuthi awuzange ubone muntu eshiya lokhokudla? Kunalokho, ubungeke yini ubuze ngenkuthalo phakathi kwabangane nezihlobo, uzame ukuthola lesiphani esinomusa ukuze ubonise ukwazisa kwakho okuqotho kusona?

Kungokufanayo ngoMdali wethu. Noma engabonakali emehlweni abantu, uthando lwakhe, umusa nokuphana esintwini kubonakaliswa ngokwanele yindalo yakhe emangalisayo eyanelisa izidingo zethu ngazo zonke izindlela. Njengoba umphostoli uPawulu akuveza kubantu baseListra lasendulo: “Nokho [uNkulunkulu] akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” (IzEnzo 14:17) Ngakho-ke kufanelekile ngathi ukuqaphela isikweletu sethu kuMdali nokwethembela kwethu emalungiselelweni akhe okuphila. Ngaphezu kwalokho, akumelwe yini simfune ngisho nangenkuthalo eyengeziwe ukudlula lokho ebesingakwenza ngomuphi wezipho ongaziwayo womfanekiso wethu?—IzEnzo 17:26, 27.

Ukuhlakulela Ukwazisa NgoMdali

Kuphela yilapho siye samazi uMdali futhi singase sikwazise ngempela lokho asenzele khona lapho siyoshukunyiselwa ukuba simthande futhi simlalele. Lapho izigidi namuhla zithi zikholelwa kuNkulunkulu, kusobala ngendlela iningi eliphila ngayo ukuthi ababaningi abanokwazisa okuqotho, okuvela enhliziyweni ngoMenzi wabo. Kodwa akumelwe sibe ngabangabongiyo ngokufanayo. Ngakho-ke umbuzo okumelwe usithakazelise yilona, Singakuhlakulela kanjani ukwazisa okunjalo ngoMdali wethu oMuhle?

Okokuqala, kuyoba kuhle kithi ukucabanga ngezinzuzo eziningi esiye sazamukela kuMdali. Wasinikeza ukuphila kwethu, ngisho nakuba okwamanje ubude bokuphila komuntu bulinganiselwe. (IHubo 90:10) Ukwazisa kwethu kuyokhuliswa futhi, uma sizindla ngeqiniso lokuthi uJehova uNkulunkulu uye wenza futhi amalungiselelo okuphana ukuze asekele abantu nezinye izinhlobo zokuphila emhlabeni. Njengoba umhubi ngokwazisa asho: “Umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi [kaNkulunkulu]. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni, . . . Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.”—IHubo 104:10-24.

Isintu sinesizathu esikhulu sokubonga uNkulunkulu, ngoba abantu banikwe okuningi kakhulu kunezilwane. Kuzo zonke izidalwa emhlabeni, isintu kuphela esinekhono lokucabanga, lokwazisa ubuhle nokubaluleka kwezinto ezingokomoya, futhi ngaphezu kwakho konke, elokwazi uMdali nokumkhulekela. Lokhu kunjalo ngoba umuntu kuphela owadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu futhi uye wahlonyiswa ngezimfanelo ezibonisa ezikaJehova uNkulunkulu. (Genesise 1:27) Ngakho-ke, siyakwazi ukuzwa hhayi nje injabulo engokwenyama kodwa futhi injabulo engokwengqondo ejule kakhudlwana nehlala njalo. Umuntu kuphela ongazisa umculo omuhle, izincwadi, izinkondlo, ukudweba imifanekiso neziningi ezinye izinhlobo zobuciko. Umuntu kuphela owazi injabulo yengxoxo ethokozisayo neyakhayo, kanye nomuzwa owanelisayo wokufeza okuthile lapho umuntu enze into ethile enosizo ngempela.

Okungafani nalutho futhi kumuntu ukulangazelela ukuphila okuphakade. Lesi isifiso esafakwa enhliziyweni yomuntu uMdali onothando. (UmShumayeli 3:11) Kodwa lokhu akulona nje ithemba eliyize elingenakugcwaliseka. Kunalokho, ngenxa yothando olukhulu loMdali ngesintu, kakade useye wenza wonke amalungiselelo adingekile ngesintu ukuba sijabulele ukuphila okuphakade emhlabeni phakathi kwezimo ezijabulisayo zepharadesi. Yebo, uNkulunkulu ngothando uye wenza lokhu kube nokwenzeka ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, uJesu Kristu.—Roma 5:12; 6:23; Johane 2:1, 2.

Nakuba kunenjabulo enkulu esiyizwayo lapho izidingo zethu ezingokomzimba, ezingokwengqondo nezingokomzwelo zaneliswa, isibusiso esikhulu kakhulu sivela ekugcwalisweni kwesidingo sethu esingokomoya. (Mathewu 5:3) Ngokwemvelo sifuna ukwazi isiqalo sethu, lapho siya khona nokuthi iyini injongo uMdali anayo ngomhlaba nesintu. Ngaphezu kwalokho, sifisa ukwazi uMenzi wethu sijabulele ubuhlobo obuhle naye. Ngokuthokozisayo, labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya futhi basebenzele ukusanelisa ngendlela efanele bayakwazi ukuzwa injabulo ejulile nehlala njalo engaziwa ngabantu abanomqondo engokwenyama.—1 Korinte 2:6-16.

Ukugcwaliswa kwesidingo sethu esingokomoya kusinikeza ukuthula kweqiniso kwenhliziyo nengqondo nesilinganiso esikhulu sentokozo, ngisho nakuba siphila ezweni lezinkathazo ezingazange zandulelwe. Ngokubaluleke kakhulu, ukuqashelwa kwesidingo sethu esingokomoya kungaphumela esibusisweni esikhulu kakhulu noma imuphi umuntu angasithola—ukuphila okuphakade esimisweni esisha sezinto esilungileyo sikaNkulunkulu.—Johane 3:16; Filipi 4:6, 7; 2 Petru 3:13.

Ukwazana Kangcono NoMdali Wethu

Uma siqiniseka ukuthi uMdali onothando nophanayo ukhona, akukhona yini okunengqondo ukuthi besiyothanda ukumazi kangcono futhi sibonise ukwazisa kwethu ngomusa wakhe wothando ngokwenza izinto ezimthokozisayo? Ngokubuka indalo kaNkulunkulu emangalisayo, siyakwazi ukuqonda ezinye zezimfanelo zakhe ezinhle, njengothando, ukuphana, ukucabangela, ukuhlakanipha namandla. (Roma 1:20) Nokho, umbhalo ovela kuNkulunkulu uyadingeka ukuze sifunde ngemiqondo nezinjongo zakhe ngabantu. Ngaphandle kwalokho, umbhalo onjalo kumelwe usitshele ngezinto uNkulunkulu azenza esikhathini esidlule nasazozenza ekubusiseni isintu.

Ngokujabulisayo, sinawo umbhalo onjalo encwadini esakazeke kakhulu emlandweni wesintu—iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Kuyintando yoMdali ukuba izidalwa zakhe zikwazi ukuzuza ulwazi oluqondile ngaye futhi zibe nothando olujulile ngaye ngokutadisha iZwi lakhe, futhi zizindle ngalo. Kanjalo zingafunda ngezenzo eziningi ezimangalisayo zikaNkulunkulu futhi zingafinyelela ekwaziseni izici ezihlukahlukene zobuntu bakhe obuhle kakhulu.—Joshuwa 1:8.

Ukubonisa UNkulunkulu Ukwazisa Kwethu

Ukutadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu kubalulekile uma sifuna ukuthuthukisa ukwazisa okubukhali ngoMdali. Lapho sifunda ngokwengeziwe ngoJehova nezimfanelo zakhe eziningi ezinhle, kuba yilapho sidonseleka kuye ngokwengeziwe. Nakanjani siyogcwala uthando nokwazisa ngoNkulunkulu onjalo onomusa, onothando nomuhle kakhulu. Ngaphezu kwalokho, singase sishukunyiselwe ekuboniseni imizwa yethu njengoba kwenza umhubi, owathi: “Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na? Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso; amandla akho [u]wazisile ezizweni.”—IHubo 77:11-14.

Singakubonisa kanjani-ke ukwazisa kwethu okusuka enhliziyweni kuMdali wethu oMuhle? Uthando lwethu ngaye nokubonga ngomusa wakhe wothando kumelwe kusishukumisele ekumkhonzeni ngokuzithandela. Simelwe sikubheke lokhu hhayi njengomsebenzi kepha kakhulu njengenjabulo. Inkonzo enjalo ejabulisayo neyokuzithandela, uyayithanda uJehova, ngoba umhubi waphefumlelwa ukuba athi: “Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.”—IHubo 100:2.

Akuwona yini umthombo wenjabulo enkulu ukukhonza umuntu esimthanda ngempela? Ngokuqinisekile kuyiwo. Futhi lokho kuyiqiniso ngempela ngenkonzo yethu kuJehova, uMdali oMuhle.

Yebo, ukukhonza uJehova kuhlanganisa okwengeziwe kunokuphila ukuphila okuhlanzekile nokungenzi okubi emehlweni akhe. Ukuziphatha kokwesaba uNkulunkulu kubalulekile, kodwa inkonzo yethu kuMdali ihlanganisa futhi ukumdumisa ngenkuthalo nangenjabulo. Isho ukutshela abanye ngezenzo ezinkulu zikaJehova nezinjongo zakhe ezinhle, njengoba zembulwa emiBhalweni eNgcwele.

Ngakho-ke bonke abanokwazisa kweqiniso ngoMdali wethu omangalisayo bayojabula kakhulu ukusabela kulolubizo lwentokozo lomhubi: “Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.” (IHubo 96:2-4) Ngenkonzo enjalo yenjabulo, njengabanye abaningi, ungabonisa ngokwanelisayo ukuthi ukwazisa ngempela lokho uMdali aye wakwenzela khona.

[Izithombe ekhasini 5]

Bonisa ukuthi uyawazisa amalungiselelo kaJehova

iZwi likaNkulunkulu

inkonzo engcwele

injabulo efanelekile

ukudla okuphilisayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela