OFakazi BakaJehova Endimeni Yezithunywa Zevangeli
IZITHUNYWA ZEVANGELI zoFakazi BakaJehova eAsia nakwezinye izindawo zivame ukubuzwa: “Kungani ningenazo izifundo zesiNgisi njengezinye izithunywa zevangeli?” “Ninazo yini izikole engingayisa kuzo izingane zami noma izibhedlela zabagulayo?” Yebo, impendulo, ithi cha. Kodwa kungani kungenjalo? Eqinisweni, iyini injongo yoFakazi? Futhi babenzeleni abantu kulamazwe?
Ukungqubuzana Kwemibono
Kungokungenakuphikwa ukuthi izithunywa zevangeli zeLobukholwa ziye zaguqulela abantu abaningi enkolweni ngezinkonzo zokuthuthukisa umphakathi ezizinikezayo. Kodwa ngenxa yokuthi imisebenzi enjalo iqondiswe ngokuyinhloko ekwaneliseni izidingo zabantu ezingokwenyama kunezidingo zabo ezingokomoya, lezithunywa zevangeli ziye zangaphumelela ekwenzeni abafundi bangempela bakaJesu Kristu. (Mathewu 7:22, 23; 28:19, 20) Okubaluleke ngokwengeziwe, azikwazanga ukukhomba noma iliphi ikhambi elihlala njalo lezinkinga zomphakathi abazama ukuzinqoba.
Ngakolunye uhlangothi, oFakazi BakaJehova bakhathalela ukuthunywa okubaluleke ngokwengeziwe kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Lokhu akungenxa yokuba bengaqapheli noma bengenandaba nakho konke ukuhlupheka kwabantu nokwahlulela ngokungalungi abakubonayo. Kunalokho, kungenxa yokuthi bayabona ukuthi okuwukuphela kwekhambi lalezinkinga ezingathi sína alikho ezandleni zomuntu, kodwa liseMbusweni kaNkulunkulu.—IHubo 146:3-10.
Lokho yikho kanye okwashunyayelwa uJesu nabafundi bakhe ekhulwini lokuqala. UJesu wathi, “Ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” (Luka 4:43) UJesu wakhomba futhi washumayela ngoMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi eliphelele, ngoba wayazi ukuthi izinkinga zezwe zazinkulu kakhulu ukuba umuntu abhekane nazo eyedwa. Nakuba uJesu enza ukwelapha okuningi okuyisimangaliso, wakhuthaza abafundi bakhe ngokuthi “funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:33.
Kamuva, lapho uJesu ethuma abafundi bakhe, waqale wabatshela: “Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.” Khona-ke wanezela: “Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni.” (Mathewu 10:7, 8) Lokho kubekela abafundi bakaJesu Kristu bosuku lwanamuhla lokho okuza kuqala. Nabo, futhi, kumelwe babeke ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso njengomgomo wabo oyinhloko ngaphezu kokwenza imisebenzi yokusiza umphakathi. Yilokho izithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova ezizama ukukwenza.
Ukugcwalisa Izidingo Zabantu Ezingokomoya
Njengeqembu lamaKristu, oFakazi BakaJehova bahlanganyela emsebenzini omkhulu wokuzithandela wokunikeza imfundo yeBhayibheli kubantu. Njengoba bengabamemezeli bezindaba ezinhle, banesithakazelo ekusizeni abanye ukuba bazuze ekuhlakanipheni naseselulekweni seBhayibheli, kokubili manje nasesikhathini esizayo. (IHubo 68:11) Kungani kunjalo?
OFakazi bayaqaphela ukuthi lapho abantu besizwa ukuba baqonde futhi balandele iseluleko seBhayibheli, baba abahlonyiswe kangcono ukuba babhekane nezinkinga nokucindezela kokuphila. Ngakolunye uhlangothi, bazuza amandla angokokuziphatha adingekile ukuze banqobe imikhuba egqilazayo neyonakalisayo ngokwenyama enjengokubhema, ukuphuza ngokweqile, ukusebenzisa kabi imilaliso, impilo engahlanzekile, ukugembula, kanye nokuzitika ngokobulili. Ngakolunye uhlangothi, iqiniso leBhayibheli libasiza ukuba baguqule izingqondo zabo, libalethela injongo ekuphileni nethemba elingokoqobo ngekusasa.
Khona-ke, ngokunikeza imfundo yohlobo oluphakeme—leyo evela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli—oFakazi BakaJehova banikela ngokuqondile ekuthuthukiseni impilo engokokuziphatha nengokwenyama yomphakathi abahlala nabashumayela kuwo. Ngokuvamile abanye abaye babahlolisisa bayakuqaphela lokhu. Ngokwesibonelo, uDr. Bryan Wilson wase Yunivesithi yaseOxford, owacwaninga imisebenzi yoFakazi BakaJehova eAfrika, waphawula encwadini eyayiya kuyiTimes yaseLondon:
“OFakazi BakaJehova basebenza kanzima futhi ngokuvamile balungile futhi bazimisele ukusiza kunesilinganiso sezakhamuzi abakhelene nazo. Abaholi babo babayala ukuba bakhokhe izintela zabo ngokushesha, ukuba bangabi nabudlova, nokuba bagweme ukukhubekisa. Bahlelekile, baqotho futhi bazothile. Lezindinganiso zazinokubaluleka okukhulu entuthukweni engokomnotho nengokwenhlalo yomphakathi waseNtshonalanga, futhi akunakuba ukwenza ihaba ukuthi oFakazi BakaJehova baphakathi kwabantu abalunge kakhulu nabakhuthele abayizakhamuzi zamazwe aseAfrika.”
Ngamazwi afanayo, enye ingqapheli eNingizimu Melika yaphawula lokhu ohlwini lwephephandaba:
“OFakazi BakaJehova bangabantu abasebenza kanzima, abaqotho, nabesaba uNkulunkulu. Babambelela emithethweni yokulunga futhi bathanda izimiso futhi inkolo yabo isekelwe ezimfundisweni zeBhayibheli.”
Ngakho nakuba oFakazi BakaJehova bengagcizeleli lokho ngokuvamile okubhekiselwa kukho njengevangeli lezenhlalakahle, banikela ngentshiseko ezithakazelweni zomphakathi ngokusiza abanye ukuba balethe ukuphila kwabo ekuvumelaneni nezindinganiso eziphakeme zeBhayibheli. (Roma 12:1, 2) Okubaluleke ngokwengeziwe, basiza futhi abantu kuyo yonke indawo ukuba babheke ngale kokwahlulela ngokungalungi nokungalingani kwalesimiso sezinto esiwohlokayo ngokushesha babheke esimisweni esisha sikaNkulunkulu, esizofika masinyane.—IsAmbulo 21:5.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Ikhambi Ezinkingeni Zomphakhathi NgoMbuso KaNkulunkulu
Funda eBhayibhelini lakho siqu imibhalo elandelayo futhi ududuzwe ngokubona indlela izithembiso zikaNkulunkulu eziqeda ngayo izinkinga zanamuhla nezokuthuthukisa umphakathi ezicini ezilandelayo:
Impilo Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAmbulo 21:4
Imfundo Isaya 11:9; Habakuki 2:14
Umsebenzi Isaya 65:21-23
Ukudla IHubo 67:6; 72:16; Isaya 25:6
Ukwahlulela ngokulunga Isaya 11:3-5; 32:1, 2