Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Uma umntwana womdala webandla enze ububi obungathi sína, ingabe lokho kwenza uyise angafaneleki ukuba umdala ngokuzenzekelayo?
Umzalwane ‘akasuswa ngokuzenzekelayo’ ekukhonzeni njengomdala uma indodana noma indodakazi yakhe esencane yenze isono esingathi sína. Zonke izici ezihilelekile zidinga ukucatshangelwa ekunqumeni ukuthi uyafaneleka yini.
UThithu 1:6 uthi umdala kumelwe abe ‘ongasolekiyo,’ “enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo.” (Qhathanisa no-1 Thimothewu 3:4.) OFakazi BakaJehova babambelela kulesosimiso.
Maqondana nalokho, INqabayokulinda kaSeptember 1, 1983, yesiNgisi, yaveza iphuzu lokuthi umdala kudingeka enze umzamo olinganiselwe wokunikeza izidingo ezingokomzwelo nezingokomoya zomkhaya wakhe, zomkakhe nezanoma ibaphi abantwana abanabo. Ukunganaki kwendoda kulendaba, ngokunokwenzeka kungaba nomphumela olimazayo kubo. Uma izidingo zomntwana ezingokomoya nezokuqeqeshwa zinganakekelwa, angase ahluleke ukuthuthuka ngokomoya futhi angase ahileleke ekwenzeni ububi obungathi sína. Lokhu kungasusa uyise onganakiyo ekukhonzeni ibandla njengomdala omisiwe, ngoba, kunjengoba u-1 Thimothewu 3:5 esho: “Uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?”
Ingxoxo eyengeziwe ngalokhu itholakala emakhasini 23, 24 eNqabayokulinda kaMay 1, 1978. Yabonisa ukuthi kungani zonke izici ezihilelekile kumelwe zicatshanaelwe. Ngokwesibonelo, omunye umdala wayetadisha iBhayibheli njalo nabantwana bakhe abahlanu, ehlanganyela nabo ekuzijabuliseni, eya nabo emihlanganweni yobuKristu futhi ngezinye izindlela ezivamile elwela ukufeza imithwalo yakhe yemfanelo njengobaba ongumKristu. Abantwana abane benza kahle kakhulu, kodwa enye indodana yayihlupha njalo, ngemva kwesikhathi yawela esonweni. Lokho kwakungeke kumsuse ubaba ekubeni ngumdala uma wayesenayo inhlonipho yebandla.
Ibandla lingase lazi ukuthi umzalwane wayenza konke ngokunengqondo okwakulindelekile kubaba ongumKristu ekunakekeleni umkhaya wakhe, kungakhathaliseki ukuthi unomntwana oyedwa noma abaningi. Ngakho uma umntwana engalaleli, ngeke libe nomuzwa wokuthi leli kwakuyiphutha likayise. Lingazisa ukuthi akumelwe kusolwe uJesu noma uJehova ngokuphambuka kukaJuda Iskariyothe nokwengelosi eyaba uSathane. Kubalulekile ukuba umzalwane okhonza njengomdala aqhubeke eba nenhlonipho enkulu yebandla ukuze lonke lamukele iseluleko sakhe esisekelwe eBhayibhelini, futhi uma selibone indlela aziphatha ngayo, lilingise ukholo lwakhe.—Heberu 13:7.