AmaKristu Eqiniso Angabashumayeli BoMbuso
“Lelivangeli [“izindaba ezinhle,” NW] lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—MATHEWU 24:14.
1, 2. (a) Kungani isigijimi soMbuso kumelwe simenyezelwe emhlabeni wonke manje? (b) Imiphi imibuzo ngamunye ufakazi kaJehova angazibuza yona?
EMEMEZELA UMBUSO KAJEHOVA. Eminyakeni eminingi, lokho bekuyinjongo eyinhloko yalomagazini. Eqinisweni, kuyingxenye yegama lawo elingokomthetho. Futhi kubalulekile ukuba isigijimi soMbuso manje simenyezelwe emhlabeni wonke. Kungani? Ngenxa yalokho uJesu Kristu akusho ngemva kokusho izici ezakha ‘isibonakaliso’ ‘sokuba khona’ kwakhe okungabonakali nesokuphela kwalesimiso. UJesu wathi: “LeziZindaba Ezinhle zombuso ziyomenyezelwa kuwo wonke umhlaba njengobufakazi kuzo zonke izizwe. Khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:3, 14, The Jerusalem Bible.
2 Namuhla, “ukuphela” kuseduze ngempela. Ngakho-ke, ngamunye ufakazi ozinikezele kaJehova angabuza: Ngizizwa kanjani ngomsebenzi wokushumayela ngoMbuso? Ingabe ngihlanganyela kuwo njalo? Futhi ingabe inkonzo yami ifezwa ngekhono nangentshiseko?
Ukuthunywa Kokushumayela
3. Amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 5:14-16 abonisani ngabalandeli bakhe?
3 Akekho umKristu weqiniso ongagwema ngokufanelekile umsebenzi ophakeme wokumenyezelwa ‘kwezindaba ezinhle’ kwabanye. UJesu watshela abafundi bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhé entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” (Mathewu 5:14-16) Lokho kwabonisa ukuthi abafundi bakaJesu babeyoba abashumayeli boMbuso.
4. Yini eye yashiwo ngomshumayeli oyinhloko woMbuso?
4 Ngokuphathelene nomshumayeli oyinhloko woMbuso, kuye kwathiwa: “Njengoba iNkosi yethu yayishumayela ngoMbuso yaqhubeka . . . ilungiselela futhi ihlela iNkonzo yawo . . . Yaqala inkonzo engokwesiprofetho . . . futhi yenza kokubili abahlanganyeli abayiShumi nambili nabangamaShumi Ayisikhombisa benkonzo efanayo. Njengoba yayishumayela ngombuso ozayo ‘nangezibonakaliso’ ezihlanganisiwe, yabathuma phambi kwaYo nesigijimi esifanayo namandla afanayo. Ngemfundo emangalisayo yokufundisa ngokuningiliza, . . . Yabaqeqeshela izikhundla eziphakeme ababeyophathiswa zona kamuva.”—A Church History, kaMilo Mahan.
5. Ngokuphathelene nokushumayela ngoMbuso, yini uJesu ayenza?
5 UJesu wabanikeza iziyalezo ezinhle abaphostoli bakhe nabafundi abangama-70 abathuma. (Luka 6:12-16; 10:1-22) Ngokungaphezulu, yena ngokwakhe njengeSibonelo sethu “wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso.” Ababenaye kwakungabaphostoli nabesifazane abathile “ababebakhonza ngempahla yabo.” (Luka 8:1-3) Yebo, uJesu wayengummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle futhi wathatha izinyathelo ukuze aqalise inhlangano yokushumayela ngoMbuso.
6. Ngaphambi kokwenyukela ezulwini, ikuphi ukuthunywa uJesu akunika abalandeli bakhe?
6 Ngemva kwenkonzo yeminyaka emithathu nengxenye, uJesu waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni. Kodwa ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, wanika abalandeli bakhe lokhu kuthunywa: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:19, 20) Ngempela, babeyoba abashumayeli boMbuso.
7. Nakuba abafundi bakaJesu ekuqaleni babentula ulwazi oluqondile ngoMbuso, kungani babeyophumelela ekubeni ofakazi bakhe?
7 Lapho uJesu esezohamba emhlabeni, abafundi bakhe bambuza: “Nkosi, usawubuyisela umbuso kuIsrayeli ngalesisikhathi na?” Ekuphenduleni, wabatshela: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe.” Ngisho nakuba abafundi ngalesosikhathi babentula ulwazi oluqondile ngoMbuso, uJesu wayengabathuma babe abamemezeli bawo, ngoba babeyoba nosizo oludingekayo ukuze bafeze ukuthunywa kwabo. “Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu,” uJesu wanezela, “nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:6-8) Ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, abalandeli bakaJesu ekugcineni babeyobona ukuthi uMbuso wawuyoba uhulumeni wasezulwini. (Johane 16:12, 13) Futhi ngesikhathi esifanele amaqiniso ngalowoMbuso ayeyomenyezelwa “kuze kube-sekugcineni komhlaba.”
8. Wawuphumelela kanjani umsebenzi wokushumayela wekhulu lokuqala?
8 Labofakazi benza umsebenzi wabo kahle kakhulu. Yebo, uJehova wayenabo, futhi babesekelwa uJesu Kristu okhazinyulisiwe. (IzEnzo 8:1-8; 11:19-21) Akumangalisi ukuthi ekuqaleni ngo-60 kuya ku-61 C.E. umphostoli uPawulu wayengase asho athi ‘izindaba ezinhle’ zase ‘zishunyayelwe kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu’!—Kolose 1:23.
9. Njengoba kuphawulwe lapha, uyini umsebenzi oyinhloko webandla lobuKristu?
9 Ngokuphathelene nomsebenzi wokufakaza, kuye kwalotshwa: “Ukumenyezelwa kwevangeli . . . akusiwo umsebenzi owodwa phakathi kweminingi leyo iBandla leT[estamente] E[lisha] elihlanganyela kuyo, kodwa kuwumsebenzi walo oyisisekelo, obalulekile. . . . Qaphela, uJesu akashongo [kuzEnzo 1:8] ukuthi, Niyofakaza kimi, noma, Niyongifakazela, kodwa, Niyoba ngofakazi bami. Ukusetshenziswa kwesenzo ‘ukuba’ lapha kunokubaluleka okumelwe kuthathwe ngokungathi sína okugcwele nokungokoqobo. Leligama [ngesiGreki] alisho nje lokho iBandla elaliyokwenza, kodwa lokho iBandla elaliyoba yikho. . . . IBandla likaJesu Kristu . . . liyindikimba efakazayo.” (Pentecost and the Missionary Witness of the Church, kaHarry R. Boer, amakhasi 110-14) Yebo, ukufakaza kuwumsebenzi oyinhloko webandla lamaKristu eqiniso.
Ngokuqondisa Kwaphezulu
10, 11. (a) Ngokuyisisekelo, abamemezeli boMbuso bekhulu lokuqala bahlelwa kanjani? (b) Yini eyenzeka lapho izimo ezintsha zivela?
10 Abamemezeli boMbuso bekhulu lokuqala bathola ukuqondiswa endikimbeni ebusayo. Abadala abajikelezayo babekhonza enhlanganweni, futhi imisebenzi yebandla yayithwalwa ababonisi nezinceku ezikhonzayo. (IzEnzo 15:1, 2, 22-36; Filipi 1:1) Kodwa yini eyenzeka lapho izimo ezintsha zivela?
11 Nokho, cabangela lokho okwenzeka ngokushesha ngemva kwePentekoste lika-33 C.E. AmaJuda akhuluma isiGreki aqala ukukhonona ngamaJuda akhuluma isiHeberu “ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.” Ukuze baxazulule inkinga, abaphostoli bamisa “amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle” ukuba anakekele lokhu kwabiwa kokudla. (IzEnzo 6:1-8) Ngokuphathelene nalokhu siyafunda: “Ekuqaleni, ukunakekela ukuthi ukudla kweningi kwansuku zonke kwakwabiwa ngokungakhethi, ngokwalokho esikutshelwayo, kwakuyikhona kuphela ‘abayisikhombisa’ abahlukaniselwa khona, kodwa, yebo, eminye imisebenzi yayiyonezelwa njengoba babanda, ngoba nakuba izimiso zokholo olusha zazingaguquguquki, amakhono nezindlela zentshumayelo, lezo laba ababengase baqine ngazo futhi bathuthuke ngokuphumelelayo, zashiyelwa ekuhlakanipheni nakokuhlangenwe nakho koqobo kwezizukulwane ezilandelayo . . . Ukufanelaniswa nokuguqulwa kancane kwemininingwane ebalulekile . . . akunakugwenywa kunoma iyiphi inhlangano enkulu.”—Hours With the Bible, New Testament Series, umqulu II, kaCunningham Geikie.
12. (a) Yini eyanikela entuthukweni yobuKristu bokuqala? (b) Abalandeli bakaJesu baqala kuphi futhi kanjani ukubizwa ngokuthi amaKristu?
12 Ukuthembela ngomthandazo kuNkulunkulu, kanye ‘nokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho koqobo’ kwendikimba ebusayo, kwanikela entuthukweni yobuKristu bokuqala. Futhi ngokuqinisekile izinto zazenzeka ngokuqondisa kwaphezulu. Ngokwesibonelo, abalandeli bokuqala bakaJesu kwakuthiwa bangabantu “baleyoNdlela.” (IzEnzo 9:1, 2) Kodwa mhlawumbe ekuqaleni ngo-44 C.E. eAntiyokiya, eSiriya, “abafundi ngokuqondisa kwaphezulu babizwa ngokuthi amaKristu.” (IzEnzo 11:26, NW) Leli kwakuyigama ababelinikwa uNkulunkulu abalamukela ngokushesha.—1 Petru 4:16.a
13. Njengoba oFakazi BakaJehova manje besebenzisa izindlela zokusakaza zesimanje, yini eyasetshenziswa amaKristu okuqala emsebenzini wawo wokushumayela ngoMbuso?
13 Phakathi kwalawo maKristu okuqala, okunye ukuthuthuka nakho kwakungaphansi kokuqondisa kwaphezulu. Ngokwesibonelo, njengoba oFakazi BakaJehova manje besebenzisa izindlela zokusakaza zesimanje, kanjalo amaKristu okuqala avula indlela yokusetshenziswa kwezincwadi ezilotshwe ngesandla—isibusiso sangempela emsebenzini wawo wentshiseko wokushumayela ngoMbuso. Ngokuphathelene nalokhu, uC. C. McCown waloba: “Izincwadi zamaKristu zenkolo, kokubili iTestamente Elidala nezincwadi ezintsha . . . kwakungezona ezokufundwa abantu abanothile ngezikhathi zokuphumula. Abantu abasebenza kanzima babefuna lokho ababengase bakuthole encwadini. Bona nezithunywa zevangeli ezikhuthele ezingamaKristu babefisa ukukwazi ukubhekisela ngokushesha emibhalweni efakazayo, ngaphandle kokuqhaqha iphepha elide kakhulu.—The Biblical Archaeologist Reader, ikhasi 261.
14. Abaphostoli bakaJesu babekhuthalele ukushumayela ngaphansi kwaziphi izimo?
14 “Ukukwazi ukubhekisela ngokushesha emibhalweni efakazayo” kwakubaluleke kakhulu ngenxa yezindlela zokushumayela ngoMbuso ezazisetshenziswa amaKristu okuqala. Yebo, ngezinye izikhathi, babefakaza kubantu ngokwethukela, njengoba noFakazi BakaJehova bevame ukwenza nanamuhla. Ngalokhu kuye kwathiwa: “Esinye sezici ezingajwayelekile zokushumayela kwabaphostoli kwakuwuhlobo lokwethukela. Kwakungekho ukulindela komphostoli ithuba elikhulu. Okwakuwukuphela kwethuba lakhe lokushumayela kumbusi kwakuyilapho, njengoPawulu ephambi kukaFeliksi, eholwa njengesiboshwa phambi kombusi ukuba aziphendulele futhi aphendule icala lokweqa imithetho. Wayenawo amathuba akhe, kodwa wayewathola etilongweni, endleleni, nasekhaya elithobekile lapho efihla khona ikhanda ebusuku. . . . Wayenomuzwa wokuthi isigijimi sakhe kwakumelwe siye ikakhulukazi kubantu ngabanye, nakuba ayekulungele ngokufanayo ukusibekela isixuku. Wayekhululeka ngokufanayo kunoma iziphi izilaleli. Wayengasikhohliwe isibonelo sikaKristu, . . . [lowo] ondawo yakhe yokushumayela kwakuyizindlela ezinkulu ezinothuli, noma imigwaqo enabantu abaningi, noma ugu olunamatshe amancane lwaseGalile lamaJuda . . . [Abaphostoli] babengakhohliwe ukuthi ekuqaleni kobungane babo naye wayebanikeze iziyalezo ezikhethekile ngezindlela ezingcono kakhulu zokushumayela izimfundiso zakhe, wayegcizelele lezifundo zokuqala ngezinye, futhi, ngaphambi nje kokwenyuka kwakhe, wabakhomba ezweni njengensimu yabo nakuzo zonke izidalwa njengezilaleli zabo.”—History of the Christian Church, kaJohn F. Hurst, umqulu I, ikhasi 96.
‘Endlini Ngendlu’
15. Abaphostoli babewufeza kanjani umsebenzi wokushumayela ezinsukwini ezalandela iPentekoste lika-33 C.E.?
15 Ezinsukwini ezalandela iPentekoste lika-33 C.E., abafundi bakaJesu kakade base besebenzisa indlela ephakeme yokushumayela ‘izindaba ezinhle.’ Ngemva kokuba abaphostoli ababeshushiswa bedunyaziwe ngenxa yegama likaJesu Kristu, yini abayenza? Phela, “abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya”! (IzEnzo 5:41, 42) Yebo, abaphostoli bafakaza endlini ngendlu.
16. Hlobo luni lomsebenzi wokushumayela uPawulu aqeqesha kulo abadala e-Efesu?
16 Kamuva, umphostoli uPawulu wayengakhumbuza abadala abamisiwe e-Efesu: “Angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu. Ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.” (IzEnzo 20:20, 21) UPawulu wayengasho ukuthi wayefundisa abadala abamisiwe emakhaya abo. Kunalokho, wayefakaza kumaJuda nakumaGreki angakholwayo ngokuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa kuJesu Kristu. Ngokungangabazeki, uPawulu wafundisa futhi labo badala indlela yokufakaza endlini ngendlu.
17. Yini eye yashiwo izazi ezihlukahlukene ngenkonzo kaPawulu yendlu ngendlu e-Efesu?“
17 Ngokuphathelene nenkonzo yomphostoli e-Efesu, kuye kwathiwa: “Umkhuba ovamile kaPawulu kwakuwukusebenza emsebenzini wakhe wokuziphilisa kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube u-11:00 ekuseni (IzEnzo 20:34-35) ngehora uTiranu ayeseqede ukufundisa kwakhe; khona-ke kusukela ngo-11:00 ekuseni kuya ku-4:00 ntambama wayeshumayela ehholo, enze imihlangano nabasizi kanye nezinkulumo zangasese nabafundi, alungiselele izintshumayelo emzini; khona-ke ekugcineni wayenza izingxoxo zobuvangeli bendlu ngendlu ezaziqala ngo-4:00 ntambama kuze kube sebusuku impela. (IzEnzo 20:20-21, 31).” (A. E. Bailey) Ezinye izazi ziye zathi: “Wayenganeliswa nje kuphela ukunikeza izinkulumo emhlanganweni weningi, nokusebenzisa ezinye izindlela, kodwa waphishekela ngentshiseko umsebenzi wakhe omkhulu ngasese, endlini ngendlu, futhi wayeyisa ngokoqobo ekhaya iqiniso lasezulwini emakhaya nasezinhliziyweni zabase-Efesu.” (A. A. Livermore) “Phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu, edolobheni nakuso sonke isifundazwe, wayelishumayele ivangeli.” (E. M. Blaiklock) “Kubalulekile ukuphawula ukuthi lomshumayeli omkhulu kunabo bonke washumayela endlini ngendlu futhi akenzanga ukuvakasha kwakhe kwaba ukuvakasha nje kokuhlalisana.”—A. T. Robertson.
18. (a) Kungani ungathi kunesisekelo esiqinile esingokomBhalo senkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova? (b) NjengoJesu nabafundi bakhe bokuqala, kukuphi futhi kanjani lapho oFakazi BakaJehova beshumayela khona isigijimi soMbuso?
18 Ukufakaza endlini ngendlu kwakwenziwa abaphostoli bakaJesu ngo-33 C.E. Kwakuyingxenye yenkonzo kaPawulu e-Efesu futhi ngokungangabazeki nakwezinye izindawo. Ngakho kunesisekelo esiqinile esingokomBhalo senkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova. Futhi kunjalo nangezinye izindlela ezihlukahlukene abazisebenzisayo ekusakazeni isigijimi soMbuso. Ngokuthakazelisayo, iCyclopedia kaMcClintock noStrong ithi: “INkosi yethu nabaphostoli bayo babethola izindawo zokushumayela noma kuphi lapho kwakuhlangene khona abantu. Entabeni, ogwini lwezilwandle nemifula, emgwaqweni weningi, emakhaya abantu, emphemeni weThempeli, esinagogeni lamaJuda, nezinye izindawo ezihlukahlukene ezazitholakala ukuze kumenyezelwe iVangeli.” (Umqulu VIII, ikhasi 483) NjengoJesu nabafundi bakhe bokuqala, oFakazi BakaJehova bashumayela isigijimi soMbuso “emgwaqweni weningi, emakhaya abantu, . . . nakwezinye izindawo ezihlukahlukene.” Ngokwesibonelo, bahlanganyela emsebenzini wasemgwaqweni kamagazini (ngalomagazini nomngane wawo iPhaphama!) futhi baziwa kakhulukazi ngokufakaza kwabo endlini ngendlu.
19. Zenziwa kanjani izinqumo ngokuphathelene nezindlela zokushumayela ezisetshenziswa manje oFakazi BakaJehova?
19 Izindlela eziyisisekelo zenkonzo ezisetshenziswa manje oFakazi BakaJehova zaqaliswa ekhulwini lokuqala, futhi, ngaphandle kwalokhu, kufanelekile ngeNdikimba Ebusayo yosuku lwanamuhla yamaKristu agcotshiwe ukuba inqume ukuthi iziphi izindlela zokushumayela ezifanelekayo kulesikhathi. Izinqumo ezinjalo zingasekelwa ngokwengxenye “ekuhlakanipheni nakokuhlangenwe nakho koqobo” kwalamadoda. Nokho, ikakhulukazi, enza izinqumo njengoba kwenza indikimba ebusayo yamaKristu ekhulu lokuqala. Ukuqondisa kukaNkulunkulu nokomoya wakhe engcwele kufunwa ngomthandazo, izandulelo ezingokomBhalo ziyalandelwa ekunqumeni izindlela zokushumayela ezifaneleka kakhulu ‘kulezinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1; IzEnzo 15:23, 28.
20. (a) Kungani singaqiniseka ukuthi kunokuvunyelwa kwaphezulu kwezindlela zokushumayela ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova? (b) Isiphi isimo zonke izinceku zikaJehova okumelwe zibe naso ngomsebenzi wokushumayela ngoMbuso?
20 Kusobala ukuthi izindlela zokushumayela ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova ziqondiswa phezulu, ngoba uNkulunkulu uye wanika lemizamo impumelelo enkulu nesibusiso. (IzAga 10:22) Izixuku zemukela ukukhulekela kweqiniso futhi zihlanganyela nensali yabalandeli bakaJesu abagcotshiwe njengengxenye yokuphela kwenhlangano edumisa igama elingcwele likaJehova nememezela ngokungesabi izindaba ezinhle zoMbuso wasezulwlni omisiwe. Khona-ke kwangathi zonke izinceku zikaJehova zingaqhubeka zizikhandla emsebenzini wokwenza abafundi njengoba lesimiso sisondela ekupheleni kwaso. Lokhu kumelwe sikwenze ngokwethembeka, ngoba amaKristu eqiniso ngokungangabazeki angabashumayeli boMbuso.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ikhasi 316 kwethi Aid to Bible Understanding, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Kuyini Ukuqonda Kwakho?
◻ Kungani isigijimi soMbuso kumelwe simenyezelwe emhlabeni wonke manje?
◻ Uyini umsebenzi oyinhloko wawo wonke amaKristu eqiniso?
◻ Kungani kungathiwa phakathi kwezinceku zikaJehova izinto zenzeka ngokuqondisa kwaphezulu?
◻ Umsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela endlini ngendlu unasiphi isisekelo esiqinile?
[Isithombe ekhasini 11]
UJesu watshela abalandeli bakhe: ‘Hambani, nenze abafundi.’ Ingabe ngentshiseko wenza lomsebenzi oyinhloko wawo wonke amaKristu eqiniso?
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe ufakaza njalo endlini ngendlu? Abaphostoli bakaJesu bokuqala bakwenza. Kanjalo nommemezeli woMbuso oshisekayo uPawulu