IArmagedoni—Ingabe Ivela KuNkulunkulu Wothando?
“IARMAGEDONI”—lisho ukuthini leligama leBhayibheli? Uchungechunge lwezihloko ezifundisayo ngalendaba, olwethulwa yisembozo esinengqondo isikhathi ngasinye luvela komagazini abane beNqabayokulinda kaJanuary noFebruary 1985. Kwethenjwa ukuthi lezingxoxo ezingokomBhalo ziyokududuza ngolwazi lwalokho iARMAGEDONI eyikho ngempela.
YINI oyicabangayo uma ubona igama elithi “Armagedoni”? Kwabaningi lisho ukungqubuzana kobudlova phakathi kwemibuso yomhlaba emikhulu. Iningi licabanga ngenhlekelele yokugcina—imbubhiso yenyukliye eyenza umhlaba wethu ilahle eliyincithakalo, elikhipha imisebe, elinabambalwa abasindayo, uma bekhona. Nokho, ngokuphambene nemibono enjalo edumile, lokho akukhona iArmagedoni eyikho.
Igama elithi “Armagedoni” lidabuka eBhayibhelini, futhi lapho livela kanye kuphela—esahlukweni se-16 sencwadi yesAmbulo. Ngemva kokulandisa ngendlela “onke amakhosi omhlaba” ayohlanganiselwa ngayo “empini yoSuku Olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” lesiprofetho sithi: “Babizela amakhosi ndawonye endaweni ebizwa ngokuthi, ngesiHeberu, iArmagedoni.”—IsAm 16 Amavesi 13-16, The Jerusalem Bible.
“Impi yoSuku Olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke”! Ngokukhanyayo, iArmagedoni iyimpi kaNkulunkulu. Kuyiqiniso, ihlanganisa amakhosi, noma izizwe zomhlaba. Kodwa azizeli ukulwa zodwa, kodwa ukulwa noNkulunkulu namabutho asezulwini aholwa iNkosi yakhe emisiwe, uJesu Kristu—oboniswa njengogibele ihhashi elimhlophe. Kuba namuphi umphumela? Ukulandisa kweBhayibheli kufundeka kanje: “Amakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehashini nempi yakhe. . . . Babulawa ngenkemba . . . [y]akhe owayehlezi ehashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.”—IsAmbulo 19:19-21.
Impi Echitha Igazi
IArmagedoni iyoba echitha kangangokuthi ukufa kwezindimbane zabantu kubhekiselwa kukho njengokuvuna “okuvunwayo komhlaba” ngesikela elibukhali. “Ingelosi yayisiliphonsa isikela layo emhlabeni, yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu. Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahashi, liqeda amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.”—IsAmbulo 14:15-20.
Yebo, igazi liyogobhoza ngaphansi kwesandla samabutho kaNkulunkulu akhipha isahlulelo. Izigidi ezingama-69 zabafa ezimpini ezimbili zomhlaba ziyoba yize uma ziqhathaniswa nababulewe empini kaNkulunkulu yeArmagedoni. Ngokuphathelene nabo umprofethi uJeremiya wabhala: “Ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba-ngumquba ebusweni bomhlaba.”—Jeremiya 25:30-33.
Izikhali ezicitshwayo ezivuthayo, imvula yomlilo namanye amabutho embubhiso ahambisana nesahlulelo sikaNkulunkulu ayoshayisa uvalo ezinhliziyweni zesintu emhlabeni wonke. Ngokudideka, bayophendukela kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, njengoba amabutho kaNkulunkulu okukhipha isahlulelo eshaya engakhethi ubudala noma ubulili. Ngoba uNkulunkulu uwayala ukuba angabi nasihawu: “Nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi-nabubele, nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane.”—Hezekeli 9:5, 6; Zakariya 14:12, 13.
Kodwa lokhu kungaba kanjani? UNkulunkulu wothando angasikhipha kanjani isiyalezo esinjalo? Noma ingabe umane ungunkulunkulu ongenaluzwela, onganaki nophindiselayo, ongayikhathaleli indalo yakhe engabantu? Ingabe uNkulunkulu wothando ngempela uyoyiletha impi enjengeArmagedoni?