Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 4/15 kk. 22-27
  • Melana Nezifiso Zezwe!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Melana Nezifiso Zezwe!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Cela ‘Kozwa Imikhuleko’
  • Usizo Lomoya Ongcwele
  • IZwi LikaNkulunkulu Liwusizo
  • Qhubeka Umelana Nezifiso Zezwe
  • ‘Ungalisebenzisi Lelizwe Kakhulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ningalithandi Izwe Noma Izinto Ezisezweni
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Kwenqabe Ukucabanga Kwezwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Zigcine ‘Ungenacala Lokwezwe’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 4/15 kk. 22-27

Melana Nezifiso Zezwe!

1, 2. (a) UJehova kumelwe akhulekelwe kanjani? (b) Yini efunekayo koFakazi bakhe?

UJEHOVA UNKULUNKULU ufanele ukukhulekelwa ngendlela emsulwa neqondile yibo bonke abazinikezele kuye. Ngazo zonke izikhathi nangazo zonke izindlela, kumelwe bamdumise ngezwi nangezenzo. Ngokuqinisekile akumelwe babe “nomoya wezwe”—umuzwa walo wesono nobugovu, ngokuvamile owonakele, noma amandla ashukumisayo. (1 Korinte 2:12, Today’s English Version) Njengabantu abahlelelwe ukudumisa uNkulunkulu, oFakazi BakaJehova kumelwe bavelele njengabahlukile kulelizwe. Kumelwe basebenzise ngenhliziyo yonke umyalo waphezulu wokuba “sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje.”—Thithu 2:11-14.

2 Ngokudabukisayo, nokho, akusibo bonke abathi bathanda uJehova abaye bamdumisa ngaso sonke isikhathi futhi banikeza ubufakazi obukhanyayo bokuthi bayamelana nezifiso noma izindlela zezwe. Kubikwa ukuthi amadoda athile angamaKristu azinikezele aya kwenye iphathi yokuzifanisa nomuntu othile egqokise okwabesifazane. Ingabe ukuziphatha okunjalo kungabhekwa njengokungekhona okwezwe noma okudumisa uJehova? Ngokuqinisekile, izenzo ezinjalo akuzona esingazilindela kulabo ‘abangesibo abezwe.’ (Johane 15:19) Phela, ngaphansi kwezimo eziningi indoda egqoka izinwele zokufakwa zabesifazane nezingubo zabo ayinakubonakala njengowesifazane kuphela kodwa futhi ivulela amanye amadoda ukuba ayishele!—Duteronomi 22:5.

3. Maqondana nezifiso nezindlela zezwe, imiphi imibuzo edinga ukucatshangelwa?

3 Njengofakazi bakaJehova, singase sivume ukuthi akumelwe ‘sihileleke kakhulu ezindabeni zezwe,’ njengoba kuboniswe esihlokweni esingaphambili. (1 Korinte 7:31, The New Testament: A New Translation, kaOlaf M. Norlie) Singase siqaphele ukuthi umusa kaNkulunkulu ongasifanele “usifundisa ukuba sithi ‘Qha’ ezifisweni zokungamesabi uNkulunkulu nezezwe.” (Thithu 2:11, 12, New International Version; NW) Kodwa kuthiwani uma inhliziyo yethu ingasabeli ngempela ngaleyondlela? Noma mhlawumbe sifisa ukuqinisa ukuzimisela kwethu kokumelana nezifiso zezwe. Yini engasisiza?

Cela ‘Kozwa Imikhuleko’

4, 5. (a) Imithandazo yethu ingaphathelana nani ngokufanelekile? (b) Ngokuqondene nenhliziyo yethu, singadinga ukuthandaza kanjani ngezinye izikhathi?

4 Enye indlela yokuphumelela ekumelaneni nezifiso zezwe iwukwenza izicelo zosizo ngobuqotho futhi njalonjalo kuye “ozwayo imikhuleko.” (IHubo 65:2) Kodwa singase sithandaze kanjani uma inhliziyo yethu ilangazelela okuthile kwezinto zezwe?

5 Njengofakazi bakaJehova, kumelwe senze ‘izicelo zethu zaziwe uNkulunkulu kukho konke.’ Uma senza kanjalo ngokholo, “ukuthula kukaNkulunkulu” okungalingani nalutho kuyolinda ingqondo yethu nenhliziyo. Ngokusobala, uJehova ngokwakhe wathi “imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Filipi 4:6, 7; Genesise 8:21) Ngakho ngezinye izikhathi sidinga ukuthandazela isimo esihlukile, ushintsho enhliziyweni. Ngokwesibonelo, uma ukuyenga kwezwe kudonsa inhliziyo yethu, sidinga ukucela uBaba wethu wasezulwini ukuba asisize sifake esikhundleni salokho kulangazelela izifiso ezingokomoya ezakhayo.

6. Uma izindlela zezwe nokuyenga kubonakala kuthinta inhliziyo kakhulu kithi, singase sithandaze kanjani?

6 Emakhulwini eminyaka adlule, umhubi uDavide wanxusa uNkulunkulu: “Ngazise imendo yakho, Jehova; . . . ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise.” (IHubo 25:4, 5) UJehova wamenzela lokhu uDavide, futhi ngokuqinisekile angawuphendula umthandazo onjalo wezinceku zaKhe zanamuhla. Njengoba “imendo” kaJehova ‘neqiniso’ akukhona okwezwe, amazwi omthandazo onjengokaDavide angaba usizo uma izindlela zalelizwe zibonakala ziheha kakhulu kithina.

7. Iyiphi inkambo okuhlakaniphile ukuyilandela uma siholeleka ekuzijabuliseni okungakhiyo kwezwe?

7 Izwe linemibono yokuziphatha okubi futhi ligcwele ububi. Ngokuvamile lokhu kusobala ezingomeni zezwe, emdansweni, ezincwadini, emidlalweni, kumabhayisikobho, ezinhlelweni zethelevishini, nokunye. Uma thina, njengamaKristu azinikezele, sidonselwa ekuzijabuliseni okungakhi kwezwe, khona-ke yini engenzeka? Okokuqala, siyolinganisa isimo sokuzijabulisa ngokukhanyiselwa yiZwi likaNkulunkulu. Libonisa ukuthi kumelwe ‘senyanye okubi, sibambelele kokuhle.’ (Roma 12:9) Khona-ke kumelwe sithandazele usizo lukaJehova ukuze inhliziyo yethu, nakuba ingaphelele, iyeke ukufisela izinto ezimbi. Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wethu ‘angadala kithi inhliziyo ehlanzekileyo’ uma simcela ngobuqotho ukuba enze kanjalo.—IHubo 51:10.

Usizo Lomoya Ongcwele

8. NgokweHubo 51:11, yini engenzeka ngisho nakuba manje sinawo umoya ongcwele?

8 Ngemva kokuba isono sayo esingathi sína noBati-Sheba sesivezwe ngomfanekiso eNkosini yakwaIsrayeli uDavide, yanxusa uJehova: “Ungangilahli ebusweni bakho, ungangamuki uMoya wakho oNgcwele.” (IHubo 51:11) UNkulunkulu wawuphendula lowomthandazo. Kodwa phawula ukuthi umoya ongcwele ungase ulahleke noma uhoxiswe.

9. Yini engasidonsela ekonakaleni kwezwe, futhi kungaba namiphi imiphumela?

9 Uma thina njengamaKristu azinikezele, sivumela izwe ukuba lisihlehlisele emuva “kulowomsindo wokushinga,” singase siminze lapho ngokomoya. (1 Petru 4:4) Lokhu kungase kuqale ngokulangazelela ukwazi, mhlawumbe ngokuqala kwethu ukondla ingqondo nenhliziyo ngemicabango yokuziphatha okubi neyezwe efakwe lapho ngezincwadi ezingavumelekile ngokomBhalo nezindlela zokuzijabulisa. IZwi likaNkulunkulu lisinxusa ukuba ‘ebubini sibe yizingane,’ singafuni ulwazi lwezinto zokuziphatha okubi noma ezimbi. (1 Korinte 14:20) Kodwa ukulangazelela ukwazi kungasidonsela emlonyeni wokonakala, futhi singase ngobuwula siphethe ngokuthi sivuthiwe noma siqine ngokwanele ngokomoya ukuba simelane nokungcola. Khona-ke ukuzikhukhumeza kungase kwakheke kangangokuba singafuni noyedwa—ekugcineni ngisho noNkulunkulu—ukuba ‘asitshele okumelwe sikwenze.’ Imiphumela ingase ibe ngeyingozi kakhulu, njengoba umuntu akanakweyisa uNkulunkulu ngokumelana neseluleko sakhe ngenkani futhi ‘aphumelele.’—Jobe 9:1-4.

10. (a) Maqondana nomoya ongcwele, yini engenzeka kithi uma izifiso zezwe ziyekelelwa? (b) Ngakho yini eyosisiza ukuba simelane nezwe nokuyenga kwalo?

10 Uma izifiso zezwe zingathitshwa zingasenza sidabukise umoya ongcwele kaNkulunkulu ngokungawunaki, sithathe inkambo ephambene nokuhola kwawo futhi sibeke inhliziyo yethu emigomweni ehlukile kuleyo umoya obuyosiqhubela kuyo. ‘Ukudabukisa umoya ongcwele’ kusho futhi ukwala iZwi lakhe. (Efesu 4:30; qhathanisa nezEnzo 7:51-53.) Lokhu kungaholela ekuhlubukeni ngamabomu ekubonakalisweni okusobala komoya kaJehova futhi kungasho ukuhlambalaza umoya, isono esingenakuthethelelwa. (Mathewu 12:31, 32; Marku 3:29; qhathanisa namaHeberu 6:4-6; 10:26-31.) Nokho sengathi singeze saqalisa indlela yokuzibusa nokuzitika emikhubeni yezwe esasindiswa kuyo ngomusa kaJehova ongasifanele. Kunalokho, masithandazele umoya ongcwele futhi sithobele ithonya lawo, eliyosisiza ukuba simelane nezwe nokuyenga kwalo.—IHubo 143:10; Luka 11:13.

IZwi LikaNkulunkulu Liwusizo

11. Yini manje esizoyicabangela eyosisiza ukuba simelane nokulingwa kokuba ‘sisebenzise izwe ngokugcwele’?

11 Umphumela omangalisayo womoya ongcwele kaNkulunkulu uyiZwi lakhe eliphefumlelwe. (2 Samuweli 23:2; 2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:20, 21) Emakhasini alo ‘kunezinto ezabhalwa ngaphambili ngenxa yokufundiswa kwethu’ ‘nezibonelo zesixwayiso kithi osekufikile kithi ukuphela kwezikhathi.’ (Roma 15:4; 1 Korinte 10:11) Khona-ke, abanye abantu abasembhalweni weBhayibheli babelibheka kanjani izwe?

12. Wayengubani uDema, futhi singazuza kanjani ekucabangeleni inkambo yakhe?

12 Ngisho nesibonelo esingesihle siyinzuzo, ngoba sisibonisa lokho okumelwe sikugweme. Ngokwesibonelo: Umphostoli uPawulu washiywa isisebenzi esikanye naye uDema ‘ngenxa yokuthanda kwakhe lelizwe lamanje.’ Isimo esiqondile nesilinganiso ashiya ngaso uPawulu akwembuliwe, kodwa uthando ngezinjabulo zezwe nezinto ezibonakalayo kungenzeka lwakhula kakhulu ngaphezu kolwezinto ezingokomoya. Nokho, uDema wahluleka ukusebenzisa ithuba lakhe elihle kakhulu lokuqinisa umzalwane wakhe uPawulu. (2 Thimothewu 4:10) Yeka ukuthi lokhu kumelwe kusishukumise kanjani ukuba sinamathelane nesikholwa nabo, singabashiyi ngenxa yokuvumela uthando ngalesisimiso sezinto samanje lugcwale enhliziyweni yethu!

13. Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uAbrahama noSara ‘babengagxilanga kakhulu ezintweni zezwe’?

13 Namuhla sinalo lonke iBhayibheli njengesiqondiso sethu. Kodwa ngaphandle kokuba ngisho neyodwa incwadi egcwele yeBhayibheli—uGenesise—izinzalamizi ezesaba uNkulunkulu uAbrahama, ulsaka noJakobe, nomkabo abathembekile, ‘abalisebenzisanga izwe ngokugcwele.’ Ngokwesibonelo, uAbrahama (uAbrama) wenza njengoba uJehova uNkulunkulu ayemyalile ngokuba ashiye iUri, umuzi wamaKaledi wamakhaya amahle nonezinzuzo eziningi. Yebo, ukuvubukula lapho kwembula ukuthi yena nomkakhe othandekayo uSara (uSarayi) kumelwe ukuba babenze ukuzidela okuphawulekayo ngokwezinto ezibonakalayo ukuze baye lapho uNkulunkulu ayebaqondise khona, behlala ematendeni njengabafokazi ezweni lesithembiso. UIsaka noJakobe nabo benza ngokholo ‘njengezindlalifa kanye naye [uAbrahama] zalesosithembiso.’ Izithakazelo zezwe zaziyinto encane kuAbrahama “ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.”—Heberu 11:8-10.

14. (a) Kungaboniswa kanjani ukuthi uMose ‘akalisebenzisanga ngokugcwele izwe’? (b) Maqondana nombono wethu ngezithakazelo ezingokomoya, singazuza kanjani esibonelweni sikaMose?

14 Umprofethi uMose ungesinye isibonelo esihle somuntu owathembela kuJehova futhi wamelana nezifiso zezwe. Ngokholo, uMose wakhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu “ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu [okungukuthi, ngokuba yinceku kaNkulunkulu egcotshiweyo] kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe.” Ngakho-ke, wayenamalungelo amangalisayo lapho esakhonza ngokuqinile “sengathi uyambona ongabonwayo,” uJehova. (Heberu 11:24-27) Ngokusobala, asikho isinqumo esihle uMose ayengasenza kunokuba abeke izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni naphezu kwanoma ikuphi ukuyenga kwezwe. Nathi kumelwe simlingise.—Mathewu 6:33.

15. Yikuphi okuhlangenwe nakho kwamaIsrayeli ukukucabangela kwethu okumelwe kusenze sibalekele iziyengo zezwe zokuziphatha okubi?

15 Izinto zalelizwe ezizodlula nalo ngokushesha zihlanganisa “inkanuko yenyama” ezibonakalisa ngezindlela ezihlukahlukene, ezinye zazo ezimbi. (1 Johane 2:15-17) Ukuyengela kwezwe ekuziphatheni okubi kuningi futhi ngezinye izikhathi kuye kwaba nemiphumela emibi ngisho nakubantu abazinikezele kuJehova. Ngokwesibonelo, nakuba amaIsrayeli ayekhululiwe ebugqilini baseGibithe, izinkulungwane zawo kamuva zabulawa ngenxa ‘yokuphinga namadodakazi akwaMowabi.’ (Numeri, isahluko 25; 1 Korinte 10:8) Yeka ukuthi lokhu kumelwe kusibangele ukuba sikubalekele kanjani ukusiyengela kwezwe ekuziphatheni okubi!

16. (a) Lapho elingelwa ekuziphatheni okubi, yini uJosefa ayenza? (b) Singazuza kanjani esibonelweni sikaJosefa?

16 Cabangela isibonelo esihle sika Josefa, indodana kaJakobe. Kaningi, umkankosi yakhe yaseGibithe wamcela ukuba alale naye. Nokho, ngokwethembeka wenqaba. Akushiwo ukuthi owesifazane wayemubi ukuba wayengabalekelwa indoda. Kunalokho, uJosefa wabaleka ngoba wayengafuni ukona kuNkulunkulu wakhe olungileyo, uJehova. (Genesise 39:7-20) Ingabe sidinga ukwenza ushintsho ekufundeni kwethu, ekuzijabuliseni noma ezimweni ezithile ukuze sigweme ukona kuNkulunkulu? Uma kunjalo, masithathe isinyathelo ngaphandle kokulibala, njengoba kwenza uJosefa owesaba uNkulunkulu.—1 Petru 2:11, 12.

17. (a) Ukucabanga kwezwe ngokuvamile kukhuthaza siphi isimo? (b) Abesifazane abathile abazidlayo bakwaJuda babezihlobisa kanjani, futhi yini eyenzeka kubo nasemvunulweni yabo?

17 Ukucabanga kwezwe ngokuvamile kukhuthaza ukuzibusa nokuqhosha. Ukugcizelela kwezwe ezintweni ezibonakalayo zokuphila kuhlanganisa ukuzihlobisa okusobala, ikakhulukazi kwabesifazane abafuna ukuba bahle. KuJuda wasendulo wosuku lukaIsaya, laba besifazane abakhukhumele babezihlobisa ngemvunulo eningi. Ngokusobala ukuze babe sefeshinini, abesifazane abaziqhenyayo babegqoka “izigqizo,” noma amasongo ayeboshelwa emaqakaleni abo. Lezizigqizo zazenziwe ukuba ‘zikhenceze’ uma owesifazane ehamba, futhi zazimenza angakwazi ukugxatha kahle ngakho ehamba ‘acokame,’ enze lokho okungabizwa ngokuthi ukuhamba ngokuzazisa kowesifazane. Yebo, ukunqoba kwabaseBabiloni uJuda ngo-607 B.C.E. kwaphelisa leyomvunulo naleyonkululeko.—Isaya 3:16-24.

18. Siyini isimiso esingokomBhalo maqondana nokuzihlobisa kwabesifazane?

18 Maqondana nokuzihlobisa kwabesifazane, yeka isimo esihlukile esasikhona phakathi kukaJezebeli owayeziphethe kabi nangendlela yezwe, noEsteri ohloniphekile, owayesaba uNkulunkulu, nokho egqoka kahle! (2 AmaKhosi 9:30; Esteri 2:7; 5:1) Ngokukhanyayo, abesifazane abangamaKristu bafuna ukuba njengoEsteri. Ngakho-ke, bagqoke “izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda.” Benza ukuhloba kwabo okuyinhloko kube “ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.”—1 Thimothewu 2:9; 1 Petru 3:3-5.

19. UJesu Kristu wasinikeza kanjani isibonelo esihle sokungathandi izwe?

19 UJesu Kristu uyisibonelo esiyinhloko sokungabi ngowezwe. Nakuba ayengumuntu ophelele owayengaba nempumelelo ephambili kakhulu ngokwezwe kunanoma imuphi umuntu, ukukhathalela kwakhe okuyinhloko kwakungokomoya—kangangokuba ‘wayengenandawo, lapho engacamelisa khona ikhanda.’ (Mathewu 8:20) Kunokuba onakaliswe yilelizwe ngokuziphatha, uJesu uchazwa ‘njengongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni.’ (Heberu 7:26) Thina esingaphelele asinakukwazi ukulandela izinyathelo zikaJesu ngokuphelele. Kodwa kumelwe senze konke okusemandleni ethu, ngosizo lukaJehova.—1 Petru 2:21, 22.

Qhubeka Umelana Nezifiso Zezwe

20. Uma ungumkhulekeli kaJehova, ungazigcina kanjani ukhululekile emoyeni walelizwe?

20 Uma uzithola uphakathi kwesixuku esijabulayo sabakhulekeli bakaJehova, ubusisekile ngempela. Uthole okuthile okungcono kakhulu kunalokho lelizwe elonakele nelifayo elingakunikeza khona. Namathela ekukhulekeleni kweqiniso, khona-ke, uhlale ukhululekile emoyeni walelizwe. Ngenxa yalokho, cela ngaso sonke isikhathi ‘kozwayo imikhuleko,’ funa usizo lomoya wakhe ongcwele, ngaso sonke isikhathi lalela iseluleko seZwi likaNkulunkulu futhi ungaphumi ohlwini oludala—manje oselunamakhulu eminyaka—olude lofakazi bakaJehova abathembekile.—Qhathanisa namaHeberu 12:1-3.

21. Mayelana nalelizwe, kumelwe sibe yini isinqumo sethu?

21 Kwangathi kungaba isinqumo senu ukuba ningalisebenzisi lelizwe ngokugcwele. Kunalokho, sengathi ningagcina ingqondo yenu nenhliziyo kugxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, niyoba nokusekelwa okungapheli ‘kwezingalo ezingunaphakade’ zikaJehova. (Duteronomi 33:27) Ngokuqiniseka ngosizo olunjalo lwaphezulu, kwangathi ningaqhubeka niphila ngengqondo ehluzekile, ngo kulunga nangokuzinikela kuNkulunkulu ngesikhathi esifanayo nimelana nokungamesabi uNkulunkulu kanye nezifiso zezwe.

Ungaphendula kanjani?

□ Uma inhliziyo yakho ilangazelela okuthile kwezinto zezwe, umthandazo ungaba usizo kanjani?

□ Umoya ongcwele ungasisiza kanjani ukuba simelane nezwe nokuyenga kwalo?

□ Iziphi izibonelo zeBhayibheli ezingasisiza ukuba simelane nezindlela zezwe nezifiso?

□ Singahlala kanjani sikhululekile kulomoya wezwe?

[Isithombe ekhasini 24]

Ungavumeli ukulangazela kukuholele ekonakaleni kwezwe

[Isithombe ekhasini 26]

UJosefa wabaleka ukuze angoni. Nathi, kumelwe sithathe isinyathelo ngokushesha ukuze sigweme ukuziphatha kokungamesabi uNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela