Ulilungiselela Kanjani Ikusasa?
“KUMELWE sithathe ikusasa ngokungathi sina ngoba konke ukuphila kwethu siyokuchithela kulo!” Cishe uyavumelana naleyonkulumo. Abaningi bethu bayakubona ukuhlakanipha kokwenza amalungiselelo athile ngekusasa.
Kweminye imiphakathi, imibhangqwana eshadile izama ukuba nabantwana abaningi ukuze ibe nothile wokuyinakekela lapho isigugile. Abantu abasha bangase baye ekholiji ukuba bayozilungiselela imisebenzi emihle. Asebekhulile bangase basebenzise imali yabo ngomzamo wokuqinisekisa ukuthi bayolondeka uma sebegugile. Futhi abaningi ababheka imali njengesiqinisekiso esingcono kunakho konke sekusasa bachitha isikhathi sabo esiningi namandla, ngisho nempilo, ngomzamo wokuba bacebe.
Kuqiniseke Kangakanani?
Lezizindlela zokulungiselela ikusasa ziyilokho okungase kubizwe ngokuthi ukuhlakanipha okwamukelekayo, futhi kunobuhlakani obuthile kuzo. Inkinga iwukuthi aziphumeleli ngaso sonke isikhathi. Abazali abampofu bangase babe nabantwana abaningi, kodwa babulawa izifo noma ukungondleki ngokwanele. Noma abantwana abaningi asebekhulile bayenqaba ukunakekela abazali babo. Abanemfundo yasekholiji ngezinye izikhathi bazithola bentula umsebenzi noma bengajabulile. Ngisho namadoda nabesifazane abacebe kakhulu bayayithola indlela lamazwi kaJesu Kristu ayiqiniso ngayo: “Ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”—Luka 12:15.
Ngaphandle kwalokho, abaningi bakhathazwa ukungcola okwandayo, ukukhula kwezindawo zokunqwabela izikhali zenyukliya, ukuxega okwandayo ebuhlotsheni bezizwe zonke nesimo sezomnotho esintengayo, ngokufanayo nokuziphatha okuwohlokayo. Banomuzwa wokwesaba ukuthi ikusasa abalilungiselela ngokucophelela okungaka liyodungwa izehlakalo ezingaphezu kwamandla abo. Isazi sengqondo uKarl Menninger saveza imizwa yabaningi lapho sithi: “Izwe lisesimweni sokwesaba, sokungaqiniseki lapho izinto ezesabekayo zingenzeka khona.”
Ngokungaphezulu, abantu ngokuvamile bonakalisa amalungiselelo abo ekusasa. Naphezu kobufakazi obandayo ngokuphathelene nezingozi zokusetshenziswa kabi kwemilaliso, abantu abaningi ngokwandayo basebenzisa imilaliso. Ukucwaninga kuye kwabonisa ukuthi ukubhema kungaholela emdlavuzeni nakwezinye izifo ezisongela ukuphila. Nokho abaningi bayaqhubeka bebhema. Abanye bafa ezingozini zemigwaqo ezenzeka ngenxa yokuthi bona noma omunye uye washayela edakiwe. Kodwa abantu basalokhu beshayela bephuzile. Ukuziphatha okubi ngokuvamile kuwumphumela ezifweni ezithathelwana ngokobulili, kepha lokho akubanqandi abaningi ekubeni baziphathe kabi.
Okuthile Kuyantuleka
Iqiniso liwukuthi okuthile kuyantuleka endleleni abaningi abalungiselela ngayo ikusasa. Ukuhlakanipha okwamukelekayo akucabangeli onke amaqiniso futhi akuzanelisi zonke izidingo zomuntu. Ngokwalokhu, kungase kukuthakazelise ukwazi ukuthi iBhayibheli likhuluma ngezinhlobo ezimbili zokuhlakanipha—“ukuhlakanipha kwalelizwe” ‘nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 1:20, 21) Nakuba ukulungiselela ikusasa ngezindlela ezivamile kunezinzuzo ezithile zesikhashana, ukulandela ukuhlakanipha okwamukelekayo ngempela cishe akunamvuzo ekulungiseleleni ikusasa lesikhathi eside.
UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kufakazelwa yimisebenzi yakho ukuthi kulungile.” (Mathewu 11:19, NW) Khona-ke, kungani ungasebenzisi imizuzu embalwa ucabangela ‘ukuhlakanipha kukaNkulunkulu’ futhi ubone indlela okungathinta ngayo umbono wakho njengoba ulungiselela ikusasa?