Isiprofetho SikaDaniyeli—Amaphupho Akuthintayo
“Niyazi, ngibheka emuva kubaprofethi benu basendulo abaseTestamenteni Elidala nasezibonakalisweni ezibikezela ngeArmagedoni, futhi ngizithola ngizibuza—noma thina siyisizukulwane esiyobona lokho kwenzeka. Angazi noma niye naziphawula yini ezinye zalezo ziprofetho muva nje, kodwa ngikholelweni, ngokuqinisekile zichaza izikhathi esiphila kuzo.”—UMongameli waseU.S. uRonald Reagan.
UMONGAMELI uReagan akayena ukuphela komuntu oye wazibuza noma izikhathi esiphila kuzo ziyilezo ezibikezelwe eziprofethweni zeBhayibheli. Izigidi zabanye ziye zathintwa indlela izimo zezwe zanamuhla ezivumelana ngayo neziprofetho ezingokomBhalo. Nokho, leziprofetho azibikezeli kuphela isikhathi sosizi esingakaze sibe khona kodwa isimiso sezinto esisha sokulunga esiyolandela ngokushesha.
Lesihloko siqalisa uchungechunge, oluhlanganisa omagazini beNqabayokulinda abane abalandelayo, abaklanyelwe ukukujwayelanisa nomunye umprofethi onjalo wasendulo, ogama lakhe kwakunguDaniyeli, Kungenzeka uyamazi. WayengumJuda wozalo lwasebukhosini. Lapho esemusha, uDaniyeli wayiswa eBabiloni, lapho afundiswa khona enkantolo kaNebukadinesari, inkosi yesibili yoMbuso omusha waseBabiloni. Lokhu kwakusekupheleni kwekhulu lesikhombisa leminyaka B.C.E., ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema. UDaniyeli wayethunjiwe kwaze kwaba sekuweni kweBabiloni ngo-539 B.C.E., okwathi ngemva kwakho wakhonza enkantolo yababusi bokuqala bamaMede namaPheresiya. Phakathi nokuthunjwa kwakhe wachaza amaphupho futhi wabona imibono ephefumlelwe ethinta usuku lwethu. Yebo, wena nomkhaya wakho nihilelekile kulokho uDaniyeli akubikezela.
Amaphupho Nemibono Engokwesiprofetho
Eqinisweni, amaphupho nemibono yencwadi kaDaniyeli kuyiziprofetho zesikhathi esifushane kanye nezesikhathi eside. Kuwumlando womhlaba owabhalwa kusengaphambili. Kunikeza imibono yesikhathi esizayo yokulwela kwabantu ukubusa, uzalo lobukhosi, kanye nemibuso yezombangazwe kusukela esikhathini sikaDaniyeli kwehle njalo emlandweni kuze kube ‘sesikhathini sokuphela.’—Daniyeli 8:17, 19.
Ukugcwaliseka kweziprofetho zesikhathi esifushane kumelwe kushukumisele ukwethembela kwethu eziprofethweni zesikhathi eside ezifinyelela esikhathini sethu. Ziyini ezinye zaleziprofetho zesikhathi esifushane?
Esinye kwakuyiphupho ngomuthi omkhulu owagawulwa futhi waboshwa “izikhathi eziyisikhombisa,” noma iminyaka, ngaphambi kokuvunyelwa ukuba uphinde ukhule. (Daniyeli 4:10-17) Ekugcwalisekeni kwaso kwesikhathi esifushane lesiprofetho sasebenza eNkosini uNebukadinesari, eyaphupha lelophupho. Esikhathini esingangonyaka kamuva, lombusi ‘wagawulwa,’ ngokusobala ngokugula ngengqondo. Waziphatha njengesilwane sasendle iminyaka eyisikhombisa. Khona-ke, “ngasekugcineni kwezinsuku” ezazibikezelwe, uNebukadinesari wabuyelwa ingqondo yakhe nesihlalo sakhe sobukhosi. (Daniyeli 4:28-37) NgokweThe International Standard Bible Encyclopedia, imithombo yasendulo ibonisa ukuthi uNebukadinesari wagula ngasekupheleni kokubusa kwakhe. Kodwa leliphupho ngokufanayo lalinokugcwaliseka kwesikhathi eside, njengoba esinye isihloko kuloluchungechunge sizobonisa.
Esinye isiprofetho sesikhathi esifushane encwadini kaDaniyeli sinikezwa ngumbhalo wesandla oyisimangaliso odongeni lwendlu yedili lapho umzukulu kaNebukadinesari uBelishasari nezinduna zakhe babenzela khona idili. (Daniyeli, isahluko 5) Babengcolisa izitsha ezingcwele ezazithathwe ethempelini likaJehova eJerusalema. Ngaphansi kokuphefumlelwa, uDaniyeli wasichaza leso sigijimi sokwahlulela kwaphezulu. Futhi, ekugcwalisekeni kwaso, “ngalobobusuku” iBabiloni lawa futhi “uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa,” njengoba isazi-mlando esingumGreki uXenophon sikuqinisekisa. (Daniyeli 5:30) Kodwa namuhla kunombhalo wesandla odongeni ngokuqondene nesimiso sezinto esibi samanje. Lokhu, ngokufanayo, kuzochazwa kwesinye isihloko saloluchungechunge.
Ivuliwe “Esikhathini Sokuphela”
Ngasekupheleni kwencwadi yakhe yesiprofetho, uDaniyeli waloba lesigijimi asamukela engelosini: “Wena-Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube-sesikhathini sokugcina [“sokuphela,” NW]; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi [“ulwazi lweqiniso,” NW] kube-kuningi.”—Daniyeli 12:4.
Namuhla “ulwazi lweqiniso” lokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli ngempela luye lwaba luningi. Lokhu kuqonda okwandisiwe kuye kwenza izigidi zabafundi beBhayibheli abaqotho zakholelwa ukuthi ngempela siphila ‘esikhathini sokuphela’ nokuthi uMbuso kaNkulunkulu wokulunga useduze. (Daniyeli 2:44) Ibonisa ukubaluleka kwencwadi kaDaniyeli kulokhu, iSoncino Books of the Bible ithi: “Ukunqoba kokugcina kokulunga, okulandelwa ukumiswa koMbuso kaNkulunkulu, kuyisisekelo sencwadi kaDaniyeli.”
Ingabe unethemba ‘ekunqobeni kokugcina kokulunga’? Uma kunjalo, amaphupho nemibono kaDaniyeli engokwesiprofetho kubaluleke kakhulu kuwe. Isihloko esilandelayo sizokujwayelanisa nokunye kwalokhu futhi sizonikeza ubufakazi obubonisa ukuthi uDaniyeli incwadi ethembekile yesiprofetho.