Izwe Lalingabafanele
“Bakhandwa ngamatshe . . . balingwa, . . . izwe elingabafanele bona.”—HEBERU 11:37, 38.
1, 2. OFakazi BakaJehova bezikhathi zasendulo babulondoloza ngaphansi kwaziphi izimo ubuqotho, futhi izenzo zabo zizithinta kanjani izinceku zikaNkulunkulu namuhla?
OFAKAZI BAKAJEHOVA bezikhathi zasendulo balondoloza ubuqotho kuNkulunkulu naphezu kovivinyo oluningi olwalulethwa kubo umphakathi wabantu abangalungile. Ngokwesibonelo, izinceku zikaNkulunkulu zakhandwa ngamatshe futhi zabulawa ngenkemba. Zathola ukuhlushwa ngonya nosizi. Nokho azizange zintengantenge okholweni. Khona-ke, ngokuqinisekile, njengoba umphostoli uPawulu asho: “Izwe elingabafanele bona.”—Heberu 11:37, 38.
2 Izenzo ezishukumisa ukholo zabantu bangaphambi kukazamcolo abesaba uNkulunkulu, izinzalamizi, noMose zishukumisela oFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokholo. Kodwa kuthiwani ngabanye okukhulunywe ngabo kumaHeberu isahluko 11 no-12? Singazuza kanjani ekucabangeleni izici zokholo lwabo?
Ukholo Lwabahluleli, Amakhosi, Nabaprofethi
3. Izenzakalo ezihilela iJeriko noRahabi zibonisa kanjani ukuthi ukholo kumelwe luboniswe ngemisebenzi?
3 Ukholo alusikho nje ukukholelwa; kumelwe luboniswe ngemisebenzi noma ngezenzo. (Funda amaHeberu 11:30, 31.) Ngemva kokufa kukaMose, ukholo lwenza amaIsrayeli anqoba njalo eKhanani, kodwa lokhu kwakudinga umzamo kuwo. Ngokwesibonelo, ngokhololukaJoshuwa nabanye, “izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa” Kodwa “ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye [nezakhamuzi zaseJeriko ezingenalukholo] nabangalalelanga.” Ngani? ‘Ngoba wamukela izinhloli [zakwaIsrayeli] ngokuthula,’ ebonisa ukholo lwakhe ngokuzifihla kwabaseKhanani. Ukholo lukaRahabi lwalunesisekelo esiqinile emibikweni yokuthi “uJehova womisa amanzi oLwandle oLubomvu” phambi kwabakwaIsrayeli futhi wabenza banqoba amakhosi akwa-Amoni oSihoni no-Ogi. URahabi wenza izinguquko ezifanelekile zokuziphatha futhi wabusiswa ngokholo lwakhe olunemisebenzi ngokusindiswa nendlu yakhe lapho iJeriko liwa nangokuba ukhokhokazi kaJesu Kristu.—Joshuwa 2:1-11; 6:20-23; Mathewu 1:1, 5; Jakobe 2:24-26.
4. Yini okuhlangenwe nakho kukaGideyoni noBaraki okuyigcizelelayo ngokuqondene nokubonisa ukholo lapho sibhekene nengozi?
4 Ukholo lubonakaliswa ngokuthembela okuphelele kuJehova lapho kubhekenwe nengozi. (Funda amaHeberu 11:32.) UPawulu wavuma ukuthi isikhathi sasiyomshiya ukuba wayeqhubeka ekhuluma “ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,” abazenzo zabo zanikeza ubufakazi obuningi bokholo nokuthembela kuNkulunkulu ezimweni eziyingozi. Ngakho, ngokholo futhi enebutho lamadoda angama-300 kuphela, uMahluleli uGideyoni wanikezwa amandla nguNkulunkulu okuba achithe impi yabakwaMidiyani ababecindezela. (AbAhluleli 7:1-25) Ekhuthazwe umprofethikazi uDebora, uMahluleli uBaraki nebutho elingenamandla lamadoda ayizi-10 000 ayengahlomile ngokuphelele wanqoba amabutho amaningi kakhulu eNkosi uJabini ayenezinqola zempi ezihlomile ezingama-900 ephethwe nguSisera.—AbAhluleli 4:1–5:31.
5. Kungaziphi izindlela uSamsoni noJefta ababonisa ngazo ukholo olwanikeza ubufakazi bokuthembela okuphelele kuJehova?
5 Esinye isibonelo sokholo ezinsukwini zabahluleli bakwaIsrayeli kwakunguSamsoni, isitha esinamandla samaFilisti. Iqiniso, wagcina eyisithunjwa sawo esiyimpumputhe. Kodwa uSamsoni wabulala amaningi awo lapho edonsa izinsika zendlu ayenikelela kuyo umhlatshelo omkhulu kunkulunkulu wawo wamanga uDagoni. Yebo, uSamsoni wafa nalawomaFilisti kodwa hhayi njengowayezibulala owayengasenathemba. Ngokholo wathembela kuJehova futhi wathandaza kuye ecela amandla adingekayo ukuze aphindisele kulezo zitha zikaNkulunkulu nabantu baKhe. (AbAhluleli 16:18-30) UJefta, uJehova amnikeza ukunqoba abakwa-Amoni, naye wabonisa ukholo olwanikeza ubufakazi bokuthembela kwakhe okuphelele kuJehova. Ukholo olunjalo kuphela olwalungamenza agcwalise isifungo sakhe kuNkulunkulu ngokunikela indodakazi yakhe enkonzweni kaJehova njengencasakazi yaphakade.—AbAhluleli 11:29-40.
6. UDavide walubonisa kanjani ukholo lwakhe?
6 UDavide naye wayengophawulekayo ngokholo lwakhe. Wayeseyinsizwa lapho elwa neqhawe lamaFilisti uGoliyathi. “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula,” kusho uDavide, “kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehovaSebawoti.” Yebo, uDavide wethembela kuNkulunkulu, wabulala umFilisti owayeqhosha, futhi waba inkosi eyiqhawe lempi elwa ngenxa yezithakazelo zabantu bakaNkulunkulu. Futhi ngenxa yokholo lukaDavide, wayengumuntu owamukelekayo enhliziyweni kaJehova. (1 Samuweli 17:4, 45-51; IzEnzo 13:22) Kukho konke ukuphila kwabo, uSamuweli nabanye abaprofethi nabo babonisa ukholo olukhulu nokwethembela okugcwele kuNkulunkulu. (1 Samuweli 1:19-28; 7:15-17) Yeka izibonelo ezinhle ngezinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla, ezisencane nesezindala!
7. (a) Obani labo ‘ngokukholwa abanqoba imibuso’? (b) Obani labo okwathi ngokholo “basebenza ukulunga”?
7 Ngokholo singahlangabezana ngokuphumelelayo nanoma iluphi uvivinyo lobuqotho futhi singafeza noma yini evumelana nentando yaphezulu. (Funda amaHeberu 11:33, 34.) Ekubaleni ezinye izenzo zokholo, ngokusobala uPawulu wayecabanga ngabahluleli abangamaHeberu, amakhosi, nabaprofethi, ngoba wayesanda kubala lawomadoda. “Ngokukholwa” abahluleli abanjengoGideyoni noJefta “banqoba imibuso.’ Ngokufanayo neNkosi uDavide, eyanqoba amaFilisti, abakwaMowabi, abaseAsiriya, abakwaEdomi, nabanye. (2 Samuweli 8:1-14) Futhi ngokholo, abahluleli abalungile “basebenza ukulunga,” futhi iseluleko sokulunga sikaSamuweli nabanye abaprofethi sashukumisela okungenani abanye ukuba bagweme noma bayeke ububi.—1 Samuweli 12:20-25; Isaya 1:10-20.
8. Isiphi isithembiso uDavide asithola, futhi saholela kuphi?
8 UDavide wayengomunye walabo okwathi ngokholo “bazuza izithembiso.” UJehova wamthembisa: “Isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kubephakade.” (2 Samuweli 7:11-16) Futhi uNkulunkulu wagcina lesosithembiso ngokumisa uMbuso wobuMesiya ngo-1914.—Isaya 9:6, 7; Daniyeli 7:13, 14.
9. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho ‘kwavinjwa khona imilomo yezingonyama ngokholo’?
9 Umprofethi uDaniyeli wahlangabezana ngokuphumelelayo novivinyo lobuqotho lapho eqhubeka nokuthandaza kuNkulunkulu njengomkhuba wakhe wansuku zonke naphezu kokuvinjelwa umbuso. Khona-ke uDaniyeli ngokholo lomgcini wobuqotho, ‘wavimba imilomo yezingonyama’ ngokuthi uJehova wamlondoloza ephila emgodini wezingonyama ayephonswe kuwo.—Daniyeli 6:4-23.
10. Obani labo okwathi ngokholo “bacima amandla omlilo,” futhi yini ukholo olufanayo oluyosenza sikwazi ukuyenza?
10 Abangane bakaDaniyeli abangamaHeberu abagcina ubuqotho oShadiraki, noMeshaki, noAbediNego “bacima amandla omlilo.” Lapho besongelwa ngokufa esithandweni somlilo, batshela iNkosi uNebukadinesari ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wabo wayebasindisa noma cha, babengenakubakhonza onkulunkulu benkosi yaseBabiloni noma bakhulekele isithombe eyayisimisile. UJehova akazange awucime umlilo walesosithando, kodwa waqiniseka ngokuthi wawungawalimazi amaHeberu amathathu. (Daniyeli 3:1-30) Ukholo olufanayo lusisiza ukuba silondoloze ubuqotho kuNkulunkulu kuze kube sekufeni okungase kwenzeke ngokubulawa yisitha.—IsAmbulo 2:10.
11. (a) Ngokholo, obani ‘abaphepha osikweni lwenkemba’? (b) Obani labo ‘abaphiwa amandla’ ngokholo? (c) Obani ‘ababa yiziqhwaga empini’ futhi “baxosha izimpi zabezizwe”?
11 UDavide ‘waphepha osikweni lwenkemba’ lwamadoda eNkosi uSawule. (1 Samuweli 19:9-17) Abaprofethi uElija noElisha nabo baphepha ukufa ngenkemba. (1 AmaKhosi 19:1-3; 2 AmaKhosi 6:11-23) Kodwa obani ‘abaphiwa amandla ebuthakathakeni ngokukholwa’? Nokho, uGideyoni wayezibheka yena namadoda akhe njengababebuthakathaka kakhulu ukuba basindise uIsrayeli kwabakwaMidiyani. Kodwa ‘waphiwa amandla’ nguNkulunkulu, owamnika ukunqoba—futhi nokusho enamadoda angama-300 kuphela! (AbAhluleli 6:14-16; 7:2-7, 22) “Ebuthakathakeni” lapho izinwele zakhe zigundiwe, uSamsoni ‘waphiwa amandla’ nguJehova futhi wabulala amaFilisti amaningi. (AbAhluleli 16:19-21, 28-30; qhathanisa nabAhluleli 15:13-19.) Futhi mhlawumbe uPawulu wayecabanga ngeNkosi uHezekiya njengomunye ‘owaphiwa amandla’ ebuthakathakeni ngokwezempi nangokomzimba. (Isaya 37:1–38:22) Phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu ‘ezaba yiziqhwaga empini’ kwakunguMahluleli uJefta neNkosi uDavide. (AbAhluleli 11:32, 33; 2 Samuweli 22:1, 2, 30-38) Futhi labo ‘abaxosha izimpi zabezizwe’ babehlanganisa uMahluleli uBaraki. (AbAhluleli 4:14-16) Zonke lezizenzo zobuqhawe kumelwe zisiqinisekise ukuthi ngokholo singahlangabezana ngokuphumelelayo nanoma iluphi uvivinyo lobuqotho bethu futhi singafeza noma yini esekuvumelaneni nentando kaJehova.
Abanye Abanokholo Oluyisibonelo
12. (a) Ibaphi “abesifazane [a]bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe”? (b) Kungayiphi indlela ukuvuswa kwabantu abathile bokholo kuyoba “kuhle”?
12 Ukholo luhlanganisa ukukholelwa ovukweni, ithemba elisisiza ukuba silondoloze ubuqotho kuNkulunkulu. (Funda amaHeberu 11:35.) Ngenxa yokholo, “abesifazane bamukeliswa abafileyo babo.” Ngokholo nangamandla kaNkulunkulu, uElija wavusa indodana yomfelokazi eSarefati futhi uElisha wavusela ekuphileni umfana womfazi waseShunemi. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:17-37) “Abanye bahlushwa [ngokoqobo, “bashaywa ngezinduku”], kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle.” Ngokusobala laboFakazi BakaJehova abangachazwanga ngokomBhalo bashaywa baze bafa, benqaba ukwamukela ukukhululwa okwakudinga ukuba bahlehle okholweni lwabo. Ukuvuka kwabo kuyoba “kuhle” ngoba ngeke kube nesidingo esingenakugwenywa sokufa futhi (njengoba kwenzeka kulabo ababevuswe uElija noElisha) futhi kuyokwenzeka ngaphansi kokubusa koMbuso ngoJesu Kristu, “uYise ongunaphakade” osihlengo sakhe sinikeza ithuba lokuphila okungapheli emhlabeni.—Isaya 9:6; Johane 5:28, 29.
13. (a) Obani abathola “ukujivazwa nokushaywa”? (b) Obani abathola “ukuboshwa nokufakwa etilongweni”?
13 Uma sinokholo, siyokwazi ukukhuthazelela ukushushiswa. (Funda amaHeberu 11:36-38.) Lapho sishushiswa, kuyasiza ukukhumbula ithemba lovuko nokuqaphela ukuthi uNkulunkulu angasisekela njengoba enza ‘kwabanye abalingwa [noma, bavivinywa ukholo] ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni.’ AbakwaIsrayeli “babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova.’ (2 IziKronike 36:15, 16) Ngokholo, uMikhaya, uElisha, nezinye izinceku zikaNkulunkulu zakhuthazelela ‘ukujivazwa.’ (1 AmaKhosi 22:24; 2 AmaKhosi 2:23, 24; IHubo 42:3) “Ukushaywa” kwakwaziwa ezinsukwini zamakhosi nabaprofethi bakwaIsrayeli, futhi abaphikisi ‘bamshaya’ uJeremiya, hhayi nje ukumshaya njengokungathi babemhlambalaza. “Ukuboshwa nokufakwa etilongweni” kungasikhumbuza okuhlangenwe nakho kwakhe kanye nalokho kwabaprofethi oMikhaya noHanani. (Jeremiya 20:1, 2; 37:15; 1 AmaKhosi 12:11; 22:26, 27; 2 IziKronike 16:7, 10) Ngenxa yokuba nokholo olufanayo, oFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla baye bakwazi ukukhuthazelela ukuhlushwa okufanayo “ngenxa yokulunga.”—1 Petru 3:14.
14. (a) Ubani owayephakathi kwalabo ‘abakhandwa ngamatshe’? (b) Ubani okungenzeka ukuthi ‘wanqunywa ngesaha’?
14 “Bakhandwa ngamatshe,” kusho uPawulu. Omunye umuntu onjalo wokholo kwakunguZakariya, indodana yompristi uJehoyada. Enomoya kaNkulunkulu, wakhuluma ngokumelene nezihlubuki zakwaJuda. Waba yini umphumela? Beyalwe iNkosi uJowashi, ababophi bozungu bamkhanda ngamatshe waze wafa egcekeni lendlu kaJehova. (2 IziKronike 24:20-22; Mathewu 23:33-35) UPawulu wanezela: “Banqunywa ngesaha, balingwa.” Kungenzeka wayecabanga ngomprofethi uMikhaya njengomunye walabo ‘abalingwa,’ futhi isiko lamaJuda elingenasisekelo labangela ukuba uIsaya anqunywe kabili ngesaha phakathi nokubusa kweNkosi uManase.—1 AmaKhosi 22:24-28.
15. Obani ‘abaphathwa kabi’ futhi “bahamba emahlane”?
15 Abanye “babulawa ngenkemba,” ngokwesibonelo, njengabaprofethi bakaNkulunkulu ababekanye noElija ‘ababulawa ngenkemba’ ezinsukwini zeNkosi embi uAhabi. (1 AmaKhosi 19:9, 10) UElija noElisha babephakathi kwalabo ababenokholo “[a]bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswela, behlushwa, bephathwa kabi.” (1 AmaKhosi 19:5-8, 19; 2 AmaKhosi 1:8; 2:13; qhathanisa noJeremiya 38:6.) Labo “[aba]behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba” njengezisulu zokushushiswa kumelwe ukuba babengahlanganisi uElija noElisha kuphela kodwa futhi nabaprofethi abayi-100 uObadiya abafihla ngama-50 emhumeni, ebanikeza isinkwa namanzi lapho iNdlovukazi eyayikhulekela izithombe uJezebeli iqala ‘ukubulala abaprofethi bakaJehova.’ (1 AmaKhosi 18:4, 13; 2 AmaKhosi 2:13; 6:13, 30, 31) Yeka abagcina ubuqotho! Akumangalisi ukuthi uPawulu wathi: “Izwe [umphakathi wabantu ongalungile] elingabafanele bona”!
16. (a) Kungani oFakazi BakaJehova bangaphambi kobuKristu ‘bengakasizuzi isithembiso’? (b) ‘Ukupheleliswa’ kumelwe ukuba kusho ukuthini ngoFakazi BakaJehova bezikhathi zangaphambi kobuKristu?
16 Ukholo lusinikeza isiqiniseko sokuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele bonke labo abamthandayo ‘bayozuza isithembiso.’ (Funda amaHeberu 11:39, 40) Abagcina ubuqotho bangaphambi kobuKristu ‘babefakazelwe ngokholo lwabo,’ manje osekuyindaba yerekhodi elingokomBhalo. Kodwa abakakutholi ‘ukugcwaliseka kwesithembiso’ sikaNkulunkulu ngokuvuselwa emhlabeni benethemba lokuphila phakade ngaphansi kokubusa koMbuso. Ngani? “Ukuze bangapheleliswa ngaphandle” kwabalandeli bakaJesu abagcotshiwe, ‘uNkulunkulu ayebabonele okuhle’—ukuphila kwasezulwini okungenakufa namalungelo okubusa noKristu Jesu. Ngokuvuswa kwawo, okuqala ngemva kokumiswa koMbuso ngo-1914, amaKristu agcotshiwe “apheleliswa” emazulwini ngaphambi kokuba oFakazi BakaJehova bezikhathi zangaphambi kobuKristu bavuselwe emhlabeni. (1 Korinte 15:50-57; IsAmbulo 12:1-5) Ngalabofakazi bangaphambili, ‘ukupheleliswa’ kumelwe ukuba kusho uvuko lwabo lwasemhlabeni, ‘ukukhululwa kwabo ebugqilini bokubhubha,’ nokuthola kwabo ukuphelela kobuntu ngezinkonzo zomPristi oMkhulu uJesu Kristu nabapristi abangaphansi kwakhe basezulwini abayizi-144 000 phakathi nokuBusa kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane.—Roma 8:20, 21; Heberu 7:26; IsAmbulo 14:1; 20:4-6.
Zigcine Unombono Womphelelisi Wokukholwa Kwethu
17, 18. (a) Ukuze siphumelele emncintiswaneni wethu wokuphila okuphakade, kumelwe senzeni? (b) Kukanjani uJesu Kristu ‘engumphelelisi wokukholwa kwethu’?
17 Ngemva kokuxoxa ngezenzo zoFakazi BakaJehova bangaphambi kobuKristu, uPawulu wakhomba esibonelweni esivelele sokholo. (Funda amaHeberu 12:1-3.) Yeka umthombo wesikhuthazo ukuba ‘nefu elikhulu kangaka labaphathi bobufakazi elisizungezile’! Lokhu kusishukumisela ukuba silahle noma yini esindayo engavimbela intuthuko yethu ngokomoya. Kusisiza ukuba sigweme isono sokulahlekelwa noma sokuntula ukholo futhi sigijime ngokubekezela emncintiswaneni wobuKristu wokuphila okuphakade. Nokho, ukuze sifinyelele umgomo wethu kumelwe senze okuthile okwengeziwe. Kodwa kuyini lokho?
18 Uma sifuna ukuphumelela emncintiswaneni wethu wokuphila okuphakade esimisweni esisha sikaNkulunkulu, sidinga ‘ukubheka kuJesu, umqalisi [noma, uMholi oMkhulu] nomphelelisi wokukholwa kwethu.’ Ukholo luka-Abrahama nabanye abagcina ubuqotho abaphila ngaphambi kwenkonzo kaJesu Kristu yasemhlabeni lwalungaphelele ngoba babengaziqondi iziprofetho ezazingakagcwaliseki ngalesosikhathi ngoMesiya. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 1:10-12.) Kodwa ngokuzalwa kukaJesu, inkonzo, nokufa, nokuvuka, iziprofetho eziningi zobuMesiya zagcwaliseka. Ngakho ukholo ngomqondo ophelelisiwe ‘lwafika’ ngoJesu Kristu. (Galathiya 3:24, 25) Ngaphezu kwalokho, esesikhundleni sakhe sasezulwini uJesu waqhubeka enguMphelelisi wokholo lwabalandeli bakhe, njengalapho ebathululela umoya ongcwele ngePentekoste lika-33 C.E. nangezambulo ezathuthukisa ukholo lwabo ngokuqhubekayo. (IzEnzo 2:32, 33; Roma 10:17; IsAmbulo 1:1, 2; 22:16) Yeka indlela esibonga ngayo ‘ngaloFakazi Othembekayo,’ ‘loMholi oMkhulu’ woFakazi BakaJehova!—IsAmbulo 1:5; Mathewu 23:10.
19. Kungani kumelwe ‘sibe nokuqonda’ ngoJesu?
19 Njengoba kungelula ukukhuthazelela izinhlamba zabangenalukholo, uPawulu wanxusa: “Mqondeni yena [uJesu] owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.” Ngempela, uma sigcina amehlo ethu egxiliswe ‘kuFakazi Othembekayo,’ uJesu Kristu, ngeke sikhathale ukwenza intando yaphezulu.—Johane 4:34.
20. Iziphi ezinye zezinto oye wazifunda ngokholo ngokucabangela amaHeberu 11:1-12:3?
20 Sifunda okuningi ngezici zokholo ‘efwini elikhulu lawofakazi.’ Ngokwesibonelo, ukholo olunjengoluka-Abela lukhulisa ukwazisa kwethu ngomhlatshelo kaJesu. Ukholo lweqiniso lusenza sibe ngoFakazi abanesibindi, njengoba nje noEnoke akhuluma ngesibindi isigijimi sikaJehova. NjengoNowa, ukholo lwethu lusishukumisela ukuba silandele iziyalezo zikaNkulunkulu ngokuseduze futhi sikhonze njengabashumayeli bokulunga. Ukholo luka-Abrahama lugcizelela kithi isidingo sokulalela uNkulunkulu nokuthembela ezithembisweni zaKhe, ngisho nakuba ezinye zazo zingakagcwaliseki. Isibonelo sikaMose sibonisa ukuthi ukholo lusenza sizigcine singangcolisiwe yilelizwe futhi sime sithembekile ngakubantu bakaJehova. Izenzo zabahluleli, amakhosi, nabaprofethi bakwaIsrayeli zibonisa ukuthi ukholo kuNkulunkulu lungasisekela naphezu kokushushiswa novivinyo. Futhi yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi isibonelo esivelele sikaJesu Kristu senza ukholo lwethu luqine futhi lungantengantengi! Ngakho-ke, ngoJesu njengoMholi wethu nangamandla kaNkulunkulu wethu, masiqhubeke sibonisa ukholo olukhuthazelayo njengoFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Iziphi izenzo zaFakazi BakaJehova bangaphambi kobuKristu ezibonisa ukuthi ukholo luboniswa ngokuthembela okuphelele kuNkulunkulu lapho sibhekene nengozi?
◻ Kungashiwo kanjani ukuthi ngokholo singahlangabezana ngokuphumelelayo nanoma iluphi uvivinya lobuqotho bethu?
◻ Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi ngokholo singakhuthazelela ukushushiswa?
◻ Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “umphelelisi wokukholwa kwethu”?
◻ Iziphi ezinye zezici eziningi zokhalo?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Udavide wabonisa ukholo ngokuthembela ngokuphelele kuJehova. Isibonelo esihle ngabantu bakaJehova namuhla!
[Isithombe ekhasini 18]
“Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe.” Ukholo ovukweni lusisiza ukuba silondoloze ubuqotho kuJehova