Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 4/15 kk. 3-4
  • Ubungayikhetha Kanjani Incwadi Yesintu Sonke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubungayikhetha Kanjani Incwadi Yesintu Sonke?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhetha Kwezazi
  • Leyo Abayikhethayo
  • IBhayibheli—Incwadi Yokufundwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Fundani Incwadi Ethi Ungaphila Phakade Nethi Ubunye Ekukhulekeleni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Okuqukethwe Yilencwadi
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 4/15 kk. 3-4

Ubungayikhetha Kanjani Incwadi Yesintu Sonke?

UMA, naphezu kwazo zonke izinto zansuku zonke okumelwe uzenze, ngandlela-thile ubungase ukwazi ukufunda incwadi eyodwa ngesonto, ubungakwazi ukufunda imiqulu engaphezu kweyizi-3 000 esikhathini sokuphila kwakho. Nakuba lokhu kungase kubonakale kungavamile, kufana nethonsi elisebhakedeni uma ucabangela ukuthi unyaka ngamunye kunyatheliswa izincwadi ezintsha eziphindwe izikhathi eziyishumi ngaphezu kwalezo eUnited States kuphela. Futhi lokhu akuzihlanganisi ngisho nokuzihlanganisa izinkulungwane zezincwadi ezibalulekile eziyisisekelo wonke umuntu ofundile okumelwe ukuba uzifundile.

Ngokusobala, uma sicabangela izincwadi, amazwi ashiwo eminyakeni eyizi-3 000 edlule asafaneleka ngendlela efanayo namuhla: “Ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.”—UmShumayeli 12:12.

Kodwa kulezincwadi eziningi kangaka, ingabe ikhona eyigugu kakhulu nebaluleke kangangokuthi ingevelele kunezinye njengencwadi okumelwe wonke umuntu ayifunde? Ingabe ikhona enqamula imingcele yobuzwe, yamasiko, neyezilimi futhi ifanelekele ukubizwa ngokuthi incwadi yaso sonke isintu?

Inkinga yokuthi yini okumelwe siyifunde ingaphezu kwesithakazelo nje esingokwemfundo ngoba ekugcineni ithonya indlela yethu yokucabanga, izinto ezibalulekile kithi, nokwahlulela kwethu. Iye yakhathaza othisha, abazali, nabanye—esikhathini esidlule namanje. Kuye kwenziwa ukuhlola ngokuthi yiziphi izincwadi eziyisisekelo, futhi imiphumela iye yembula okukhulu.

Ukukhetha Kwezazi

Ngo-1890 umnyathelisi wezincwadi wathintana nezazi eziningi zezincwadi zangalesosikhathi. Wazicela ukuba zisho izincwadi ezinomuzwa wokuthi zibaluleke kakhulu. Waba yini imiphumela? “iBhayibheli, ezikaShakespeare, nezikaHomer zazingezithandwa kakhulu ngabantu abathanda izincwadi phakathi nekhulu lesishiyagalolunye leminyaka,” kusho enye incwadi yezikhombo. Iyanezela, “Futhi ukuthandeka kwazo kungahlala kungashintshile ngisho nanamuhla.”

Ukuhlola kwamuva kuye kwavumelana nalokhu. Ngokwesibonelo, ngoSeptember 1982, umagazini iTime wakhipha impendulo yoprofesa abayisishiyagalombili, izazi-mlando, nezazi zemitapo yezincwadi ezivelele embuzweni othi, “Yiziphi izincwadi eziyisihlanu okumelwe ukuba wonke umuntu ofundile uzifundile?” Nakuba izazi zazingavumelani ngokugcwele, eziyisihlanu kweziyisishiyagalombili—eziningi ngokusobala—zahlanganisa neBhayibheli ekutuseni kwazo. Ngokokuhlola okufanayo, iPsychology Today ibika ukuthi “ezincwadini eziyi-165 ezathintwa, iBhayibheli elathola amavoti amaningi: Abayi-15. Ayikho enye incwadi eyasondela kulo.”

Imiphumela yokuhlola okwenziwa yiThe Korea Times ukuze kutholakale indlela abantu besizwe abangewona amaKristu ababheka ngayo amasonto obuKristu ithakazelisa ngokukhethekile. “Umbiko wokuhlola ubonisa ukuthi amaKristu, uma kuqhathaniswa nabangemaKristu, azazisa kakhulu, athanda imali kakhulu futhi awawunaki kangako unembeza,” kusho iphephandaba. Nokho, lombiko uqhubeka uthi: “Kungakhathaliseki ukungakholwa kwabo, amaphesenti angama-70 alabo abahlolwa akuthatha ngokungathi sína ukubaluleka kweBhayibheli.”

Leyo Abayikhethayo

Kungacashunwa ukuhlola okuningi okufanayo ukuze kuboniswe ukuthi izikhathi eziningi iBhayibheli liye lakhethwa njengencwadi evelele kakhulu kunezinye. Ngezizathu ezihlukahlukene, iye yabonakala iyiyo abayikhethayo phakathi kwezinye, esikhathini esidlule nanamuhla, empumalanga nasentshonalanga.

Nokho, nanku umbuzo ebaluleke kakhulu, uyini umbono wakho siqu? Uma uhlala ezweni laseNtshonalanga, ingabe mhlawumbe unomuzwa wokuthi iBhayibheli seliyisidala kulelizwe lethu lesimanje, lesayensi nokuthi alibalulekile ekubhekaneni nezinkinga zanamuhla? Uma uhlala ezweni laseMpumalanga, ingabe iBhayibheli ulibheka njengencwadi yaseNtshonalanga futhi ngalokho alibalulekile ngempela kuwe? Noma ingabe iBhayibheli linesigijimi okudingeka bonke abantu basizwe namuhla? Ingabe liyazixazulula izinkinga abantu ababhekene nazo kuyo yonke indawo namuhla? Ingabe ngempela liyincwadi yaso sonke isintu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela