Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 5/1 kk. 29-30
  • Ngabusiswa Ngenxa Yokufuna Ukuthula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngabusiswa Ngenxa Yokufuna Ukuthula
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngathola Ingcebo Yeqiniso E-Australia
    I-Phaphama!—1994
  • ‘Funani Ukuthula Nikujonge’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 5/1 kk. 29-30

Ngabusiswa Ngenxa Yokufuna Ukuthula

UMPHOSTOLI uPetru wathi labo ‘abasuke bethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle’ kumelwe ‘bafune ukuthula, bakujonge.’ (1 Petru 3:10, 11) Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi, kodwa kuphumela ezibusisweni. Ngokwesibonelo, cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo komunye woFakazi BakaJehova eCanada.

Ngangisanda kuhlanganisa iminyaka engama-20 ubudala futhi ngase ngizogcwalisa iphupho lami lasebuntwaneni. Ngabuthelwa kuRoyal Canadian Mounted Police. Ngakho kwaqala lokho engangicabanga ukuthi kwakuwumsebenzi wakho konke ukuphila njengephoyisa. Nokho, ngemva kokuba sengisebenze cishe iminyaka eyi-16, ngayeka.

Ngaphambi kokuba ngichaze isizathu sami sokuyeka embuthweni wezempi, mhlawumbe ukwaziswa okuthile ngesizinda sami kuyoba usizo. Izinsuku zami zokuqala kuRCMP (Royal Canadian Mounted Police) zachithelwa esifundazweni saseNew Brunswick. Kwakungalesikhathi lapho ngahlangana nentombi ethandekayo eyaba ngumkami. Sasihlala endlwaneni encane kakhulu eyayinakekelwa umbhangqwana owawuye waba ngoFakazi BakaJehova. Babevame njalo ukufakaza kithi. Nokho, ngalesosikhathi inkolo yayikude kakhulu nezinto eziza kuqala ekuphileni kwami. Ngakolunye uhlangothi, umkami walemukela ngokushesha iqiniso futhi ngemva kwalokho waba uFakazi kaJehova obhapathiziwe. Ngokuqondile nje, angizange ngihlatshwe umxhwele. Ngazama ngawo wonke amandla ukuba ngishintshe ingqondo yakhe, kodwa angizange ngiphumelele. Ngaze ngamema umpristi wendawo ukuba azomqondisa. Nokho, lapho ngikhumbula emuva kulokho kuhambela kwakhe, ngikholelwa ukuthi okusobala ukuntula kompristi ulwazi lwemiBhalo kwenza iqiniso laba ngokoqobo ngokwengeziwe kuye.

Cishe iminyaka eyisithupha ngangizama akubonisa umkami ubuwula benkolelo yakhe, kodwa wama egxilile ngakuJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, ngathoba futhi ngaba nesimo sokuthi wayengenza noma yini ayithandayo futhi mina ngangizolandela izinkolelo zami. Eqinisweni, ngalesosikhathi izifiso zami zazingezona ezingokomBhalo; ngangifuna ukuqhubekisela umsebenzi wami kakhulu ngangokunokwenzeka kuyi-RCMP. Ngenxa yalokho ngenza ngokuzithandela imisebenzi eyengeziwe futhi ngazama ukuhileleka emacaleni amakhulu ukuze nginakwe abaphathi bami. Lokhu ngangikwenza ngidela isikhathi okwakumelwe ngisichithe nomkhaya wami.

Ngaqhubeka ngiphishekela lendlela yokuphila kwaze kwaba sehlobo lika-1978. Kwakuyisifiso somkami ukuba seMhlanganweni WeZizwe Zonke “Wokholo Olunqobayo” eMontreal, esifundazweni saseQuebec. Ngavuma ukumhambisa ngemoto eMontreal, kodwa ngenqaba ukuba khona kunoma iyiphi ingxenye yesimiso. Ngemva kokubuya ngosuku lokuqala lomhlangano, umkami wathi isimiso sosuku olulandelayo sasigxile ekuphileni komkhaya futhi wangithonya ukuba ngibe khona. Kuze kube namuhla ngiyambonga uJehova ngokuthi ngaya. Ngamangazwa indlela ehlelekile lesixuku esasiziphatha ngayo. Wayengekho obhemayo, kungekho nhlamba, futhi abantu babebonakala bejabulile futhi benokuthula omunye nomunye. Nakuba cishe ngangingenalwazi ngeBhayibheli, ngathola ukuthi izinkulumo ezazinikezwa yizikhulumi zazingezifundisa kakhulu futhi zinengqondo. Labantu babezama ukufunda futhi basebenzise imithetho kaNkulunkulu njengoba ibekwe eBhayibhelini. Njengephoyisa, kwakungokuhlangenwe nakho kwami ukuthi abantu abaningi, nakuba bewazi umthetho, bazama ukuthola indlela yokuphunyula ukuze benze izinto ngendlela yabo siqu. Manje ngase ngihlatshwe umxhwele, Ngokushesha ngemva kokubuyela ekhaya sivela emhlanganweni, ngaqala ukutadisha iBhayibheli futhi ngabhapathizwa ngo-October 1979.

Njengoba ngangithuthuka ngokomoya, ngakwazi ukuyeka imikhuba eminingi yezwe futhi ekugcineni nganikwa ilungelo lokukhonza uJehova uNkulunkulu njengenceku ekhonzayo. Ukwembatha kwami umuntu omusha wobuKristu kwaphawulwa ngokushesha ezinye izikhulu zamaphoyisa engangikanye nazo, lezo ekuqaleni, ezaziyibukela phansi inkolo yami entsha. (Efesu 4:22-24) Ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi ukuphendulela izinkulumo zabo ezijivazayo ekubeni ithuba lokunikeza ubufakazi. Eqinisweni, njengoba kwakwaziwa kuwo wonke umnyango ukuthi ngase ngiwufakazi kaJehova, abaningi babeza kimi nemibuzo. Ngibabonga kakhulu futhi abaphathi bami, ngenxa yokuhlonipha inkolo yami, bangabela imisebenzi eyayingeke ingibangele ukuba ngidele ubuhlobo bami noJehova.

Yebo, konke kwakubonakala kuhamba kahle kakhulu. Ngenye intambama lapho ngifika ekhaya ngivela emsebenzini, umkami wayefunda ngentshiseko INqabayokulinda yesiNgisi kaJuly 15, 1983, [eyesiZulu, January 1, 1984], ikakhulukazi isihloko esifundwayo emakhasini 21-6 esasinesihloko esithi “Funani Ukuthula Nikujonge.” Sasikhuluma ngokugwema ‘umsebenzi ohilela ukuphatha isikhali ukuze sisetshenziswe kwabanye abantu,’ ngoba “ezikhathini eziningi kukhona ingozi yokuzifaka ecaleni legazi ngokubulala ngesikhali.” (Isaya 2:4; Roma 12:17, 18) Indaba yaqhubeka yathi: “Njengoba izwe likhula ngobudlova asisenakumbheka njengoyisibonelo umzalwane oqhubeka emsebenzini wokuhloma. Kumelwe avunyelwe izinyanga eziyisithupha ukuba enze ushintsho. Uma engalwenzi ushintsho, ngeke abe sesimweni sokuphatha amalungelo akhethekile enkonzo nomthwalo wemfanelo ebandleni.—1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:5, 6.”

Ngokusobala, kwakumelwe ngenze isinqumo esibaluleke kakhulu. Njengomkhaya, saxoxa ngalendaba futhi sayiyisa kuJehova ngomthandazo. Ngosuku olulandelayo emsebenzini ngaya kumphathi wami futhi ngamchazela ngesimo sami. Ngemva kwengxoxo ende, saphetha ngokuthi kwakungenakwenzeka ukuba umbutho wezempi ungikhulule ekuphatheni isibhamu. Ngenxa yalokho, ngenza isaziso sokuthi ngangizoyeka esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha.

Ngangingazi ukuthi ngangizoqala ngiwufunephi umsebenzi ngoba ngangiye ngaqashwa kusukela ngaqeda isikole. Futhi isimo sezomnotho sasiyithinta kabi imisebenzi. Nganginabambalwa engangibazi endaweni yamabhizinisi eminyakeni eminingi, ngakho nganquma ukuya kubo. Ngokumangalisayo, esikhathini esingaphansi kwesonto ngaqondiswa enhlanganweni esinesikhathi eside isebenza ngokuphumelela, eyayifuna umuntu owayengavala isikhala somseshi. Ngathintana nomuntu oqondene nokufaka abantu emsebenzini futhi ngathola ukuthi ngangiwufanelekela kahle lomsebenzi. Lomsebenzi wawuzofana kakhulu nemisebenzi yami njengomseshi wokukhwabanisa, futhi kwakungenasidingo sokuba ngiphathe isibhamu. Ungacabanga nje ukuthi incwajana yami emfushane yesicelo ngayiyisa lapho ngokushesha okungakanani.

Lapho kuxoxwa nami ngalomsebenzi, nganquma ukuthi kwakungcono kakhulu ukuba ngisibeke njengoba sinjalo isizathu sokushiya kwami i-RCMP. Okwangimangalisa, owayexoxa nami (owayezoba umphathi wami) wachaza ukuthi washiya umsebenzi wakhe wangaphambili ngezizathu zikanembeza futhi wayenesimo esifanayo nesami. Futhi wabuye wathi lesikhala kumelwe sivalwe umuntu onobuqotho obungangabazeki. Wangibonga ngokubeka kwami izinto njengoba zinjalo futhi wathi wayezongitusela lomsebenzi. Esikhathini esingamasonto amabili ngaqashwa ngokomthetho.

Akukho kungabaza engqondweni yami ukuthi umoya kaJehova wangisiza nomkhaya wami kukho konke lokhu okuhlangenwe nakho. Mhlawumbe kunabazalwane abathile ababhekene nesimo esifanayo. Ngithandazela ukuba okuhlangenwe nakho kwami kubakhuthazele ukwethembela kuJehova futhi bavumele ukuba enze izinto ngendlela yakhe.—Mathewu 6:33.

Njengoba okuhlangenwe nakho okungenhla kubonisa, ukujonga ukuthula nokubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakho kuyofuna umzamo futhi kungase kudinge ukulungisa komuntu siqu. Kodwa izibusiso zigelezela kulabo abasebenzisa iseluleko esingokomBhalo, ngaleyondlela bebonisa umoya ofana nowomhubi uDavide, owathi: “Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo.”—IHubo 27:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela