Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabajabulela omagazini abaningana bamuva be“Nqabayokulinda?” Zihlole ukuthi ungawakhumbula yini amaphuzu alandelayo:
◻ Yini ehilelekile ‘ekukholelweni kwethu iNkosi uJesu Kristu nokusindiswa’? (IzEnzo 16:30, 31)
Lokhu kungaphezu kokuvuka kwemizwelo okwesikhashana. Kuhilela ukufunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu, ukutadisha imiBhalo njalo nokuyisebenzisa ekuphileni kwethu. (IzEnzo 2:41, 42; 17:11) Kuhilela futhi ukwamukela uJesu Kristu njengoMhlengi wethu nokumlalela, nokumqaphela njengeNkosi kaJehova noMlweli. (1 Thimothewu 2:5, 6; Heberu 5:9; IsAmbulo 7:10)—2/1, amakhasi 6-9.
◻ Singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu okuqotho ngoMdali?
Uthando lwethu nokubonga ngoMdali kumelwe kusishukumisele ukuba simkhonze ngokuzithandela. Lokho kusho okungaphezu kokuphila ukuphila okuhlanzekile nokungenzi lutho olubi emehlweni kaNkulunkulu. Ukuziphatha kokwesaba uNkulunkulu kubalulekile, kodwa ukukhonza uJehova kuhilela ukumdumisa ngenkuthalo nangokujabula, ukutshela abanye ngezenzo zikaJehova ezinkulu nezinjongo ezinhle. (IHubo 96:2-4)—2/15, ikhasi 4.
◻ Isintu namuhla sihlukaniswe saba amaqembu enkolo amangaki?
Kuye kwalinganiswa ukuthi sekunezinkolo eziyi-10 ezinkulu namahlelo ayizi-10 000.—3/1, ikhasi 3.
◻ Kungani oFakazi BakaJehova bengelona ihlelo?
OFakazi BakaJehova ababona abafundi bomholi ongumuntu noma umfundisi. UJehova uNkulunkulu noKristu Jesu bangabafundisi babo. Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova abalona ihlelo.—3/1, ikhasi 10.
◻ Yini edingekayo ngomhlaba ukuze ube yiPharadesi?
IPharadesi lifuna okungaphezulu kokuba nje yindawo enhle ngokwemvelo nazo zonke izilwane zihlala ngokuthula zodwa kanye nomuntu. IPharadesi lihilela futhi abantu abathuthukise ubuntu bokwesaba uNkulunkulu ngesimo sokuthula, bonke behlalisana ngothando.—4/1, amakhasi 3, 4.
◻ Kungayiphi ingqondo kunepharadesi emhlabeni namuhla?
Uma kuqhathaniswa nombango, ukungezwani nokuziphatha okubi ezweni namuhla, uthando, ukuthula kwengqondo nobunye phakathi koFakazi BakaJehova kwenza ipharadesi elingokomoya kubo. Lokhu kuwukunambitha indlela abantu abayophila ngayo ngokuthula kulomhlaba ePharadesi lemvelo phakathi noKubusa KukaKristu Jesu Kweminyaka Eyinkulungwane. (Isaya 11:6-9)—4/1, amakhasi 4-8.
◻ Wayesho ukuthini uJesu uma ethi kumoni: “Uzakuba-nami eParadisi”? (Luka 23:43)
Umoni wayengeyena umnqobi othembekile ongumKristu owayefaneleka ukuphila njengombusi ezulwini kanye noKristu. Ngakho uJesu wayengathembisi ipharadesi lasezulwini eseleni elalifa. Amazwi kaJesu asho ukuthi wayeyoba nomoni ngokumvusa kwabafileyo ukuze aphile epharadesi lasemhlabeni futhi khona-ke anakekele izidingo zakhe, kokubili ngokwenyama nangokomoya.—4/15, amakhasi 4, 5.
◻ Iziphi ezinye zezinto esingazifunda encwadini kaEksodusi?
UJehova uboniswa encwadini kaEksodusi njengosekela abantu bakhe, njengoMkhululi ongenakuqhathaniswa nanjengoNkulunkulu wenhlangano engokwasezulwini. Lokhu kuqinisa ukholo loFakazi BakaJehova namuhla ngokuthi uyokwenza ngokufanayo nakubo.—12/1 ikhasi 28.
◻ Iyini ngempela incazelo yegama elithi “Harmagedoni?”
Incazelo yegama isho ukuthi “intaba yamabutho.” Kanjalo iHarmagedoni, noma iArmagedoni, ayiyona indawo engokoqobo emhlabeni, kodwa iyisimo lapho ababusi bezwe beqoqelwa ndawonye ekulweni noNkulunkulu uMninimandla onke. (IsAmbulo 16:13-16)—3/15, amakhasi 3-6.
◻ UmKristu angakugcina kanjani ukujabulela injabulo endaweni yakho efanele?
Ukujabulela injabulo kungagcinwa endaweni yakho efanele ngokulalela izimiso eziqondisayo zeBhayibheli maqondana nesimo, ubungako, isikhathi nezindleko zezinto.—3/15, ikhasi 22.