Iminyaka Eyishumi Ngisemajele Ezempi AseSpain
Njengoba ilandiswa uFernando Marín
IMINYAKA eyishumi ejele likaFranco eSpain—iminyaka eyishumi eyacebisa ukuphila kwami. Lokho kungase kuzwakale njengokuphikisanayo; nokho kwaba njalo kimi. Hhayi ngoba leyominyaka yayigcwele izinduduzo zokuphila kwansuku zonke. Kunalokho, kwakukhona lonke uhlobo lonya olungokoqobo lwasejele lezempi. Kodwa kanye nakho konke lokho, kwakukhona futhi ubufakazi obungokoqobo, ngezinye izikhathi obabumangalisa, besivikelo saphezulu. Ngikhumbula izenzakalo njengokungathi zenzeke izolo.
Ngakhula ngingumKatolika futhi ngafunda ezikoleni zamaKatolika eBarcelona. Ngakhula ngesaba kakhulu ukuhlushwa esihogweni somlilo nesihlanzo. Khona-ke lapho ngineminyaka eyi-16 ngatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi lezo zimfundiso ezesabisayo zasulwa engqondweni yami. Ngabona ngokucacile eBhayibhelini ukuthi awukho umphefumulo womuntu ongafi. Uma kunjalo, zingaba khona kanjani izindawo zokuhlushwa nezokuhlanzwa kwabanjalo?—Hezekeli 18:4, 20; UmShumayeli 9:5, 6, 10.
Ngo-1961, ngineminyaka eyi-18, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu ngobhapathizo eParis, eFrance, emhlanganweni omkhulu wokuqala engaba khona kuwo. Ngangingomunye weqembu elincane labaseSpain abaphumelela ekulungiseleleni uhambo oluya eFrance naphezu kwesimo sethu sezomnotho esimpofu nokuvinjelwa koFakazi BakaJehova eSpain ngalesosikhathi. Umsebenzi wethu wokushumayela wawuwumshoshaphansi phakathi nengxenye yesikhathi sikaFranco (1939-75).
Ngakujabulela kakhulu ukwazi uJehova neqiniso lakhe ngoKristu Jesu kangangokuthi ukuzinikezela kwami kwenziwa ngokungagodli lutho. Ngafuna ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele esiyiphayona. Isifiso sami sagcwaliseka ngoFebruary 1962. Ngiye ngaba kuleyonkonzo kusukela ngalesosikhathi—ngisho nalapho ngisejele. Kodwa kungani kwadingeka ukuba ngiye ejele?
Uvivinyo Lwami Lokuqala Olukhulu
NgoFebruary ka-1964, ngineminyaka engama-21, ngabuthelwa ukuhlanganyela empini. Ngangikulungele okwakuza. Iminyaka eminingi, njengezinye izinsizwa ezingontanga yami ebandleni, nganginemigomo emibili ekuphileni—ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele esiyiphayona nokugcina ubuqotho bami empikiswaneni yokungathathi-hlangothi kobuKristu.—Johane 17:16; 18:36.
Lapho ngihamba ekhaya ngiya emakamu amasosha, ngahamba ngilindele okuthile, ngishaywa uvalo, kodwa izinkolelo zami zicaca kahle engqondweni. Lapho ngifika emakamu empi asendaweni yakithi, ngachaza isimo sami njengowenqaba ukuhlanganyela empini ngenxa kanembeza—okuthile okwakungaqondakali eSpain ngalesosikhathi futhi ngokuqinisekile okwakungabekezelelwa. Nganikwa imvume yokuhamba futhi ngatshelwa ukuba ngiziveze emakamu amasosha eTenerife (Iziqhingi zaseCanary)—okungaphezu kwamakhilomitha ayi-1 600 ukusuka ekhaya eCatalonia.
ETenerife izikhulu zempi zacabanga ukuthi ngangihlanya. Ubani onengqondo ephilayo ongenqaba ukuhlanganyela empini ngaphansi koMbuso wobushiqela? Ngathunyelwa esibhedlela sengqondo ukuze ngelashwe! Ngenhlanhla ngahlolwa udokotela owayebazi oFakazi, futhi ngaleyondlela ngasinda ekwelashweni okwakuyongilimaza ngokuphelele. Ngokushesha bangivalela ejele lezempi. Ngangiyoba lapho isikhathi esingakanani? Ngangingazi, njengoba ngalezozinsuku sasingekho isigwebo esiqondile sabenqaba ngenxa kanembeza.
Phakathi neminyaka eyalandela, ngabazi ubunzima bokuhlala wedwa nokonakala kweziboshwa ezingcolile engangikanye nazo esitokisini. Ngadlula ezimweni ezisongela ukuphila, futhi ngalingwa ukuze ngiphule ubuqotho bami nokungathathi-hlangothi. Kancane kancane ngaqaphela ukuthi lesitokisi esincane singaba futhi njengendawo yonke uma umuntu ejabulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Ngathembela kakhulu kuJehova njengoNkulunkulu wami.—IHubo 23.
Ukuboshwa Ngedwa
Ukusuka eTenerife ngathunyelwa ejele lezempi elesatshwayo laseSan Francisco del Risco esiqhingini saseLas Palmas de Gran Canaria—lesatshwa ngenxa yedumela lomphathi wejele—indoda emfushane, eyondlekile, enonya eyayijabulela ukushaya iziboshwa. Babembiza ngokuthi uPisamondongo (Umqhumbusi Wamathumbu).
Ngaboshwa ngedwa, futhi zonke izinto zami zasuswa, kuhlanganise neBhayibheli lami. Ngangivunyelwe ukuphuma kancane kuphela ebusuku—ukuze ngiyothulula ibhakede lami lendle ngilande nokudla kwami kwakusihlwa. Nokho, kuzo zonke lezozinyanga zokuboshwa ngedwa angizange ngibe ngedwa ngempela. (IHubo 145:18) Njengesithunywa sevangeli uHarold King, owayeseneminyaka eboshwe yedwa eChina, ngahlakulela ubuhlobo bami noJehova. (Bheka INqabayokulinda kaJanuary 15, 1964, amakhasi 42-47.)
Ngelinye iSonto ukudla kwami kwahlanganisa ucezu lukalamula. Njengoba ngangilikhamela erayisini amaconsi awela phansi kumatiles abomvu esitokisi, eshiya ibala elincane. Lokhu kwanginikeza umqondo wokusebenzisa amanzi kalamula ekulobeni umbhalo phansi esitokisini. Kanye ngesonto ukudla kwakuhlanganisa ucezu lukalamula. Ngaleyondlela, kancane kancane, ngakwazi ukubhala phansi esitokisini ukuthi: “El nombre de mi Dios es Jehová.” (“Igama likaNkulunkulu wami uJehova.”) Lawomazwi ayeyisikhumbuzo esihlala njalo sokuthi ngangingengedwa ngokuphelele. Leloqiniso elingelutho elalisezinyaweni zami lashukumisa ingqondo yami ukuba ikhumbule amaqiniso ajulile ngobuhlobo bomuntu kuNkulunkulu. Kamuva, ngisebenzisa ikhandlela elimanzi, ngapholisha yonke indawo yaphansi esitokisini yaze yacwebezela njengesibuko.
Lokho Engakwenza Ukuze Ngifunde IBhayibheli
Abazalwane ababeboshwe eEl Aaiún, eSahara, bezwa ngokuhlukaniswa kwami neqiniso lokuthi ngangenqatshelwe ukuba nanoma iliphi iBhayibheli noma izincwadi zeBhayibheli. Ngokusebenzisa esinye isiboshwa esasishintshelwa ejele engangikulo, bakwazi ukuthumela amakhasi athile eNqabayokulinda nekhophi yelinye lamaVangeli. Inkinga yayiwukuthi, sasiyokuletha kanjani kimina njengoba ngangiboshwe ngedwa?
Ngalobobusuku lapho ngiyothulula ibhakede lami lendle kwaphonswa iphakethe elincane odongeni lwendlu yangasese. Ngalithatha njengomuntu elambile ethatha isinkwa. Sengibuyele esitokisini ngafunda lawomakhasi ngiwaphindaphinda ubusuku bonke. Kwakuyizincwadi zokuqala ezikhuluma ngoJehova engangizibonile kulowonyaka! Kwasa. Yeka ukuthi ngazijabulela kanjani lezozihloko namazwi kaJesu enduduzo atholakala eVangelini!
Ngobusuku obulandelayo, njengoba ngangiphindela esitokisini ngiphethe isitsha sokudla kwakusihlwa, ngabona umphathi wejele, udon Gregorio, engilindile. Ubuso bakhe babusabeka futhi intamo yakhe emfushane enkulu yakhukhumala ngenxa yentukuthelo. Wayephethe amakhasi kamagazini wami. Indawo yami yokufihla izincwadi eziyigugu zeBhayibheli yayisitholakele! Ethuka ngezinhlamba ezinkulu igama likaJehova nezinsongo zokufa, wangibiza. Ngokushesha ngathandaza ngokujulile ngenhliziyo kuJehova, ngicela ukuba angisize ngibhekane nalokho okwakuzolandela ngesimo somKristu weqiniso.
Umphathi wavula umnyango wesitokisi. Ngagijimela ekhoneni lesitokisi futhi ngazama ukumboza izingxenye ezazingalimala kalula ekuhlaseleni engangazi ukuthi kumelwe kuze. Ethukuthele futhi ememeza, namehlo akhe ebomvu, waziphonsa kimina. Phansi kwakupholishwe kucwebezela. Washelela wawa ngobuso. Ethukuthele, wazama ukuvuka. Njengoba enza kanjalo amehlo akhe awela emagameni abhalwe phansi, “El nombre de mi Dios es Jehová.” Wayekholelwa ezeni kakhulu. Lapho efika egameni likaNkulunkulu, washo ngokungakholelwa ngezwi eliphansi, “Jehova!” Khona-ke izwi lakhe laphakama njengoba eqala ukumemeza ngokuphindaphindiwe “Jehova! Jehova! . . . ” Khona-ke, cishe egaqa ngamadolo wabaleka esitokisini! Ngasinda ekushayweni, futhi akaphindanga wangihlupha.
Lokhu okuhlangenwe nakho kwaqinisa ukholo lwami esandleni esivikelayo sikaJehova. Lapha ngangingedwa ngokuphelele futhi-ke ngingashiyiwe. Ngangishushiswa kodwa angibhujiswanga.—2 Korinte 4:7-10.
Ibandla—Ejele
Ekugcineni ngashintshelwa ejele laseSanta Catalina, eCádiz, lapho ngokushesha kwakunabazalwane abangaba yikhulu. Bazihlela njengebandla, elinye lamakhulu kakhulu eSpain ngalesosikhathi! Sabambelela esimisweni sethu semihlangano nesesifundo somuntu siqu futhi saphinda ngisho nezimiso zomhlangano wesifunda nowesigodi khona lapho ejele.
Kwakungaba lula ukwenza isimo sethu njengokungathi sasingafani nesamuntu, kodwa abafowethu nodadewethu ngaphandle nabo babebhekene nokuvivinywa kokwethembeka nokobuqotho ekuphileni kwabo kwansuku zonke—ngezinye izikhathi uvivinyo esasingenalo ejele. Okungenani asizange sizizwe sehlukanisiwe noJehova nenhlangano yakhe. Izimiso zakhe zazibalulekile kithi, ikakhulukazi lapho siba nokukhathala kwengqondo, futhi izinsuku, ezazibonakala zingapheli, zaziza njengokushaya okunganqamuki kwesando, sifihliza ubuhle bobusha bethu. Kodwa asizangesivumele ukuphelelwa ithemba okunjalo kusinqobe.—IHubo 71.
Endaweni yethu ecinene, kwakudingeka ukuba silondoloze umoya omuhle wokuhlalisana kobuKristu, okwakungelula ngaso sonke isikhathi. Ukuba wedwa kwakungenakwenzeka ngempela ezitokisini esasihlala ndawonye kuzo ngisho nakuba sasihlukanisiwe nezinye iziboshwa zempi. Ngokudabukisayo, indaba yesono esingathi sína sokuziphatha yaphakama phakathi kwethu. Kwakumelwe kuthathwe isinyathelo ukuze sigcine ibandla lethu lihlanzekile. Lowomuntu wasuswa ekuhlanganyeleni. Nokho kwakumelwe aqhubeke ehlala nathi—sasingenakumkhipha ejele, futhi singafuni nokucela ukuba ayiswe ohlangothini lweziboshwa ezivamile ngenxa yesihlamba okwakuyosiletha kuJehova nakithi. Sasixakekile ngendlela yokusingatha lesimo esidumazayo. Impendulo yavela emthonjeni ongalindelekile.
Ngomnyango Wekhabethe
Cishe ngalesosikhathi ngokujabulisa kakhulu savakashelwa uGrant Suiter, ilungu leNdikimba Ebusayo. Wavunyelwa ukubona isiboshwa esisodwa kuphela ekamelweni lezivakashi. Kodwa sonke sasifuna ukumbona nokumuzwa. Kwakuyokwenzeka kanjani? Endlini yokusebenzela sasithole umnyango owawungasetshenziswa owawungena ekamelweni lethu. Wawumbozwe ngamaphepha asodongeni. Sanquma ukuwufihla ngokuphelele ngokuwumboza ngekhabethe elingavalekile ngemuva. Kanjalo umuntu wayengangena ekhabetheni, avule umnyango ongemuva—futhi azithole ephakathi kwemibhede ecinene esodongeni eyizitezi ezintathu!
Lapho uMzalwane uSuiter enami kuphela ekamelweni lezivakashi, ngammemela endlini yokusebenzela njengokungathi ngiyombonisa eminye yemisebenzi yethu yezandla. Cabanga indlela amangala ngayo lapho ecelwa ukuba angene ekhabetheni—bese ezithola esekamelweni elinabazalwane abangaphezu kwekhulu abalindele ukumbona! Sazifaka engozini, kodwa ngathi, esasilambele ukuhlangana nabangaphandle, kwakuyifanele. Kwakungakholeki ukuthi sasinelungu leNdikimba Ebusayo ngempela phakathi kwethu.
Sasebenzisa ithuba simchazela inkinga yethu yokususa ekuhlanganyeleni. Impendulo yakhe yayisobala: Inhlangano kaJehova nezimiso akunakuphendukezelwa yimithetho yomuntu. Wathi, ‘Inhlangano ayikho ejele!’ Khona-ke wasikisela, ‘Kungani ningakhulumi nomphathi futhi nicele ukuba umenzi wobubi ayiswe kwenye indawo?’
Umphathi, umuntu obhinqayo, wayevame ukuseyisa. Ngamchazela. “Asizivumeli izephula-mthetho ezindaweni zethu. Kumelwe sigcine inhlangano yethu ihlanzekile.” Wasabela kanjani? Njengokungathi wayeye wasiqonda isimiso saphakade engangicabanga ukuthi sasingaphezu kokwazi kwakhe, wazama ukungiduduza! Ngamangala! Wathi uzoyala ngokushesha ukuba isephulamthe-tho siyiswe kwenye indawo nokuthi asinakwamukelwa futhi ohlangothini lwethu kuze kucele ikomiti yethu yokwahlulela. Watusa ngisho nokwethembeka nenhlonipho yethu ngezimiso eziphakeme.
Ukuxolelwa Nokukhululeka
Uvivinyo lwethu ejele lwalungeyona kuphela iminyaka engapheli yokuboshwa kodwa futhi nokungaqiniseki—sasingazi ukuthi sasiyokhululwa nini, uma sasiyokhululwa. Ngani? Ngoba njengoba sasiqeda isigwebo ngasinye, sasiphindiselwa khona sinikezwe ngisho nesigwebo sonya olwengeziwe. Omunye wabazalwane wagwetshelwa ingqikithi yeminyaka engama-26 ejele—ngenxa nje yokwenqaba ukuhlariganyela empini izinyanga eziyi-18! Yini eyayisisekela phakathi novivinyo olude? Umthandazo wawungesinye sezisekelo zobuqotho bethu.
Amahemuhemu okuthi uhulumeni waseSpain ungase uxolele abenqaba ngenxa kanembeza abadonse isikhathi eside kakhulu ejele agcwala cishe kusukela ngo-1972 kuqhubeke. Izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuxolelwa abangama-70 kwabayi-100 ababezokhululwa bafaka izicelo zenkonzo yobuphayona besikhathi esigcwele! Lokho kunikeza umbono womqondo owandisiwe womthwalo wemfanelo womKristu esawuhlakulela phakathi neminyaka sisejele. Asizange sibheke ukukhululwa kwethu ejele njengezaba zokuphila ngokuyekelela nokubuyisela konke okwakusilahlekele. Kunalokho, sasifuna ukubonisa uJehova ukubonga kwethu ngokuvikelwa esakujabulela ngaleyominyaka. Futhi kwakungekhona ukusabela kokuthatheka okuphelayo—abaningi balabo bazalwane basaphayona! Abangaphezu kweshumi nambili basemsebenzini wesifunda noma wesigodi, noma enkonzweni yaseBethel, futhi lokho kuhlanganisa mina nomkami uConchita.
Ingabe angiyisebenzisanga kahle iminyaka eyishumi yokuphila kwami ejele? Ubuqotho abusoze basetshenziswa kabi. Umbhalo ohlangene wokugcina ubuqotho kwamakhulu abazalwane abathembekile ababoshwa eSpain benza igama likaJehova lafinyelela izindawo eziphakeme kakhulu zikahulumeni, iphalamende, neSonto lamaKatolika. Ngisho noJenene uFranco kwakumelwe ayamukele lendikimba engajwayelekile yamaKristu angapheli amandla. Ngo-1970 oFakazi BakaJehova bathola ukwamukelwa okungokomthetho uhulumeni wakhe.
Emajele aseSpain sasinda ovivinyweni olude lokubekezela nokukhuthazela. Kodwa kwakuyithuba elingenakulinganiswa lesifundo seBhayibheli esijulile somuntu siqu nesokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova. Asizange siyisebenzise kabi leyominyaka eyigugu. Kungakho abaningi kakhulu bethu baphuma ejele benamandla engeziwe ngokomoya kunalapho singena. Yebo, eminyakeni eminingi ‘sazingelwa kodwa sangadelwa; sawiswa phansi, kodwa sangabhujiswa.’—2 Korinte 4:9.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
Ngisho nalapho ngehlukaniswe nabanye, nganginesikhumbuzo esihlala njalo sokuthi ngangingengedwa
[Isithombe ekhasini 22]
UGrant Suiter (phakathi) ongasekho, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wavakashela ijele lempi eCádiz (kwesobunxele, umhumushi uBernard Backhouse; kwesokudla, uFernando Marín)