Ukuzimisela Ukukhonza UJehova Ngenhliziyo Epheleleyo
“Umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango.”—1 IZIKRONIKE 28:9.
1. Yimiphi imibuzo ephakanyiswa eyoku-1 IziKronike 28:9?
UMBHALO ocashunwe ngenhla uphakamisa imibuzo ethile ngokuphathelene nenhliziyo. Uma ubhekisela enhliziyweni engokoqobo, umuntu angaphila kanjani ngaphandle kwenhliziyo ephelele? Ngokwesibonelo, ingabe ukhona ongaphila ngengxenye yenhliziyo? Ingabe uJehova, njengochwepheshe wenhliziyo wanamuhla, uhlola inhliziyo engokoqobo ukuze athole amaphutha? Endabeni yezizindlo zemicabango, ingabe imicabango ihlala enhliziyweni yethu? Ezinye izikhombo zeBhayibheli zibonakala zisho kanjalo, zikhuluma ‘ngezizindlo zemicabango yenhliziyo.’ (Genesise 6:5; 1 IziKronike 29:18) Ingabe uJehova ubukisisa izinhliziyo zethu ezingokoqobo ukuze aqonde imicabango yethu? Kusho ukuthini ngempela ‘ukumkhonza ngenhliziyo epheleleyo?’
2. AbaseGibithe basendulo, abaseBabiloni, nesazi sefilosofi esingumGreki uAristotle babenaziphi izinkolelo ngokuphathelene nenhliziyo?
2 AbaseGibithe lasendulo babekholelwa ukuthi inhliziyo engokoqobo yayiyindawo yokuhlakanipha nemizwelo. Babecabanga futhi ukuthi yayinezifiso zayo siqu. AbaseBabiloni babethi inhliziyo igcina inhlakanipho nothando. Isazi sefilosofi esingumGreki uAristotle safundisa ukuthi yayigcina izinzwa futhi iwumbusi womphefumulo. Kodwa njengoba isikhathi sasiqhubeka nolwazi lwanda, lemibono yachithwa. Ekugcineni inhliziyo yaziwa ngalokho eyikho, isifutho sokujikelezisa igazi kuwo wonke umzimba.
3. Yimaphi amaqiniso enza inhliziyo ibe ngesabeka kangaka?
3 Yebo, ngokuyinhloko iyampompa, kodwa yeka indlela okwesabeka ngayo, ikhipha ngokwethembeka uketshezi olubomvu lokuphila umzuzwana ngamunye wokuphila kwethu! Inkudlwana kancane kunenqindi, inesisindo esingaphansana kwamakhilogremu angu-0.373, inhliziyo yomuntu ishaya izikhathi eziyizi-100 000 ngosuku, impompela igazi lokuphila emithanjeni yegazi esemzimbeni engamakhilomitha ayizi-96 000—cishe amalitha ayizi-6 600 ngosuku, amashumi ezinkulungwane zamalitha ekuphileni sekukonke. Ukushaya kwenhliziyo kubangelwa iqoqo lamangqamuzana aqondisa ijubane lakho, athumele imiyalezo elawula izinga lokushaya kwenhliziyo. Asikho isicubu emzimbeni esisebenza kanzima, isikhathi eside, ngokungakhathali, amashumi ngamashumi eminyaka, ngaphezu kwenhliziyo. Ngaphansi kokucindezeleka okungokomzwelo noma ukuvivinya umzimba kokuzikhandla ingase yeqe ijubane layo elivamile ngokuphindwe kasihlanu. Khipha inhliziyo esifubeni futhi iyoqhubeka ishaya isikhashana. Ngisho namangqamuzana asikwe enhliziyweni, ngaphansi kwezimo ezinhle ayaqhubeka enza kanjalo. Ingqondo kuphela edinga ukondliwa okuningi ne-oksijini ngaphezu kwenhliziyo.
4, 5. (a) Yiziphi izimfanelo imiBhalo ezihlanganisa nenhliziyo? (b) NgokwemiBhalo yimiphi imizwelo nezisusa ezihlala enhliziyweni?
4 iZwi likaNkulunkulu likhuluma ngenhliziyo cishe izikhathi eziyinkulungwane. Ezimbalwa zalezozikhathi zibhekisela enhliziyweni engokoqobo. Ezinye ezimbalwa zibhekisela emnyombweni wento, njengalapho kuthi “enhliziyweni yolwandle” nalapho kuthi ‘ebuthunjini [“enhliziyweni,” NW] bomhlaba.’ (Hezekeli 27:25-27; Mathewu 12:40) Nokho, kwezinye izikhombo ezicishe zibe yinkulungwane, inhliziyo isetshenziswa ngomqondo ongokomfanekiso. lTheological Dictionary of the New Testament kaKittel inohide lwemibhalo eminingi ngaphansi ‘kwenhliziyo’ ngesihloko ngasinye salezi ezilandelayo: “Enhliziyweni kuhlala imizwa nemizwelo, izifiso nezinkanuko.” “Inhliziyo iyindawo yokuqonda, umthombo wemicabango nezizindlo.” “Inhliziyo iyindawo yentando, umthombo wezinqumo.” “Kanjalo inhliziyo ngokuyinhloko iwukuphela kwendawo kumuntu uNkulunkulu ayibhekayo, okuvela kuyo ukuphila okungokwenkolo, eveza indlela yokuziphatha.”
5 Imizwelo nezisusa kuhlala kulenhliziyo engokomfanekiso. Ngokwemibhalo eminingi, inhliziyo ingajabula, idabuke, yenziwe ibe yimbi, yenziwe ibe yinhle, ikhathazeke, yethembe, idangale, ibe lukhuni. Ingathukuthela kakhulu noma iphele amandla ngokwesaba, iqhoshe futhi izikhukhumeze noma ibe mnene futhi ithobeke, ithande ngokujulile noma igcwale inzondo, ibe msulwa futhi ihlanzeke noma ibe necala lokuphinga. Ithambekele ebubini, kodwa ingasishukumisela ekwenzeni okuhle.
Ungabi Nenhliziyo Engaphelele Noma Ube Nhliziyombili
6, 7. (a) Luhlobo luni lwabantu umhubi ayeluzonda, futhi lesimo siboniswa yiziphi izenzo ezenzeka kokubili kumaIsrayeli nakumaJuda? (b) UJesu wakubonisa kanjani ukuthi inkonzo yenhliziyo engaphelele ayemukeleki kuJehova?
6 Inhliziyo engokoqobo kumelwe iphelele ukuze isebenze, kodwa inhliziyo engokomfanekiso ingahlukana. Umhubi, ngokusobala owayeyindoda eyayinenhliziyo enjengekaNkulunkulu, wabhala engaphansi kokuphefumlelwa: “Ngiyabazonda abanhliziyombili.” (IHubo 119:113) Phakathi kwalabo kwakuyilawo maIsrayeli uEliya awabekela inselele, ethi: “Koze kube-nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” (1 AmaKhosi 18:21) Ngenxa yokuba nhliziyombili, ‘banqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili.’
7 Ngokufanayo, ngemva kokuba amaJuda ebuyele kuJehova okwesikhashana, kulotshwe ukuthi: “Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova wabo kuphela.” (2 IziKronike 33:17) Ngezinhliziyo ezihlukeneyo, ayethi akhulekela uJehova kodwa ngendlela eyayingagunyaziwe nasezindaweni ababekhulekela kuzo uBali ngesikhathi esidlule. UJesu wathi: “Akakho ongakhonza amakhosi amabili.” (Mathewu 6:24) Kulezo zinsuku izigqila zazifana nempahla ethile. Zazisebenzela amakhosi azo amahora angama-24 ngosuku. Isikhathi sazo sasingeke sihlukaniselwe amakhosi amabili—ingxenye iye kwenye nengxenye iye kwenye. UJesu wayeveza leliphuzu: akumelwe kuyiswe inkonzo eyenziwa ngenhliziyo engaphelele kuJehova!
8. Ngomqondo ongokomfanekiso, umuntu oyedwa angaba kanjani nezinhliziyo ezimbili, futhi yimiphi imibhalo ebonisa lokhu?
8 Kunenhliziyo engokoqobo eyodwa kuphela kumuntu ngamunye, kodwa, ngomqondo ongokomfanekiso, umuntu oyedwa angaba nezinhliziyo ezimbili. UDavide wabhekisela kubantu abanjalo, ethi: “Ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyo-mbili [“ngenhliziyo nenhliziyo,” umbhalo waphansi weRef. Bi.] (IHubo 12:2) Enye inhliziyo yayimelele ukubonakala kwangaphandle, enye ivuna ngasese izinzuzo zobugovu. Lesimo sokumbuluza, sokuba nhliziyombili siyachazwa emiBhalweni: “Ngokuba unjengozicabangelayo; uthi kuwe: Yidla uphuze, kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.” “Lapho enza izwi lakhe libemnandi, ungakholwa nguye, ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.”—IzAga 23:7; 26:25; IHubo 28:3.
9. Yini ebonisa ukuthi ukukhulekela okunhliziyombili kwakukhona kokubili osukwini lukaJeremiya nasesikhathini sikaJesu?
9 Ukuzenzisa okunjalo ebudlelwaneni babantu kuyadabukisa, kodwa lapho kuhlakulelwa ekukhulekeleni uJehova, kuvuna inhlekelele. “Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova. Bhekani, niyethemba emazwini amanga angenakusiza. Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga, bese-nifika nime ngaphambi kwami kulendlu ebizwé ngegama lami, nithi: Sophuliwe nize nenze zonke lezizinengiso, na?” (Jeremiya 7:4, 8-10) UJesu wakusola ukuzenzisa okunjalo kokuba nhliziyombili okwakuphakathi kwababhali nabaFarisi, ethi: “Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami.”—Mathewu 15:7, 8.
10, 11. UJehova noKristu Jesu babheka kuphi lapho behlulela umuntu, futhi ngani?
10 Kukho konke lokhu kusobala ukuthi kungani uJehova athi kuSamuweli: “Lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” (1 Samuweli 16:7) Ngakho, lapho uJehova ehlola umuntu, akabheki ukubonakala kwangaphandle; uhlola inhliziyo yalowomuntu ngokuqondile. UKristu Jesu wachaza inhliziyo njengamandla ashukumisayo ayimbangela yokuziphatha kwethu, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi: “Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni yakhe yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” Futhi, “Enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.”—Luka 6:45; Mathewu 15:19.
11 UKristu Jesu, onikezwe igunya lokwahlulela, naye ubheka lapho uJehova ebheka khona: “Nginguye ophenya izinso [“imizwelo ejulile,” umbhalo waphansi weRef. Bi.] nezinhliziyo, futhi ngiyakunika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.” (IsAmbulo 2:23) Ngenxa yalesizathu, “phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”—IzAga 4:23.
12. Kungani ukuba ngenhliziyo yonke enkonzweni kaJehova kudinga senze umzamo wenkuthalo?
12 Ukukhulekela kwethu uJehova kumelwekungabi okwenhliziyo engaphelele noma kokuba nhliziyombili, kodwa kube okwenhliziyo yonke. Lokhu kudinga ukuba senze umzamo wenkuthalo. Kungani kunjalo? Kungoba inhliziyo inobuqili futhi ingakhohlisa kakhulu. Iyethusa indlela ehlakaniphe ngayo ekuthetheleleni izinto ezimbi ezikhanga inyama yethu enesono. Nakuba ingase isikhohlise futhi ithukuse izisusa zethu zangempela, uJehova uyakubona lokho eyikho. Usenza sikwazi lokhu, ethi: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi, ngubani ongayazi na? Mina-Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”—Jeremiya 17:9, 10.
Ukuzuza Inhliziyo Epheleleyo
13. Yini uJesu ayisho ngabanye abantu benkolo bosuku lwakhe, futhi ngenxa yokuziphatha okunjalo, yini eyaba umphumela kubo?
13 Ngokuqondene nabantu benkolo bosuku lwakhe, uJesu wathi: “Inhliziyo yalesisizwe isiyaba-lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo. baphenduke, ngibaphulukise.” (Mathewu 13:15) Ngenxa yemiqondo engokwenkolo ababenayo, bavala amehlo abo nezindlebe base bezenza lukhuni izinhliziyo zabo ezimfundisweni zikaJesu. Ngenxa yokwenqaba ukusolwa, behluleka ukuzizuzela inhliziyo enezisusa ezinhle: Olalela ukusolwa uzuza ingqondo [“uzuza isisusa esihle,” umbhalo waphansi weRef. Bi.].” (IzAga 15:32) Babethi bakhulekela uNkulunkulu, kodwa babenza “ukulunga” kwabo ukuba kubonwe ngabantu.”—Mathewu 6:1, 2, 5, 16.
14, Yiziphi izibonelo ezibonisa indlela iqiniso elingena ngayo ukuze lihlale lijule kithina?
14 Yeka ukuthi kungcono kanjani ukufana neNkosi yakwaJuda uJehoshafati ‘eyabhekisa inhliziyo yayo ukuba ifune uNkulunkulu.’ (2 IziKronike 19:3) Ilungiselelo elingcono kakhulu ongalenza ekufuneni kwakho uNkulunkulu liwumthandazo osuka enhliziyweni. Lapho uHana ekhathazekile wathandaza ngokujulile kuJehova, “wayekhuluma enhliziyweni yakhe,” nomthandazo wakhe waphendulwa. Okunye okudingekayo kuwukuzimisela ukulalela. Unina kaJesu walalela: “unina wawagcina onke lawamazwi enhliziyweni yakhe.” Waqala ‘ukuzindla ngawo enhliziyweni yakhe,’ futhi waba ngumfundi othembekile kaJesu. UJehova uyamsiza omfuna ngeqiniso. ULidiya owayesaba uNkulunkulu walalela uPawulu, “iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakukhulunywa nguPawulu.” Wabhapathizwa. (1 Samuweli 1:12, 13; Luka 2:19, 51; IzEnzo 16:14, 15) Ngokuvamile yinhliziyo engokomfanekiso—imizwa, imizwelo, izisusa ezinhle—evumela iqiniso ukuba lingene futhi lihlale kumuntu.
15. Ukuze sizuze inhliziyo epheleleyo, yini okumelwe silungele ukuyenza?
15 Ukuze sizuze inhliziyo epheleleyo, kumelwe sizimisele ngokomzwelo ukulahla imibono esesinayo kakade, silungele ukuvumela uNkulunkulu abe oneqiniso ngisho nakuba kuchitha eminye yemiqondo yethu esiyithandayo noma imibono yezimfundiso esiyazisayo. (Roma 3:4) Izisusa zobugovu kumelwe ikhishwe ukuze senze izinhliziyo zethu zamukele intando kaJehova nezindlela zakhe. UJehova wake waloba imithetho yakhe ematsheni, kodwa kamuva wayiloba ezinhliziyweni zabantu. Umphostoli uPawulu naye waloba ezinhliziyweni. Nawe futhi, ‘ungaloba [isihe neqiniso] esibhebheni senhliziyo yakho.’—IzAga 3:3; Heberu 10:16; 2 Korinte 3:3.
16. Yimiphi imibuzo eqokonyiswa izinyathelo umuntu okumelwe azithathe ukuze abe nenhliziyo epheleleyo ngo Jehova?
16 Ingabe inhliziyo yakho iyafaneleka njengendawo efanele yokubhala izimiso nemiyalo kaJehova? Ingabe uyoyihlanza emiqondweni esikhona kakade ukuze uvulele iqiniso laphezulu indlela? Khona-ke ingabe uyoqhubeka yini utadisha, ushintsha umqondo wakho, ukhumula umuntu omdala, futhi wembatha omusha owenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu? Ingabe uyokwenza okusemandleni ukuba ube isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso?—Roma 12:2; Kolose 3:9, 10; 2 Thimothewu 2:15.
Ukulondoloza Inhliziyo Epheleleyo
17. UDavide wayiyala kanjani indodana yakhe uSolomoni, futhi kungani uSolomoni ehluleka ukulandela iseluleko?
17 UDavide watshela uSolomoni: “Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango.” Ekuqaleni uSolomoni wasebenza ngenhliziyo epheleleyo, kodwa njengoba iminyaka iqhubeka, akazange ayilondoloze: “Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.”—1 IziKronike 28:9; 1 AmaKhosi 11:4.
18, 19. (a) Yiziphi izindlela ezihlukahlukene uSathane ayezisebenzisa ukuze akwenze wehluleke ukugcina inhliziyo epheleleyo? (b) Uma lemizamo kaSathane enobuqili ngokwengeziwe yehluleka, uyowaguqula kanjani amacebo akhe?
18 Ingabe uyaphumelela kulokho uSolomoni ehluleka kukho? Njengoba usuye wazinikezela njengofakazi kaJehova, wabekela eceleni konke ukungabi nenhliziyo epheleleyo noma ukuba nhliziyombili ekukhulekeleni kwakho, wavumelana namazwi kaJesu athi ‘uthande iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho’ ingabe manje uyozimisela ukugcina inhliziyo yakho izinikele ngokuphelele enkonzweni kaJehova? (Mathewu 22:37) USathane ngeke akuthande lokho, futhi ungumphikisi onobuqili. Inhliziyo yakho iyoba isisulu sakhe. Uyakwazi ukuthambekela kwayo esonweni, futhi angangena kuyo ngokunyenya uma uyeka ukuyigcina. Akazange yini ‘akufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe ukuba akhaphele uJesu?’ (Johane 13:2) Imali, izinto ezibonakalayo, ukuzijabulisa, ukuqhosha, imisebenzi yezwe, ukubukisa, izinkanuko zenyama—uyazazi izindawo esibuthakathaka kuzo futhi uqondisa imicibisholo yakhe evuthayo kuzo. Ingabe uyayicima yonke ngesihlangu sokukholwa?—Efesu 6:16; 1 Johane 2:15-17.
19 Futhi lapho onke lamacebo kaSathane ehluleka, akayeki. Uba yibhubesi elibhodlayo elizama ukugwinya ofakazi bakaJehova abathembekile ngezixuku ezinobudlova, ngokushaywa, ngokuboshwa, ngisho nangokufa. Kodwa uJehova uyobaqinisa kukho konke labo abanezinhliziyo ezipheleleyo kuye.—Jakobe 4:7; 1 Petru 5:8-10; IsAmbulo 2:10.
20, 21. (a) Yimiphi imibuzo engase ibuzwe ekuhlolweni kwenhliziyo engokoqobo? (b) Imibuzo efanayo ingasetshenziswa kanjani ukuze kuhlolwe inhliziyo engokomfanekiso?
20 Inhliziyo engokoqobo idinga ukuhlolwa njalo. Ingabe ngezikhathi ezifanele ithola ukondliwa okuhle, ngezilinganiso ezanele? Ingabe ukushaya kwayo kuyakhuthazela futhi kunamandla noma kuyathandabuza futhi kubuthakathaka? Ingabe igcina izinga lokushisa kwegazi elifanele? Ingabe iyakuthola ukuvivinywa ekudingayo? (Ukuze ibe nempilo enhle inhliziyo idinga ukushaya ngomdlandla isikhathi eside.) Ingabe ijubane lokushaya kwayo liyaguquguquka ukuze ihlangabezane nezidingo ezingafani? Ingabe ithonywa isimo esingokomzwelo esiyicindezela kanzima?
21 Uma inhliziyo engokoqobo idinga ukuhlolwa, kukangakanani-ke ngenhliziyo engokomfanekiso! UJehova uyayihlola; nathi kumelwe senze kanjalo. Ingabe ithola isilinganiso esanele sokudla okungokomoya njengesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke nokuba khona njalo emihlanganweni? (IHubo 1:1, 2; IzAga 15:28; Heberu 10:24, 25) Ingabe imizwa nemizwelo yayo ejulile isishukumisela ukuba sisebenze ngentshiseko enkonzweni yasensimini—mhlawumbe ngezinye izikhathi isibangele ukuba siphikelele enkonzweni yamaphayona asizayo? (Jeremiya 20:9; Luka 13:34; 1 Korinte 9:16) Kuthiwani ngezinto eziyizungezile? Ingabe izungezwe ezinye izinhliziyo ezisebunyeni nezipheleleyo ezinemizwa nezisusa ezifanayo?—2 AmaKhosi 10:15, 16; IHubo 86:11; IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33.
22. Yini eyosiqinisekisa ukuthi Bayophumelela ekuzimiseleni kwethu ukukhonza uJehova ngenhliziyo epheleleyo?
22 Uma ukuzihlola kwakho kukwenza uphendule ngoyebo kulemibuzo engenhla, khona-ke uyayigcina inhliziyo yakho engokomfanekiso. Uyophumelela, kanye nezigidi zoFakazi abathembekile, ekuzimiseleni kwakho ukukhonza uJehova ngenhliziyo epheleleyo. Bonke abanjalo banalesiqinisekiso: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:7.
Uyakhumbula?
◻ Yiziphi izimfanelo eziningi ezihlanganiswe enhliziyweni
engokomfanekiso?
◻ Singakugwema kanjani ukungabi nenhliziyo epheleleyo noma ukuba nhliziyombili?
◻ Kungani uJehova noKristu Jesu bebheka enhliziyweni lapho bahlulela?
◻ Singayizuza futhi siyilondoloze kanjani inhliziyo epheleleyo?
[Isithombe ekhasini 17]
Ingabe uyambuluza?
[Izithombe ekhasini 18]
ULidiya
UJehoshafati
UHana
UMariya