“Siyabazisa Asebekhulile!”
“EZIMPUNGENl kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda,” kusho uJobe. (Jobe 12:12) USolomoni ngokufanayo waqaphela: “Ubumpunga bungumqhele wodumo; [uma] bufumaniswa endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) Lamazwi ashiwo ngesikhathi abantu asebekhulile baziswa futhi behlonishwa. Futhi iBhayibheli ngokuphindaphindiwe libonisa indlela abasha ngalezozinsuku ababezuza ngayo ekujwayelaneni nasebekhulile.
Ngokwesibonelo, uRuthe waba nethuba elide kakhulu lokuqaphela nokuzindla ngesibonelo esabekwa nguninazala wakhe, uNawomi. Lokhu kujwayelana ngokusobala kwaphumela ekuzuzeni kukaRuthe isifiso sokukhonza uJehova. Ngakho-ke lapho enikezwa ithuba lokwehlukana noNawomi futhi abuyele ezweni lakubo labakhonza izithombe, uRuthe ngobuqotho wathi: “Lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba-ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe-nguNkulunkulu wami.” (Ruthe 1:16, 17) Yebo, ngenxa yobungane bakhe noNawomi, uRuthe waba ‘owesifazane olungileyo.’—Ruthe 3:11.
UThimothewu ungomunye owazuza ekujwayelaneni nomuntu owayesekhulile. Wasebenzisa iminyaka eminingi ehamba nomphostoli uPawulu. Futhi ngisho nalapho ijele libahlukanisa, uThimothewu wathola izincwadi ezivela kuPawulu ezaziyisikhuthazo ‘sokuvusa isipho somusa kaNkulunkulu’ esasikuThimothewu. (2 Thimothewu 1:6-8) Khona-ke uThimothewu wafunda ngokwanelisayo kuPawulu kangangokuthi lapho ayebhalela abaseFilipi, uPawulu wachaza ukuthi ‘wayengenamuntu onenhliziyo enjengeyakhe [uThimothewu], owayenganakekela izindaba zabo ngobuqotho.’—Filipi 2:20.
Nokho namuhla ukuhlonipha asebekhulile cishe sekunyamalele kwamanye amazwe. Nokho, ingabe kunjalo phakathi kwamaKristu? Lutho neze. AmaKristu eqiniso namuhla asaqaphela ukuthi abantu asebekhulile banokuningi abangakunikeza ngosizo lokholo, ukuzinikela, nokuhlangenwe nakho ekuphileni. Ngokwesibonelo, omunye udade uyabhala: “Noma nini lapho ngizizwa ngingaphansi kokucindezeleka kwalesimiso, ngizithola ngibheka bonke asebekhulile abasebandleni, ngithole isibindi ekugxileni kwabo.” Omunye umzalwane osemusha, oneminyaka engama-34, ngokufanayo wathi ngasebekhulile abathembekile: “Baye bangisiza kuzo zonke izici zokuphila. Ngokwesibonelo, ngangifuna ukwazi indlela engangingafinyelela ngayo ukulinganisela. Nokho, umzalwane oneminyaka engama-72 wangitshela, ‘Qiniseka ukuthi wenza izinto uJehova athanda ukuba uzenze kuqala. Kuyimpi eqhubekayo. Kodwa ukulinganisela kuyazizela njengoba ufuna uMbuso kuqala.’”
Kwesinye isenzakalo, umzalwane oneminyaka engama-87 wagula kakhulu. Umdala, kanye nomzalwane owayepholile, bamvakashela. Ekhala, umzalwane owayepholile wathi, “Bewungumngane omuhle. Ngizokukhumbula.” Kulokho indoda esikhulile yaphendula, “Nami ngizokukhumbula.” Esakhala, umzalwane owayepholile wathi, “Ngizokubona oHlelweni Olusha—uma luzofika.” Nakuba ayebuthakathaka, umzalwane wethu owayesekhulile wavuka wahlala, futhi waphendula ngokuqinile: “Luzofika.” Nakuba owayesepholile ehluleka ukusabela kulesikhuthazo, ukholo lwendoda eyayisikhulile lwathinta inhliziyo yomdala owayebona lokhu. Uyakhumbula, “Ukholo lwakhe lwangisiza kakhulu.”
Abazalwane nodade asebekhulile ngokuvamile bathatha kokuhlangenwe nakho kwabo ekuphileni kobuKristu futhi banikeze iseluleko esinengqondo nesiwusizo. “Thatha abantwana bakho abancane ubagone,” kweluleka omunye osekhulile, “ngoba bazoba badala masinyane. Okokuqala kumelwe ubanakekele. Bangabafundi bakho abayigugu.” “Lapho ukucindezela kwalesimiso kuza kuwe noma lapho uSathane ekuvivinya,” kutusa omunye “ungalishiyi neze iqiniso. Qhubeka uphila ngalo, ngoba liyophumela enjabulweni ngawe.” Omunye umbhangqwana osukhulile oye wakhonza ngokwethembeka kwenye indawo eNew Zealand cishe iminyaka engama-43 unikeza lesiseluleko esiwusizo: “Uma kunokwenzeka ngawe, kungcono ukuhlala endaweni eyodwa, kunokuhlala uthutha njalo. Iqiniso linethonya elikhulu emphakathini, futhi likugcina uphila ngalo, kanjalo likwenze uqine ngokwengeziwe.”
Kuyiqiniso, abaningi abazalwane bethu nodade abanakukwazi ukuhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu njengoba abasha bengakwenza. Abanye bahlala emibhedeni njalo. Abanye baphethwe ukugula okubuhlungu. Omunye udade osekhulile wathi, “Anginandaba nokuguga. Engingakuthandi yilokho ukuguga okukulethayo.” Nokho usakwazi ukubonakalisa intshiseko yobuKristu!
Ingabe uyazinikeza isikhathi sokwazi abazalwane bakho nodade asebekhulile? Ingabe uyazama ukulingisa izimfanelo abazibonakalisayo, izimfanelo eziye zacolisiswa njengegolide ngesikhathi nangokuhlangenwe nakho? Ngokuqinisekile abazalwane bethu nodade asebekhulile abangamaKristu bawumthombo wosizo uma kodwa sizinikeza isikhathi sokuba nabo nokukhuluma nabo. Omunye umKristu osemusha wathi: “Asebekhulile abathembekile baye baba izibonelo kimi ekuhlanganyeleni iqiniso, uthando loqobo, ukholo oluphilayo, ububele, nokushisekela inkonzo kaNkulunkulu. Kimi ubuhle babo banjengemithi eqhakazile, futhi bafana nomlilo ofudumele ngobusuku obubandayo.” Ngokuqinisekile, sinesizathu sokwazisa asebekhulile bethu!