Ingabe Ukufundwa Kwezinkanyezi Kungenziwa Emasinagogeni?
IBiblical Archaeology Review kaMay/June 1984 yabika ngencwadi kaMose egcineke kahle eyatholakala phakathi nokuvubukula okwenziwa esizeni sesinagoge lasendulo. Sisendaweni eyaziwa ngokuthi iHammath Tiberias, onqenqemeni loLwandle lwaseGalile. Lowomkhakha eyambiwa kuwo ungaba phakathi kwekhulu lesibili nelesihlanu leminyaka C.E. Kunjengoba isihloko sisho: “Kunokudideka okungavamile kwezazi mayelana neminyaka yokwakhiwa kwamasinagoge asendulo.”
Kodwa yini eyenza lencwadi kaMose ibe ngengavamile kangaka? “Ihlanganisa unkulunkulu wamaGreki uHelios [unkulunkulu welanga] ozungezwe umgamu wezulu . . . Izimpawu zezinyanga eziyi-12 zidwetshwe ebhandeni elizungeze isiyingi sikaHelios.” Ngemva kokuxoxa ngombuzo othi lomsebenzi wawenziwe umJuda noma ongeyena umJuda, isihloko sithi: “Nokho, inkinga enkulu iwukuthi, Umgamu wezulu nonkulunkulu wamaGreki kufunani esinagogeni? . . . Inkinga yakhiwa yiphuzu lokuthi umgamu wezulu noHelios kuqukethe indaba eyayiphindwaphindwa emasinagogeni amaningana asendulo, iHammath Tiberias engeyokuqala ngqá kuwo.”
Kodwa ingabe kwakuyobe kuqala ukuba amaJuda asendulo axube izimpawu nonkulunkulu bamaqaba kanye nokukhulekela kwawo? Cha, ngoba iBhayibheli libonisa ukuthi ngesikhathi seNkosi uManase (716-661 B.C.E.), ukufundwa kwezinkanyezi kakade kwase kungenile ekukhulekeleni kwamaJuda. Umlando weBhayibheli uyasitshela: “Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile, wamisela uBali ama-altare, wenza uAshera njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwaIsrayeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.”—2 AmaKhosi 21:3.
Kamuva, umlungisi oshisekayo iNkosi uJosiya, waqeda lemikhuba yamanga. “Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, noAshera, nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele. Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.”—2 AmaKhosi 23:4, 5.
Iziphi izifundo ezitholakala kulezenzakalo ezingokomlando? Okokuqala, ukuthi ayikho indawo yokufundwa kwezinkanyezi, izinkanyezi zenhlanhla, neminye imikhuba yobudemoni ekukhulekeleni kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Okwesibili, ukuthi kulula kakhulu ukuwela kulemikhuba uma umuntu engabunaki ubuhlobo bakhe noJehova futhi enaka ifilosofi yomuntu nalokho okuthiwa ukuhlakanipha. Khona-ke kulula ‘ukuhlonipha, nokukhonza okudaliweyo kunoMdali.’ Indlela yokuzivikela emikhubeni enjalo iwukumazi uNkulunkulu,’ ngokuqinisekile ukwazi iNkosi eBusayo yendawo yonke, uJehova, neNdodana yakhe, uJesu.—Roma 1:20-25, 28; Johane 17:3.