Ungalijabulela IPharadesi Manje?
IPHARADESI likhona emhlabeni namuhla. Liyaqhubeka linwebeka futhi lijatshulelwa izigidi zabantu. Nawe futhi, ungaba ingxenye yalo. Ingabe lokhu iphupho nje lokufisa okuhle? Lutho neze, ngoba asikhulumi ngepharadesi lemvelo lasemhlabeni, kodwa ngelingokomoya.a
“Ushoni ngepharadesi elingokomoya?” uyabuza. Uma kubekwa kalula: Inhlangano yamaKristu aye ashintsha ubuntu bawo ukuba buvumelane nezimfuneko zikaNkulunkulu nahlangene ekumkhulekeleni kweqiniso kungashiwo ukuthi asepharadesi elingokomoya.
Kukuphi lapho iBhayibheli libonisa khona ukuthi kuyoba nesimiso esingokomoya esimangalisa njengalesi? Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi isimo esinjalo sikhona namuhla?
Impisi Newundlu
Kuneziprofetho eziningi zeBhayibheli ezichaza izimo eziletha ipharadesi engqondweni. Incazelo ejabulisayo yepharadesi elinjalo itholakala kuIsaya 11:6-9, efundeka kanje!
“Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba. Inkomo nebhere kuyakuklaba, amazinyane akho abuthise ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkabi. Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu, olunyuliweyo elulele isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana. Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”
Ake ucabange indlela obekungathokozisa ngayo ukuhlala endaweni ethulile njengalena echazwe lapha, nokuthula okuphelele kukhona ngendlela emangalisa kanjalo! Lokhu bekuyobuyisela izimo zePharadesi ezazikhona ensimini yase-Edene ngesikhathi izilwane nabantu kuphila kuleyonsimu ngokuzwana okuphelele. (Genesise 1:30; 2:8, 9, 19, 20) AmaKristu eqiniso abheke phambili ngentshiseko ekujabuleleni lezibusiso ezinhle ngokwesilinganiso somhlaba wonke esikhathini esizayo ngaphansi kokubusa kweNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu. Ukubusa kwakhe kuchazwe kuIsaya 11:1-5, amavesi andulela lawa acashunwe ngenhla. Kodwa ingabe lezizibusiso zesikhathi esizayo eziyogcwaliseka nakanjani ngaphansi kokubusa koMbuso yizona kuphela eziwukugcwaliseka kwamazwi kaIsaya?
Qha, lesisiprofetho kungase kushiwo futhi ukuthi sifanekisela inguquko yobuntu kubantu. Ngayiphi indlela? Isazi seBhayibheli sekhulu le-18 leminyaka uMatthew Henry uyaphendula: “Abantu abanolaka kakhulu nentukuthelo, ababevamise ukuluma nokushwabadela konke okuseduze kwabo, umoya wabo uyoguqulwa ngokumangalisayo . . . kangangokuba bayohlala ngothando ngisho nababuthakathaka kakhulu, njengalabo ngesikhathi esidlule ababengabenza izisulu kalula.”
Futhi esinye isazi seBhayibheli, uJoseph Benson, wabhala phakathi nekhulu leminyaka elidlule: “Abantu abanesimo solaka, unya, okungalawuleki bayoguqulwa kakhulu ukushunyayelwa kwevangeli, nomusa kaKristu, kangangokuba bayothobeka kakhulu, babe mnene, futhi bathambe, futhi ngeke besahlupha bashushise abathobekileyo nabampofu, abaphawulwe evesini le-4.”
Cabanga ngalokho! Abantu belahla imikhuba yabo yolaka yesikhathi esidlule futhi esikhundleni sayo, bembatha ubuntu obunokuthula nothando! Akukhona ukuthi abantu abanjalo balahlekelwa ubuqobo babo. UIsaya akasho ukuthi impisi iba iwundlu, kodwa kunalokho, uthi isimo sayo siyakuguquka ukuze ihlale ngokuthula newundlu.
Ngokufanayo, ngokuvumelana namazwi kaIsaya, abantu abanezici zobulwane—mhlawumbe ababebulala, bexhaphaza noma ngenye indlela benza abantu bakubo izisulu—bashintsha ubuntu babo, bahlalisane nabanye abantu abanesimo sokuthula njengewundlu. Lapho isimo esinjalo siba-khona phakathi kwabantu, imiphumela emihle yalokho ingakhulunyelwa njengepharadesi elingokomoya. Kodwa ingabe amazwi kaIsaya ngempela ayagcwaliseka namuhla?
IPharadesi Elingokomoya—Nini?
Isiprofetho esifanayo encwadini kaIsaya siyasisiza ukuba sithole isikhathi lapho lesisimo esimangalisayo esingokomoya siqala ukubonakala. Siyafunda kuIsaya 2:2-4:
“Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo [engxenyeni yokugcina yezinsuku NW] intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. . . . Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”
Phawula ukuthi kuchazwa ushintsho olufanayo—abantu beba nesimo sokuthula, ‘bekhanda izinkemba zibe ngamakhuba.’ Kwakuyokwenzeka nini lokhu? “Engxenyeni yokugcina yezinsuku,” kuphendula isiprofetho seBhayibheli. Njengoba kuye kwaboniswa izikhathi eziningi kuNqabayokulinda, lesisimiso sezinto besisezinsukwini zokugcina kusukela ngo-1914. Ngakho-ke, manje kumelwe ukuba siphila esikhathini lapho uIsaya 11:6-9 esebenza khona. Isimo esihle esingokomoya manje kumelwe sibe khona! ‘Kodwa kuphi?’ uyabuza.
Ukunqoba Ubuntu
Ukunqotshwa kobuntu, njengoba kuboniswa isiprofetho sikaIsaya, kuphindwa izikhathi eziningi phakathi kwabantu abaqotho, abathi ngokufunda iqiniso leBhayibheli, ‘baguqula isimo sengqondo yabo’ futhi ‘bembatha umuntu omusha.’ (Roma 12:2; Efesu 4:23, 24) Cabangela isibonelo esilandelayo:
UDavid insizwa enkulu, enamandla eyakhulela epulazini eMinnesota, eUnited States. “Ubaba wayengitshela njalo ukuthi ngilungise izinkinga zami ngenqindi yami,” kuchaza uDavid, kamuva owaba umshayi wesibhakela ongakhokhelwa. “Ngingamkhumbula njalo ethi, ‘Ungayiqali impi, kepha qiniseka ukuba uyinqobe.’ Ngokomphumela, kwakuwukuthi yilwa kuqala, ungabuzi mibuzo. Eqinisweni ngangikujabulela ukulimaza abanye emzimbeni.”
Ngokwesibonelo, ngobunye ubusuku lapho indoda ethile iphuma ngemoto endaweni yokupaka yavimba imoto kaDavid. Ngenkani yenqaba ukusuka. “Ngathukuthela kangangokuba ngafuna ukuyibulala,” kusho uDavid. Ngakho wayihudula lendoda emotweni yayo wayishaya kwaze kwaba sezingeni lokuquleka. Ingabe umuntu onobudlova obunjalo wayengazishintsha ngempela izindlela zakhe?
Ngolunye usuku, esaphelelwe umsebenzi, uDavid wathintwa oFakazi BakaJehova. Isigijimi sabo ngesizayo iSimiso eSisha sezinto esilungileyo sathinta inhliziyo yakhe. “Ngaqiniseka zisuka nje ukuthi babeneqiniso,” kusho uDavid. Njengoba lokho ayekufunda ekusebenzisa ekuphileni kwakhe, uDavid waqala ukwenza izinguquko—wayeka ukubhema futhi wanqamula ukusebenzisa imilaliso. Wayethuthuka ngisho nasekunqobeni isimo sakhe sobudlova.
Kodwa ezinyangeni ezimbalwa kamuva uDavid waba nesithiyo esidumazayo. Wayesebenza emsebenzini wokwakha. Ngolunye usuku ekuseni isisebenzi esikanye naye saqala ukumkhathaza. UDavid wasixwayisa ukuba sikuyeke, kepha asizange. Umphumela? UDavid uyachaza; “Ngasishaya ngamandla kakhulu kangangokuba ngacabanga ukuthi ngisibulele. Saquleka imizuzu engaba ngama-20. Ngazizwa nginamahloni ngempela.”
Nokho, uDavid wathuthuka kancane kancane ekushintsheni ubuntu bakhe. Uvivinyo lwangempela lwafika eminyakeni eminingana ngemva kokuba ebe ufakazi kaJehova obhapathiziwe. Wayephumile eshumayela endlini ngendlu. Kwenye indlu kwaphuma indoda futhi yaqala ukumethuka. Khona-ke lendoda yabamba uDavid ngebhantshi yamsusa ezitebhisini ngokumphonsa. Ngaphandle kokuvula umlomo uDavid waqala ukuya endlini elandelayo. Ingenelisekile ngalokhu, lendoda yamsukela, futhi yacosha iphini le“baseball,” yamshaya uDavid ezinqeni. Nokho lensizwa eyayikade iyisidlova ngaphambili ayizange iziphindiselele! Yamane yahamba nje. Yeka ushintsho oluphawulekayo ebuntwini! ‘Lempisi’ manje isihlalisana ngokuthula ‘namawundlu,’ ikhonza njengomdala nanjengesikhonzi sesikhathi esigcwele ebandleni.
Ngokuvamile abantu bahlatshwa umxhwele ngokubona izinguquko ezinjalo kwabanye kangangokuba nabo, bashukunyiselwa ukuba bashintshe ukuphila kwabo kube ngcono. Kanjalo, enye insizwa, nayo egama layo linguDavid, ngemva kokuhlangana nomngane wayo omdala okwase kuyisikhashana ingasamboni, yathi: “Wayehlukile. Wayengasenazo izinwele ezinde, engasayisebenzisi inhlamba noma akhathalele ukuhileleka emilalisweni. Wayehlanze ukuphila kwakhe ngokuphelele. Lokhu kwangishaqisa kangangokuthi kwadingeka ngithole okwakubangele loloshintsho.” Umngane kaDavid wayesengomunye woFakazi BakaJehova. NoDavid wenza okufanayo, ngemva kokuhlanza ukuphila kwakhe kuqala.
Lokhu okuhlangenwe nakho okungenhla kungaphindwaphindwa kaningi emabandleni oFakazi BakaJehova ayizi-45 000 emhlabeni wonke. Mhlawumbe wazi oyedwa noma abengeziwe babo abaye benza izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabo.
Lapho izibukeli zihambela imihlangano yoFakazi BakaJehova, zikhuluma njalo ngomoya wokuthula. Umhleli weJournal de Montréal wabhala: “Angiyena uFakazi. Kepha ngingufakazi weqiniso lokuthi oFakazi bafakazela amandla nempatho efanelekile. . . . Ukuba bekuyibona kuphela abantu emhlabeni, ebusuku besingenakukhiya iminyango yethu futhi sifake nenhlabamkhosi (alarm) yabagqekezi.”
EMexico izigodi ezimbili zazinempi yombango. Kwakunokubulalana njalo. Amaphoyisa ayengenakwenza lutho ukuze akunqamule. Khona-ke, omunye umkhaya waqala ukufunda noFakazi BakaJehova. Eminye imikhaya yathengisa izikhali zayo, yasebenzisa imali ukuze ithenge amaBhayibheli, ukuze nayo, ikwazi ukutadisha. Ngokushesha, kwasungulwa ipharadesi elingokomoya lokuthula kweqiniso nobunye phakathi kwalabobantu.
Kepha akukhona ukuthi oFakazi BakaJehova bazidumisa bona ngokufeza isimo esikhonjwe kuIsaya 11:6-9. Cha, kukhona amandla awodwa kuphela endaweni yonke angabangela abantu ukuba benze izinguquko ezinkulu kanjalo esimweni sabo. Lawomandla umoya kaNkulunkulu ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Futhi uNkulunkulu ngenjabulo unikeza lowomoya kubantu abawufuna ngobuqotho nabavumelana nezimfuneko zakhe.—Luka 11:9-13; IzEnzo 5:32.
OFakazi BakaJehova abasho futhi ukuthi baphelele. Cha, banezinkinga njenganoma ubani omunye. Kodwa banesiqondiso esiphilile sokuxazulula izinkinga zabo—iBhayibheli. (IHubo 119:105) Bazama kanzima ukusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwabo, nakuba ngezinye izikhathi beshiyeka. (Roma 3:23) Uyabona, izici zobuntu ezigxile ngokujulile azisiphuleki kalula. Nokho, ngosizo lomoya kaNkulunkulu, ngisho nabantu abanobuntu obunonya kakhulu bangathuthuka ekunqobeni izici ezingathandeki.
Nokho, kunento eyodwa eqinisekile: Kunengxabano, ukwehlukana nokuziphatha okubi okubona ezweni namuhla, uthando, ukuthula kwengqondo nobunye, okubonakala phakathi koFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kujatshulelwa epharadesi elingokomoya. Lokhu kungumuzwa wendlela abantu abayohlala ngayo ngokuthula ndawonye kulomhlaba ePharadesi elingokoqobo phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane KukaKristu Jesu.—Luka 23:43.
Kungani ungafundi okwengeziwe ngepharadesi? Bona ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bejabulela okunjalo ukuthula okungcono, ukwaneliseka, intokozo nobunye—izinto ngokungangabazeki ezihlanganisa nepharadesi. Funda indlela nawe, ongajabulela ngayo ipharadesi elinjalo khona manje.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiNgisi elithi “paradise” lisuselwa ebizweni lesiGreki paraʹdeisos, elisho “ingadi.”—Genesise 2:8, Douay Version; Greek Septuagint Version; Luka 23:43.
[Ibhokisi ekhasini 5]
IZIPROFETHO ZEPHARADESI
Iziprofetho eziningi eziphathelene nepharadesi emiBhalweni yesiHeberu seziye zagcwaliseka kakade osukwini lwethu. Cabangela njengesibonelo isiprofetho esikuIsaya isahluko 35, esibikezela ukuthi ‘uqwathule luyakukhahlela njengentebe.’ Lesiprofetho sabonakala siyiqiniso ngesilinganiso esincane lapho amaJuda athunjiwe ebuya eBabiloni ngo-537 B.C.E. Ethokoziswe ukubuyela kwawo ekumkhulekeleni, uNkulunkulu wabangela izwe labo elaliyincithakalo, elakwaJuda, ukuba liqhakaze futhi likhiqize inala kangangokuthi laba ipharadesi elincane.
Isiprofetho sikaIsaya 35 ngokusobala naso sinokugcwaliseka okungokomoya. Sazi kanjani? Okokuqala nje, Isa 35 emavesini 5 no-6 sathembisa ukuthi izimpumputhe, izithulu, izinyonga nezimungulu ziyophulukiswa zonke. Akukho okubonisa ukuthi lawomaJuda abuyayo ngo-537 B.C.E. aphulukiswa ngokoqobo ezifweni ezinjalo. Ngokusobala lokhu kumelwe kuqondwe ngengqondo engokomoya—ngokwesibonelo, amehlo awo, avulwa ukuba abone ukukhanya kwenkululeko ezweni lakubo. Ngokufanayo ipharadesi elingokomoya manje liyachuma phakathi kwabakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu, kepha manje lisemhlabeni wonke.
Esikhathini esizayo esiseduze ngemva kokuba uNkulunkulu esebhubhise bonke ububi embulungeni yethu, “isixuku esikhulu” esisindayo nabafileyo abavusiwe bayothola ukuphulukiswa koqobo okungokwenyama. Ngesisekelo somhlatshelo wakhe wesihlengo, uKristu Jesu uyoletha abalalelayo ekupheleleni kobuntu ukuze baphile phakade ePharadesi lasemhlabeni elibuyiselwe. Ngakho-ke lokho uIsaya 35 akushoyo kuyokwelulwa masinya ukuba kuhlanganise umhlaba wonke njengoba imbulunga yethu iguqulelwa ekubeni ingadi enjengepaki enokuthula lapho iPharadesi elingokoqobo liba into ebonakalayo.—Isaya 25:6-8; IsAmbulo 7:9; 21:3, 4.