Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 8/1 kk. 8-9
  • Ukuphila KukaJesu Esengumntwana Ekhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila KukaJesu Esengumntwana Ekhaya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila KukaJesu Kwasekhaya Esemncane
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukhulela ENazaretha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 8/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukuphila KukaJesu Esengumntwana Ekhaya

JENGOBA uJesu ekhula eNazaretha, limane lingumuzi omncane, ongabalulekile. Usegqumeni lezwe lendawo ebizwa ngokuthi iGalile, eduze nesiGodi esihle saseJizreyeli.

Lapho uJesu, cishe eneminyaka emibili ubudala, elethwa lapha esuswa eGibithe uJosefa noMariya, kusobala ukuthi uyena kuphela ingane kaMariya. Kodwa akuthathi isikhathi eside. Kamuva, uJakobe, uJosefa, uSimoni, noJuda bayazalwa, futhi uMariya noJosefa baba abazali bamantombazane futhi. Ekugcineni, uJesu okungenani uba nabafowabo abancane abayisithupha nodadewabo.

Futhi uJesu unezinye izihlobo. Kakade sesiyazi ngomzala wakhe omdala uJohane, ohlala endaweni eqhele ngamamayela amaningi eJudiya. Kodwa ohlala eduze neGalile uSalome, ngokusobala ongudadewabo kaMariya. USalome ushada noZebedewu, futhi khona-ke abafana babo ababili, uJakobe noJohane, bazoba abazala bakaJesu. Asazi noma, lapho ekhula, uJesu wasebenza isikhathi esiningi nalabafana, kodwa kamuva baba abangane abaseduze, njengoba sizobona.

UJosefa kumelwe asebenze kanzima ukuze anakekele umkhaya wakhe okhulayo. Ungumbazi. UJosefa ukhulisa uJesu njengendodana yakhe, ngakho uJesu ubizwa ngokuthi ‘indodana yombazi.’ UJosefa ufundisa uJesu ukuba naye abe umbazi, futhi ufunda kahle kakhulu. Kungakho abantu kamuva bethi ngoJesu, ‘Lona ngumbazi.’

Ukuphila komkhaya kaJosefa kusekelwe ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu. Ekugcineni umthetho kaNkulunkulu, uJosefa noMariya banikeza abantwana babo imfundo engokomoya ‘lapho behleli endlini yabo, lapho behamba emgwaqweni, nalapho belala nalapho bevuka.’ Kunesinagoge eNazaretha, futhi singaqiniseka ngokuthi uJosefa uwuthatha njalo umkhaya wakhe ukuba uyokhuleka lapho. Kodwa akungabazisi ukuthi bathola injabulo enkulu ohambweni lwabo oluvamile oluya ethempelini likaJehova eJerusalema, njengoba sizokucabangela kumagazini wethu olandelayo. Mathewu 13:55, 56; 27:56; Marku 15:40; 6:3; Duteronomi 6:6-9.

◆ Babebangaki abafowabo nodadewabo bakaJesu abancane, futhi ayengobani amagama abanye babo?

◆ Babengobani abazala bakaJesu abathathu abaziwayo?

◆ Wawuyini umsebenzi kaJesu wokuziphilisa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela