Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 7/15 kk. 3-4
  • ‘Inkolo Yami Iyangenelisa!’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Inkolo Yami Iyangenelisa!’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkolo Yakho—Ngokuzikhethela Noma Ngokuzithola Ukuyo?
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukugqashula Enkolweni Yamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Noma Iyiphi Inkolo Ilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingxenye 24: Manje naphakade Ubuhle Baphakade Benkolo Yeqiniso
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 7/15 kk. 3-4

‘Inkolo Yami Iyangenelisa!’

INGABE uye wasabela ngalawomazwi lapho omunye woFakazi BakaJehova efika ekhaya lakho? Mhlawumbe wenezela: ‘Yayibenelisa abazali bami nomkhulu bami. Ngakho kungani kumelwe ngizikhathaze ngenye inkolo?’

Ngempela, sizuza kakhulu ekuhlakanipheni nakokuhlangenwe nakho kwabazali bethu. Kodwa ingabe lokho ngempela kuyisisekelo esihlakaniphile sokulandela inkolo? Ngokuqinisekile asibalingisi abazali bethu nomkhulu kuyo yonke into. Kungani? Kungoba kuye kwaba khona intuthuko olwazini nasekuqondeni.

Ngokwesibonelo: Eminyakeni engama-40 edlule lapho abantu babegula, kungenzeka ukuthi babefa ngenxa nje yokuthi ukwelashwa okwakukhona kwakungenele. Kusukela ngo-1943, imithi yokuvikela izifo iye yaba khona futhi iye yasindisa ukuphila okuningi. Siyakwenqaba yini ukucabangela ukusebenzisa imithi yokuvikela izifo ngenxa nje yokuthi omkhulu bethu babengayazi? Cha, sihlala sinomqondo ovulekile futhi sicabangela izinzuzo zentuthuko entsha. Isimo esifanayo singesihlakaniphile ngokuqondene nenkolo.

Indaba kamphostoli uPawulu ibonisa ngokuqhubekayo ukuthi inkolo yokhokho bethu ayikhona ngempela ukukhulekela kweqiniso okujabulisa uNkulunkulu. Ngaphambi kokuphendukela kukaPawulu ebuKristwini, ukusabela kwakhe ‘eNdleleni’ yobuKristu kwakungokobudlova obukhulu, ngokuba ‘walizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu.’ Kodwa kungani? Kungoba ‘wayewashisekela kakhulu amasiko awokhokho bakhe.’ Ukunamathela okuqinile enkolweni yakhe yakuqala kwamvimbela ukuba aqaphele iqiniso ngoJesu Kristu—futhi lokho kwakungeke kumjabulise uNkulunkulu.—IzEnzo 9:1, 2; Galathiya 1:13, 14.

Inkolo Yakho—Ngokuzikhethela Noma Ngokuzithola Ukuyo?

Ezikhathini eziningi, inkolo yomuntu ngempela kuyinto umuntu athuke ehlangabezana nayo. Ngayiphi ingqondo? Ngengqondo yokuthi kungenzeka wazalwa ungumKatolika, umProthestani, umHindu, umTaoist, noma umBuddha ngenxa yokuthi kwakuyinkolo yabazali bakho. Kodwa ake sithi wazalelwa kwelinye izwe noma umkhaya. Mhlawumbe manje kungenzeka usuyilungu elishisekayo lenkolo ehlukile. Ngakho-ke, ingabe kunengqondo ukuthatha ngokuthi inkolo owazalelwa kuyo ngokuzenzekelayo ingeyeqiniso?

Kungakhathaliseki ukuthi wazalelwa enkolweni yakho noma cha, ungase ube nomuzwa wokuthi iyakwenelisa. Kodwa ingabe inkolo elungile imane iyindaba yombono womuntu noma yokuzithandela? Ingabe lokho kuyisiqondiso esithembekile?

Mhlawumbe singafanisa lokhu nokudla. Buza umntwana ukuthi ikuphi akukhethayo—ucezu lwekhekhe noma isitsha semifino. Ngokunokwenzeka uyokhetha ikhekhe. Kodwa ingabe lokho akukhethile kuyawondla ngempela umzimba? Ngokufanayo, iqiniso lokuthi inkolo ibonakala kuwe ithandeka akusho ngempela ukuthi ililungele ingokomoya lakho.—Qhathanisa amaRoma 10:2, 3.

Inkolo akuyona nje indaba yombono wokuzicabangela. Ihilela ukukhulekela uNkulunkulu, ngakho kumelwe imthokozise. Khona-ke, umbuzo obalulekile awukhona ukuthi, Ingabe inkolo yami iyangenelisa? Kunalokho liwukuthi, Ingabe inkolo yami imthokozisa ngempela uNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela