Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 5/1 kk. 20-21
  • Umlungiseleli Wendlela Uyazalwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umlungiseleli Wendlela Uyazalwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzalwa Komlungiseleli Wendlela
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukuzalwa Kwalowo Ozolungisa Indlela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • U-Elizabethi Uba Nomntwana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Bavuzwa Ngenxa Yokuhamba Ngokungasoleki
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 5/1 kk. 20-21

Ukuphila Nenkonzo KaJesu

Umlungiseleli Wendlela Uyazalwa

UELISABETHE cishe usekulungele ukuthola ingane yakhe. Kulezinyanga ezintathu ezidlule uMariya ubehlala naye. Kodwa manje sekuyisikhathi sokuba uMariya avalelise futhi athathe uhambo olude lokubuyela ekhaya eNazaretha. Cishe ezinyangeni eziyisithupha, naye, uzothola ingane.

Ngokushesha ngemva kokuhamba kukaMariya, uElisabethe uyabeletha. Yeka injabulo okuyiyo lapho ukubeletha kuphumelela futhi uElisabethe nengane bephile kahle! Lapho uElisabethe ebonisa omakhelwane bakhe nezihlobo ingane, bonke bajabula naye.

Ngosuku lwesishiyagalombili ngemva kokuzalwa kwayo, ngokomthetho kaNkulunkulu, ingane engumfana yakwaIsrayeli kumelwe isokwe. Ngalesisikhathi abangane nezihlobo bayavakasha. Bathi umfana kumelwe ethiwe ngegama likayise, uZakariya. Kodwa uElisabethe uyakhuluma. Uthi, ‘Cha bo! Uzakuthiwa uJohane.’ Khumbula yilelogama ingelosi uGabriyeli eyathi kumelwe lethiwe ingane.

Nokho, abangane babo bayaphikisa: ‘Akekho noyedwa emndenini wakini onalelogama.’ Khona-ke, bekhuluma ngokuqhweba, babuza uyise ukuthi iliphi igama afuna lethiwe umfana. Ucela isileti, bonke bemangele, uZakariya uyabhala ‘NguJonane igama lakhe.’

Ngenxa yalokho, ngokumangalisayo uZakariya wakwazi ukukhuluma. Uzokhumbula ukuthi walahlekelwa amandla akhe okukhuluma lapho engakholelwa isimemezelo sengelosi sokuthi uElisabethe uzothola umntwana. Nokho, lapho uZakariya ekhuluma, bonke abangomakhelwane bayamangala futhi bathi ezinhliziyweni zabo: ‘Kodwa lomntwana uyakuba-yini na?’

Manje uZakariya usegcwaliswe ngomoya ongcwele, futhi uyaprofetha maqondana nendodana yakhe: ‘Uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo.’

Ngalesikhathi uMariya, ngokusobala osengowesifazane ongakashadi, usefikile ekhaya eNazaretha. Yini ezokwenzeka kuye lapho kutholakala ukuthi ukhulelwe? Luka 1:56-80; Levitikusi 12:2, 3.

◆ UJohane wayemdala kangakanani kuJesu?

◆ Iziphi izinto ezenzeka lapho uJohane enezinsuku eziyisishiyagalombili ubudala?

◆ Yimuphi umsebenzi okwabikezelwa ukuthi uJohane wayezowenza?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela