Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 10/1 kk. 26-28
  • “Ngifundise Ubuhle”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngifundise Ubuhle”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhle Nokulunga
  • Isibonelo SikaJehova Sobuhle
  • Lingisa Ubuhle BukaJehova
  • Izibusiso Zokufunda Ubuhle
  • Izinga Elimangalisayo Lobuhle BukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • “Yeka Ukuthi Bukhulu Kangakanani Ubuhle Bakhe!”
    Sondela KuJehova
  • Ubuhle BukaJehova Obuchichimayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • UJehova—Isibonelo Sobuhle Esizidlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 10/1 kk. 26-28

“Ngifundise Ubuhle”

ABANTU ababili kuphela abasabela lapho isalukazi siwa ngokungazelele egumbini eligcwele lesitimela esihamba ngaphansi. Abanye abagibeli, becasulwe ukubambezeleka okudalwa yizikhathi ezimatasatasa, babona isimo saso sidala obunye ubunzima. ‘Akekho ongasusa lesalukazi endleleni?’ kumemeza omunye umgibeli ecasukile. Kwabanye abagibeli, isalukazi esifayo nabagibeli ababili ababezama kanzima ukusisiza bamane babonakala bebambezela nje. Ngaleyondlela ‘banyathelwa ngokuphindaphindiwe.’

Izenzakalo ezinjalo ziye zabonakala ezingxenyeni eziningi zezwe. Zigcizelela ngokoqobo isibikezelo seBhayibheli sokuthi “ezinsukwini zokugcina . . . abantu bayakuba . . . abangathandi okuhle.” Nokho, amaKristu afuna ukujabulisa uJehova. Kumelwe ‘abagweme’ abantu abantula ubuhle. (2 Thimothewu 3:1-5) Kodwa ukuqaphela nje abangane bethu akwanele. Ubuhle bumelwe buhlakulelwe ngokucophelela njengesithelo somoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22) Kodwa kanjani? Futhi buyini ubuhle?

Ubuhle Nokulunga

Ubuhle buwukulunga kwesimilo okuvelele nobumnene, imfanelo noma isimo sokuba kuhle. Kodwa bungaphezu kwesimo ezingenalusizo. Lapho exoxa ngelungiselelo lesihlengo, umphostoli uPawulu wathi: “Cishe kungenzeki ukuba umuntu afele elungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube-khona ongaba-nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:7, 8) Lapha ngokusobala ubuhle buhlukanisiwe nokulunga. Kodwa ingabe kungamagama aphikisana ngempela?

Cha. Ngokusobala uPawulu engqondweni wayenomqondo wokuthi ukulunga kuhilela ukuhambisana nesimiso. Eqinisweni, ukulunga kuye kwahlanganiswa nokwahlulela. (Qhathanisa nesAmbulo 19:11.) Umuntu “olungileyo” ugcina umthetho. Uhlangabezana nemfuneko, afeze isabelo, kodwa angase angakwenzi okungaphezu kwalokho. Ngaleyondlela uzuza inhlonipho kodwa hhayi izinhliziyo ngokoqobo. Bayingcosana abangashukunyiselwa ukumfela. Nokho, umuntu “omuhle” wenza okungaphezu kokufeza izibopho noma ukugwema ukwenza okubi. Ubuhle bakhe bumshukumisela ukuba azikhandle ngenxa yabanye, abenzele izinto.

Labo abazikhandlayo ekwenzeleni abanye izinto ezinhle bazibonakalisa bengomakhelwane beqiniso. Umfanekiso kaJesu ngomSamariya ongumakhelwane omuhle uyalibonisa leliphuzu. ‘Emhawukela,’ umSamariya wabopha amanxeba esisulu sokuphangwa esishayiwe, esingumJuda. Khona-ke lomenzi wobuhle “wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.” (Luka 10:29-37) Khona-ke, ingabe kuyamangalisa yini ukuthi abanye baye babiza lomfanekiso ngokuthi umfanekiso womSamariya olungileyo?—Qhathanisa noMathewu 12:35; 20:10-15; Luka 6:9, 33-36.

Ubuhle abuvilaphi kodwa busebenza ngamandla. Abathola umusa, ukuphana, nokuzidela komuntu “omuhle” bangase bashukumiseleke ngisho nokumfela! Ngakho umhubi wayenesizathu esihle sokuthandaza: “Ngifundise ubuhle.” (IHubo 119:66, NW) Kodwa uJehova ukwenza kanjani lokhu?

Isibonelo SikaJehova Sobuhle

UJehova usifundisa ubuhle ngesibonelo sakhe siqu. Ungukubonakaliswa kwangempela kobuhle. Lapho uMose ecela ukubona inkazimulo kaNkulunkulu, wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho.” Kwenzeka kanjani lokhu? Ngokushesha ngemva kwalokho, “uJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu, ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala.”—Eksodusi 33:18, 19; 34:6, 7.

Ngalesosikhathi ubuhle bukaJehova baqokonyiswa ngezindlela eziningi. Umusa wakhe nokuthanda iqiniso kwakungokuvelele. Esiqonda isimo esingaphelele sesintu, uJehova uyabacabangela futhi ababekezelele labo abafuna ngempela ukwenza lokho okulungile. Nokho, akabuyekeli ububi. Khona-ke, ngokuqinisekile, singazuza ngokuzindla ngesibonelo uJehova aye wasibeka.

UJehova uye wabonisa futhi ubuhle ngendalo yakhe. Eqinisweni, wakwazi ukubheka umsebenzi wendalo yakhe ‘njengomuhle.’ (Genesise 1:12, 18, 25, 31; Roma 1:20) UNkulunkulu walungiselela okungaphezu kwesikudingayo kulonozungezilanga ukuze siphile.

‘Ukuna kwemvula’ kuyisibonelo esihle salokhu. (Isaya 55:10) Ngeqiniso elingokwesayensi eliphawulekayo, uElihu wathi uJehova “wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe; amafu awenza ukuba aconse, awathele phezu kwabantu abaningi. . . . Aphane kakhulu ngokudla.” (Jobe 36:27-31) Amalitha amanzi alinganiselwa kwayizigidigidi ezingama-500 000 atholakala nsuku zonke kulonozungezilanga, ilanga ‘liyidonse’ olwandle ingxenye enkulu yalamanzi.

Ngokombiko weThe New York Times, “abacwaningi abacwaninga ngamandla ehlathi elisengxenyeni yeNingizimu Melika eshisa kakhulu baye baveza ubufakazi obungokwesayensi bebonisa ngokushaya emhloleni ukuthi ihlathi lingabuyisela emkhathini umswakama eliwutholayo ongaba amaphesenti angama-75.” Umbiko wabonisa futhi ukuthi “isamba samanzi aqoqwa ihlathi singabuyiselwa emoyeni ngezilinganiso ezinkulu ngokwanele ukuba kwakheke amafu amasha emvula.” Futhi, yebo, imvula ingenye yezici ezibalulekile ekukhiqizweni kokudla. Ngempela, uJehova uye wenzela okuphilayo emhlabeni amalungiselelo anele nachichimayo. Yeka ubuhle aye wabubonisa ekwenzeni wonke lamalungiselelo atholakala ngisho nakubantu abangabongiyo nabangenakwazisa.—Mathewu 5:44, 45.

Kodwa isibonelo esimangalisa ngisho nangokwengeziwe sobuhle bukaJehova siyindlela aye wasebenza ngayo ukuze agcwalise injongo yakhe yokuqala ngesintu. (Genesise 1:28; 3:15; Roma 5:12) Ubuhle bakhe bamshukumisela ukwenza ilungiselelo lesihlengo ngesintu esinesono ngokunikela “ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16; Roma 3:23, 24) NgoMbuso kaNkulunkulu ubuhle bakhe buyobonakaliswa ngokushesha kwabanhliziyo-ziqotho ekuletheni isiphelo salesimiso esibi sezinto. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10; 2 Petru 3:9, 10) Futhi yeka indlela ubuhle bukaNkulunkulu obuyoba sobala ngayo lapho lomhlaba uba ipharadesi ngaphansi kokubusa koMbuso!—Luka 23:43; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-5.

Lingisa Ubuhle BukaJehova

Ukutadisha njalo iBhayibheli kugcina isibonelo sobuhle esiphelele sikaJehova siphambi kwethu njalo. Futhi, lokhu kumelwe kusishukumisele ukulingisa isibonelo sakhe. Kuyiqiniso, imisebenzi eminingi edingekile ingase iphazamise ukutadisha imiBhalo njalo, ehlanganisa ukupheka, ukuhlanza, ukuthenga, nokulungisa izinto zasendlini. Nokho, kumelwe sigcine izinto ezingokomoya ziza kuqala. UJesu Kristu wakubonisa lokhu lapho evakashele ekhaya likaMariya noMarta. Njengoba uMarta ayezigcina ematasatasa ngemisebenzi yasekhaya, uMariya wahlala ngasezinyaweni zikaJesu ‘walalela izwi lakhe.’ Lapho uMarta efuna ukusizwa uMariya emisebenzini, uJesu wathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi. Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.” Nawe, ngokufanayo, ungakhetha okuhle ngokubeka phambili izinto ezingokomoya njengesifundo somuntu siqu nesomkhaya.—Luka 10:38-42.

UJehova usifundisa futhi ubuhle ngebandla lobuKristu. Lapho sihlangana nabantu ‘abagcwele ubuhle.’ (Roma 15:14, NW) Okuhlangenwe nakho okuningi kuyakubonisa lokhu. Omunye ufakazi kaJehova (owayesenabantwana ababili kakade) ukhumbula indlela ashaqeka ngayo lapho ezwa ukuthi ubelethe abantwana abathathu! Wazibuza, ‘Sizoya kanjani emihlanganweni yobuKristu?’ ‘Sizosikhokha kanjani lesikweleti sasesibhedlela? Sizophumelela kanjani ukondla nokugqokisa abantwana abayisihlanu?’

Nokho, ngokushesha, lona wesifazane waba nobufakazi bokuthi abazalwane nodade abangamaKristu ‘bagcwele ubuhle.’ Wathi: “Lapho ngifika ekhaya ngathola ukuthi odadewethu abaningi abangamaKristu base belihlanzile ikamelo lethu. Ngaphezu kwalokho, odade balungiselela ukuletha ukudla futhi benza imisebenzi yansuku zonke ngaze ngathola amandla.” Abaningi babazalwane banikela ngezinto ezibonakalayo, omunye wathumela ngisho nesheke elingenagama lika-R2 000! Nokho, phakathi nobusika, lomkhaya waba nesikweleti esikhulu sezindleko zokubasa. Ngakho cabanga ngokukhathazeka kwalona wesifazane lapho ethola ucingo luvela enkampanini yamafutha. Nokho, wakhululeka ukuzwa ukuthi udade ongumKristu wayesikhokhile isikweleti! Isixwayiso sokunqanyulwa kwamandla kagesi okwakuhloselwe lomkhaya ozama kanzima sathunyelwa ngephutha kuloFakazi, futhi ubuhle babumshukumisele ukuba abasize.

Ubuhle obunjalo abuthinti kuphela inhliziyo kodwa futhi buyathelelwana. OFakazi BakaJehova ‘baye bangifundisa ukuba nothando nomusa,’ kusho owayeshaya umkakhe esikhathini esidlule etshela umngane wakhe womshado ngemva kokuba eye okokuqala emhlanganweni. “Kungakho ngingasakushayi.”

Izibusiso Zokufunda Ubuhle

Ngisho namanje sivuna izibusiso ekufundeni nasekuthandeni ubuhle. Ubudlelwane bethu nabafowethu ngisho nabantu bezwe ngaleyondlela buba obujabulisa ngokwengeziwe. (IzAga 11:10; 1 Petru 3:13) Okubaluleke ngaphezu kwakho konke, uma sikhuthazelela ukuhlupheka ngenxa ‘yokwenza okuhle’ “lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.” (1 Petru 2:20) Eqinisweni, ubuhle bethu buyoholela ekuvikelweni kwethu phakathi ‘nosizi olukhulu’ futhi buqinisekise ukungena kwethu oHlelweni Olusha.—Heberu 10:36-39; Mathewu 24:21.

Ngakho vumela uJehova ‘akufundise ubuhle.’ Iyini imivuzo? Phela, kuyoba ‘nenkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle’!—Roma 2:6-11.

[Isithombe ekhasini 27]

Ukuphiwa amanzi ngesihle ukuze siphile kubonisa ubuhle bukaJehova

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela