Ukwakhela Ikusasa Eliphakade
“Yileyondlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.”—HEBERU 3:4.
1, 2. (a) Ubani owaklama umkhumbi, futhi iziyalezo ezanikezwa zazinemininingwane kangakanani? (b) Kungani kubalulekile ukuba silalele, njengoba kwenza uNowa?
CISHE eminyakeni eyizi-4 400 edlule uJehova wayala uNowa ukuba akhe umkhumbi wokusindisa ukuphila. Kodwa uNkulunkulu akazange akushiyele kuNowa ukwakha noma iluphi nje uhlobo olwalungase lucwile. Kunalokho, wanikeza iziyalezo eziqondile ngokuqondene nezinto zokwakha, isimo sawo, ubude, ububanzi, ukuphakama, izinto zokungenisa umoya, nezidingo zangaphakathi nezangaphandle. “UNowa wenze njalo; njengalokhu uNkulunkulu emyalile wakwenza.”—Genesise 6:13-16, 22.
2 Yeka isibonelo esihle ngofakazi bakaJehova bosuku lwanamuhla! NjengoNowa, siphathiswe umsebenzi osindisa ukuphila kodwa manje sibheke ekusindisweni ‘kwezigidi eziphila manje ezingase zingafi neze.’ Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba silalele, njengoNowa! Yeka ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuba silandele umkhondo waLowo omkhulu kunoNowa, uJesu Kristu, ekukhonzeni ‘njengabashumayeli bokulunga’!—2 Petru 2:5.
Umsebenzi Wokwakha Ongokomoya
3. (a) Uyoba yini umphumela wokwakhela emazwini kaJesu? (b) Kungani ukushumayela kukaJesu kwakwakha ukholo?
3 Manje sekuyiminyaka eyi-1 956 kusukela uJesu ashaqisa abantu basemaphandleni aseGalile ngesimemezelo sakhe: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” Wafanisa wonke umuntu owayelalela amazwi akhe futhi akhele kuwo “nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” Ukholo lwaleyondoda luqinile, alunakuzanyazanyiswa, alunakunyakaziswa. Ngeke lubhidlike ngaphansi kokucindezeleka. Ukushumayela kukaJesu kwakwakha ukholo. Kwafinyelela izinhliziyo zabantu, kuhluke kakhulu ezinkulumweni zokuzenzisa zabaholi benkolo abangamaJuda. Abantu abavamile bamangaliswa indlela kaJesu yokufundisa. Ngisho namasosha ayethunywe ukuba ambophe abuya elambatha, ethi: “Akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowomuntu.”—Mathewu 4:17; 7:24, 25, 28; Johane 7:46.
4. (a) UJesu walakhela kanjani ikusasa? (b) Ikuphi ukwakha okukhulu okwenzeka ngePentekoste lika-33 C.E.?
4 UJesu wayakhela ikusasa. Waqoqa izisebenzi akanye nazo, njengoPetru, owayebizwa futhi ngokuthi uKhefase, okusho “itshe.” UJesu wathi kulomfundi: “Wena unguPetru; phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami.” Ngesikhathi esifanele uPetru waba ngomunye “wamatshe aphilileyo” akhelwe kuJesu, “itshe legumbi elikhethekile” lebandla. Lelobandla lamiswa ngePentekoste lika-33 C.E. ngesikhathi uJesu ovusiwe, engakwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini, ethululela umoya ongcwele kubafundi ababelindile.—Mathewu 16:18; 1 Petru 2:4-6; IzEnzo 2:2-4, 32, 33.
5. Ikuphi okwenzeka osukwini lwanamuhla okuhilela ngokujulile ibandla lobuKristu?
5 Namuhla, ibandla lobuKristu lihileleke ngokujulile ekufezekeni kwezinjongo zikaJehova. Sekuyisikhathi ‘sesambulo’, noma “sokwambulwa,” lapho “izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane” zembulelwa “izinceku” zikaNkulunkulu emhlabeni. (IsAmbulo 1:1-3, Ref. Bi., umbhalo waphansi.) Sekuyisikhathi sokuba lezinceku ‘zishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba ngenjongo yobufakazi,’ ngaphambi kokuba ehlise isahlulelo esimisweni sikaSathane esibi. Sekuyisikhathi sokuba iNkosi, uJesu Kristu, manje esesihlalweni sobukhosi ezulwini, ahlukanise abathobekileyo, abantu abanjengezimvu kubantu abanenkani, abanjengezimbuzi abangawufuni lowoMbuso, nesokuba aqoqele ‘lezizimvu’ ebandleni lakhe ‘labazalwane’ abangokomoya ngaphambi kokuba “usizi olukhulu” luqale.—Mathewu 24:14, 21; 25:31-40.
6. Uyini “umkhumbi” namuhla, futhi singasinda kanjani?
6 Uyini umkhumbi wokusinda wosuku lwanamuhla? Uyisimo esingokomoya leso oFakazi BakaJehova abaye bazithola bekuso kusukela ngo-1919, ipharadesi elingokomoya. Njengamalungu omkhaya kaNowa, insali yamaKristu agcotshiwe nabangane bawo kumelwe bazigcine bengaphakathi kwemingcele yawo, besebenza ngokulalela, ngenhliziyo yonke, ekuqedeni isakhiwo esikhulu esingokomoya uJehova asihlosile. Lesisakhiwo ‘sihlanganisela ndawonye kuKristu konke okusezulwini [okwaqala ngo-33 C.E. ngabagcotshiwe abazophila ezulwini] nokusemhlabeni [okwaqala ngokuphawulekayo ngo-1935 okuhlanganisa “isixuku esikhulu” somhlaba wonke esimiselwe ukuphila okuphakade emhlabeni].’—Efesu 1:10; IsAmbulo 7:9, 14.
“Ukwakha Nokutshala”
7. Imuphi umsebenzi oyizingxenye ezimbili oqhubekayo manje, futhi sihlanganyela kanjani enjabulweni njengoba kwenza uNowa noJeremiya?
7 UJehova uye wathuma abaseleyo bamaKristu agcotshiwe asemhlabeni, njengoba nje enza kumprofethi uJeremiya, “phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.” Ngakho umsebenzi oyizingxenye ezimbili manje uyaqhubeka: (1) ukumemezela ukwahlulela kukaJehova isimiso esibi sezwe likaSathane kanye (2) nokwakha nokumisa inhlangano yokusinda kwabantu bakaNkulunkulu. (Jeremiya 1:10; 24:6, 7; Isaya 26:20, 21) Yeka ukuthi insali yabagcotshiwe nesixuku esikhulayo sabangane bayo bajabula kanjani njengoba behlanganyela kulomsebenzi namuhla! Kuwuhlobo lwenjabulo uNowa okhuthele nomkhaya wakhe okumelwe ukuba baba nayo ngosuku lwabo.
8. (a) Ikuphi ukwanda kwabamemezeli eminyakeni engama-22 edlule okumelwe kuphawulwe? (b) Ngokubhekisela emakhasini 20-3, imaphi amanye amazwe ajabulela ukwanda okuvelele phakathi kuka-1985?
8 Ingabe izigidi ziyosinda ngosuku lolaka lukaJehova? Kunethemba elihle lalokho, njengoba uMbiko Wonyaka WeNkonzo WoFakazi BakaJehova Ka-1985 ubonisa. Imininingwane yalombiko ikulomagazini emakhasini 20-3. Kujabulisa kakhulu ukuphawula ukwanda okuhle enanini lezisebenzi zensimu. Manje seliye lakhula laba ingqikithi yabashumayeli boMbuso abayizi-3 024 131. Inani labayi-1 000 000 lafinyelelwa okokuqala ngo-1963, ngo-1974 kwafinyelelwa elabayizi-2 000 000, futhi manje ngo-1985 kunabangaphezu kwezi-3 000 000. Kuleyominyaka engama-22, kuye kwaba nokwanda kwamaphesenti angama-200. Yeka ukuthi sibonga kanjani kuJehova lowo, ngomoya wakhe, owenza izinto zikhule!—Zakariya 4:6; 1 Korinte 3:6.
9. (a) Kungani ukwanda kwamaphayona kuphawuleka ngisho nangokwengeziwe? (b) Yini etusekayo ngabo bonke abangase bayicabangele, futhi ngani?
9 Futhi okuvelele kakhulu phakathi naleyominyaka kuye kwaba ukwanda kwabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele. Naphezu kwezimo zomnotho eziya ziba zimbi emhlabeni wonke, isibalo saleliqembu elingamaqhawe lamaphayona siye senyuka sisuka esilinganisweni sabayizi-38 573 ngenyanga ngo-1963 siya kwabayizi-322 821 ngo-1985—ukwanda ngamaphesenti angama-737! Ingabe lokhu kubonisani? Kubonisa ukuthi umoya omuhle wokuzidela ukhona phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, ngokuhambisana namazwi kaJesu akuLuka 9:23. Ngokuvamile, ukuhlela ngokunakekela nokuzithiba kuyadingeka ukuze uphumelele enkonzweni yobuphayona. Kodwa imivuzo mikhulu.—Roma 12:1, 2; Malaki 3:10.
10. (a) Abamemezeli bebandla kumelwe batuswe ngani? (b) Imaphi amanani amathathu amasha omsebenzi aphawulekayo lapha, futhi abonisani?
10 Izigidi zabamemezeli bebandla nazo kumelwe zilwe nokucindezela okulethwa kuzo uSathane nezwe lakhe. Kodwa nazo, ngokufanayo, zinikela kuNkulunkulu “umhlatshelo wokubonga.” (Heberu 13:15; Roma 10:9, 10) Lawomahora, kungakhathaliseki ukuthi maningi noma ayingcosana, lawo nina bamemezeli abathembekile enawabika inyanga ngayinye aba yingxenye yenani elisha eliphakeme lamahora ayizi-590 540 205 enkonzo yasensimini ngo-1985. Lokhu kuwukwanda ngamaphesenti angama-16.8 kunango-1984! Inani elisha lezimpindelo eziyizi-224 725 918 nelezifundo zeBhayibheli zasemakhaya eliyizi-2 379 146 nabantu abathakazelayo libonisa ukuthi abamemezeli boMbuso kuyo yonke indawo balwela ukuba abafundisi abahle nabashumayeli abashisekayo.—Mathewu 28:19, 20.
Ukwakhela Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka
11. Kungani ithemba leqiniso lokuthula nokulondeka limenyezelwa, futhi ngaliphi izinga?
11 Ekupheleni kuka-1985, iZizwe Ezihlangene zamemezela u-1986 njengoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke. Kulezikhathi zamuva iUN ibilokhu isho okuningi ngokuthula nokulondeka. Kodwa isimemezelo esibaluleke ngokwengeziwe, leso sethemba elingokomBhalo lokuthula nokulondeka, sathola umfutho omkhulu ngo-1985 njengoba oFakazi BakaJehova bahambisa ensimini eyizwe amaBhayibheli, izincwadi, nezincwajana eziyizi-38 805 561, kanye nomagazini abayizi-300 545 609, futhi bathola izikhokhelo ezintsha eziyizi-1 719 930 zeNqabayokulinda nePhaphama! Ngezincwadi nangomlomo, uMbuso omisiwe ‘weNkosi yokuThula’ uye wathola ubufakazi obukhazimulayo kuze kube manje. Ngempela, “umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:6, 7.
12. Ukwanda kuye kwaphumela kusiphi isidingo esikhulu, futhi abantu bakaJehova baye bahlangana kanjani ekuzameni ukuhlangabezana nalesosidingo?
12 Ukukhula okumangalisayo ensimini kuye kwadinga ukukhula kwenhlangano esekelayo. Phakathi no-1985 isibalo samabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke sakhula sisuka ezi-47 869 saya ezi-49 716. Lokhu kuye kwadinga amakhulu ezindawo ezintsha zokuhlangana. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuthi, emazweni amaningi, oFakazi baye babusiswa emizamweni yabo yokusekela amaHholo oMbuso ngokwezimali! Lapho kunesidingo khona, abantu ngabanye namabandla baye basekela ngokungenabugovu izimiso zabanye zokwakha, kanjalo kuye kwaba khona “ukulingana” phakathi kobuzalwane bomhlaba wonke.—2 Korinte 8:14, 15.
13. Abantu ngabanye banganikela kanjani ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso?
13 Emazweni lapho izimo zivuma khona, amahhovisi egatsha eWatch Tower Society nawo aye azisekela izakhiwo zamaHholo oMbuso. EUnited States naseCanada, abantu abaningi bayanikela eSikhwameni SamaHholo OMbuso, okuye kwenza imali ebolekwayo yokwakhiwa okwengeziwe kwamaHholo oMbuso yatholakala. Abanye baye banikela ngamandla nangamakhono abo, ukuze nalawo maHholo oMbuso akhiwa ngokushesha aqedwe phakathi nempelasonto eyodwa kuphela. Ngokusebenza ezakhiweni ezinjalo “ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi,” oFakazi bangafeza lokho abantu bezwe abakubheka njengokungenakwenzeka.—Kolose 3:23.
14. Kuye kwahlangatshezwana kanjani nezidingo zamaHholo oMhlangano?
14 Emazweni amaningi, ukuntuleka kwezindawo ezifanelekayo zemihlangano yesifunda yaphakathi nonyaka yoFakazi BakaJehova kuye kwaletha inkinga enkulu. Nalapha, oFakazi ngenjabulo baye bahlangabezana nalenselele ngezimiso zokwakha, ngomoya ofanayo nowaboniswa izinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zasendulo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi kudingeka ukuba kutholakale izinto zokwakha itabernakele, inhlangano kaIsrayeli ngobunye yagcina umyalo kaNkulunkulu: “Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube-ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube-ngumnikelo kaJehova.” Leyonhlangano yaletha okuningi kakhulu kunalokho okwakudingekile, futhi umsebenzi wafezwa ngokushesha.—Eksodusi 35:5-19; 36:7.
15. (a) Ikuphi ukwanda obekulokhu kwenzeka emagatsheni eWatch Tower Society? (b) Lomsebenzi uye wafezwa kanjani?
15 Njengoba isidingo samaBhayibheli nesezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini sikhula, amagatsha eWatch Tower amaningi kwangama-94 emhlabeni wonke kuye kwadingeka ukuba akhulise izakhiwo zawo. Izindawo zokunyathelisa zaseBrooklyn nezasemaPulazini eWatchtower kuseyizo ezinkulu kakhulu, kodwa amagatsha angama-36 eNhlangano manje asezinyathelisela wona umagazini wawo, futhi amagatsha ayi-6 asehlonyiselwe futhi ukunyathelisa nokufaka izembozo zezincwadi. Kulawa, iJalimane, i-Italy, neJapane akha amaBhayibheli. Indawo entsha yokunyathelisa eSelters, eJalimane, isebenza ngokugcwele. E-Ebina, eJapane, njengamanje kunezelwa indawo yokunyathelisa eyizitezi eziyisithupha ne-ndawo yokuhlala yeKhaya laseBethel eyizitezi eziyisishiyagalombili ezohlala ezinye izisebenzi ezingama-280. Njengoba nje abantu bakaJehova basekela ukwakhiwa kwethempeli likaSolomoni “ngenhliziyo epheleleyo,” kanjalo namuhla abantu bakaNkulunkulu emazweni ahlukahlukene “banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova,” futhi wenezela isibusiso sakhe ukuze umsebenzi ufezwe.—1 IziKronike 22:14, 15; 29:7, 9, bheka iRef Bi., imibhalo yaphansi.
16. Kungani lomsebenzi owengeziwe wokwakha nokuhlela uye waba ngodingekile?
16 Ingabe wonke lomsebenzi wokwakha nowokuhlela udingeke ngempela? Yebo, uma “inceku ethembekileyo neqondayo” izoqhubeka isinikeza ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. Ukudla okunjalo kudingeke ngempela ukuze kukhule “abendlu kaNkulunkulu” futhi ukuze kushunyayelwe emhlabeni wonke ngezilimi ezingaphezu kwezingama-200. (Mathewu 24:45; Efesu 2:19; 4:15, 16) Abantu bakaJehova ngokwabo baye banikela ngamakhono abo ekwakheni imultilanguage electronic phototype-setting system (MEPS), manje etholakala emagatsheni eWatch Tower angama-26. Lokhu kuye kwenza saba nomshini ohlangene wokunyathelisa weoffset otholakala emhlabeni wonke futhi kuye kwasiza ekumemezeleni isigijimi soMbuso kanyekanye ezingxenyeni eziningi zomhlaba.—Qhathanisa no-Isaya 52:7-9.
17. Isiphi isidingo esikhona endlunkulu yaseBrooklyn, futhi sisingathwa kanjani?
17 Kubonakala kungekho ukuphela ekwandeni kwanamuhla kwenhlangano kaJehova. Ngisho namanje, umkhaya waseBethel eBrooklyn, eNew York, indlunkulu yeNhlangano uye wakhula kwaze kwagcwala zonke izindawo zokuhlala ezikhona. Uma kuyintando kaJehova, isakhiwo esiphakeme sokuhlala ezinye izisebenzi zaseBethel eziyinkulungwane singase sakhiwe emagcekeni eNhlangano eColumbia Heights. Kodwa uma lokhu kungaphumeleli, sizobheka kokunye ukuqondisa kukaJehova ngalendaba. Imithandazo nokusekela ngokwethembeka kobuzalwane bomhlaba wonke ngokuqondene nakho konke lokhu kwanda kwaziswa ngempela.—Qhathanisa nezEnzo 21:14; 2 Thesalonika 3:1.
18. Kungani kunezakhiwo eziningi kangaka namuhla, naphezu kokuba seduze kweArmagedoni?
18 ‘Kodwa kungani,’ omunye angase abuze, ‘kunezakhiwo eziningi kangaka ezikhuliswayo lapho sesibhekene ngqó neArmagedoni?’ Impendulo iwukuthi inhlangano kaJehova ‘ayiwi’ ngokufika kweArmagedoni. Leso ‘isikhathi sokuwa’ kwenhlangano kaSathane kuphela. Inhlangano kaJehova yakhela ikusasa eliphakade. Kungakhathaliseki ukuthi izakhiwo ezakhiwe umuntu ziyasinda ngeArmagedoni noma cha, siyazi ukuthi inhlangano kaNkulunkulu iyosinda njengenhlangano eqhubekayo nokuthi uJehova uzoyisebenzisa nalabo abayisekela ngokwethembeka, emisa ukuthula nokulondeka okuphakade ePharadesi lasemhlabeni elikhazimulayo elathenjiswa uNkulunkulu.—IsAmbulo 7:9, 14-17; 21:1, 4, 5.
Ukwakha Ngenjongo
19. Iyiphi inselele ebonakalayo embikweni weSikhumbuzo ka-1985?
19 UNowa wakha enenjongo engqondweni, nathi kumelwe senze okufanayo. Esinye isici soMbiko Wonyaka WeNkonzo Ka-1985 sisinikeza ukudla okuningi esingakucabangela. Siyileso sibalo esimangalisa kakhulu sabayizi-7 792 109 ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu ngoApril 4, 1985—ukwanda ngezi-375 135 kunesibalo sango-1984. Kuyamangalisa ngempela! Kodwa lesosibalo siphethe inselele. Njengoba kunenani labamemezeli abayizi-3 024 131 abahlanganyela enkonzweni yoMbuso, kunabanye abangaphezu kwezi-4 000 000 abahlanganyela nathi, okungenani ngezinga elithile, okusadingeka bakhele ikusasa ngokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu. Singabasiza kanjani?
20. Isiphi isidingo esiphuthumayo esikhona sokuhlangabezana nalenselele, futhi singakwenza kanjani ngendlela engokoqobo?
20 Abaningi balabantu abathakazelayo sibazi ngokoqobo, Bangase babe amalungu omkhaya, abantu esibaqhubela izifundo zeBhayibheli, abanezikhokhelo zomagazini bethu, noma abanye. Abanye kungenzeka ngisho nokuthi baba nesithakazelo kusukela ngeSikhumbuzo esidlule. Singayenza yini manje imizamo ekhethekile yokubondla, sibakhe ngesifundo seBhayibheli, ukuze bathole isivikelo elungiselelweni likaJehova “zize zidlule izinhlupheko”? (IHubo 57:1) “Usizi olukhulu” luyoba isenzo sikaJehova sokuzilwela, esinenjongo nesokugcina ukwedlula ngisho noZamcolo kaNowa. Sifuna ukwakha labantu abathakazelayo ngamaqiniso anikeza ukuphila, ukuze “babize igama likaJehova” bangakhukhulwa. (Mathewu 24:21, 22, 39; Zefaniya 2:3; 3:8, 9) Masitadishe iZwi likaNkulunkulu nabo, sisebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni noma ezinye izincwadi zeBhayibheli ezakha ukholo.
21. Singalwakha kanjani ukholo olunjengolukaNowa kithina nakwabanye?
21 UJehova uNkulunkulu unguMakhi oyiNgcweti noMlungiseleli Omuhle wesintu. (IHubo 127:1; 145:16; UmShumayeli 3:10-13) Nguye owaqondisa uNowa ngesimo nokwakhiwa komkhumbi. Ngokubambisana kokuzinikela kukaNowa Omkhulu, uJesu Kristu, uye walungiselela ukuhlenga abantu abalalelayo esonweni nokufa. NgaleNdodana uye wakha futhi “umkhumbi” wosuku lwanamuhla, ipharadesi elingokomoya elichumayo lapho amadoda nabesifazane bokholo bengase bathole ukusinda, benombono wokuphila okuphakade. (Mathewu 20:26-28; Johane 3:16; 17:3) Kwangathi singasiza abanye abaningi ukuba bakhe ukholo futhi bazame ukwakha isibopho sobungane noJehova neNdodana yakhe. Kwangathi singabasiza bathande okulungile bazonde okubi. (Heberu 1:9) Kanjalo, sinokholo olunjengolukaNowa, singaqhubeka sakhela ikusasa eliphakade ndawonye.—1 Thimothewu 4:15, 16.
IMIBUZO YOKUBUKEZA—
◻ UJesu wakhela kanjani ikusasa?
◻ Yini oyithole ingevelele embikweni ka-1985?
◻ Kungani izimiso ezingokwasezulwini zokwakha zidingekile?
◻ Singakha kanjani ngenjongo sonke?
[Ibhokisi ekhasini 24]
Ibandla elisezweni labaNsundu lapho umsebenzi kaJehova uvinjelwe khona linabamemezeli abangama-95, bonke bayahlanganyela enkonzweni inyanga ngayinye. Baba yisilinganiso sabayi-130 emihlanganweni yabo kodwa sabayi-160 ezinkulumweni zabo zeningi. Banamaphayona amathathu avamile futhi muva nje babe namaphayona asizayo ayisishiyagalombili. Ezinyangeni eziyisithupha nje kuphela, abamemezeli abasha abangama-21 baqala enkonzweni yasensimini.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 16, 17]
UKWAKHA EMHLABENI WONKE
Emhlabeni wonke, amaphayona ayizi-322 821 ayabika inyanga ngayinye (ukwanda ngamaphesenti angama-24,7)
Abamemezeli emhlabeni wonke bakhula baba yizi-3 024 131 (ukwanda ngamaphesenti ayi-6,4)
Izimpindelo kwabathakazelayo zaba yizi-224 725 918 ngonyaka (ukwanda ngamaphesenti ayi-14,8)
Izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezaqhutshwa inyanga ngayinye zaba yizi-2 379 146 (ukwanda ngamaphesenti ayi-16,2)
[Izithombe]
Amaphayona aya enkonzweni yendlu ngendlu, e Brooklyn, eNew York
Umhlangano owawuhlanganisa izilimi eziyishumi nane, eMontreal, eQuebec, eCanada
Ukufakaza eCastle Comb, eWiltshire, eNgilandi
Iqembu lezifundo eYap, eMicronesia
Ezinye izakhiwo ezisetshenziselwa ekusekeleni umsebenzi wokwakha ongokomoya emhlabeni wonke.
EBrooklyn, ukuthunyelwa kwamaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli kusingathwa kulesisakhiwo esingamamitha skwele ayizi-93 000 ku-360 Furman Street
LeliHholo LoMbuso (Downpatrick, eNyakatho Ireland) lakhiwa ngamahora angama-31
LeliHholo LoMhlangano lingelinye lamahholo amaningi anjengalo asetshenziswayo emhlabeni wonke
Lengxenye eyenezelwayo eKhaya laseBethel eJapane manje iyakhiwa
[Ishadi emakhasini 20-23]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1985 WOFAKAZI BAKAJEHOVA WOMHLABA WONKE
(Bheka umqulu)
[Ishadi ekhasini 25]
Amazwe ayisishiyagalombili abika inani labamemezeli abangaphezu kwezi-100 000 ngo-1985
EU.S.A. 723 220
EBrazil 177 904
EMexico 173 037
EItaly 127 526
ENigeria 121 729
EJalimane 115 604
EBrithani 103 522
EJapane 103 117