Ungasamukela Yini Iseluleko?
‘KULEZINSUKU abazali bashaya isigubhu kuphela, hhayi izingane zabo.’ Lamazwi azwakala eshiwo ngamanye amantombazane afunda ekholiji laseAfrika. Ayeqondeni? Ukuthi iseluleko sase siphelelwe isikhathi. Abazali babengafuni ukusinikeza, nezingane zazijabula kakhulu ngokungasitholi.
Ingabe lena imibono enengqondo? Ngokwesichazamazwi, iseluleko ngokwesisekelo “siwukuqeqesha okuqondisayo, okwakhayo, noma okuphelelisa ingqondo noma indlela yokuziphatha.” Ingabe ukhona ongaphila ngempela ngaphandle kweseluleko esinjalo? Kungani lawomantombazane esikole aNsundu—kanye nabazali bawo—becabanga ukuthi bangakwazi?
Eqinisweni, akuwona kuphela amantombazane esikole aNsundu nabazali bawo abanombono ophambene ngokuqondene neseluleko. Kubonakala sengathi abantu abaningi namuhla babheka noma yisiphi isiqondiso noma iseluleko njengokuzigaxa okungafanele enkululekweni yabo, ukuncishiswa kwamalungelo abo. Nokho, umbono onjalo awumangalisi kulelikhulu lama-20 leminyaka. Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uNkulunkulu ngokwakhe waphawula ukuthi “imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21) Ekhomba emiphumeleni yokugcina yeminyaka eyinkulungwane yemicabango enjalo emibi, umphostoli uPawulu wabhala: “Abantu bazakuba abazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele.” (2 Thimothewu 3:2-4) Akumangalisi-ke ukuthi kungani iseluleko singathandeki!
Ingabe Iseluleko Sibi Ngempela?
Ingabe umKristu usidinga ngempela iseluleko? Nokho, uJesu wathi indlela eya ekuphileni “iyingcingo.” (Mathewu 7:13, 14) Kulula ukuchezuka kuyo. Ngakho akunakuba ukuhlakanipha yini ukwamukela iseluleko, ukuqeqeshwa, njengoba isichazamazwi sikubiza kanjalo? Cabanga ngomhambi oqabuka esephumile endleleni yakhe futhi azibone esesondelene kakhulu nendawo eyingozi, Uma umfokazane efuna ukumbonisa indlela yokubuyela emuva endleleni yakhe, ubeyosabela kanjani? Ingabe usizo ubeyolwenqaba ngokuthukuthela, egcizelela ukuthi unelungelo lokuhamba lapho ethanda khona? Ingabe ubeyobeka lomfokazana onomusa icala lokuzigaxa emalungelweni akhe? Lutho neze. Uyobonga ngosizo olunikezwayo.
Ngakho umKristu ehlakaniphile uyabonga lapho usizo lunikezwa ngendlela yeseluleko esinomusa. Amazwi omprofethi ayiqiniso kungakhathaliseki iminyaka yethu noma okuhlangenwe nakho kwethu ekuphileni: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ngakho-ke, sonke siyasidinga iseluleko.
Benqaba Iseluleko
Lowo owenqaba iseluleko kwakunguKayini, owayenomona ngomfowabo uAbela. Ebona ukuthi uKayini wayeseqala ukuchezuka endleleni elungile, uJehova ngokwakhe wamkhuza, embuza: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” (Genesise 4:6, 7) UKayini akalalelanga. Wabulala umfowabo uAbela futhi ngaleyondlela waqalisa ukubulala emlandweni womuntu.—Genesise 4:8-16.
Ezinsukwini zikaSamuweli, amadodana kaEli nawo awasemukelanga iseluleko. Uyise wayengumpristi omkhulu ethempelini likaJehova, kepha amadodana akhe asebenzisa izikhundla zawo ukuze ebe eminikelweni futhi ayenge abesifazane ukuba baphinge nawo. Uyise wawasola—ngokuyekethisa—kodwa awalalelanga. Waba yini umphumela? Ukwenqaba kwawo iseluleko kwawaholela ekubeni abulawe empini, futhi ukwethusa kwemibiko kwabangela ukufa kuka-Eli ngokwakhe.—1 Samuweli 2:12-17, 22-25; 3:11-18; 4:1-4, 10-18.
Abanye Balalela
Nokho, abanye basemukela iseluleko. UDavide, inkosi nendoda yempi, wenza ubugebengu obubi lapho ebangela ukufa kukaUriya, indoda yomfazi uDavide ayephinge naye. Kodwa uDavide wakwamukela ukusolwa uNkulunkulu akuletha ngomprofethi uNathani, futhi ngokwenza kanjalo uJehova akazange amlahle ngokuphelele. (2 Samuweli 12:1-14) Yebo, iseluleko singasisiza ukuba siphenduke ngisho nasezonweni ezingathi sina.
UJobe welulekwa insizwa egama layo linguElihu futhi wayengasenqaba ngokuthukuthela iseluleko. Nakuba uJobe ayehlupheke kanzima ezandleni zikaSathane, wayekwenqabile ‘ukuthuka uNkulunkulu afe.’ Enomlando onjalo, wayengase angasiboni isizathu sokulalela iseluleko salensizwa. Nokho, uJobe walalela, futhi wabona ukuthi, naphezu kobuqotho bakhe, umbono wakhe wawudinga ukulungiswa ngandlela-thile. Khona-ke waba nelungelo lokuthola iseluleko esivela kuJehova ngokwakhe futhi ekugcineni wavuzwa ngezibusiso eziningi. (Jobe 2:9, 10; 32:6; 42:12-16) Ngakho-ke, iseluleko singasiza ngisho nalabo abanamarekhodi avelele okubekezela nokwethembeka.
Umphostoli uPetru, naye, wathola iseluleko. Khumbula, uPetru wayengumphostoli kaJesu Kristu, ufakazi wokukhazinyuliswa kukaJesu, nalowo uJesu amnikeza “izihluthulelo zoMbuso.” (Mathewu 16:18, 19) Nokho, ngesinye isikhathi umphostoli uPawulu, umlandeli omusha kaJesu, wasola uPetru phambi kwabantu ngokuziphatha kwakhe ebandleni laseAntiyokiya. UPetru ngokusobala wasamukela iseluleko, ngoba kamuva wakhuluma ‘ngomzalwane wethu othandekayo uPawulu.’ (2 Petru 3:15; Galathiya 2:11-14) Ngakho-ke, umKristu onamalungelo amaningi, naye angase alindele ukuthola iseluleko.
AmaKristu Anamuhla Neseluleko
Ebandleni, akumelwe kusimangalise ukuthola iseluleko esivela kunoma yimuphi umuntu ovuthiwe. Kodwa abantu abathweswe ngokuqondile umthwalo wemfanelo wokubheka izithakazelo zethu ngabadala abamisiwe. IBhayibheli liqondise kulabelusi abangokomoya lapho lithi: “Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho.”—IzAga 27:23.
Kungase kusisize ukwamukela iseluleko uma sibona ukuthi kudinga uthando loqobo, nesibindi, ngabadala ukuba banikeze iseluleko. Abadala ngokuvamile bayagxekwa lapho bezama ukusiza. Ngokwesibonelo, emunye umdala oNsundu wakhuluma nowesifazane engumKristu owayesenesikhathi eside eqinisweni, emxwayisa ngokuhileleka kwakhe kokuthile okwakungekhona okobuKristu. Kwakunzima ukunikeza lesoseluleko, futhi lokhu kwabalukhuni kakhulu lapho owesifazane ethukuthela. Ekugcineni, iseluleko senqatshwa futhi lowo esasiqondiswe kuye wenqaba ukuba nanoma yibuphi ubudlelwane nomdala owayezama ukumsiza. Yeka ukuthi wayeyobe ehlakaniphe kangakanani ukuba wayekhumbule ukuthi ‘amanxeba omngane ethandekayo athembekile!’—IzAga 27:6.
Iseluleko singasisiza ukuba sisebenzise esinye isaga seBhayibheli esithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” (IzAga 22:3) Lawomazwi ayeyoyisiza indoda engumKristu yakulelozwe elifanayo. Yangenwa umkhuba wokuya endlini yokudlela yomphakathi ngaphandle komkayo nomntanayo. Lokhu kwabaphazamisa abanye ngoba kuleyondawo oweta besifazane ezindlini zokudlela eziningi babeyizifebe zoqobo ezazifuna abathengi. Ngakho abadala bendawo bakhuluma nalendoda izikhathi eziningana ngendaba. Kodwa yasenqaba iseluleko, ngokuvamile ngokhahlo olukhulu. Ekugcineni, yawela ogibeni lokuziphatha okubi. Yeka ukuthi kwakungaba okuhlakaniphe kangakanani ukuba yayilalele iseluleko esasihloselwe ukuyisiza!
Uma sikhohlwa imibono yethu okwesikhashana bese sizama ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo, siyosamukela kalula iseluleko. Iqiniso, iseluleko singase sibe yisikhumbuzo esingathandeki sokungapheleli kwethu. Singase sisenze sizizwe singenasithunzi okwesikhashana. Kodwa cabanga ngendlela uJehova athokoza ngayo lapho izinceku zakhe zenza ngokuhlakanipha futhi zigwema ukuwela esonweni. IZwi lakhe lithi, “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Uma singazithoba futhi samukele iseluleko esinikezwayo, siyoba phakathi kwalabo abanikeza uJehova impendulo yezinselele zikaSathane.
Iseluleko Siveza Izithelo Ezinhle
Njengoba siye sabona, iseluleko singesethu sonke. Sidingwa amadoda nabesifazane, abasha nabadala, labo abanesikhathi eside eqinisweni nabasebasha. Ngakho-ke, kumelwe sisilindele iseluleko, size ngisho sisifune. Tadisha iZwi likaNkulunkulu futhi aqaphele lokho elikushoyo okusebenza njengeseluleko kuwe. (2 Thimothewu 3:16, 17) Yiba khona emihlanganweni futhi ulalelisise kahle ukuze ubone okusebenza kuwe. (Heberu 10:24, 25) Uma unikezwa iseluleko sothando esingokomBhalo ezindabeni zakho siqu, yenza wonke umzamo ukuba usamukele ngomoya esilethwe ngawo. Zuza kunoma yikuphi ukuqeqeshwa okuvela kuJehova.
UPawulu watshela amaHeberu: “Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabalethela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.” (Heberu 12:11) Ngakho-ke, nakuba iseluleko singase sizwise ubuhlungu ngezinye izikhathi, sinomphumela omuhle. Ukwamukela iseluleko kungasisiza ukuba sibe phakathi kwalabo abathokozisa uJehova. Iseluleko siyosisiza ukuba ‘sihambe ngobuqotho, senze ukulunga, sikhulume iqiniso ezinhliziyweni zethu.’ (IHubo 15:1, 2) Ngakho-ke, kwangathi sonke singasamukela iseluleko.