Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Nalaba Bathembela KuJehova
EZWENI lapho umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona, abantu abasha abathile babezibuza: “lyini injongo yokuphila? Singalithola kuphi iqiniso? Kungani kunobubi obungaka?” Abazange bazithole izimpendulo ezenelisayo esontweni noma kubazali babo. Ukusebenzisa kabi uphuzo nemilaliso akuzange kubalethele ukuthula kwengqondo. Omunye walezizinsizwa, ezwa ukuthi umngane wakhe wayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wanquma ukuba khona esifundweni seBhayibheli ukuze “asindise” umngane wakhe ngokuthola izici ezisolekayo zalenhlangano. Wathola okuphambene—izimpendulo emibuzweni eyayiye yamkhathaza. Ngakho waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, iqiniso leBhayibheli lashintsha lensizwa futhi yayeka ukubhema, yayeka ukudakwa, futhi yaqala ukuba nesithakazelo esengeziwe emkhayeni wayo siqu.
Abazali bayo bayicindezela ukuba iphume endlini yabo ngenxa yokuba babemelene neyayikufunda. Khona-ke kwenzeka okuthile ababecabanga ukuthi kwakungenakwenzeka. Yathola indlu entsha, ngokuvamile okuthatha iminyaka ukuyithola. Ikhuluma ngalokhu, insizwa yathi: “Iqiniso lokuthi ngiye ngazi injongo kaNkulunkulu, nokuthi ngisebenzisa iseluleko seBhayibheli ekuphileni kwami, lenze kwaba nokwenzeka ngami ukubuyela ekulinganiseleni kwami kwengqondo futhi ngiqinise injabulo yomkhaya wami. Umkami uyavumelana nami futhi singabheka esikhathini esizayo ngokuqiniseka.”
Lensizwa manje isiyazi kangcono incazelo yezAga 3:5, 6: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”
Kwelinye izwe lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona, owesifazane osekhulile wathintana noFakazi othile. Watshela uFakazi ukuthi wayedumazekile ekuphileni. Indoda yakhe yayifile, abantwana bakhe babengamhloniphi, futhi wakhala ngenxa yesimo sakhe. Kodwa walalela izindaba ezinhle eziduduzayo zoMbuso futhi wabonisa isithakazelo esikhulu. Wafuna ukuba uFakazi akhulume nendodakazi yakhe, athi yayinenkani, idakwa njalo, ibhema futhi isebenzisa ulimi olubi.
Udade waya kulendodakazi, eyalalela isigijimi soMbuso futhi yaqaphela ukubaluleka okukhulu kweqiniso. Yasamukela isifundo seBhayibheli, futhi amandla emiBhalo ashintsha indlela yayo yokuphila futhi yazinikezela kuJehova futhi yabhapathizwa. Lokhu yakwenza ngisho nangaphambi kukanina, owayelungiselela ukuthatha lesosinyathelo esibalulekile. Ngokushesha indodakazi yayifundela abanye abantu abathathu.
Ingabe ucabanga ukuthi bajabula kangakanani unina nendodakazi manje? Ngokuqinisekile banesizathu sokujabula ngokuthi bobabili baye babeka ukuthembela kwabo kuJehova uNkulunkulu naselungiselelweni lakhe lothando lokuphila okuphakade.—IHubo 56:11.