Imbubhiso—Iyini?
“IMBUBHISO!” Yini efika engqondweni yakho uma uzwa lelogama? Ingabe usuku lokwahlulela? Inhlekelele? IMpi Yezwe III? Ukuphela kwezwe? Uma lokhu kufika engqondweni yakho awuwedwa kulokho. Isayensi nabezindaba babheka ikusasa lomuntu njengelingenathemba. Ngakho ingabe kuyamangalisa ukuthi abaningi bahlanganisa “imbubhiso” nokuqedwa komuntu yisenzakalo esithile esiyinhlekelele?
“Imbubhiso namuhla ayiwona nje umbono ongokweBhayibheli kodwa iye yaba yinto engenzeka ngempela,” kuxwayisa uNobhala-Jikelele weUN uJavier Pérez de Cuéllar enkulumweni yakhe yokuqala kweziwuchungechunge. “Asikaze ngaphambili emlandweni womuntu sibekwe onqenqemeni lwenhlekelele nokusinda.” Wayebhekisele kuphi? Wayebhekisele ekubhekaneni nenuzi okubangelwa ukukhula komncintiswano wamanje wezikhali. Egcizelela isixwayiso sakhe eZizweni Ezihlangene, wathi “cishe ososayensi abayizi-500 000 kuwo wonke umhlaba banikela ulwazi lwabo ekufuneni ukwakha izikhali eziyinkimbinkimbi nezibulala ngokwengeziwe.”
Nabanye futhi, bayasiqaphela isimo sanamuhla. UHans Jonas, uprofesa wefilosofi osewathatha umhlala-phansi eNew School for Social Research, uthi wesaba kakhulu “ukusongela kwembubhiso okuvela esimweni samandla angahlosiwe empucuko yezobuchwepheshe.” Uhlanganisa imbubhiso ‘nokuxhashazwa, ukungcola, ukubhujiswa kukanozungezilanga, kanye nokusongela kokubhujiswa ngokuzumayo yibhomu yeathomu.’
Ngokufanayo, isazi-mlando uG. Mann waphawula: “Asinakuba nayo enye impi yezwe. Elithi impi liyigama elingalungile. Kumelwe siwaqede amazwi athi ‘iMpi Yezwe III’ futhi esikhundleni sawo sithi imbubhiso.”—IDie Zeit yaseHamburg, August 30, 1985.
Yebo, umuntu uyaqaphela ukuthi usonqenqemeni lokuzibhubhisa. Kodwa ingabe uyena oyoqalisa imbubhiso? Akunjalo ngokweBhayibheli, elithi ‘uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke’—hhayi umuntu—‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:17, 18) Ngakho-ke, ukuqonda lokho imbubhiso eyikho ngokombono weBhayibheli kungakunika umbono ohlukile, umbono omusha ngokuphelele nokhanyayo.
Lokho Eyikho Ngempela
Imbubhiso ichazwe encwadini eya kwabaseThesalonika. Lapho umphostoli uPawulu uthi: “Kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo, aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:6-10.
Ngakho-ke, imbubhiso iwukwambulwa kukaJesu phakathi nenkathi ‘yosizi olukhulu.’ (Mathewu 24:21) NgokweAn Expository Dictionary of New Testament Words, ka-W. E. Vine, igama lesiGreki elithi a·po·kaʹly·psis libhekisela ‘eNkosini uJesu Kristu lapho efika ukuzoletha izahlulelo zikaNkulunkulu.’ Kwenye indawo, iBhayibheli libhekisela kulembubhiso, ‘njengempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eArmagedoni.—IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21.a
Kuyiqiniso, ngokuqondene nembubhiso, siye sabona ukuthi iBhayibheli likhuluma ‘ngosizi,’ “impindiselo,” ‘nesijeziso.’ Nokho, siyakhuluma futhi ‘nangokukhululwa’ kwalabo abalungileyo abaye bahlushwa usizi. IZwi likaNkulunkulu lithembisa ukuthi “kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho.” (IHubo 37:10) Ngakho imbubhiso iyokhulula isintu kuwo wonke amathonya amabi. Iyoba isikhathi sokuguqulelwa ezimweni ezingcono kwabo bonke abanhliziyo ziqotho—ngeke ibe isenzakalo esisabisayo kubo.
Ngalokho, kunokuba kube ukubhujiswa okuphelele kwabo bonke, noma ukuqedwa, imbubhiso iyoba yikhambi elilungileyo ezinkingeni zesintu. Ingabe umqondo wokuphila enkathini entsha—inkathi yokulunga, ukuthula, nokunethezeka—awuthandeki kuwe nomkhaya wakho?
Kodwa ingabe sesiyasondela embubhisweni engokweBhayibheli? Uma kunjalo, ingabe sinayo indlela yokusazi ngokuthe ngqo isikhathi sayo?
[Umbhalo waphansi]
a Bheka futhi isihloko ngeMegido, emakhasini 21-4 kulomagazini.