Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 9/1 k. 3
  • Ukukholelwa KuNkulunkulu—Ingabe Kwanele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukholelwa KuNkulunkulu—Ingabe Kwanele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezweni Elingamhloniphi UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • “Wayemjabulisile UNkulunkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • U-Enoke—Wayenesibindi Naphezu Kobunzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Hamba NoNkulunkulu Kulezi Zikhathi Zeziyaluyalu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 9/1 k. 3

Ukukholelwa KuNkulunkulu—Ingabe Kwanele?

“INGABE uyakholelwa kuNkulunkulu noma emoyeni wendawo yonke?” kwabuza umcwaningi odumile uGeorge Gallup, Jr. Mhlawumbe okwamangalisa abanye ukuthi amaphesenti angama-95 akho kokubili abadala (abangephezu kweminyaka engama-30 ubudala) nentsha eyabuzwa bavuma! Kodwa kusezingeni elingakanani lapho ukholo luguquleka khona lube isenzo? Ngokusobala hhayi kakhulu. Ngoba uMnu. Gallup wabika ukuthi lapho abasha asebekhulile bebuzwa, “Izinkolelo zakho zikuthinta ngokwezinga elingakanani ukucabanga kwakho noma okwenzayo nsuku zonke,” abangamaphesenti angama-26 kuphela bathi, “ngokwezinga elikhulu.”a—The Search for America’s Faith, nguGeorge Gallup, Jr., noDavid Poling.

Khona-ke, ngokusobala, ukukholelwa nje kuNkulunkulu akwanele. Umfundi uJakobe wabhala: “Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. . . . Ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize.” (Jakobe 2:19, 20) Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lisitshela ngabantu ababa nokungaphezu nje kokholo. Ngokwesibonelo, uEnoke, “wayehamba noNkulunkulu.” (Genesise 5:24) Kanjalo ubuhlobo phakathi kukaEnoke noNkulunkulu wakhe baba obusondelene kangangokuthi kwakungathi babehamba ndawonye! Kodwa kungani uEnoke athandwa ngalobuhlobo obungavamile? Ngenxa yokuthi, nakuba ayephila phakathi kwesimo senkolo esasonakele lapho ‘imisebenzi yokungamesabi uNkulunkulu’ eshaqisayo yayivame khona, uEnoke walandela indlela yokuphila elungile. Ngesibindi nangokungagwegwesi wembula izindlela ezimbi lesizukulwane sakhe, eprofetha ethi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi, ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”—Juda 14, 15.

Ukuhamba noNkulunkulu kwabeka uEnoke engozini enkulu. Ngokusobala izitha zakhe zenza uzungu lokumbulala nokuqeda isiprofetho sakhe esicasulayo. Nokho, uNkulunkulu ayehamba naye, wangenela. IBhayibheli lithi: “Ngokukholwa uEnoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile.” Yebo, “uNkulunkulu wayemthathile” ngokufa, emphephisa ngokusobala ekufeni ngobudlova ezandleni zezitha zakhe.—Heberu 11:5, 13; Genesise 5:24; qhathanisa noJohane 3:13.

UNowa kwakungenye indoda ‘eyahamba noNkulunkulu weqiniso.’ NjengoEnoke, “uNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe.” (Genesise 6:9) Futhi wayenjalo naphezu kweqiniso lokuthi osukwini lwakhe ukuziphatha okubi kwakuvamile nobudlova babudlangile. Nokho, uNowa, wabonisa ukumesaba uNkulunkulu futhi waba “umshumayeli wokulunga.” Ngakho-ke uNkulunkulu wamlondoloza yena nomkhaya wakhe lapho eletha uzameolo kulelozwe lasendulo!—2 Petru 2:5; Heberu 11:7; Genesise 6:5, 11.

Ingabe uNkulunkulu usasidlulisela isimemo sokuhamba naye? Yebo ngempela! Umphostoli uPawulu wathi uNkulunkulu “kakude kulowo nalowo kithi,” uma kodwa ‘simfuna siyakumfumana.’ (IzEnzo 17:27) Kodwa singakwenza kanjani lokhu? Futhi ingabe ukuhamba noNkulunkulu kuhilelani ngempela?

[Umbhalo waphansi]

a Amaphesenti angamashumi amathathu lesishiyagalolunye athi “ngokwezinga elithile,” amaphesenti ayi-14 athi “kancane,” futhi amaphesenti ayi-12 athi “azikuthinti kwanhlobo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela